AbakwaMaphumalo MselekuShinga
Izibongo zeNgonyama yakwaNodwengu(iNkos’uMpande kaSenzangakhona))
UMsimude !!
Owavela ngesiluba
Phakathi kwamaNgisi namaQadisi,
INkonjane edukel’ezulwini
Unowela muva wawoShaka,
USimayedwa njengelanga
Lona elimi lodwa ezulwini,
Umhlane kaMmama-
Hamba simuke
Siqonde kweliphesheya,
Laph’abantu bakhona-
Bangangemihlambi yezinyamazane…
Izibongo zeNgonyama yasOndini(-Nkos’uCetshwayo kaKaMpande)
UHlamvana bhul’mlilo eNdulinde
Ububaswe uMantshonga benoGqelebana,
USinakanaka sezincwadi
Ebezibhalwa uMelimade(Sir Melmoth Orsbone)
Kwabamhlaphe abelungu.
IMbamba yeVuna !
Eyeth’ukuvuka
Yadl’abakayise,
UJininindi kaNdab’omnyama,
Ozitho zimagwegwe
Ngokugwegwa abakayise.
IBululu likaPhunga noMageba
Eladond’ukusuka
Kwaze kwasuka awezindlwana!!
Ibinda Nkosi!!!
Ngiqale ngokuhasha lezi Ngonyama ezimbili ngoba phela abantu bakwaMaphulo bagqama kakhulu ngesikhathi kubusa zona.
OMaphumulo, abakwaMseleku nabakwaShinga bangabantu abahlobene kakhulu, ukudabuka kwabo kunye..
Babizwa ngokuthi ngaMalala ngokwezigaba zabaNguni. Kuthiwa bengakagudluzwa yizimpi ezanyakazisa bonke abantu abangamaNguni babakhe laphaya ngaseMgungundlovana eduze komfula owaziwa ngokuthi yiHlimbithwa eduze nje koThukela. Abantu ababakhelane nabo kwakungabakwaHlongwa , nabo bengakagudluzwa izimpi, baya ngaseMkhomazi. Kuthiwa bantu bakwaMaphumulo yibona abayindlunkulu, kulandele eyeMaselekwini lapho kuphuma khona eyakwaShinga..
Kuthiwa laba bantu baseMaselekwini bangabakwaMaphumulo impela. Kodwa ukuze kube ngabantu baseMaselekwini yingoba kwathi kuhlasele impi bonke abantu bebaleka bona banele bafika osebeni lolwandle base bayakhohlwa ukuthi kuyabalekwa balibala ukuzidlela lokhu okwakubizwa ngokuthi ngamaseleku(okungamasenene ngolimi lwamaThonga) . Kwasekuthiwa bangabakwaMseleku..
Umuntu owaba khona kwaMaphumulo nguDibandlela indodana kaLubheleni.Ngesikhathi uMpande ebalekela umnewabo uDingane wawela nabo abantu bakwaMaphumulo baze bayokwakha ezansi noMlazi, okwase kunguMashimane owayesebusa abantu bakwaMaphumulo ngaleso sikhathi..
Okunye okubalulekile kubantu bakwaMaphumulo yimithi ekhaliphile kaManembe kanye nezintelezi zakhe aqala ukusisebenzisa kuMpande kwaze kwaba sendodaneni yakhe uCetshwayo.
Yizona phela izintelezi zikaManembe nendodana yakhe uPhambana ezenza uCetshwayo anqobe umfowabo uMbuyazwe empini yaseNdodakusuka(ephinde yaziwe ngokuthi yi’Mpi YaBantwana’) . Okubuhlungu wukuthi uManembe wabuye wabulawa nguyena futhi uCetshwayo,kasazi-ke ukuthi kwase kwenzenjani , kodwa kusengathi kwasekhona uKhondlo wakwaMazibuko owayesanamandla kakhulu kunoManembe.
