Khuzwayo

AbakwaKhuzwayo!!!!… 
 
 …………………………………………..
 
Bavela kuKhuzwayo indodana ka Mahlobo kaSimamane . Kwakufanele ukuba kube nguyena uKhuzwayo othatha ubukhosi bakwaQwabe  kodwa ngenxa yokuthi wayengezwa ekhuzwa njalo lokho akwenzekalanga. Kuthiwa kusukela  ebuncaneni  bakhe wayezazisa , kuthhiwa wayehlala eqhoshela umnawakhe  uLufutha ethi yena uzoba yinkosi ekukhothameni kukayise . Yikho aze athola leli gama lokuthi nguKhuzwayo ngoba ekhuzwa njalo . Lokhu kwamfakela esikhulu isgcwagcwa emndenini

Kuthe sekufanele kukhonjwe ozothatha ubukhosi ekukhothameni  kukayise , kwakhonjwa umnawakhe uLufutha . Kwamthukuthelisa  lokhu uKhuzwayo  wasuka  kwelakubo eMthandeni wawela umfula iNonoti wayozifunela amadlelo aluhlaza  ezweni elivulekile elingenamuntu ,. Wakha ngaphesheya kweNonoti kwehle njalo kuze kuyofika eNingizimu yoThukela  .Abantu bonke ahamba nabo abazange basabizwa ngokuthi ngabakwaQwabe , kwathiwa ngabakwaKhuzwayo . Lokhu kwasekuyimpinda  kwabakwaQwabe ukuba  enye yamadodana akhona adude ikhaya ayozakhela  esawo isibongo . Sizokhumbula ukuthi noQwabe wehlukana kanjani nekubo wadela ubuzibulo ngoba engazange abone ngaso linye nomnawakhe uZulu kaMalandela . NabakwaKhuzwayo kababanga nandaba  ukuthi leli gama likayisemkhulu [uQwabe] laqambeka kanjani . Namuhla sinabantu bakwaKhuzwayo abaziqhenyayo ngesibongo sabo . Bayasithanda futhi kakhulu .

 
Ukwelamana kwabakwaKhuzwayo kusukela kuyisemkhulu uQwabe :
-UQwabe wazala
uSidinane, yena wazala uSimamane 
-USimamane wazala uMahlobo .
-=UMahlobo  wazala uKhuzwayo noLufutha

-UKhuzwayo wazala uSimamane2, yena wazala
uNomageja 
– UNomageja wazala uGobho  owazala
uMzimba, 
  -UMzimba wazala uMbizo 
-UMbizo  wazala UMkhonto.

-UMkhonto owazala uMncinzeni…. 
-ULufutha yena
wazala uMncinci, o wazala uKhondlo
-UKhondlo wazala amadodana amaningi esingabala
oPhakathwayo, Nomo,Nqetho, Golozi ,
Vubukulwana, Godide nabanye..
 

Izithakazelo zakwa-Khuzwayo

Gumede,
Qwabe,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo,
OSidlabehlezi bakaPhakathwayo
Abathi bedla, bebebeyenga umuntu ngendaba,
Bethi, “Dluyeya ngenhlana, umalokazana ubeyethe, kayikhuni sidingida yoyodaba!”
Kanti bahlinz’imbuzi,
Malandela, ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Phakathwayo!

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo