Maseko

AbakwaMaseko 
Isibongo sakwaMaseko isibongo esidala kakhulu ngendlela emangazayo. Lesi sibongo sakwaMaseko saqambeka ngoMaseko indodana ka Donda owayebuye aziwe ngelika Mswati kodwa hhayi uMswati iNgwenyama yakwaNgwane. 
Ngokusho kwabantu bakwaMaseko kuthiwa inzalabantu yalesi sizwe esaziwa manje ngokuthi yisizwe saMaNgcamne ‎nguMhlanga. Kuthiwa akwaziwa ukuthi uMhlanga wayezalwa ngubani ngoba zonke izindlalifa  zaseMaNgcamaneni zaziqanjwa igama likaMhlanga (Mhlanga l,Mhlanga ll, Mhlanga lll njalo njalo). UMhlanga osakhumbuleka wazala uWaduwe wokuqala, ngokusho kwabo abakwaNgcamane bathi amagama amadodana azalwa phakathi kukaWaduwe wokuqala kanye noWaduwe wesithathu aselibalekile .Kodwa uWaduwe wesithathu wazala uMthonga owazala uMtingeli owazala uMthonga – Yila owazala uSibhakabhaka owazala uMbunda owazala uLi-Swati owazala uMswati (uDonda) owazala uMaseko noMbomvu. 
UMaseko wazala uMnyandzitive owazala uNgwana wokuqala owazala uNgcamane ,kwenye indlu wazala uSimelane (okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaSimelane)  ‎,kanye boMafu.  
UNgcamane wazala uNgwana wesibili emzala nendodakazi yenkosi uMalandela kaLuzumana uNovivinyo. 
UNgwana wesibili wazala uNdlovu(uNganga) owazala uKhobonye /Khobone. Abafowabo bakaKhubonye kwakungoNxaba, Mswati wesibili kanye noMnisi owazala abakwaMnisi.  
UKhobonye kaNdlovu wazala uNdzaba. Abafowabo bakaNdzab kwakungo Msebe, Fokothi, Hlongo, Khanyile)hhayi okwaSothole) uMbele, Nswali, Ngomane (owazala abakwaNgomane kodwa hhayi oMsindazwe), uMtsumba, noNgathi.  
UNdzaba wazala uMtshetsunjani, uNtoliya noGedli.
UMtshesunjani wazala uNgoqweni-Khubonye, uNgoqweni-Khubonye wazala uNgwana wesithathu (owayebuye aziwe ngelikaMasenyane iNkosi yamakhosi)‎,wabuye wazala noMagadlela.  
UNgwana wesithathu wazala uMnyandzazana owayebuye aziwe ngelikaNoyanda. Abafowabo kwakungo Tshikusi, Jilili, Mphutha, Mgoda, Gwabini kanye noNgomane wesibili. 
Ngonyaka ka 1825 uMnyandzazana wazala uLuphembe (uMwane). UMnyandzazana wazalwa waba yedwa zwi umfana kuyise. Ngaleso sikhathi enye ingxenye yabakwaMaseko yayisizinze ngaseLozilana nosekuyiZimbabwe khona namuhla. Yayikade isuke oPhongola ixoshwa yimpi yabakwaDlamini aMalangeni. 
UNgwana Maseko wesithathu: 
Ilona qhawe laMaNgcamane -ke leli elalwa nabakwaDlamini amahlandla amaningana kodwa ekugcineni lagcina ligobe uphondo. 
Umbuso weNkosi uNgwana wawumiswe kanjena :
UNdunankulu wezwe lonke kwakungu Xaba Jele 
Inyanga enkulu yesizwe kwakunguBhudani 
Umeluleki weNkosi kwakungu Sizwile /Sivile Mnisi 
Usekela likaMeluleki wenkosi kwakungu Celani Ndlovu 
Izigodlo 
EMpangeleni 
Ibutho kwakuyiZimpangele ngaphansi kwenduna Zulani Ngcamane.  
Ngaphansi kwebutho iZimpangele kwabuye kwabuthwa amanye amaviyo, amanye awo yilawa alandelayo. 
IJolikati induna kungu Tiso Dlamini /Ngcebo Maseko .
IMbabazane induna kungu Magonondo Khathide 
‎ILindamkhonto induna kungu Gabadela Ngcobo 
INdlondlo induna kungu Ndabazabo Ndlovu 
Eminye imizi kwakuse Ndumetulu, eNgungwaneni, oGwadule neminye. 
Kwathi ngokuhamba kwesikhathi inkosi uNgwana yayifulathela lemizi yazethuka isisezweni laseBudla-Nondo (kwelaBeLozi eZimbabwe) ngenxa yezimpi zoMfecane. Yalifulatheka eminyakeni yama 1800s. Ngakho-ke inkosi yabakwaKhumalo akuyona eyafika kuqala kwele Budla-Nondo‎. Abanye abaNguni abaficwa inkosi uNgwana kweleBudla-Nondo abakwaMsane ababekade befike noNxaba kaMbekane, kwathi ngemuva kokufika kwenkosi uNgwana kweleBudla-Nondo kwatheleka uZwangenda kaZigudu Jele owayehamba noNyamatana owesifazana owagcina esegane inkosi uMzilikazi kwazalwa uMntwana uNyanda. 
Inkosi uNgwana yazala uMnyandzazana 
Kwathi ngonyaka ka1827 inkosi uNgwana Maseko yahlaselwa iSilo sakwaGasa uSoshangana Nxumalo esasivutha amalangabi ngaleso sikhathi. Kuthiwa sacisha savala ngehlahla impela kangangokuthi nendodana yakhe uMnyandzana wasala enkundleni.  
UMnyandzazana wazala uLuphembe owathukuswa nguNyamatana ngenkathi kuhlasela uGasa.  
Inkosi uNgwana yakhothama ngonyaka ka1832 eBudla-Nondo. 
Waphinda wahlasela futhi uGasa ngonyaka 1832,nango 1834. Kwathi ngonyaka ka 1835 uMagadlela umfowabo kaNgwana wahola isizwe saMaNgcamane basingisa amabombo kwelaMaNyasa ngesizathu sokuthi uGasa walokhu ehlasele njalo. 
Umlando usitshela ukuthi akuwona wonke amaNgcamane enyukela kwelaMaNyasa, kukhona asala ekhonze kuNyamatana kanye noZwangendaba, kwathi ngokuhamba kwesikhathi uNyamatana wagana iSilo saseMhlahlandlela inkosi uMzilikazi. Ngakho-ke amaNgcamane ayekhonze kuNyamatana agcina esekhonze eNgonyameni yaseMhlahlandlela. UZwangendaba yena wayesebalekele impi yeSilo uMzilikazi wasingisa amabombo kwelaMaNyasa.  
ULuphembe wakhulela emzini wenkosi uMzilikazi waseNyandeni ngaphansi kwenduna uMlagela Khumalo. Ngakho -ke uLuphembe ungomunye wabakhetha ukukhonza kuNyamatana kweleBudla-Nondo. UMuzi wakhe kwakuseSigala. Yena-ke wazala uKalabo(Karabo, nokuyigama elalithathelwe olimini lwesiSuthu ngoba inkosi yakithi yayikade ifike nenqwaba yaBeSuthu kweleBudla-Nondo, iluqhamukisa eMosega. Ezinye zezingane zikaLuphembe ngo Simwaka amzala kuHlengiwe Gumede okaMazwi Gumede iNduna yaseQweqweni. 
Ake ngime lapho okwanamuhla nina abeNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu, uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu!

Lomlando ucashunwe encwadini kaBaba uNgwana Maseko ISBN 978-0-620-69810-8 

Uma ufisa ukuzitholela lencwadi ebhalwe ngolimi lwesiNdebele sakwaBulawayo ungaxhumana noFanyana Maseko kule number 084 313 6307 noma uxhumane neNtungwa lasenhla ku 084 098 4016 
Mibili imibono ngomlibo wakwaMaseko

Omunye uthi –

UNdlovu wazala uLombhabha
ULombhabha wazala uNdinane
UNdinane wazala uKhubonye
UKhobonye wazala uMaseko noSimelane
UMaseko wazala uMdandulukana
UMdandulukana wazala uSidwabasiluthuli
USidwabasiluthuli wazala uMafu
UMafu wazala uNtshangase
UNtshangase wazala uLuhleko
ULuhleo wazala uNsele
UNsele wazala uNgcamane
UNgcamane wazala uMaphanga
UMaphanga wazala uKhabangobe
UKhabangobe wazala uMgati owazala uKhopoza

Izibongo ezihlobene nesakwaMaseko 
Simelane 
Mnisi 
Ngomane (osibumbu esikhulu esizala amakhosi) 
Maziya nezinye


Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo