Umlando ngempi yaseNcome:
IMPI YASENCOME
-Kubhala u-Solwazi Zoza Shongwe .
Impi yaseNcome yimpi kaZulu namaBhunu eyalwa mhla ziyishumi nesithupha
kuZibandlela ka-1838. Isisusa sale mpi kwaba ukubulawa kwesigejana samaBhunu
kaPiet Retief eSiweni sikaMatiwane, sibulwa ngamabutho kaZulu ngozungu
lweSilo uDingane kaSenzangakhona ngoba sawasola ngokuthi angabathakathi
ngokubonwa ogqayinyanga ecathama egcekeni leSigodlo uMgungundlovu
ebusuku.
Impi yaseNcome yaba yisigigaba sesine ukusuka kuleso sigemegeme
saseMgungundlovu. Amabutho ayeholwa uNdunankulu uNdlela kaSompisi
noNzob kaSobadli. amaBhunu wona ayeholwa u-Andries Pretorius. Impi
yamaBhunu yasuka eMsunduze (Pietmaritzburg) yazo kanisa phezu komfula
iNcome enyakatho ntshonalanga nelakwaZulu eNquthu. Yafika lapho yakha
isibaya esingunxatathu ngezinqola phakathi komfula iNcome nodonga
empumalanga nentaba iNtibane.
Impi kaZulu yatheleka ekuseni ngovivi iqhamuka ngase mpumalanga yeNcome.
Yahlukana izigaba ezintathu njengenjwayelo uphondo lwesinxele olwawela ezansi
nomfula lapho amehlo amaBhunu ayengafinyeleli khona. Kwathi uphondo
lwesikudla lwawela ngenhla lapho olwalungeke lwelanyelwe khona ngamaQadasi.
Phakathi nendawo maqondana nezinqola ezingaphesheya komfula
kwakukhankasa isifuba sona esasishaya umgqigqo siyaphambili sibuye sihlehle
lapho edamane esidubula amaBhunu. Kanti ngale ngemumva kwenkambu
yezinqola uphondo lwesinxele nolwesokudla ziyahlangana emva kwentaba
iNtibane, zayithi gomonqo intaba zaqhamuka emva kwenkambu zingasadle
nkobe zamuntu. Zaho zagxuma zangena esibayeni sezinqola, zagwaza ibhece
emaBhunwini.
Isifuba sawela umfula sesiphangisana kuhle kwamagovu ehubh’inyamazane naso
safike sazitamuzela ngomkhonto emaBhunwini. Kwalala uyaca phakathi
kwezinqola kwaze kwalimala noMdidiyeli wawo amaBhunu u-Andries Pretorius
bamphul’ingalo wayibopha ngesidwedwe, wayigodla. UZulu sevuke umbhejazane
njengobhejane, engasadle nkobe zamuntu. Lwagoba-ke uphondo emaBhunu
kodwa zikhona-ke izinsizwa zikaZulu ezasala enkundleni kubalwa namaZinyane
eNkosi uSenzangakhona, uMntwana uMagwaza noMntwana uKholekile.
AmaBhunu awazange alukhohlwe lolu suku ayelukhumbula njalo lolusuku elubiza
ngokuthi iDingaan’s Day kwathi ngo-1952 aluguqula alubiza ngokuthi iDay of the
Vow okusho ukuthi usuku lwesifungo ngoba ethi mhla ziyisishagalolunye
kuZibandlela ka-1838 enza isifungo kuNkulunkulu ukuthi uma enganikela
ngamaZulu esandleni sawo ayomakhela ithempeli. Yilapho-ke aqala khona ukuthi
athi yiwona anqoba impi yaseNcome okungelona iqiniso ngoba amabutho kaZulu
ayemaningi kakhulu kunamaBhunu. Amabutho kaZulu ayelinganisela
ezinkulungwaneni eziyisithupha kuya phezulu amaBhunu engamakhulu amahlanu.
Izibhamu zamaBhunu zazingelona uhlobo oluphambili, zazingoqhwasha (flintlock)
abahlohlwa inhlamvu embojeni ngesandla zingenayo imagazini futhi zazisebenza
ngomsizi (gun powder) njengoba lalikade linile ebusuku bayizolo nje
zazingasebenzi kahle ngoba zazinethile.
Amabutho uZulu alwa ngawo uBulawayo, iZinyosi, uDlambedlu, uNomdayana,
uMgumanqa, uHlomendlini omhlophe, uMkhulutshana, iMvokwe,
uNdabakadengizibona, uKhokhothi namanye amaningi.
#Cha besikha nje phezulu. Sisazoyiqedela ku-YOU –TUBE , sicela ulandele i-Channel yethu ethi ‘Kholo Khumalo TV’ ,uzobhema ukholwe .