Incazelo ngomuthi uMkhokha

Nina beGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyez’abasini bengoma!!!

Nazo-ke izinhlamvu zoMkhokha. Abantu abansundu bakholelwa ekutheni lenhlamvu/lembewu idonsa inhlanhla, izinsizwa ezigembulayo zize ziyifake nakoWalethi bazo, ziye nayo komaKhasino . Abanamabhizinisi bayibeka emabhizinisini abo, ngenkolelo yokuthi iyodonsa abantu. Izimpande zoMkhokha zingena emithini emhlophe ,ephalazela inhlanhla. Ziyangena futhi nasemithini yokuvela abandla, noma ezinkantolo, noma ngithi emacaleni. Ziyageza,ziyaphalaza. Cha wona uMkhokha uyayidonsa ngempela inhlanhla ekuphalazeni. Angikakawusebenzisi nokho ekugembuleni, kodwa abantu abayivali imilomo.

Thola ulwazi oluthe thuthu ngamakhambi kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV 📺.


Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo