Lushaba

‎AbakwaLushaba

Abantu bakwaLushaba kusengabantu bakwaNdlovu. Laba bantu bakanye nabantu nabakwaThethwayo. Ukhokho wabo nguMatsimane owayedabuke kwelaBesuthu eminyakeni yama 1500 wazinza endaweni yasOFafa ngaseXobho. Kwathi ngesikhathi senkosi uSenzangakhona abantu bakaMatsimane baphinde bafuduka babhekisa amabombo endaweni yaseNkandla bafike bakhelana nesizwe sakwaMkhize. 
Ngesikhathi senkosi uSenzangakhona abantu bakwaLushaba babekade baziwa njengabantu besizwe sakwaNdlovu. Abantu bakwaNdlovu indawo yabo yayiseNkandla phezu komfula iNsuze ngaphansi kwaseQhudeni bakhelene nabakwaMkhize. Okwathi ngesikhathi sokubusa kwenkosi uMacingwane waseNgonyameni (umuzi wakhe) eMachunwini, kwaba khona ukungezwani phakathi kwenkosi uMpongo kaZingelwayo Ndlovu ‎nenkosi yaseMachunwini,bethi inkosi uMpongo iyathakatha ngoba yayifuye izinyoni ezimbili ezithi azifane nokhozi. Babeleka abantu bakwaNdlovu,iningi labo labelekela enkosini uZihlandlo Mkhize libalekela ulaka lwenkosi yaseMachunwini. 
Kodwa enye ingxenye eyayiholwa nguKofayana kaMpongo kaZingelwayo yona yabheka ngaseNingizimu, ihamba ibhaca. Akekho umuntu wayenguLushaba kwaNdlovu. AbakwaLushaba isibongo sabo basiqanjwa aMampondo, ukushaba kusho ukuhlupheka ngesiMpondo. NgesiTsonga kusho ukuthenga.  Ngesizathu sokuthi uKofayana nabantu bakhe babehamba bebhaca, bephila ngaphansi kwenhlupheko bagcina sebezitholele isibongo esisha kwathiwa bangabakwaLushaba.   Ohambweni lwabo bagcina bezinze endaweni ngaseXopo (OFafa) nokwakungamanxiwa kakhokho wabo uMatsimane. Kuthiwa nakhona ayizange ibe yinhle inhlalo ngoba leya ndawo yayikade isiphethwe ngamaMpondo kaFaku noGambushe. Ngakho -ke uKofeyana nabantu bakhe wakubona kukuhle ukuthi abheke enyakatho lapho agcina ezitholele indawo ngasemfuleni uMzumbe wafika wakha ihlalankosi lakhe alibiza ngokuthi kuseNdinaneni. UFaku noGambushe bagcina bedudulwe yimpi yeNgonyama uShaka yabaweza umfula uMthamvuna. 
UKofeyana wayenamakhosikazi angama 15 namadodana angama 21.  UKofeyama wakhothama ngonyaka ka 1857 
Ngemuva kokukathama kwakhe ubukhosi /bathabathwa yindlalifa yakhe uMboshwa owakhothama mhla zingama 20 kuMasingana ‎ 1911. 
Ngemuva kokukhothama kwenkosi uMboshwa isihlalo sobukhosi sathabathwa yindodana yakhe uDikwayo mhla zingama 11 kuNhlaba 1911. Kwathi ngonyaka ka 1914 enye yamadodana enkosi uMboshwa uMcwasimamba yaphikelela eMalizibheki yayovule la inkosi uDikwayo icala ngoba ithi wayengakulungele ukubusa isizwe sakwaLushaba. Asazi-ke ukuthi uMcwasimamba wayekusho ngaliphi lokho. Ngeshwa lakhe uMcwasimamba yamchitha inkantolo. 
Inkosi uDikwayo yakhothama ngowezi 1932 mhla zingama 20 kuMfumfu walendelwa yindodana yakhe uDingizwe eyakhothama mhla zingama 31 kuMfumfu 1955. Ngemuva kokukhothama kwenkosi uDingizwe isihlalo sobukhosi sathabathwa yindodana yayo uSinqanda mhla zintathu kuMbasa  1956. Inkosi uSinqanda yakhothama ngonyaka ka 1974 kwalendela indodana yayo uZiwengu ngawo u1974. 
Amaqhawe akwaNdlovu. 
UTholudala Ndlovu nowayedume kakhulu ngelikaTholudaba Ndlovu nguyena owawunothisa kakhulu umlando wabantu bakwaNdlovu. Leli qhawe laliyinyosi enkulu yenkosi uSenzangakhona. Ngingasho nje ukuthi zonke izibongo zenkosi uSenzangakhona zaqanjwa yiyona le nsizwa yakwaNdlovu 
UMphoko Ndlovu 
UMphoko Ndlovu wayeyinduna yebutho leNqotsha ibutho elabuthwa yiSilo sakwaBulawayo inkosi uLobhengula Khumalo kwaMthwakazi. Kuthiwa kwakunguSibindigidi wensizwa. UMphoko wasala empini yaseGadade kuliwa namaNgisi kaCecil Rhodes ngonyaka ka 1893.  UMphoko ungukhokho kaSekela Mengameli wezwe laseZimbabwe uBaba uPhelezela Mphoko.
UPhahlane Ndlovu 
UPhahlane wayebuthelwe ebuthweni loMcijo ebuthwa yinsizwa yakwaThebe uMlumbi Thebe. (abakwaThebe baphuma kwabakwaNdwandwe. ) . UPhahlane naye wasala eGadade. Wayezilwe cishe zonke izimpi zeSilo uLobhengula, futhi ehlabane kakhulu. Kuthiwa wayefuye izinkomo ezibulala inyoka ngenxa yokuhlabana kwakhe ezimpini, ayezixoshiswa  yiSilo sakwaBulawayo.
Abanye abagqama kakhulu emlandwini wesibongo sakwaNdlovu izihlabane zebhola zezwe laseZimbabwe oMadinda, Adam (osashona) kanye noPeter Ndlovu owake wagijima eKilabhini yasePitoli iSundowns.
Ake ngime lapho nina bakaMakhalima akhande njengezulu lona limakhalima limandindizela. 
Umlando ozolandela owakwaNdwalane
Kubhale INtungwa lasenhla KwaSokhumalo noNtokozo Matsimane Ndlovu.

Izithakazelo  zakwaLushaba

Gatsheni
Ngondi
Mthiyane
Zinyane lendlovu
Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi
Zaze zeluswa uDembezane iNtombazabe
Biyabenyathi
Buyasonga buyasombuluka
Nina bakwaDembezane iNtombazane

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo