AbakwaKhuzwayo!!!!…
…………………………………………..
Bavela kuKhuzwayo indodana ka Mahlobo kaSimamane . Kwakufanele ukuba kube nguyena uKhuzwayo othatha ubukhosi bakwaQwabe kodwa ngenxa yokuthi wayengezwa ekhuzwa njalo lokho akwenzekalanga. Kuthiwa kusukela ebuncaneni bakhe wayezazisa , kuthhiwa wayehlala eqhoshela umnawakhe uLufutha ethi yena uzoba yinkosi ekukhothameni kukayise . Yikho aze athola leli gama lokuthi nguKhuzwayo ngoba ekhuzwa njalo . Lokhu kwamfakela esikhulu isgcwagcwa emndenini
Kuthe sekufanele kukhonjwe ozothatha ubukhosi ekukhothameni kukayise , kwakhonjwa umnawakhe uLufutha . Kwamthukuthelisa lokhu uKhuzwayo wasuka kwelakubo eMthandeni wawela umfula iNonoti wayozifunela amadlelo aluhlaza ezweni elivulekile elingenamuntu ,. Wakha ngaphesheya kweNonoti kwehle njalo kuze kuyofika eNingizimu yoThukela .Abantu bonke ahamba nabo abazange basabizwa ngokuthi ngabakwaQwabe , kwathiwa ngabakwaKhuzwayo . Lokhu kwasekuyimpinda kwabakwaQwabe ukuba enye yamadodana akhona adude ikhaya ayozakhela esawo isibongo . Sizokhumbula ukuthi noQwabe wehlukana kanjani nekubo wadela ubuzibulo ngoba engazange abone ngaso linye nomnawakhe uZulu kaMalandela . NabakwaKhuzwayo kababanga nandaba ukuthi leli gama likayisemkhulu [uQwabe] laqambeka kanjani . Namuhla sinabantu bakwaKhuzwayo abaziqhenyayo ngesibongo sabo . Bayasithanda futhi kakhulu .
Ukwelamana kwabakwaKhuzwayo kusukela kuyisemkhulu uQwabe :
-UQwabe wazala
uSidinane, yena wazala uSimamane
-USimamane wazala uMahlobo .
-=UMahlobo wazala uKhuzwayo noLufutha
-UKhuzwayo wazala uSimamane2, yena wazala
uNomageja
– UNomageja wazala uGobho owazala
uMzimba,
-UMzimba wazala uMbizo
-UMbizo wazala UMkhonto.
-UMkhonto owazala uMncinzeni….
-ULufutha yena
wazala uMncinci, o wazala uKhondlo
-UKhondlo wazala amadodana amaningi esingabala
oPhakathwayo, Nomo,Nqetho, Golozi ,
Vubukulwana, Godide nabanye..
Izithakazelo zakwa-Khuzwayo
Gumede,
Qwabe,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo,
OSidlabehlezi bakaPhakathwayo
Abathi bedla, bebebeyenga umuntu ngendaba,
Bethi, “Dluyeya ngenhlana, umalokazana ubeyethe, kayikhuni sidingida yoyodaba!”
Kanti bahlinz’imbuzi,
Malandela, ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Phakathwayo!
Manje oMbedu
noMabhande
noMnguni
bona bangena kanjani kulo mlando omncane kanje?