Mhlongo

Umlando ngesizwe saseLangeni, abakwaMhlongo:
*Kulanda uSomlando waseLangeni, uMnu Nqobani Mhlongo*
Thina baseLangeni siyiSizwe ngokomlando oxoxwayo esaqhamuka enhla nezwekazi
laseAfrica.ngokokuzinza kwekoMkhulu loMbuso weLanga/waseLangeni…
Ngokomlando ke sifike kuleli kudala sehle ngomzila ogudla sehla sazongena
kuleli laseMzansi ngokhalo lwaseButhonga(present day Manguzi).
Isizwe ke nombuso waseLangeni wawunamaKhosi angamaKhosana ezindlu namaKhosi
akhonze ngesihle(ngokucela indawo yokwakha).
Noma abaseLangeni babaziwa ngokwelapha nemithi kakhulu yempi.futhi
nangokwenkolo(okuyinkolo eyaqala ngokukhonza iLanga njengomsuka wempilo
nomthombo wamandla empilo).
Umlando ke ngokolibo sewakhunjulwa kusuka kuMaqamade(Sililo)nokukholakala
kafikanga lapha kwelaseMhlathuze ngofuduko olwalungadalwa yizimpi kepha ukufuna
indawo engcono.
USililo ke ulandelwe yiNkosi uNqeshe(Soyengwase) kaSililo(Maqamade).kuye
kubenephutha ke oSomlando bethi uNqeshe uzalwa uLugoloza kaMnyambane
kaMatalatala(Dlamini 1),nokungelona iqiniso ngokomlando oxaxwe womkhulu
waseLangeni.nabakubeka kucace uLugoloza kaMnyambane wayekhona futhi nguyena
owayemdala kwababeka iNkosi uMhlongo kaNqeshe kaSililo esihlalweni sobuKhosi
boSelwa baseLangeni.Ngokomlando wezindlu nokukleliswa kwazo eLangeni iNdlu
yakoLugoloza yindlu encane eLangeni(esizweni saseLangeni neyayinobuKhosi nezwe
layo elingaphansi kweSizwe saseLangeni).lendlu ngezinkinga zeSizwe igcine
isibizwa ngesibongo sakwaMagwaza.
ELangeni ke eMhlathuze emva kweNkosi uNqeshe kubuse iNkosi uMhlongo obebongwa
kuthiwe Khula Dlomo engani basalibele emaLangeni! Dlomomkhulu waseMhlathuze!
INkosi uMhlongo ke yona kuyavela kucace yabe ingendala kumadoda kaYise iNkosi
uNqeshe kepha wabe ezalwa eQadi(kuNdlunkulu wesithathu).iNkosana kwabe
kunguMjumbu kaNqeshe.
INkosi uMhlongo Yona iye yalandelwa yiNkosi uMbhengi(Bhebhe) weNguge ekubuseni
iSizwe saseLangeni.nayo iNkosi uMbhengi wabe engemdala kuyise nakwabo,kepha
iNkosana yeNkosi uMhlongo kwabe kunguNcumela kaMhlongo owayebongwa kuthiwe
Lubhangu Olukhulu Olungangamagabeshe!neNdlu yeNkosana uNcumela yabe inabo
ubuKhosi nezwe eliyiphakelo lakwabo njengeNkosana yeNdlu.kepha ubuKhosi beSizwe
babuseNgugeni kwiNkosi uMbhengi weNguge.
Emva kokushona kweNkosi uMbhengi kuye kwasala izinxushunxushu zoMbuso
neNdlunkulu yeSizwe saseLangeni.nokwaholela ekutheni kuqale kubambe iNkosi
uNxazonke kaMbhengi nowakhishwa kwangena iNkosi uMakhedama kaMgabhi kaMbhengi
kaMhlongo ,nowagcina ephuma kwabuyela ngokugcwele iNkosi uNxazonke kaMbhengi
kaMhlongo.
INKOSI UNQESHE
INkosi uNqeshe(uSoyengwase)kaSililo(uMaqamade)ubusele eMthinemide iSizwe
saseLangeni sisahlangene. Kwabe kunesigungu sikaLangeni esasihlanganisa
amaKhosana ezindlu zeSizwe siholwa yiNkosi yeSizwe.Yingakho kukhothame iNkosi
uNqeshe iNkosi uMhlongo yabekwa yiso lesigungu esabe siholwa uLugoloza
kaMnyambane noyinzala yendlu yakwaMagwaza(ephume khona eLangeni).iNkosi
uMhlongo yabe ingeyona iNkosana yeNkosi uNqeshe kepha iNkosana ngokuzalwa kwabe
kunguMjumbu(uNzawula/obedume ngelikaNzawu).iNkosi uMhlongo yabe izalwa
eQadi.kuthe kukhothame iNkosi uNqeshe iNkosana yabe yakhe
eMpaphala,nokwathunyelwa kuyona umbiko wokwebuza kweNkosi.ibe isiyalela
isigijimi ukuba sibike eMhlathuze bakhiphe esizoqinisekisa
lendaba,nokwenzeka.kuthe naso sibuya nombiko ofanayo,akwabe kusathunyelwa
kwaqhutshekwa yatshalwa iNkosi uNqeshe kwabekwa iNkosi uMhlongo.yingakho
ibisibongwa kuthiwe Khula Dlomo engani basalibele emaLangeni.kuthe nxa efika
uMjumbu kaNqeshe uMndeni wamakhelo ugelo(uMhlangano woMkhandlu
noMndeni)nokuyilapho aquliswa icala lokungezi kutshalwa uYise iNkosi
uNqeshe.uMndeni ke ubusumshaya ngenhlabathi wathi ungumthakathi ngokungezi
kukhothame uYise.ubesephuma ekhaya wabuyela eMpaphala waqhubeka wazibiza
ngesibongo sikaLangeni akazange aphume esakhe.ebesezithakazela ngokuthi
unguMhlongo Ntshibe ethi abakwabo bamkhombe ngeshibe(isidunu)somkhonto
ngokukhothama kukaYise.
INkosi uMhlongo yona ilandelwe yiNkosi uMbhengi weNguge naye
owayengemdala…iNkosana uNcumela yenqaba ukungenela umbango yathi ayinase
umbonisi ngoba izalwa yodwa kwabo!ngeke ibenomuntu ozoyibonisa nxashana
kunezinkinga kungangcono kubuse iNkosi uMbhengi ngoba Yona kwabo inaye umbonisi
wayo iNkosana yakwabo uDaleni kaMhlongo.akubanga nampi nakulwa futhi ibuse
uLangeni kwangaba nambango iNkosi uMbhengi. Iyona ke iNkosi uMbhengi ezale
iNkosazane uNandi kaMbhengi owalama iNkosi uNxazonke Yona yelama iNkosana
uMgabhi.iNkosana uMgabhi ukhothame isaphila iNkosi uMbhengi weNguge noma
wayesenomuzi(iSibhamba Somfazi) noNdlunkulu bakhe.eNdlunkulu yakhe kwabe
kuzalwa uSongweni kaMgabhi iNkosana noMfundeko,eKhohlwa kuzalwa uMbikwana
kaMgabhi noVoboza kaMgabhi,eQadi kuzalwa iNkosi uMakhedama kaMgabhi. INkosi
uNxazonke kaMbhengi izale uBubi(iNkosana),izalwa uMkheco(abanye bathi uMkhwexo
kepha thina simazi ngoMkhweco kaNxazonke kaMbhengi)noMatshana
kwabakhumbulekayo.abaningi ke baye bazifihla bebalekela abakwaZulu,kakhulu
abaseMozambique abeNdlu yakwaNtsholo nokuyindlu yeNkosi uNxazonke.
ISIGABA SESIBILI:
Umlando waseLangeni isigaba sesibili,kusaqhuba uSomlando uNqobani(Mbhengi II)
kaBonginkosi kaMandlakayise kaQiyana kaMatshana kaNxazonke kaMbhengi I
kaMhlongo kaNqeshe.
Impi YaseNgoqonga!
Emva kokukhothama kweNkosi uMbhengi eLangeni iSizwe saholwa yibamba
uMntanenkosi uNxazonke kaMbhengi.ubebambela ke iNdlunkulu yoMnewabo
uMntanenkosi uMgabhi kaMbhengi okhathame isaphila iNkosi uMbhengi kaMhlongo.
Kuthe esabambile kwasuka uMakhedama kaMgabhi kaMbhengi kaMhlongo waya
eButhonga.kunenkolelo ke wayeyothwala,abanye bathi wayeyothwasela
ubuKhosi.okufike kwayinkinga wukuba athembise uGobela(iNyanga
eyayimthwasisa/mthwalisa)Izinkomo ezingagcwala isigodi uma ebuthatha ngempela
ubuKhosi.waze washo uma kubekwe induku iyongahlali phansi ngenxa yobuningi
bezinkomo.
Impela uthe uma efika eLangeni iNkosi uNxazonke yazisukela esihlalweni
njengokusho kweNyanga. Kube sekusuka umbango weNdlu kaMgabhi kaMbhengi kusukuma
abasendlunkulu yayo…nabo basukume emva kokuxabana kweNyanga yakwaGumede
neNkosi uMakhedama ingasamniki izinkomo ezimenelisayo uGumede. Kusuke uMfundeko
kaMgabhi kaMbhengi owayezalwa eNdlunkulu benoSongweni kaMgabhi(iNkosana
yokuzalwa kaMgabhi).yenqaba ukwehla esihlalweni iNkosi uMakhedama nokwaholela
empini eyaze yayophelela oBanini(okuwumuzi kaDaleni kaMhlongo umfowabo weNkosi
uMbhengi esiswini).Ngeshwa wakhothama uMfundeko kaMgabhi kulezozimpi. uDaleni
kaMhlongo ubeseyala uMntanenkosi uNxazonke kaMbhengi ukuba ayocela usizo
kwaMthethwa ukususa iNkosi uMakhedama esihlalweni ayengasafuni ukusuka
kusona…izizathu zokumsusa zazicacile.
1. Kwavela wayeNyangeni ukuze athathe ubuKhosi
2. Kwahlukana iSizwe saseLangeni ngokulala kwakhe noNozidade kaMazwana
kaYengwayo weNdlu kaLugoloza,nokwacishe kwasusa impi.lesi senzo senza uManqondo
kaMazwana kaYengwayo adinwe wafuna ukulwa neNkosi uMakhedama babhekane
bobabili!nokwakhuzwa kwangenelela uMndeni.nokuyilapho kwahlukana uLangeni
kwaphuma iNdlu yakwaMagwaza.
UyakwaMthethwa nje uNxazonke kaMbhengi nabalandeli bakhe yingoba uGogo wabo
uMaMthethwa koMbiya.Yilapho ke okuvuthwe khona amasu okuba kuyodliwa ubuKhosi
bakwaZulu.Yingakho iNkosi uNxazonke noLangeni babekhona kubekwa iLembe
esihlalweni kubo. Kube sekugaselwa eLangeni kuhlaselwa iNkosi uMakhedama
kaMgabhi kaMbhengi emzini wakhe waseSiweni ngaseNqabeni yaseLangeni.
Leyompi yabizwa ngokuthi yiMpi YaseNgoqonga.iyavela ezibongweni zenkosi
uMakhedama uma zithiIThole lakoGoba Elehla ngamandla eNgoqonga Alavandlaveka
lapho amathodlane awoninaAbeyakuvandlazeka khona!
Ohlambe izandla zakhe Phezu kwamakhanda amadodaMaqede amhlabenela Athi Hlala
phansi Dlomo uhlambe izandla zakho zingezinhle ngoba uthe umuhle Dlomo kwaye
kwakuhle nonwele ekhanda!
Lempi yaqhamuka ngokhalo lweNgoqonga yehla ngoNonjonjo ibeke eSiweni!IQhawe
laseLangeni lalempi kwabe kunguMandlesilo kaNcumela(Lubhangu)kaMhlongo kaNqeshe
okwathi abambene wangena esibayeni nokhamba lwamasi nezihlangu zakhe…uthe
eqeda ukudla amasi waphuma egijima esibayeni eqonde empini!..
Bathi abadala labuza iLembe limi phezu kweNtaba limmemeza lathi Mandlesilo
ekabani leMpi oyigwaza uyikhuphule uNonjonjo!waphendula oweLanga wathi eyakho
mpahlakanyoko!kuthiwa lafa ukuhleka iLembe lathi zilima lezi ungithuka
ngempahla kadadewabo!
Babe sebehlela ukuqhamuka ngokhalo lukaMpofu nokungaphesheya koMhlathuze,babe
sebemema abakwaQwabe.abanye ke bathi yalwa,kepha oMkhulu bathi yenqaba iNkosi
uMakhedama ukulwa yathi kayixabane namaKhosi amaningi kepha nomzala wayo
noBaboMncane wayo.yathi mabadedelwe yena neLembe babhekane ze alikhombise
usazokwenza ayekwenza kulona bekhula.wathi kanankinga namanye amaKhosi nxashana
efuna impi naye abeze ngamunye bangamhlanganyeli.
Ubesebalekela eNqabeni yaseLangeni nokungakho yaduma ngokuthi yiNqaba
kaMakhedama ngoba uyena kumaKhosi AseLangeni owabaleka wayocasha kuyona.
Kube sekubekwa uMntanenkosi uNxazonke kaMbhengi ukuba abuse njengoba kwase
kucaca iNdlunkulu neQadi loMnewabo uMgabhi labe selifile. Ubesebongwa kwathiwa
uIsibhabhula mhlwehlwe iNkosana yokuzihlabanela amanye amaKhosana ebekwa
ngobumnandi bawonina!uNongelekeqane omnyama wakithi EkuButhweni owafika
kugelekeqekwa naye wagelekeqeka engani kwakunjalo eMandulo uMhlongo egelekeqeka
uMjumbu kaNqeshe! Kwabe kugxishile ke kwingxenye yeNkosi uNxazonke neLembe
iziqhwaga zaseLangeni kubalwa Yona iNkosi uNxazonke,noMshana wayo, oMbikwane
kaMgabhi kaMbhengi owabekwa ukugada izwe laseMvoti, oGaqa kaMengameli
kaMbhengi,oZikhungweni kaMbhengi,oNgunuza kaNciyane kaMhlongo,uBani lonke
luholwa uDaleni kaMhlongo,abakwaMagwaza beholwa uMazwana kaYengwayo kaMabhulu
kaSbhidane(Mavundla),nendodana yakhe uManqondo.
Nayo iNkosi uMakhedama yabe igqishile ngeziQhwaga zaseLangeni kubalwa Yona
uqobo iNkosi,uMandlesilo kaLubhangu Olukhulu kaMhlongo,Ngiyashumayela
wakwaVilakazi owayehola ibutho leziMpungushe leNkosi uMakhedama.iNkosi
uMakhedama ihola elayo laseSiweni,noMandlesilo ehola elakwabo lendlu kaNcumela
iNkosana yeNkosi uMhlongo owayenephakelo lezwe ayelibusa…
INkosi uMakhedama iphumile eNqabeni yabuyela kwaNxumalo iyokhonza
khona,yaphinde yasuka khona Yaya kwaMthethwa yabe seyibuyela eLangeni futhi
eMhlathuze.kuzokhumbuleka iNkosi uNxazonke kaMbhengi namaButho ayo basukile
eMhlathuze bayokwakha iSigodlo sakwaNtsholo ngakwaDukuza eStanger emva
kwesigameko sakwaBulawayo lapho bazama abakubo ukusoconga iLembe
abangaphumelela.ngokusho kwabadala uMkhonto owaqhamuka esixukwini sekuhwalala
waligwaza ethangeni iLembe.
Yingakho mhla zingu24 September kubulawa iLembe labulawa Kanye nabaseLangeni
okubalwa kubona iNkosi uNxazonke uqobo,neLembe,naboMengameli,Ndina kaMbhengi
nabanye.kwasinda lapho uZikhungweni kaMbhengi owalibhekisa eMhlathuze
eZigayigayi emzini kaNdina owawususele noMseleni kaNdina kaMbhengi.kwasinda
uNgunuza kaNciyane owagibela phezu kwelawu leLembe maqede walibonga,uthe eqeda
ukulibonga wehla wavula isikhala washaya wachitha ebheke eMaMpondweni eNkosi
uFaku.kwasinda uMbikwana kaMgabhi kaMbhengi owayelimele kabi,uGaqa kaMengameli
naye owalimala kabi.ngeshwa uMbikwana kaMgabhi bambamba wabulawa Kanye noVoboza
kaMgabhi noMkheco kaNxazonke kaMbhengi.
INkosi uNxazonke ke yabe isitshalwa eDlinzeni linye noMshana wayo iLembe.
Kube sekuhlaselwa eLangeni eMhlathuze kuhlaselwa uMseleni kaNdina eZigayigayi
nokuyilapho wafela khona,kwasinda futhi uZikhungweni kaMbhengi nowenza
okufanayo nakwaDukuza njengoNciyana wavula iskhala kulokhu wabalekela ekhaya
konina eMaqungebeni!nokuyilapho iSilo uDingane sahlangana nabo,waboshwa elele
uZikhungweni kaMbhengi base bemthola kanjalo bambulala…
Ekudungekeni ke koMuzi wakwaNtsholo weNkosi uNxazonke nokaMseleni
kaNdina(uMnawe weNkosi uNxazonke),uMaSibiya uNdlunkulu weNkosi uNxazonke
wabalekela eSwatini.nokuyilapho uMntanenkosi uMatshana kaNxazonke wakhulela
khona waze wamdala impela.kusuka ke kubusa iNkosi uMpande wabe esefuneka
uMntanenkosi ze kuvuswe ubuKhosi baseLangeni.uMntanenkosi uMatshana kaNxazonke
kaMbhengi kaMhlongo ugasele kwaZulu kusanda kubekwa iSilo uCetshwayo kaMpande
eyofuna ubuKhosi baseLangeni.kuthiwa wafika kubuswa eNdlunkulu enye yeziNduna
yamnika inyama ukuba osele iSilo.kuthwa wadinwa wafa wayosa qede wayidla
yonke!kuthe iNduna(engingayazi igama)imbuza iphi inyama yeSilo wavele
wayidabuka uqoqoqo ngezinzipho!iviyo elalilapho lethuka wavele wathatha
izihlangu zakhe waba ngothango lwesibaya!bathi uMzala wakhe uNgazi wakwaSibiya
wathi ufuna ukubaleka wathi uma eke wazama uzoqala ngaye…wabesebongwa
kwathiwa uNzipho zinde zingumjingolo zinjengozoKhozi!uMjingolo losinda
iviyo!umhlakazanhlansi zingamshisi zishise uNgazi ezalwa khona ekhaya konina
kwaSibiya!ugwinja bethokoze oKhonela noNdinisa emaThulini bathi Ji usephansi
owami kanti inyanga ikhona iyathwasa ezihlabathini kuMpofu!..
Izithakazelo zakwaMhlongo
-Mhlongo
-Makhedama
-Wena weLanga
-Soyengwase
-Nina baka Bhebhe ka Nqeshe
-Lugoloza
-Dlomo weLanga
-Nina bakaMthendeka
-Nina bakaSoqubele onjengegundane
-Nina baseSiweni
-ESiweni kwaMpuku yakwaMselemusi
-KwaNogwence weBaya
-Dlomo
-Dlomo weNdl’wende
-Sihlangu samavaka seswele ababhemu
-Wena owalala nomunwe endunu
-Wavuka wawuncinda wawukhomb’ilanga
-Makhulemini abafokazana bekhul’ebusuku
-Zingwazi zempi yakwaNdunu
-Bhebhe
-Wen’owabhebhel’umuntu etsheni
-Njomane ka Mgabhi
-Njoman’eyaduk’iminyakanyaka
-Yatholakal’onyakeni wesine
-Yabuye yatholakala ngowesikhombisa
-Nina baseLangeni
-Mhlongo
-Dlomo weLanga
-Awuqedwa Njomane.
+Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV 📺
Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo