Izithakazelo nomlando wakwaMatolo
Abantu bakwaMtolo bangabaNguni bohlobo lwabaMbo Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Akubona aBathwa noma aMamoondo njengoba abanye bethu behla besho. Isizwe saMatolo siphuma kwesakwaDlamini eSwazini. Ezinye izizwe eziphuma kwesakwaDlamini esakwaNgcolosi(Bhengu) ,Mhlongo,Zondi ,Mbhele nezinye. AMatolo wona adutshulwa nguMtolo indodana kaKhuze Dlamini wesibili kaLusibalukhulu wakhona eSwazini. UMtolo wayeyiwele noMzizi (uMtiti). NguMtolo owayemdala . Kuthiwa kwakuthi uma bedla uMtolo aphangele umnawakhe uMzizi,adle esheshisa kangangokuthi ukudla kwakuze kuphele esitsheni uMzizi enganele. Ngasizathu sokudla kukaMtolo esheshisa wagcina esizitholele igama elisha kwathiwa unguDlangamandla, nokuyigama elagcina seliyisithakazelo saMatolo esigqame kakhulu. Esendeni likaMtolo kwaphuma abakwaMtolo kwathi kwelikaMzizi kwaphuma aMaZizi akwaMiya,abakwaMzizi, kanye nabakwaDlamini abangaMazizi.
Abantu bakaMtolo kanye nabakamnawakhe uMzizi bagcina befudukile eSwazini bagcina bakhe ezintabebi zoKhahlamba,eBergville. Ngesikhathi sofuduko besuka lapho sekuseSwazini khona laba bantu babezibiza ngokuthi bangaMakhuze ,besusela egameni likaKhuze uyise woMtolo noMzizi.
Ngesikhathi befika ezintabeni zoKhahlamba aMakhuze afica leya ndawo ihlala aBathwa ,nabo ababengandile kangako, babethe nje gqwa gqwa lapho nalaphaya . UMtolo wayeyiwele elidala njengoba bengishilo kodwa abantu aMazizi naMatolo abuswa nguMzizi ngemuva kokukhothama kwenkosi uKhuze. Kodwa kwahamba kwahamba abakwaMtolo nabo bagcina sebenobabo ubukhosi. Abantu bakaMzizi yilaba ababuswa yinkosi uNjabulo Miya eBergville namuhla. Abantu bakaMtolo owayebuye aziwe ngelikaDlangamandla babekanye nabakaMzizi ngesikhathi sofuduko. Ngakho-ke nabo bafika bazinza lapho sekuseBergville khona ngesikhathi besuka lapho sekuseSwazini khona.
OMzizi nomnewabo uMtolo baphila kudala kakhulu ingakabusi iNgonyama yakwaDukuza iNgonyama uShaka kaSenzangakhona. Ngesikhathi iLembe lihlanganisa izizwe ukuba zibe yimbumba abantu bakwaMtolo babebuswa yinkosi uThunzi kaNgonyama kaMtolo kaKhuze . Inkosi uThunzi yazala inkosi uNdlebe. Ngenxa yezimpi zeLembe inkosi uNdlebe ibalekele kwelaMampondo ,yafika yankanisa phakathi kwemifula emibili iNcambedlana noNkowakazi .
Hi
Ngifisa ukwazi ngomlando wesibongo sakaLwandle.
Ngifisa ukwazi ngomlando wesibongo sakwa Mntambo
Ngifisa ukwazi ngesibongo sakwa thabethe
Mina ngifisa lwazi izithakazelo zakwa Madlala
Ngicela ukwazi uSonjoca uvela nini kaMtolo futhi kuyiphi indlu
Ngiyabingelela !
Ngicela ukwazi ngemvelaphi yoMzolo nokuhlobana kwabo namaTolo
Kuhle ukwazi ngemvelaphi yethu sonke kuleli lengabade
Ngifisa ukwazi ngomhla do wesibongo sakw Nhleko
Ngifisa ukwazi ngomlando wakwa Chiya