Abantu baseMaselekwini bona babuye behlukana phakathi kwaba khona abazibiza ngokuthi ngabakwaDuma, abanye bazibiza ngokuthi ngabakwaShinga. Okwaba nomehluko omkhulu futhi kwamangaza ukubona abakwaDuma bona bebambelele kakhulu kwabakwaMaphumulo, kunabakwaShinga.
AbakwaDuma baqoqana laphaya ngaseMzinto endaweni okuthiwa manje kukwaDumisa ngenxa yomnumzane wakwaDuma owayezibiza ngokuthi nguDumisa.
Kulaba bantu bakwaDumisa kuphuma abantu bakwaGininda,Bongwa kanye nabakwaNdokweni…
AbakwaSHINGA
Abantu bakwaShinga ababuye baba ngabantu bakwaNdelu[babizwa ngegama likaNdelu indodana kaMangcuku] behlukana nabakwaMaphumulo ngesikhathi bonke abantu beshakaziswa izimpi zakwaZulu. Bona kabalingisanga abantu bakubo eMaselekwini oDuma, abaqhubeka nokuxhumana ngobuhlobo nabakwaMaphumulo, bona baba yisizwe esizimele geqe. Kwathi abakwaShinga bezihlalele eLovu lapho base bakhe khona , kwafika impi kaShaka ivakashele amaMpondo, wedlula kubantu bakwaNdelu wabakhumbuza ukuthi ukhona kulo lonke izwe, akukho lapho enganakufika khona. Ngaleso sikhathi abantu bakwaShinga babephethwe nguNovanywa kanye noNdelu .
Kulolo hlaselo wafa uNovanywa kwasala uNdelu wafuduka naye nabantu bakhe baze bayokwakha eMthwalume. Kulaba bantu bakwaShinga kwakukhona indoda egama layo kwakunguMvuzi eyayakhe eMvoti eyabusiswa ngamadodana amabili . La madodana kwakungoGcwensa kanye noMzilini abaveza ezinye izibongo ezincane , njengesakwaGcwensa *nje..
Izithakazelo zakwaMaphumulo..
Maphumulo, Mashimane,
Doncabe,
Zikode,
Dubandlela,
Mgobode,Masiyane!
Cwalile!!
Isibingelelo .. ngiphakamise kubong okukhulu ngokuthola umlando wakithii laph ongigculisayo futhii ngingu Cwalile… ebesengifisa sengathii ne hubo lakithii umalikhona ngingakwazi yini ukulithola ngiphinde ngibonge mfwethu umsebenzi uyancomeka
Indodana ka Dubokwakhe ka Rholela kaMdelwa
KaKhopho noma uNovivinya uDoncabe lo ngidlulisela ukubonga kakhulu ngalengosi kwande abantu bacaciseleke ngomlando oyimvelaphi yabo Zulu omkhulu
Mina ngicela ukubuza uma kuthiwa abantu bakwaMseleku abakwaMaphumulo kungani pho bengazifaki izithakazelo zefanayo bobabili njengoGumede, Qwabe, Mnguni &Khuzwayo ?…….Okunye engathanda ukukwazi ukuthi abantu bakaMseleku abaganani yini nabakaMaphumulo? Ngyabonga 0824341472
I want to know abowt my surname
Kukhona la engilahleka khona kancane. Umlando engiwaziyo ngabantu bakwa Maphumulo uthi isizinda sethu besise Adams, now known as Adams Mission, also previously known as Isibaya sakwa Maphumulo. Lapho abantu bakwa Makhanya bagcina befuna samukele ivangele la Adams who was a Missionary, ngaso leso skhathi kwafika neNkosi uShaka efuna singene ngaphansi kwaZulu. So kuthiwa kwaba khona lokho saze safuduka silibhekise ngapha KwaDukuza okuyikhona iNkosi uShaka wasilandela kwaze kufika lapha akha khona isigodlo sakhe esikhulu. Shuthi sasakhe siqala khona eMkhomazi siyofika ngase Adams