Mtolo

Izithakazelo nomlando wakwaMatolo

Abantu bakwaMtolo bangabaNguni  bohlobo lwabaMbo Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Akubona aBathwa noma aMamoondo njengoba abanye bethu behla besho.  Isizwe saMatolo siphuma kwesakwaDlamini eSwazini. Ezinye izizwe eziphuma kwesakwaDlamini esakwaNgcolosi(Bhengu) ,Mhlongo,Zondi ,Mbhele nezinye. AMatolo wona adutshulwa nguMtolo indodana kaKhuze Dlamini wesibili kaLusibalukhulu wakhona eSwazini. UMtolo wayeyiwele noMzizi (uMtiti). NguMtolo owayemdala . Kuthiwa kwakuthi uma bedla uMtolo aphangele umnawakhe uMzizi,adle esheshisa kangangokuthi ukudla kwakuze kuphele esitsheni uMzizi enganele. Ngasizathu sokudla kukaMtolo esheshisa wagcina esizitholele igama elisha kwathiwa unguDlangamandla, nokuyigama elagcina seliyisithakazelo saMatolo esigqame kakhulu. Esendeni likaMtolo kwaphuma abakwaMtolo kwathi kwelikaMzizi kwaphuma aMaZizi akwaMiya,abakwaMzizi, kanye nabakwaDlamini abangaMazizi.
Abantu bakaMtolo kanye nabakamnawakhe uMzizi bagcina befudukile eSwazini bagcina bakhe ezintabebi zoKhahlamba,eBergville. Ngesikhathi sofuduko besuka lapho sekuseSwazini khona  laba bantu babezibiza ngokuthi bangaMakhuze ,besusela egameni likaKhuze uyise woMtolo noMzizi.
Ngesikhathi befika  ezintabeni zoKhahlamba aMakhuze afica leya ndawo ihlala aBathwa ,nabo ababengandile kangako, babethe nje gqwa gqwa lapho nalaphaya .  UMtolo wayeyiwele elidala njengoba bengishilo kodwa abantu aMazizi naMatolo abuswa nguMzizi ngemuva kokukhothama kwenkosi uKhuze. Kodwa kwahamba kwahamba abakwaMtolo nabo bagcina sebenobabo ubukhosi.  Abantu bakaMzizi yilaba ababuswa yinkosi uNjabulo Miya eBergville namuhla.   Abantu bakaMtolo owayebuye aziwe ngelikaDlangamandla babekanye nabakaMzizi ngesikhathi sofuduko. Ngakho-ke nabo bafika bazinza lapho sekuseBergville khona ngesikhathi besuka lapho sekuseSwazini khona.

OMzizi nomnewabo uMtolo baphila kudala kakhulu ingakabusi iNgonyama yakwaDukuza iNgonyama uShaka kaSenzangakhona.   Ngesikhathi iLembe lihlanganisa izizwe ukuba zibe yimbumba abantu bakwaMtolo babebuswa yinkosi uThunzi kaNgonyama kaMtolo kaKhuze . Inkosi uThunzi yazala inkosi uNdlebe. Ngenxa yezimpi zeLembe inkosi uNdlebe ibalekele kwelaMampondo ,yafika yankanisa phakathi kwemifula emibili iNcambedlana noNkowakazi .

Ukubalekela kwelaMampondo kwadala ukuthi kube nomlando othi aMatolo angaMampondo ngokwendabuko, kanti cha akunjalo .

Zintathu izindlu zaMatolo . Kukhona iNdlunkulu nokuyindlu kaNgonyama kaMtolo . UNgonyama wabe eyinkosana yenkosi uMtolo futhi nguyena owalandela inkosi uMtolo ebukhosini. Indlu yesibiki yindlu yaseKhohlo nokuyindlu kaMadabela kaMtolo besekuba khona indlu yeQadi nokuyindlu kaNgwadla kaMtolo . ENdlunkulu uNgonyama wazala uThunzi owazala uNdlebe . Idlinza lenkosi uNdlebe liseMampondweni. Inkosi iNdlebe yazala inkosi uMloko . Idlinza lenkosi uNgonyama lingasezintabenu zoKhahlamba.  EKhohlo uMadubela wazala uDingidlela . UDingidlela nabantu bakhe  bahlaselwa ngaMangwane enkosi uMatiwane kaMasumpa emiyakeni yama 1820s. Ahlakazeka aMangwane ngemuva kokuhlaselwa inkosi uMatiwane amanye azithola esesezweni leKumkanj uHinsa kaKhawutha kwelakwaXhosa. Ah! Zanzolo! Amanye aMatolo azimbandakanya namanye eMampondweni .  KwelakwaXhosa naseMampondweni bonke abantu ababeqhamuke kwaZulu bebalekela izimpi amaXhosa ayebabiza ngokuthi bangaMafenfu nokuyigama elilumelayo elichaza umuntu ongenayo indawo yokuhlala ,ongumhambuma. EQadini inzalo kaNgwadla yahlakazwa yizimpi , yagcwala izwe lonke. Enye yayo nayo yazithola isikwaXhosa . Ah! Zanzolo!  Enye ingxenye yaMatolo yathathwa nguCecil John Rhodes ngeminyaka yama 1890s waphikelela nayo lapho sekuseZimbabwe khona ngenhloso yokuthi iyomelekela ekulweni neSilo sakwaBulawayo iSilo uLobhengula waMawaba. Wafike wayisikela indawo kuleliya zwe. Leyo ndawo namuhla ibizwa ngokuthi kuseMbembesi kuseselwa egameni lomfula wendawo.
Izibongo ezihlobene naMatolo
Mzizi
Miya
Dlamini
Nezinye

Izithakazelo zakwaMtolo

Mtolo
Zulu
Mfingo
Dlangamandla
Mchenge
Mabhanekazi
Gasa
Mvula
Mnisi wemvula
Oonkuni azithezwa
Ngwenya-Nkomo-Nkulu
Fakudze
Photholozi
Zithezwa ziinkosazane kuphela
Amagxuma/ Amajuba ntlasi angokhelwa mlilo
OoMfula awuwelwa/ooMkhomazi awuwelwa
Uwelwa ziiNkonjane kuphela
Zona ezimaphikwamade
Zibhahbela phezulu.
Adl’umbombela indl’enamaphela
Ubani othinta indlu ka Tolo, uTolo engathintwa nje
Wayinyathela emsileni.
EMatolweni ilapho kungavalwa ngamivalo Khona,
Kuvalwa ngamakhanda amadoda.
Hlombe
Vela bahleka

Kulobe iNtungwa kasenhla kwaSokhumalo

Email bornkhumalo@yahoo.com

Cellphone 084 098 4016

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo