Khumalo

AbakwaKhumalo!!!!!

Njengoba abaNguni behlukaniswe izigaba ezinhlanu, kukhona abaNguni baseMbo, abaNguni baseButhonga, aMaNtungwa Nguni , AMaLala noma AmaNhlenga Nguni, kanye namaMaDebe Nguni. AbakwaKhumalo bawela esigabeni saMaNtungwa Nguni, baphinde baziwe ngokuthi bangaMantungwa(hhayi isigaba sobuNguni) ngoba bezalwa nguMntungwa indodana kaMbulazi kaNdabezitha kaMmusi 2 kaMmusi 1..
UMbulazi wayenamadodana amabili , okwakunguMntungwa kanye nomnewabo uMabaso(owesibongo)

Ngesikhathi sokubusa kweNkosi uShaka kwaZulu umutnu owayebusa, noma owayeyinkosana yabantu bakwaKhumalo kwakunguMagugu indodana kaGasa owayenomuzi wakhe waseSikhabeni. Waqale wakha eBabanango, kodwa ngfokuhamba kwesikhathi wabuyela kwelaseNquthu. UMagugu nabantu bakwaKhumalo bakha ezintabeni zaseBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika eNondweni. Babakhelene nabakwaKhoza kanye nabakwaMchunu, abaseZibisini kanye nabaseMancubeni. Kwabuye kwaba noqhekeko phakathi kwamadodana kaGasa oMagugu inkosana kanye nabanawakhe oDonda kanye noSiwela. Bamshiya uMagugu bahamba noyisomncane uMashobana kanye nendodana kaMagawozi uBheje. Bahamba njalo baze bayofika ngaphesheya komfula iSikhwebezi, lapho uDonda wafike wakha khona umuzi wakhe awubiza ngokuthi kuSezizibeni. Ngalokho wabizwa ngokuthi unguDonda weZiziba. Kwathi uBheje yena wakha umuzi wakhe eNgome owaziwa ngokuthi kuseTsheni likaBheje. USiwela kabange asafika yena kulolu fuduko, kodwa yindodana yakhe eyafika uMlotshwa, yakha umuzi wayo waSothulini eduze kwegquma Amaphondwana. Kwathi uMashobane yena wayokwakha umuzi wakhe endaweni kusukela eSikhwebezi kuze kuyoshaya eMkhuze. UMagugu wahlala eNquthu waze wahlaselwa nguShaka. Kodwa kuze kube manje abantu bakwaKhumalo abayinzalo kaMagugu bagcwele eNtinini ngaseBabanango, eDriefontein eMnambithi kanye naseTilehe(Utrcht).  Umuntu owagqama kakhulu kwabakwaKhumalo kwaba uMzilikazi indodana kaMashobane.

UDonda wahlala nabantu bakhe baseZizibeni ngaphesheya kweSikhwebezi kwaze kwafika isikhathi lapho ahlaselwa khona nguZwide ngobaethi uvuse inyamazane yakhe uShaka ayeyilungisele ugibe lokuba ibhajwe khona kodwa uDonda wayiphunyula.
…………………………………………………………………………

uDonda weZiziba!!

UDonda wayeyindodana kaGasa kaZikode kaMkhatshwa kaKhumalo. Ngesikhathi kubusa inkosi uDingiswayo kwaMthethwa, abantu bakwaKhumalo babebuswa nguGasa kaZikode kaMkhatshwa , uyise kaDonda weZiziba. UGasa wayenamadodana amathathu, okwakunguMagugu(inkosana) nabanawakhe ababili , oDonda noSiwela. AbakwaKhumalo babakhe ezintabeni zaseBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika eNondweni.

Kwathi ekukhothameni kukaGasa , ubukhosi bathathwa yinkosana yakhe uMagugu. UDonda noSiwela abazange bathande ukuphathwa nguMagugu, balishiya izwe lakubo bahamba noyisomncane uMashobane noBheje kaMagawozi. UMagawozi wayengumfowabo kaMashobane. Bahamba baze bayofika ngaphesheya koMfula iSikhwebezi, lapho uDonda wafika wakha khona umuzi wakhe wawubiza ngokuthi kuSeZizibeni. Ngalokho wabizwa ngokuthi unguDonda weZiziba, kuze kube namuhla. Kwathi uBheje yena wakha umuzi wakhe eNgome wawubiza ngokuthi kuseTsheni likaBheje. USiwela yena kabange yena kulolu fuduko kodwa yindodana yakhe eyafika uMlotshwa, yona yakha umuzi wayo waSothulini eduze kwegquma Amaphondwana. Phela uSiwela nguyena ozala aMaNtungwa akwaNkosi, oNdlangamandla.
Kwathi uMashobane yena wayokwakha umuzi wakhe endaweni kusukela eSikhwebezi kuze kuyoshaya eMkhuze, yilapho okwazalelwa khona iQhawe laBeNtungwa uMzilikazi kaMashobane.

UDonda weziziba wahlala nabantu bakhe baseZizizbeni ngaphesheya kweSikhwebezi kwaze kwafika isikhathi lapho aze ahlaselwe khona uZwide ngoba ethi uvuse inyamazane yakhe uShaka ayeyilungisele ugibe lokuba ibhajwe khona kodwa uDonda wayiphunyula. Indaba isuka ngoDingiswayo owabulawa nguZwide ngobuqili bakhe, wase efuna ukubulala uShaka. Bathi-ke uZwide wayenezintelezi ezimbi ayezichela emingceleni wezwe lakhe. Lezo zintelezi wayezigayelwa ngunina uNtombazi. Bathi kwakuthi isitha sakhe sike sazeqa lezi zintelezi, sasihungeka siphuphutheke size siyoziphosa ezandleni zamabutho kaZwide. NoDingiswayo wabulwa kanjalo. Nango phela ekuweleni iMfolozi ngakwaMpukunyoni(Mkhwanazi_), wahungeka wahamba nenduna yakhe eshiya amabutho akhe waze wayozithela emabuthweni kaZwide ayemlinde koMbuzi.

NoShaka wayozobanjwa kalula kanjalo ngesikhathi ephuma kubo kwaZulu akade eyokhalela uyise uSenzangakhona owayekhotheme ngalezo zinsuku. Ngesikhathi uShaka ebuya uDonda wamzwela , wafuna isu lokumsiza. Phela kwakukhona ukuzwana phakathi kukaDonda noDingiswayo. Ngakho ukufa kwakhe kwakumphethe kabi uDonda. Kwathi ukuba ezwe ukuthi uShaka useyabuya kwaZulu, furthifuthi uthukuthele ufuna ukuziphindiselela uDingiswayo kuZwide, uDonda wafisa ukumexwayisa. Ngenhlanhla indlela kaShaka yayizokwedlula ngalapho uDonda akanise khona. Kwathi uShaka esesesikhaleni saMayiwane ngaseMhlabathini, wamhlangabeza uDonda wamkhalela ngezindaba ezibuhlungu. Ekhalela uShaka ngokufelwa kwakhe ngoyise bobabili,ngesikhathi esisodwa, ikakhulukazi uDingiswayo owayemkhulisile. Wase emxwayisa ukuthi angalingi angene ezweni lakwaNdwandwe ngoba naye uyophenduka isithingithingi. UZwide ambambe ambulale ikhanda lakhe liyohlobisa kwaNtombazi, unina kaZwide. Nangempela uShaka wakulalela ukwexwayiswa yinsizwa endala, waphindela kubo kwaNobamba, inhliziyo yakhe igaya izibozi efuna ukuziphindisela kuZwide , ngokubulala uyise ayemthanda ngaphezu kukayise omzalayo.

Zambikela uZwide izinhloli zakhe. Wathukuthela wagana unwabu. Akathandanga ukumkhombisa uDonda ukuthi kumthukuthelisile ukwenza kwakhe. Uthe esuka uZwide wayefuna ukwenza obukhulu ubudlelwano noDonda,. UDonda wakwazi ukuphephisa uShaka ebuqilini bukaZwide kodwa wehluleka yena ukuba aziphephise. UZwide wacela uDonda ukuba ke bakhiphe ngokuhlanganytela inqina yomsenge, bese kuthi emva kwalokho kuba khona ijadu lapho kuzosina khonaizintombi kuze kushone ilanga. Usethi uDonda angexwayi uma eza namabutho akhe ehlomile ngoba uyedlula usavakashela uShaka. Ngakho emva kwejadu uzobe esedlula. Nangempela uDonda nabantu bakhe bakholwa yile nsumansumane kaZwide. Kwathi ngalolo suku uZwide wabulala uDonda kanye nendodana yakhe yokuqala kwasinda enye yamadodana akhe uMaqandela, eyathi galo yephuka, nyawo zami ngibelethe.

Akazange edlule uZwide namabutho akhe, kodwa waphindela emuva. Kuthe esefuna ukubulala uBheje kaMagawozi, uMashobane wamvusa uBheje wamtshela ukuthi kabaleke. Nangempela wasinda kanjalo uBheje. Kepha uMashobane kasindanga ngoba uZwide wambulala wabhodlela kuye, ngoba ethi wethuse inyamazane yakhe enguBheje.

Kodwa iQhawe laBeNtungwa uMzilikazi kaMashobane, wazibuyisa izinduku, ngoba phela wakwazi ukuziphindisela kuZwide wamnqoba empini yakwaGqokli ebambisene noShaka kaSenzangakhona. Yilapho uShaka abulala khona uNtombazi ngokumvalela endlini nezimpisi, wase eyithungela ngomlilo.
………………………………………………………….

Ukwelamana kwabakwaKhumalo!

UMmusi wokuqala wazala uMmusi wesibili.

UMmusi wesibili wazala uNdabezitha

UNdabezitha wazala uMbulazi owazala uMntungwa.

UMntungwa wazala uKhumalo noMabaso(owazala abakwaMabaso)

UKhumalo wazala uMkhatshwa nabanye.

UMkhatshwa wazala uZikode(uMangethe) nabanye

UZikode wazala uGasa noMagawozi(uDloko)

UMagawozi wazala uBhele nabanye

UBheje wazala uMqhethi owazala uMthentesi nabanye

UGasa wazala uMagugu(inkosana) , uDonda noSiwela(owazala AMantungwa akwaNkosi, Ndlangamandla)

UMagugu wazala uNkonyeni nabanye

UNkonyeni wazala uMthezuka nabanye

UMthezuka wazala uMazungeni owazala uMandlalela nabanye

UDonda kaGasa wazala uMaqandela owazala uMmbiyana

UMmbiyana wazala uManzini

UManzini wazala uSobanqandi , uMzondeni nabanye

UMzondeni wazala uPhefeni noNwele

UPhefeni wazala uNqabayembube

UNwele wazala uMshikane

USiwela kaGasa yena wazala uMlotshwa owazala uLanga.

ULanga wazala uMphazima owazala uNdlovu(uSodlaka)

USobanqandi kaManzini yena wazala uDakwa noMajubane

UMajubane wazala uMbuzi noNdweshe

UDakwa wazala uMhlathi noMamba

UMashobane yena wazala uMzilikazi, uZeni nabanye

UMzilikazi wazala uLobengula, uNkulumane(inkosana) , uMangwane nabanye

………………………………………………………………………….

UMzilikazi kaMashobane!!!!!!!

Ngesikhathi uMashobane akha ngaphezu koMkhuze ,waganwa inkosazana kaZwide kaLanga egama layo kwakunguNompethu. UNompethu nguyena ozala iqhawe laMaNtungwa, alaziwa ngokuthi nguMzilikazi kaMashobane. Igama elithi Mzilikazi balichaza ezindlela eziningi. Abanye bathi nguMzila wegazi, abanye bathi lisho umzila omkhulu. Njengoba uMzilikazi wayezalwa nguMashobane kuNompethu, indodakazi kaZwide inkosi yakwaNdwandwe….lokho kusho ukuthi wayenegazi eligobhoza emthanjeni yakhe lasebukhosini bakwaNdwandwe nobakwaKhumalo ngoba phela uyise uMashobane wayephethe abantu bakwaKhumalo futhi noma uDonda kaGasa wayengowasendlunkulu kodwa uMashobane nguyena owayenezwi eMaNtungweni onke ngoba nguyena owayenguyise wabo. Kanti futhi ukufa kukaMashobane noDonda (bebulawa nguZwide) kwenza ukuthi abantu bakwaKhumalo babumbane kakhulu kunakuqala.

UMzilikazi njengoba wayezalwa yinkosaza kaZwide owayebusa isizwe esikhulu sakwaNdwandwe, kwafanela ukuba ayokhulela khona kwaNdwandwe ngaphansi kweso likayisemkhulu. Afunde futhi nokuba yibutho kanye nobuqhawe kuzihlabani zakwaNdwandwe. Ngakho impilo yakhe yonke yobunzima wayichitha kwaNdwandwe, uZwide ubulala uDonda nendodana yakhe aze abulale noMashobane, uMzilikazi ukhona laphaya kwaNdwandwe, uyabuka konke lokhu kwenzeka kubantu bakubo. Uyayibona ingwenya enguZwide iqhobozela abantu bakubo. Noma inhliziyo yayifutha kokaMashobane kodwa wakufaka esiqundwini lokho elinde ukuthi liyoze lifike eliyisithutha aziphiselele kumkhulu wakhe obulale abantu bakubo ebansucula amakhanda awaphanyeke eLawini likagogo wakhe uNtombazi owayengumthakathi.. Kodwa sizwa kuthiwa uNtombazi unina kaZwide akakujabulelanga ukubulawa komkhwenyana womzukulu wakhe uNompethu. Bathi waze washo wathi leli khanda likaMashobane lizobabengela amashwa. Okwashiwo nguNtombazi kwafana nesipholofetho, ngoba kwenzeka kanjalo, njengoba wayeyitshelile indodana yakhe uZwide. Kuthe ukuba uZwide abulale uDonda nendodana yakhe, kanye noMashobane, wayesethi kuMzilikazi kahambe ayophatha abantu bakwaKhumalo. Eqinisweni kwasakhona ukubusa kodwa uMzilikazi wayeseyophathela uZwide ngoba phela wayeseyinqobile indlu kaMntungwa futhi enethemba elikhulu lokuthi njengoba sekuyophatha uMzilikazi njengomzukulu wakhe, zonke izinto zizomhambela kahle ababuse kahle abakwaKhumalo. Kodwa akubanga njalo. Ngoba kuMzilikazi kwakufana nenhlamba lokhu ukuba uZwide athi akayomphathela bantu bakwaKhumalo kodwa ebulele amakhosi akhona ikakhulukazi ebulele noyise. Wacabanga ukuthi abakwaKhumalo bazombheka kanjani?? Abazukusho yini ukuthi udayise ngabo kuZwide uiyisemkhulu. Kwafika ukuthi kufanele abaphindisele abantu bakubo ngandlela thize. Ukuvuma kwakhe ukuyophatha abakwaKhumalo eNgome, kwakungukuba ayothola kahle isu lokuthi angalakha kanjani isu lakhe ngenkulu impumelelo? Futhi wayefuna wayefuna ukuba leli tulo alithinge ekanye nazo zonke izikhulu zakwaKhumalo ezazithukuthele zifile, zithuthumela ngento eyenziwe nguZwide.. UMzilikazi wakha umuzi wakhe ngaseMthonjeni weSikhwebezi. Endaweni eyayinenqaba efihlekile, eyayaziwa ngabakwaKhumalo bodwa, bawubiza ngokuthi kuseNtubeni. Zelamana nje izinsuku nezinyanga uMzilikazi inhliziyo igaya izibozi, ufuna ukuqeda ngoZwide. Kwathi lapho bebonisana ukuthi kufanele nakanjani baziphindise kuZwide, umbuzo omkhulu kwakungothi…Kanjani???? Yilapho okwavela khona igama likaNoluju Khumalo. UNoluju wayeyinhloli kaZwide eyayihlakaniphe ngendlela emangazayo.. Nakuyena uNoluju inhliziyo yayifutha ngalesi senzo sikaZwide ngoba phela ebulele abegazi lakhe..

KwaMthethwa kwakunoShakaKaSenzangakho. Phela sizokhumbula ukuthi noShaka inhliziyo yayigaya izibozi uqobo lwazo uma kwethuke kwedlula igama likaZwide emicabangweni yakhe. Lokhu kwakubangwa ukuthi uZwide wenza into embi,ngokubulala uDingiswayo, uShaka ayemthatha njengoyise uqobo. Ngakho ke uShaka noMzilikazi babenenkamba beyibuza efanayo abayimekezwa nguZwide, yokubulawelwa oyise. Ngakho ke kwakumele uShaka noMzilikazi bahlangane, ukuze banqobe uZwide owayenamandla, esizwa nayibuthakathi bukanina uNtombazi.. Kodwa ukuxhumana kwabo kwakungeke kube lula ngoba phela uMzilikazi wayehlobene noZwide, kanti uShaka yena wayengahlobene nakanci noZwide..uShaka wayezomethemba kanjani uMzilikazi??? Yilapho uNoluju adlala khona indima enkulu yokuhlanganisa lamaqhawe amabili..elikaMalandela nelikaMashobane*.

Ekuhlanganeni kukaShaka noMzilikazi,lafezeka isu labo ngoba wanqontshwa uZwide ngezikhawu ezimbili ezehlukene. Esokuqala saba laphaya kwaNgqokli, lapho oMzilikazi benoShaka bathatha uNtombazi bamvalela nezimpisi zakhe ayethakatha ngazo, uShaka wasegibela eLiweni likaNtombazi walithingela ngomlilo…ingakho phela ezibongweni zikaShaka uzohlangana nohlamvu oluthi”Inkonyan’ekhele phezu kwendlu kwaNtombazi, bath’iyahlola, kanti yibona bezaz’ukuhlola,,.. Esinye iskhawu sokunqontshwa kukaZwide saba laphaya ehlathini laseNkandla..

kuzo zombili lezi zigigaba uMzilikazi wayebambe elikhulu iqhaza ekululekeni nasekulweni ukuba kunqonthswe uZwide..
UShaka noMzilikazi bezwana kakhulu, indba yonakala lapho uMzilikazi esndlondlobala ukwedlula uShaka ngobuqhawe. UShaka waqala ukuba amexwaye uMzilikazi, kodwa ingekho indlela yokuthi uzomgudlula kanjani, ngoba wayeliqhawe elikhulu. UShaka wenza isu lokubulala uMzilikazi ngokumthuma ngo1821 ukuthi ayohlasela abaSuthi bakaRanisiHanesi ngoba benezinkomo ezazituswa kuthiwa ngezekhethelo. Njengokwejwayekile , uMzilikazi wakwenamela ukwenza intando yomngane wakhe. engazi ukuthi sekwenzelwa ukuthi abulawe. UMzilikazi wabona ngokunikwa ibutho lamaxhegu asekade agcina ukulwa ukuthi uShaka uhloseni.

Abasuthu bakaRanisi babengakaze behlulwe, ngoba phela babenestayela sokubalekela esicongweni sentaba bese beginqa abatshe baphihlize izitha zaba uma zithi ziyagibela .
Kwathi ukuba afike kwelikaRanisi uMzilikazi naye wakha elakhe isu. Wathatha onke lamakhehla ayehamba nawo wawehlukanisa amaqoqwana, wawamisa entabeni, amanye ayovimba emigedeni ngoba phela abeSuthu babejwayely ukubalekela emigedeni uma sekunzima. Wathi elinye iqoqwana lamakhehla malimemeze lithi ingenile eyakwaZulu.. AbeSuthu babeleka bayongena emigedeni ngoba phela babengeke besakhwela entabeni.. Ibutho likaMzilikazi labeka phansi inqwaba yabeSuthu kulokhu kuhlasela..ingakho phela izibongo zikaMzilikazi zithi”Wen’owehlul’abeSuthu noShaka engazange abehlule”
Wehla uMzilikazi namakhehla akhe bathatha zonke izinkomo zabeSuthu. Wathi engakafiki eNgome wathatha izinkomo zekhethelo wazinika zithunywa zakhe ukuba ziziyise kubo eNgome yena waqhubeka nezinye waya emzini kaShaka KwaBulawayo. Kuthiwa wamangala kakhulu uShaka lapho etshela ukuthi nangu uMzilikazi eqhamuka nezinkomo, ngoba phela yena wayezitshele ukuthi abaSuthu bazombulala uMzilikazi. UShaka akazange akwenze sobala ukuthi ubeqonde ukubulala uMzilikazi,kuthiwa waze wamnika ishumi lezinkomo, wamklomelisa nangeMbazo yethusi. Kwathi esehambile uMzilikazi kwabakhona otshela uShaka ukuthi njengoba uMzilikazi eklonyeliswa kanje,iningi lezinkomo ulithathile walisa kubo eNgome. UShaka wathumela izithunywa zakhe ukuba ziyotshela uMzilikazi ukuthi inkosi ithi akeze nezinkomo lezo KwaBulawayo. UMzilikazi naye wazithumela emuva kuShaka izithunywa lezi wathi zitshele uShaka ukuthi kungcono eze yena ngokwakhe azozikhomba izinkomo lezo ngoba laba abathumile kabayazi ngisho imibala yazo. Kuthiwa uShaka wazibuyisela emuva seziphethe umlenze wenkomo(okwakuyinyama eyayidliwa ngabafokazane). Wawenqaba lowo mlenze uMzilikazi, yingakho kuze kube namuhla abakwaKhumalo benezibongo ezithi..”Nina enal’ukudl’umlenze kwaBulawayo, nathi ngumlenze wankomoni lowo??ubungekho yini owezinkomo zakithi eNgome?’

Kuthiwa bathi abakwaKhumalo bedla kabazinikanga zona ukudla lezozithunywa, babelokhu bedla bezixoxela izindaba..yingakho ezibongweni zabo kukhona okuthi…’Nina enithi nidla, beniyenga umuntu ngendaba’

Lagqabuka kanjalo ke igoda phakathi kukaMzilikazi nomngane wakhe uShaka kaSenzangakhona. Lokho kwaba nomphumela wokuba kuzaleke isizwe saMaNdebele aseNingizimu neAfrika, ngoba phela ekuxabaneni kwakhe noShaka uMzilikazi wayifulathela iNgome walibhekisa kwaBulawayo, ezweni alazizwa ngokuthi kuseZimbabwe… Lo Bulawayo kwakungumuzi wendodana kaMzilikazi uLobengula kaMzilikazi..

UMzilikazi wakha umuzi wakhe wokuqala esesukile kwaZulu, lowo muzi wawakhela ngaseRusternburg, wawubiza ngokuthi uMhlahlandlela…ngoba phela ethi ucaba indlela(esemi yedwa, engasekho ngaphansi komngane wakhe uShaka_)

Kuthiwa waphinda wakha futhi omunye uMhlahlandlela esengaphakathi eZimbabwe..yayiminingi imizi kaMzilikazi.kodwa owobukhosi noma ngithi omkhulu kwakuyiwona uMhlahlandlela.. Indunkulu kaMzilikazi (izwe lonke laseZimbabwe) kwakuyinsizwa yakwaNcanana, uGwabalanda Mathe. Kwakunguyena futhi owayephethe isigodlo esikhulu soMhlahlandlela.

Eminye imizi kaMzilikazi kwelaseZimbabwe.
Emadibeni—wawuphethwe nguMqengana Ndiweni..
IHlathi —Magibidwane Mtshali..
Kwesincinyane—-Qaga Ndiweni..

EMsizini —Mcetshwa Masuku..
ESizindeni..–Mnengeza Fuyane.
EDibimhlangu–Nungu Thebe.
EMambanjeni–wawuphethwe nguLukhezo wakwaMbambo..
ELibeni—Lugobe Mlotshwa..
ENkanini..wawuphethwe ngabaKhwanazi..uMagobela, uSobukazi , noMaqundela Mkhwanazi..

EMahlokohlokweni..wawuphjethwe nguMbambelele Mtshali.
ELangeni —Nungu wakwaKhumalo.

Ibutho elalinamandla kakhulu lalibizwa ngokuthi yiNtunta…laliphethwe nguMhabahaba Mkhwanazi.. Phela uMhabahaba nguyena owayegwaza ngendlela emangazayo ngenkathi ibambene phezulu ibutho likaShaka nabakwaKhumalo, kuthiwa uMhabahaba wayegwaza eshesha okombane wezulu, yingakho phela abaKhwanazi benezithakazelo ezithi ”Gwagwa liyagwagwa umbane wezulu, wena owaciba ngomkhonto eSkhwebesini kwapheph’inkosi yabeNtungwa”

……………………………………………………………………………….

Izithakazelo zakwaKhumalo!!!..

Mntungwa,
Mbulaz’omnyama,
Nina bakaBhej’eseNgome,
Nin’enithi nidla beniyeng’umuntu ngendaba..
Nin’enadl’izif’ezimbili ikhambi laphuma lilinye.
Lobengula kaMzilikazi.
Mzilikazi kaMashobane,
Shobana noGasa kaZikode.
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind’izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yeNtini yawoZimangele,
Nin’enal’ukudl’umlenze kwaBulawayo,,
Nathi mlenze wankoni lo?
Ubungekho yini owezinkomo zakithi eNgome?
Donda weziziba akangakanani ngoba nasothini lomkhonto uyahlala

Nina enehlula abeSuthu, noShaka engazange abehlule
Mabaso owabas’entabeni kwadliwa ilanga lishona.
BaNtungwa abancwaba.
Zindlov’ezibantu.
Zindlov’ezimacocombela.
Nin’abakwaMawela owawel’iZambezi ngezikhali.
Nin’abakwaNkomo zavul’inqaba,
Zavul’inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
MaNtungwa Aluhlaza,
MaNtungwa Amahle,
Bantwana benkosi,
Nin’abakwaNtokela.
INkubela abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang’abathe beth’ifil’uZulu kanti isiyethwese.
Yethwese ngonyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy’uZulu.
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda kaNdaba,
UNkone evele ngobus’emdibini,
Ndabezitha!!
Maqhaw’amakhulu..

……………………………………………………………………………………….

Izibongo zikaMzilikazi kaMashobane!!

IMbongi uXukuthwayo wakwaMlotshwa!!

Inkanyamba emakhandakhanda!
Inkanyamb’emahlule yakokaLanga!
Ekhatshwe ngezimangele,
Yakhatshwa ngezinde nezimaqhukuvana.
Isiguqa esimabanga made
UMzilikazi ongamzila wegazi,
Iwundlu elizile izimbube
Inyanga engalilanga
Lona limtshing’ubethwa zinyoni
Eth’ukugcwala kwesikabhadakazi
Yasinelwa zinkanyezi zezulu,
Isinelwe yinkwenkwezi nesandulela,
Kwalilizel’isilimela necelankobe
Wayibamba wayiphaklaz’isijingo sofipha
Inhloko yehlukana nesixhant’eKuqobokeni.
Isinambith sigxabhe senyel’eManyandane,
Hlokoza sanyanta mfoka Mashobane!
Ihubelo elewuse iBululwane

Lewus’iSikhwebez’esiziziba.
Inhlekwan’ekudla kubili kuhle kwenhlendla
Ukuphuma nokungena kuhle kwesaha.

Indlodlel’edlodle ngaduna,
Indlodlel’edlodle ngandlondlo kaMazazela,
Wazihlaba zema ngamgobo kwaGqokli,
IKlwa liziyephu kuDlungwane,
Udondolo lumashob’oMbelebele
Inqin’ekhaphezwe yiMbozisamahlang’eDlinza,
Yambhadam’engaqhathil’Hanesi kuBeSuthu.
We Noluju!!

Sotha mkhanya kwezimangelengele!
Funela nganeno thambo likaZikode!
Usinhlanhlath’ekhafula lo njengembabala,
Inkunzi yenyath’eyetshis’iguqile kwaMaqhwakaza,
Usibopha sishomo singumquba kwaSoKhumalo!

UMntungwa omuhle kakhulu!
Odle izimfe ezimbili,
Kwaphuma ikhambi lilinye.
Othe edla umtaka Mashobane,
Omuny’umuntu wab’emyenga ngendaba.
Owal’ukudl’umlenze kwaBulawayo,
Wathi:Ngumlenze wankomoni lowo?
Ukhon’umlenze wezinkomo zakith’eNgome,
INyama yeNtini,
Abathe bayayiphek’abakaMalandela yagungubala,
Kungayizolo nje igungubele.

UNodumehlezi ezalwa nguMjokwane,
Kunamhla nje nje igungubele
UMbomboshe ezalwa nguMjokwane.
Isinindolo sinsizwansembozile,
Kwemboz’amahlath’amnyama aseNgome,
Nkomo zeNgome zachusha ngentuba,
Ekanti intuba yinqaba yembube,
Zaye zayophong’iziziba zeSikhwebezi,
Ekanti iSikhwebezi ngesikaDonda weZiziba,
Ikhebezane elime ngenqaba kaBheje
Kwandinda inqe lakhethelwa zimpisi..

Indaba yenziwe nguNzeni kaSoKhumalo,
Wazingela ngasemoyeni esikhaleni sikaBhejane,
Unakane lwamnakath’emhlane lwamnakashela
Lwaze lwayogqebhuza ngophond’iNtubeni.
UNkomo zaBeNtungwa zenz’inqaba,
Zagqibula inqaba ngezimpondo,

Ngoba zavul’iNgome ngezimpondo zachitheka,
UMwambalala owole uphoko lwaBeNtungwa walwenela.
Usiphekel’esidulini lo njengomuhlwa,
Waliduba livela ikhanzi nesiyoco.
Uqhabul’eshingila iziphethu zemifula,
Lokhu umthwalo osobhokweni kwabemukayo,
Esinye ngesoMkhuze phansi kweNgwibi,
Esinye ngeseMfolozi emnyama
Inketh’amabala phansi kukaMnyathi.

Machoph’amhloph’eNhlambamasoka
Uyadela ngokunyalwa zinyandezulu zamaMbulazi.
Insingizi ebubul’esikhaleni seNgonyama,
Insingizi ebubul’esikhaleni semikhonto,
Ngikusolile ukububula kwayo
Kwangathi ifelwe yizwe
Uzamcolo odice ungiyane wamadoda.
Impalampal’eqombole phakathi kwentab’ezimbili,
Ngob’iqombole ngesikhala seZungeni neNtendela.
Walile ukuqhabul’isiphethu seMfolozi emhlophe,
Waguqa ngoLembe neLoyi kuBaQulusi,
Kanti uloyelw’uPhongolo olumanz’abomvu.
UMntungw’oluhlazana lo njengencushana,
Uthe ma esesicongweni soNdi noKhahlamba,
Aqhilika aMaphondwane kaSiwela!

Mnguni ntungela abanye beyeyeza,
Mnguni ntungela abanye bethefuya
Owehla ngomzungulu womile
Abanye behla ngezilulu.
Umkhond’umphind’esewuphinda ngezinyembezi,
Ngob’uwuphinde ngaphand’emikhonto:
Wamudl’uSambane kwabakwaNyawo
Wamqumba phansi ezikhambeni,
Wamudl’uMokotoko kuMaphuthini
Wamqumba phansi eziqungeni,
Wamudla uSibindi kuMaphuthini
Wamqumba phansi esidakeni.
Ukhali zaBeNtungwa zacwalwa
Zakhwezwa ethal’eKuphumuleni,
Kunini zimoklamokl’inhloko zamadoda?

Unogwaj’umaqu’egijim’okhalweni,
Usigoba nkoph’othini kuhle kwenyoni
Wadl’iloyi, Wadl’inkelenkele,
Iqubuka esiswini kuhle kwephiliba..
Umabanga mad’ingulube yehlanze,
Ayigab’elungamfi iyagoqongana,
Kakade yiGaben’elimagabel’amhlophe.
Gxumeka!!

Gxumeka wemfokaMkhaliphi woMkhwahla!!
Ingobamadlangal’eNkungwin’enkangala.
Umehlokaboni ngawoMashongwe,
Isiyingaying’inqina kamabuyaze
Ihlambo walikhipha ngenqina yaseMangweni,
Zaphela izikwenetu weMatiwane kaMasumpa!!

Uhlikihlikan’inhlinini yebhid’elimathetha,
Liqhobozel’uSigonyel’ezwa kuMantatisi,
Lasobozela uSibeko ezwa kuBaNgwaketsi
Lamoklamokla uMokgatla ezwa kuBaHurutsi.
Kukhona okusina kukujeqez’ezintabeni!
Umilo wequbul’ulanguka inkalo zonkana,

Uthungw’amanhla,wahelwa amazansi,
Kwaze kwathayiz’uMncumbatha kaKholo,
Wathi: Yobe!!
Yobe wena waseNdinaneni!!
Ayibamb’umthetho wena kaMashobane!!
Ntab’azihlangan’abantu behlangana,
Kuhlangan’inkab’emnyama nemhlophe,
Intaba yagobhoz’izingazi zamadoda,
Iziziba zeGwa zabheja zabomvu:
Wamudla luhlaza uMalizi kuMaQadase,
Wamudla wamfel’uHaris koKapteni kuMankinsimane
Wamudla luhlaza uJan kuMaQadase.
Umnhlanhlathe wamkhaful’uPoti kuMaQadase,
Wamnhlanhlatha wamkhaful’u-Uys kumaQadase.
Owalel’ubhebhenene ethi uyamshiyela,
Iphumalimi laliwuzwaphi ugwayi??
Isiphusha ugwayi kathekwane??
Wamshiyel’eshungwini laBeNtungwa,
Wabhema wakholwa uhenevu.
Isoyi labheka phezul’eMosega
Khon’eKurumana kwanyawo zimhlophe!!

Ingqibamasondo yelekwa wudwendwe,
Inyathi abayihlabe beyiphindelela,
Inyathi abayihlab’ifulathele kwaSoKhumalo,
Zaphinda zanqikilan’izinyathi ezimakhenkenene:

Enye ngeyakaMashobane kaZikode,
Enye ngekaMjokwane kaNdaba,
Zidubulane phakathi kweMpebane neBekane,
Indaba ungayizwa ngoNdlela kaSompisi,
Uyizwe ngoNzobo kaSobadli kuVezi.
Isikhonyan’esishayel’emphandwini
Saye sashay’ikhuhle emigedeni.
Ikhanda lazalel’ozozo kuNyabela,
Amathambo aye abuthwe nguMabhoko
ERholweni kwabakwaNdzundza.
Unsalela zenkasa zahaq’uMgombane
KwabakwaKekane khon’emigedeni.
Unkomo zaBeNtungwa zaklab’emfundeni
Yamahlokohloko kuMbambelele,
Zakhethelwa izinyathi kwaSoshangane.
Zayishaya phans’imbedula emagoqo,
Zayishaya phans’imbenamben’emagudu!!

Inkentshan’umadephun’egijim’eSikhukhuza,
Samdephum’egijim’uThulare kuBaPedi,
Waliphuz’ekhaphuzel’iGwa kwemikhulu
Amabomb’esing’eDalagubha.
Insika yaye yagxunyekwa nguSikwata
Phakathi kweKomati noBhalule,
Uyigxumeke ngomqeku wesithole,
UKugiwe kuBeSuthu baseNyakatho,
Kanti usehlahla indlela ebange eNyakatho
Waluphuza walukhaphuz’uBhalule,!
Wayiphuza wayigojela iLimpompo!
Umhlambi wezinkomo zamaNtungwa
Zanamathela ngesikhala sikaGwanda kwelingafelwa nkonyane
Phakathi kukaSizeza neNtabande..
Inkunzi yakith’uSobovula,
Wamjulukuqa wamgib’uSihoma kuMashoshoni,
Khona kwaGibixhegu!
Ususindwe zinyawo wena kaNompethu!!
Ususindwe zinyawo wena kaNsizwazana!!
Umadl’edlu’usedle washiy’isishwapha,
Unsingo yashay’uphawu kwezikaZwangendaba,
Ngoba ilusaye kuNyamazane iNgwane!!

Ingqungqul’ethe ukusuka yajubalala,
Yakhaphezwanyimpigogo yezulu!
Isangqumba sashay’ikhuhle kumasalamuzi,
Sabhuq’icole kumilingo yaMakalanga..

Umningi kawuvusang’umhlwenga,
Umningi kaligebisanga ikhanda,
Ukuba waligebisa kwaqubuk’udaka
Ayeyosala dengwane amaShon’emafukwini.

Izulu lakithi Ojingeni
Ukuduma kwalo ngikusolile ,
Lelelesile kuMgibe kuMashona
Isidolofiya simnandi sehla esiphundu,
Uzitike wazik’uLoziba waze wakhamuluka.
Indlov’emnyama yakithi eMhlahlandlela!
Eyal’ukubek’ubilo lwazamazama,
Ubuvamba benziwe nguGundwane kwabakaMashobane,
Benziwa nguNtshumane kwabakaKhayi,
Benziwa nguDambisamahubo kaMafu,
Benziwa nguSomabulane kaDlodlo,
Benziwa nguMhabahaba kaNkwali
Basikaz’iwundlu ngophaphe lwendlondlo,
Indlondlo isabhula amaphiko.
Intuthwane zamb’amagod’ebaleni,
Injumbane yadl’uselwa lwenxwala,
Yabhansela ngabasondezeli kwaNtabazinduna!!!

Inzalabantu yakith’eNtumbane,
Inzalabantu elibele lide,
Eithe lincelisa abanganeno
Lancelisa nabaphesheya kwemifula,
Lithe lincelisa abanganeno koNdi noKhahlamba,
Lalincelisa abaphesheya kweGwa neSangqu,
Laye lancelisa nabaphesheya koBhalule!!
Uze ugawul’ubuye nganeno wena kaSoKhumalo,!
Inakane idla umuny’emfundeni yeZambezi,

Kakuyi lutho!
Ubhodlele kwezikaMonyebe,
Zabonakala ngodak’emanselweni
Ukuthi ziyiwelil’iMbembesi zibang’eNyathi!
Inhlamagwababa yagcagc’amagwabab’amseka,
Izinkunz’ezimbil’azibusi sibayeni sinye:
Wadilik’umthangala kwekaViljoen,
Yafunda kwezayo ekaMakhenzi,
Lom’inhlama kuMaluki,
Ilaka lezibonkolo lathotshwa nguMashandela
UMahlek’ehlathini kwabakwaMoffat,
Lathotshwa ngamahlath’amanyama

Wo’adela ngosi kuhle kukaThomasi!
Owele ngelezingwenya,wawela ngelezimvubu,
Owele ngelibanz’abanye bewela ngamamncingwana,
Owele ngelibanz’abanye bewela ngelibushelelezi,
Owele ngelibanz’abanye bewela ngalunjimbilili,
Owele ngelibanz’abanye bewela nganesilele,
Owele ngelibanz’abanye bewela nganethombankala,
Owele ngelingenhl’banye bewela ngasesizalweni,
Ogeze ngenhla abafokazane bephuza ngezansi,
Yadilik’iNgome yengama iNgama,
Ntaba zeNtumbane naMathopho niyadela
Ngokuzibula ngethambo laBeNtungwa,
Nize niliphathis’okwezikhali zoyisemkhulu!!!!!!!!

IBINDA!!!!
WENA OWAKHULA SILIBELE!!!

iNDLOV’EMNYAMA KAYIQEDWA
INGANGAMAGALELO AYO..

………………………………………………………………………………

Izibongo zenkosi u-Lobhengula kaMzilikazi :

ULobhengula wamawaba
Uqili qwetsh’umasinda nom’elele
Lesi sigqila nganhloko kuzond’intamo
Inyath’emnyam’entam’imanxeba
Inxeba lisembo lisembolisana

Sikhale njengesithole
UNgwalongwal’usemazibukweni
Sigubudu silizulu ngokusibekela
Mazw’entaba iNkosi kaMgabhi loNdwandwe
Intambo kaMntuntu loSimakuhle
Abathe beyiphotha bayinikezelana
Yaphothwa ngodadewabo
Yaphothwa nguSiyendle loSiyekethe
Isilwan’esimnyama sakoMabindela
Utshani kabutshi eMahalihali
Obunye butsha buyagoba
Wathukuthela kwazond’abezizwe labezindlwana
Isondo lengwe libandam’emlanjeni
Umhloli wenkom’ophakamayo
Abahloli bezinkomo bezihlola zilele
Uthuthumela bepheth’izihlangu lempalane
Emagcekeni kaLohasa loBhulane
Ujoj’uphange wafukama
Ngob’esesab’isisila sakh’ukonakala
Usixhokola singangamatsh’aseNkandla
Ugod’abaluband’iminyakanyaka
Luguga nje bazaband’izivoko lemiqanswane
Utshobatshoba lingangoyis’uMatshobana
Unkomo zilendumo zilenhlokomo
Zibiz’okukhatshana
Lesi sibhembulula singendini zabalimi
Ekade bezilima bezibhembulula
Ibele likaNgqongqo loGabane
Eliphange ladepha latshiy’amad’engakadephi
Unangu nangu namhl’engesuye ilokhu bethi nangu
Undlela zimazombezombe njengezobunyonyo
Uteka kamkhonto kanganani
Lemkhontweni angahlala
Ihlahl’elimeva limaqhathowane
Elivimb’ezindleleni
Laselivimba lasemazibukweni
Isijubamithi kusal’iziphunzi
Ngoba zosala zililelana
Inkonjan’emnyama ka Lomagaga
Ebuwaba busemakhwapheni
Ebhul’amanzi ngamaphiko
Ithi ukwakha kwayo yakhel’eziziben’ezimnyama
Bath’ibamben ‘iyawela
Bathi hatshi yikwakha kwayo
Isondo lengw’elabandam’umfula
Enganjengobandama wakwa Mayisela
Umzac’omnyama kahlalukwana
Otshay’izinkomo utshay’amadoda
INkosi le ngekahlalukwana
Lolanyanda lo jama
UMalandel’uyisizib’esimnyam’esisentukwini
Bathe sintant’ubuthuku kanti sintant’ubulembu
Mgabhi Ndwandwe ngokugabh’emazibukweni
Batsho kuZwangendaba likaNselenduna
Ngokuthwal’isala sensele
INkosi ngekaLomavimbela wengwe
Wavimbel’uNdawana
Wavimbel’uKhali
Undlangamandla wasemandleni
Owath’esadl’ezinye wadl’ezinye
Wath’esadl’ezinye wadl’ezinye
Wadl’ezikaWata akwabandaba zalutho
Wadl’uTshibi,uTshaminuka loGuthu
Akwaba ndaba zalutho
Wadl’usiphulilo
Inkubalo zadliwa koSiphulilo
Yaphum’imbabal’umasila ngokuthubela
Isigung’esibantwan’abalathuli
Abasila ngokuzibalekela
UMangede ngiyamthanda
Indab’engathob’ithoba ngentamo
Lesi sijikub’usikimbela singenzwa lulaywa
Besiyezw’ukulaywa siphang’ezingqokolweni
UNdaba lo ongelamtsheli
Uban’uyatshelwa nga ubikel’abakwabo
Abikele bani
Abikel’uGadlaza
UMbelebele udak’olubamb’izinkomo
Uyibinda Nkosi !
INdlovu emnyama yakithi kwaBulawayo ayiqedwa:
Ingangamagalelo ayo:
Mntungwa !Mbulazi !
Ndabezitha !

……………………….

Izibongo zeNkosi uBheje wakwaKhumalo!!

UBheje weGuma!
UNomavimbela kaHlalukane!
USinqanda bantu njengezinkomo
Uthi lwempundu
Yakithi eSichabeni
Oluhlala izikhova

UNsika lende ephanse uZulu namaTshali
Ingamyeka uZulu namaTshali angadilika

Umbonile umntaka Ndaba?
Ubheje izandla wabheja nomlomo
Ngokukuphuza izngazi zamadoda

ISilo esibomvu kunye nenhliziyo yaso!
ULanga liphume endlebeni kaNgqengelele.
Layelashisa abakwaLubololwenja!

UMntungwa ohlanganise
AbakwaKhumalo
Nezizwe zonke.
Bathi ikhona iNqaba yenu iNgome!

UNonjonjo kanondomela
Uphihlilika angene kwamdlezane
Umdlezane amshaye ngesa mpansa

UMaSwazi niyavusa
Ngokuvusa umuntu esefile.
Inqe elizwe ngomoya
Ukuthi kuyadliwa kwaNgenetsheni
Impumputh’ukuzala abanamehlo!

Umpepha zamadal’amasimba
Ngokukulunguza la avela khona
Umfene beyibanga oMkhubeni noMdleyana
UBhacabhaca!
Inkom’enyigijima kwezikaMavimbela

Ibinda Nkosi!!

……………………………………………………………..

uNkulumane kaMzilikazi!!

UNkulumane kwakuyinkosana kaMzilikazi kaMashobane ayizala kundlunkulu wakhe uMaNxumalo. Ngesikhathi inkosi uMzilikazi idukile ingaziwa ukuthi ikuphi , ezinye zezikhulu zombuso wakhe zabeka uNkulumane njenge nkosi yesizwe sakwaMthwakazi. Kodwa ekuhambeni kwesikhathi yathokala inkosi uMzilikazi-kwathi ababeki bakaNkulumane esihlalweni sobukhosi babulawa.
Owayebambele uMzilikazi ubukhosi ngesikhathi edukile kwakungundunankulu wezwe lonke uMncumbatha Khumalo,

……………………………………………………………..

Ukuze siyichaze kahle indaba kaNkulumane kaMzilikazi kumele sikhulume ngebutho leZimpangele.
IBUTHO LEZIMPANGELE!!

Ngesikhathi uMzilikazi kaMashobane nesizwe sakhe bezinze eNtilasifala wakha isigodlo noma ngithi umuzi wakhe wawubiza ngokuthi kukwaMkhwahla. Besahlezi kamnandi benethezekile bahlaselwa nguNdaleka[Hendrik Potgieter] wehlulwa okaMashobane , waphoqeleka ukuba ayishiye leya ndawo amabombo awabhekise eNyakatho. UNdaleka wadla izinkomo zikaMzilikazi.

Ukubuthwa kwebutho leZimpangele!!!

Ibutho leZimpangele labuthwa nguMzilikazi emva kokuchitha isizwe saManala esasibuswa nguSibindi kaMdala wakoMabhena nesizwe samaNdzundza esasibuswa nguMagodonga kaMhabula wakoMahlangu ngaseNdubazi (kwaNdebele). Izinsizwa ezabuthwa kulezozizwe zafakwa ebuthweni elisha elilabizwa ngokuthi iZimpangele. Izibongo ezazikulelo butho, kwakuyilezi– Mabhena (okuyilapho kuvela khona abantu bakwaSibindi), Mahlangu,Msimanga ,Masililela kanye noSikhosana. Ibutho leZimpangele nalo lalikhona empini kaMzilikazi eyayiyohlasela uNdaleka (Hendrik Potgieter) ngaseNtilasifala (Transvaal) kodwa ngeshwa yahlehla ekaMzilikazi yabheka eNyakatho .UMzilikazi waphinda wayiphaka futhi enye impi. Wayihlukanisa kabili impi yakhe .Enye yayihowa yinduna uGundwane wakoNdiweni (Gundwanekumitha) kwathi enye yaholwa nguye uqobo. Iqhinga bekuyikuthi lawo maqembu womabili ayohlangana phambili.Iqembu elaliholwa nguGundwane lavundla eVenda,lawela umfula INgulukudela[Limpopo River] layowela esifundazweni saseMatebeleland kwelaseZimbabwe. Phela ngaleso sikhathi uMzilikazi nabantu bakhe babengakafiki kwelaseZimbabwe,  babe zinze eNtilasifali,  .Ibutho leZimpangele nalo laliyingxenye yamabutho ahamba noGundwane.Iqembu elaliholwa nguMzilikazi langena ngeBotswana ngeshwa laduka ogwadule lwaseMahalihali[Makgadikgadi Pan], naye uMzilikazi waduka. .Iqembu elaliholwa nguGundwane lafika lakha isigodlo esabizwa ngokuthi kukwaGibixhegu endaweni eyaziwa ngokuthi kuseSigodini namhlanje.Lelo qembu lahlala iminyaka ecishe ibe mibili lingaziboni izimpawu zikaMzilikazi nempi yakhe. Kwase kuqokwa amabutho ukuba ayofuna uMzilikazi. Ekujikeni kwawo lawo mabutho awazange abuye nokuphathekayo, ibutho leZimpngele lona labuya nombiko othi abantu elabathumba eBotswana bathi uMzilikazi nesizwe sakhe babulawa ngamaLawu (amaLawu yizizwe lezi ezaseKoloni ezibizwa ngokuthi ngamaGriqua okanye amaKorana). Umbiko oweza neZimpangele wenza uGundwane nezinye izinduna ezinjengoDambisamahubo wakoMafu, Dolo wakoMafu, Mhabahaba wakoMkhwanazi, Magalane wakoDlodlo noNyathela wakoKhanye zibeke inkosana kaMzilikazi uNkulumane ukuba aphathe isizwe, isizwe siqhubeke sinenkosi futhi kuqhutshekwe ngokwenza umgubho weNxwala (umgubho weNxwala ufana noMkhosi wokweshwama). Kukhona izinduna, ezinjengoGwabalanda wakoMathe noMajijili wakoGwebu, ezingazange zihambisane naleso sinqumo.Lokho kwenza iqhawe lesizwe okwakuthiwa nguMkhithika wakoThebe liphume namabutho liyofuna uMzilikazi ngaseMahalihali. Ngenhlanhla enkulu watholakala uMzilikazi kwasekuthi uGundwane nezinduna ezabeka uNkulumane zibulawe ngaphandle kukaDambisamahubo owaphunyukayo wabaleka eqonda kwelikaSoshangane. Ibutho leZimpangele nalo latholakala linecala lokubuya nombiko wokuthi inkosi ikhotheme, lase libaleka ibutho leZimpangele eNdubazi lapho elalibuthwe khona.

Lezo zinkomo ezazidliwe ngamaBhunu zazigcina zibuyele ezandleni zikaMzlikazi ngoba iqhawe lakwaMasuku uMbiko kaMadlenya wagasela amaBhunu, wawagwaza wonke wawbulala,  wathatha izinkomo zenkosi wazisa enkosini, ingakho phela uMzilikazi wayemthanda uMbiko kaMadlenya.

………………………………………………………………………..

IZibongo zikaMncumbatha Khumalo!

Ugwaqogwaqo lwasemaNtungweni
Olungalingani noZeni kaMashobane
NoBheje iqhawe laseMgidleni mncane.
Nguhlehlangendlale lo!!!
Isiphetho sakhe saziwa yithi kwaMashobane
Sibonw’ emikhawulweni yamazulu
Laph’ okusibekele khon’izigubudu.
Usihlangu sentenjane esinuk’ izintuli
Umkhonto ongaphathwanga ngamathembazana.
UMncumbatha mkhulu!
Waday’ uDayingubo kaZwide wakwaNdwandwe
Wamenek’ okhunjini loMhlathuze.
Igodlwa lakithi ligodlwe ngamakhosi;
Aligodlwanga nguMzilikazi kaMashobane yedwa;
Belikhabuzel’emagumen’ akwaDukuza;
Likhabuzela kungabi ndaba zalutho.
Belingumthiya wendlu kaShaka kaSenzangakhona.
Bafokazane nani bezindlwana,
Musan’ ukubuza ukuthi isizinda sikaMthwakazi sinjani.
Yinkunz’ emnyama eyazwakal’eMgidleni
Eyabamba ijongosi lengonyama eNdubazi yalithi hlasi ngezandla!
BabenoMkhaliphi kaDlekezela-umdlodlom’ omnyama waseNyandeni
Omthika ngowezingwe namahlosi.
Kwathi uMphubane wakwaMzizi wabancindis’ezab’ insizi.
Kabazincindelang’ odengezini,babephelele labo!
Bazincindel’esiyocweni sikaMwaka ngokwakhe!
Uzinyawo zinendumo zinyathela kude.
Umandlan’eyamil’ethafeni yaqholwa ngamaNtungwa akwaMbulazi kuphela.
Isantubane sikaMzilikazi esiboya bungenhla komphetho.
Udladlazel’owadladlazel’ ezindongeni zaseMgidleni
Waphakamis’ijoza,igazi likaSambane lanquma.
Wabheja njengensimbi,waphang’ umhlambi wamagqiza kuphela
Owabekelela wayogudl’uBombo,
Waze waqhushwa nguFakose kaLoyiswayo,
Indlondl’ elihlaza yasezihosheni!
Usigula senxwala!
Amaziph’ engqungqul’emnyam’ uLobhengula;
Umasingathwa ngezihlangu zamawaba;
Umahamb’enhla kwendlela;
Umahlokoma kwesab’ abezindlwana njengoMzingwane!
Umakhambi ngawasolwandle,
Umdlungudlungu wamafus’ oYengweni.
UMncumbath’ uncumbeth’amayika kaMthwakazi-
Anamakhubalo enjiwe eNgome.
Yeka yisitsha singakanani bakaMalandela!
UKholo ngiyamkholwa;
Ungumthangala wenqab’ oyinqaba.
Ogwaqogwaqo lwasemaNtungweni,
UMthwakazi kamuzwe!
Ibinda nkosi!!

…………………………………………………………..

IZibongo zikaNkulumane kaMzilikazi!

Izibongo zikaNkulumane
Wundlu likaMzilikazi kaMatshobana,
Wen’owasal’uzethwes’inkatha!
Mkhont’owabangwa ngabakayihlo
Maye! WadlisuMbiko ngesilo sakwenu.
Ngiyesaba wen’ondab’iyinkinga,
Engaziwa muntu njengenxwala,
Eyacitsha yelamana lesibhakabhaka!
Qunga bani bo, olungelamalunga?
Nsedl’eyakhal’ingazwiwa mzingeli,
Lizw’elamemez’etsholweni kwathi zwi!
Dondolo olwenyuka lamanzi.
Siph’isithunzi sakho, satshonaphi na?
Isigodlo sasithi wen’uyinhlanzi,
Kanti wen’usuphenduk’inyeluka!
Amaphik’akho angeke engame muntu,
Mafitshane bo, uzulu umnengi.
Mzamazamisa womhlaba wesizwe,
UDambisa akabonwa mkhondo,
UDolo Dlodlo wadliwa liwisa,
UMhabahaba wasinda ngobengekho.
Sotshonaphi ngalindlondlo na?
Maye, wasivusel’ulaka lochuku,
Mayuyu Zulu kaNdaba, ngowakho oyinyoka.
Nkulumane wasidlis’imbuya ngoluthi.
Ibinda nkosi!!

……………………………………………….
……………………………………………………..

Ukwakha kukaMzilikazi kwaMthwakazi[eZimbabwe]..

UNdunankulu wezwe lonke kwakunguMncumbatha kaKholo Khumalo okunguyena owasala ebambe ubukhosi okweminyaka emibili, emuva kokukhothama kweNkosi uMzilakazi kaMashobane.



UGwabalanda Mathe wabe eyinduna yesigodlo esikhulu uMhlahlandlela, okuyilapho kwakuhlala khona iNkosi uMzilikazi kaMashobane.

Izigaba kwakunga-
1.–Mhlophe,
2–.AMnyama,
3–.AmaKhanda,
4–.Kanye neGabha.

Amhlophe eyephethwe nguye uGwabalanda,aMnyama ephethwe nguMajijili Gwebu, AmaKhanda ephethwe nguDludluluza Zikhali,iGabha liphethwe liqhawe elikhulu uMaqhekeni Sithole,laba yibo oNdunankulu beNkosi uMzilikazi nezigaba zonke zamabutho!
IMizi kaMzilikazi yayiminingi okungangokuthi  indodana yakhe uLobhengula yadonsa kanzima ekuyilawuleni waze wapholeka ukuthi ayinciphise..Kanti naye uLobengula kukhona imizi azakhela yona kodwa yayimincane[few]. Omunye waleyo mizi wawubiza ngokuthi kukwaBulawayo, manje okuyidolobha lesibili ngobukhulu ezweni laseZimbabwe[second largest City]..


NANSI IMIZI KAMZILIKAZI:
AMHLOPHE: …nababeyiphethe..

1.UMHLAHLANDLELA- lo ngumuzi wobukhosi bakhe.
a)kweSikhulu-Gwabalanda Mathe
b)EmaDibeni-Mqengana Ndiweni
c)IHlathi-Magibidwane Hlabangane
d)kwesiNcinyane/Ncane- Qaga Ndiweni
2.EMsizini-Mcetshwa Masuku
3.ESiZindeni-Mnengeza Fuyane
4.Dibimhlangu-Nungu Thebe
5.Magoloza-Dlekezela Thebe
6.Emambanjeni-Lukhezo Mbambo
7.ELibeni-Lugobe Mlotshwa
8.ENkanini-Magobela Mkhwananzi,Sobukazi Mkhwananzi and Maqundela Mkhwananzi!!!!!!!!***
9.ENgwegweni-Mkhanyeli Masuku
10.EMahlokohlokweni- Mbambelele Hlabangane
11.ELangeni-Nungu Khumalo
12.EMfakuceba-Mqegwana Kheswa
13.EMathwaleni-Gwadi Mlotshwa
LAPHA KWAKUSELIBENI ELIKHULU:
14.EMthembuza-Msalela Maduna
15.INkanyezi-Hubane Ngwenya

AMAKHANDA:
1.ENsingweni-Dludluluza Dlodlo
2.ENdinaneni-Mfangilele Matshazi
3.ENzwananzi-Mpiliwa Magutshwa
4.EMhlanjwaneni-Manyoba Ndiweni
5.INxa-Ntshamane Khanye
6.ENsindeni-Tshuwe Gwebu
7.EZinkondweni-Xukuthwayo Mguni/Mnguni
8.EMakhwatheni-Sungulwana Mthimkhulu
9.EMazizini-Mhlambi Mzizi
10.ENqotsheni-Mthini Mphoko Ndlovu(iqhawe elikhulu)

IGABHA:
1.AMagogo-Maqhekeni Sithole, iqhawe elikhulu,waqamba ibutho lakhe ngegama likayise uMagogo owasala kwaZulu yena ekhuphuka noMzilikazi!
2.Nyamayendlovu-Mkhokhi Masuku
3.EMpandeni-Sindisa Mpofu
4.EZimnyama-Mtshamayi Ndiweni
5.ENqameni-Somhlolo Mathema
6.Mbuyaswe-Mhliphi Ndiweni
7.ENduba-Lotshe Hlabangane[Mtshali], iqhawe elikhulu,wabe elinxusa elikhulu likaLobengula, kuthiwa waveza ubuqhawe esasemncane uMzilikazi wamthanda kakhulu yingakho uLobhebhula wayemthanda kangaka,futhi enguyena osayina izivumelwano nabamhlophe! There was the Lobengula treaty,Rudd Concersion, Moffat Treaty,uLotshe Hlabangane[Mtshali] nguye owayebona ukuthi yonke into ihlelekile futhi kuthiwa nguyena owokuqala phakathi kwamaNdebele kaMzilikazi ukuwela ulwandle eya eBhilithani(Britain).
8.Enjingeni-Mletshe Ndiweni
9.Inqobo-Mazwi Gumede
10.Zwangendaba-Mbiko kaMadlenya Masuku, iqhawe elikhulu elathandwa nguMzilikazi ngoba wagasela amabhunu kaNdaleka(Hendrik Potgiter)  ngosoJingeni, okuyisigodi esiseduze nezintaba zaseMatopo ,la  idlinza likaMzilikazi kaMashobane.Kuhtiwa  wawagwaza wonke wathatha zonke izinkomo ezasezithathwe ngamabhunu wazisa eNkosini, uMzilikazi wasemupha indodakazi yakhe uZinkabi oyezalwa noNkulumane.


11.Eguqeni-Mletshe Ndiweni
12.Babambeni-Masokana Nungu
13.Ilulwane-Fokazana Gumede
14.Osabeni-Mpukane Ndiweni
15.Enyandeni-Mlagela Khumalo
16.Ematshoveni-Ngubo Sithole
17.EMncwazini-Mtotobi Mlilo
18.EMnqunyweni-Maphungo Mabhena

AMNYAMA:
1.EMzinyathini-Majijili Gwebu and Mthonzima Gwebu
2.INyathi-Ntabeni Gwebu
ULoziba,unina kaLobitshi, wayehlala lapha,ulele khona. Le ngenye yamakhosikazi kaMzilikazi ngoba kuthiwa ayemaningi!
3.EMatshetsheni-Sifo Masuku
4.EMabhukudwaneni-Mayeke Mthethwa
5.KwaGodlwayo-Dambisamahubo Mafu
6.ENtembeni-Njojo Mlotshwa
7.INhlambane-Thambo Ndiweni
8.ENtekeleni-Magazi Tshili
9.INtshamathe-Ntolwane Xaba
10.EMbelesini-Mfanembuzi Mzizi
11.ESiphezini-Ngwadi Sigola
12.INtunta-Mhabahaba Mkhwananzi,umafulomakhulu owafula kwakhwabitha inkosi!!!**
Dliso Mkhwananzi!!!!
Majinkila Mkhwananzi!!!!!
Ngungumbane Mkhwananzi!!!
13.OYengweni-Mlotha Khumalo.

. Izimpi zakhona ezimqoka zinhlanu:
-impi kaNdaleka
-eyakoManyoba
-eyakoSikhume
-eyakoMbuzimbili
-eyakoGutu…..Yiyo ke indlela okaMashobane akha ngayo umbuso wakhe ongeke wafaniswa lowamadojeyana!

– bayethe Lobhengula
– bayethe Mzilikazi
– bayethe Matshobane
– bayethe Ngululu
– bayethe Mntungwa
– bayethe Khumalo
– bayethe Langa
– bayethe mahlabezulu ngokuhlaba uZulu ezintabeni zesiKhwebesini!!!!
Halala MaNtungwa!


**** Mina ngihlatshwa umxhwele yibutho leNtunta elaliphethwe nguMhabahaba Mkhwanazi[ uMhabahaba waseNtunteni]***
……………………………………………………………………………………………………..
Nazi izibongo zikaMhabahaba Mkhwanazi..

Mhabahaba waseNtunteni,!
Gagisa,
Mpande yamadoda,
Nkwaliyenkosi,
Lukhokho lomhlanganiso!
Hlambi lezintaka.

Phakamo lezintaka,
Lomafa yindlala yomkhonto
Izithutha zifa yindlala yokudla.
Lo nguMzama kaBebese.
USikhumb’ukuthathe koMantewane
Obekuthunjwa koMantewane
Bekungadliwa ndoda
Yena wakudla ngezintelezi
Wakudla ngezichelo,

UGwagwa liyagwagw’eMagwagweni!!
Owahloba kwethuk’abezindlwana,
Abambona ngezandla ukushushuma,
Kwangathi ifuthisile
Yen’engalisanga,
Bathi ifuth’uthulisile
Kant’ulidlile,

Umqhubi weqambi lezinkomo
Eziyodliwa ngamadoda komkhulu,
Kant’amadodajeyana azokhonz’eWaza,

Usiba lwempangela
Olungathwalwa ngabafokazana
Luthwalwa ngabasesikhosini,

Owathi mhla elamulel’okaMashobane kwaZulu,
Kwangath’undizemoyeni
Yen’ehamba phansi emhabathini womhlaba.
AbakaShaka babelelesile,
Babethath’izicuyo ngokudl’okaMashobane,
Bathath’izicuyo yena wazihlutha,

Umabuya la kungabuyi madoda
Ebuya ngejozi nangezihlangu,
Gwagwa liyagwagw’umbane wezulu
Wen’owaciba ngomkhonto eSikhwebezini
Kwapheph’inkosi yaBeNtungwa.
Mhabahaba waseNtunteni!!

Ibinda nkosi!!

……………………………………………………………………………………………..

kubhale uBonga Ndabezitha Khumalo,eno Arnold Mayibongwe Nkala , kanye noDingindlela Dube.

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo