Sithole

AbakwaSithole!!!

……………………………………………………………………………………

Ukwakheka kwesibongo sakwaSithole!!
………………………………………………….


Isibongo sakwaSithole sasingekho ekuqaleni. Lapha kwaSithole endaweni yaseQhudeni entatshaneni iMbilana kade kubonaka ibhungu elide liphuma emgedeni osabekayo okulentatshana iMbilana. Izibongo ezazigqamile kulendawo ngalesosikhathi esakwaMbeje nesakwaMbatha. Abantu bakulendawo baphetha ngokumbamba bamkhipha emgedeni bamganisela ngentombi bagcine bakhe umuzi wabo. Abantu bakulendawo bamupha igama bathi nguSithole ngoba etholwe ngokuthonywa ngesithubi sesithole senkomo. Ngenxa yokuthi wayengenasibongo, base bemetha ngesibongo sakwaSithole ngoba kunabantu abase bekhosele ngaphansi kwakhe ukuze bavikeleke ezimpini nasendlaleni. Kwase kuthiwa babonga uSithole nokuba bayaphila nobuholi bakhe uSithole obabonakala bukhaliphile base bemgcoba bemenza inkosi. Kusukela ngalelolanga bakheka ubukhosi bakwaSithole.

USithole wazala uMazizikazi

UMazizikazi wazala uMthembu.

UMthembu wazala uGabela.

UGabela wazala uNgqikazi.

UNgqikazi wazala uMnyanda

UMnyandu wazala Nzece

UNzece wazala uMaphaitha.

UMaphitha wazala amawewele…oJobe noMmpongo.(Kunkosikazi oyikhohlo) ..wazala nenkosana uMbulungeni(‘kundlunkulu)

UJobe wazala uMondise(eQhudeni)

UMondise wazala uMatshana.

UMatshana wazala uManzekhofi

UManzekhofi wazala uZwelibanzi

UZwelibanzi wazala uKhumbulani(obusayo manje)

…………………………………………………

UMaphitha kaNzece!

UMaphitha uzalwa nguNzece. Wabamba elikhulu iqhaza ukuthuthukisa ubukhosi bakwaSithole ezweni lonke. UMaphitha wazala indodana uMbulungeni kunkosikazi wakhe ongundlunkulu. Waphinda wazala amawele uJobe noMmpongo kunkosikazi oyikhohlo. UMbulungeni uzalwa nguMaphitha njengenkosana ngoba emthola kundlunkulu. Kwaqubuka ukungezwani phakathi kukaMbulungeni namawele uJobe noMmpongo . Lengxabano yalamadodana amathathu yabangela ukuthi uMbulungeni aqome ukuthatha imithwalo yakhe nomuzi wakhe aphume ajokole ashiye eQhudeni awele umfula uThukela ayozinza eHlimbithwa ngaseGreytown, eMgungundlovana lapho akha khona obunye ubukhosi bakwaSithole. Ngosiko lwesiZulu kwalindeleka ukuthi elinye iwele likaMaphitha ligingiswe igade noma lendiswe ukuze kuvikeleke abazali bangasheshe bafe, kodwa uMaphitha wenqaba ukuthi kukhona omunye wamadodana akhe angamawele ozobulawa. Esikhundleni salokho uMaphitha wathi awakhe amadodana amabili uzowenza amakhosi. UJobe wamjuba ukuba abuse eQhudeni esaphila kwathi uMmpongo wamjuba ukuba ayobusa eMsinga-eMumbe ngasePomeroy ngoba kwase kunabantu abaningi bakwaSithole abasebakhe kulendawo. Kwakuqala emlandweni ukuba amawele abuse womabili. Yilapho kwaqla khona isisho esithi amawele ngamakhosi(amagama afanayo). Elinye igama likaMaphitha nguNtshiba. UMmpongo akaphilanga isikhathi eside ngoba wayentekenteke ,bathi kwakufanele kugoduswe yena. UJobe wabe esejutshwa -ke ukubusa eMumbe naseQhudeni kanyekanye. Idlinza likaMaphitha liseQhudeni ehlashaneni elisentatshaneni ebizwa ngokuthi uQwababana eduze nentaba iQhudeni.

UMbulungeni kaMaphitha wazala uMbila.

UMbila wazala uZungu

UZungu wazala uMaqhinga

UMaqhinga wazala uMbhobho

UMbhobho wazala uZakhele(obusayo manje eHlimbithwa ngase Greytown)
…………………………………………………

UJobe kaMaphitha!!

UJobe ngenye indodana kaMaphitha oliwele noMmpongo. UJobe wayemude ephakathi nendawo enentshebe enkulu eyagcina isimhlophe esemdala. Wayehlala esdlubhe iscoco ekhanda. UJobe wazala uMondise inkosana. UJobe ubuse eQhudeni ngesikhathi sikaShaka. UJobe wayakhe umuzi wakhe edude nentatshana iMbilana awubiza ngokuthj uLundi(oNdini). UJobe wayefuyile kakhulu kulinywa ingabonwa indlala. Ingcwaba noma ngithi idlinza likaJobe liseNkankwini esigodini sakwaZenzele ngaseNyonyana phansi kwesizwe saMaqamu(Majozi). Amampunge nje ukuthi ithuna likaJobe kaMaphitha alaziwa. Ithuna likaMondise ozalwa nguJobe lisesigodini saseNhlanhleni ngaseMumbe esikhaleni sikaMgulugulu phansi kwaso isizwe saManqamu. UJobe wangcwathswa phakathi esibayeni sezinkomo. Ithuna lakhe lagandayiswa ngezinkomo izinsuku ezithantu alabe lisabonakala laba yisicaba ngokomlayezo wakhe uJobe wokuthji ufuna ukungcwatshwa nayizo izinkomo zakhe labiyelwa kwathi isibaya sezinkomo sasethuthelwa engxenye.
…………………………………………………..

UMatshana kaMondise !!

UMatshana uzalwa nguMondise njengeNkosana . UMatshana ubuse ngesikhathi esinzima sokunzinza kwabelungu ikakhulu amaNgisi ayeseshayela abantu namakhosi imithetho yawo. UMatshana ubuse ngesikhathi senkosi uCetshwayo kwaZulu. Ibutho likaMatshana kwakuyiMboza. UMatshana wayalela ukuba kujojwe kubulawe uSikasithiya wakwaKhuzwayo ngoba enukwa ngokuthi uyathakatha abulala induna kaMatshana uShezi. UMatshana ngokuthanda ukwazi wathi kulethwe owesifazane okhulelwe aqhaqhwe ephila isisu ukuze abone ukuthi umbungu ulala noma uhlala kanjani esiswini. UMatshana wayeganwe amakhosikazi alikhulu(100). Enye yamakhosikazi akhe kwakuyindodakazi yenkosi uMpande udadewabo kaCetshwayo. Intombi yakwaZulu lena eyayigane uMatshana yayondlekile impela ingasuki phansi. Ifika lapha kwaSithole nje iphezelwa izintombi ezaziyinceku ezaziyisebenzela ziyiphakela ziyigeza. Lomlobokazi wakhe eligagu ehlabelela kahle. Uma ezocula kwakuhlathwa izinkomo ukuze acule edla inyama. Ngelinye ilanga uNdlunkulu uMaZulu kuthe uMatshana engekho ekhaya wasala wahlaba inkomo kwenziwa utshwala kwenziwa idili kwadanswa . Intombi yakwaZulu lena yase ithuma izincekukazi ukuba zihambisele inkosi uMatshana umyeni wayo inyama notshwala. Lesisenzo samcasula kakhulu uMatshana wafika ekhaya wambhunyela ngotshwala umakoti wakhe wamxosha ukuba aye kubo ONdini eMahlabathini. UMatshana ucasulwa ukuthi engumfazi uwuthathaphi umthetho wokuzihlabela inkomo? Wabika esizweni uMatshana ukuthi usexabene neNdlovukazi yasoNdini. Inkosi uCetshwayo yabiza uMatshana ukuba eze oNdini kuzothethwa icala lendlovukazi. Lathethwa -ke icala. Kodwa ingakabuyi indlovukazi eQhudeni yashonela oNdini ngenxa yokugula.Okusabekayo ukuthi indlela ende ukusuka eQhudeni eya Ondini ngezinyawo umuntu ekhuluphele ehamba izinsuku eziningi kungenye yembangela yokugula nokushona.UMatshana wahambisa izinkomo ekhweni ukuze umkakhe angcwatshwe ngesizotha esifanele. Kwase kuthiwa uMatshana akakhethe enye intombi khona kwezakwaZulu Ondini ezomgana ivale isikhundla salona okhotheme.Wakhomba enye ephilayo kanti ukhetha lena ephilayo nje ibivele iliwele nenye engaphilile. Kwase kuthiwa ngoba zingamawele akazithathe zonke egulayo nephilayo . Ngo 1909 wayesaphila uMatshana.Ingcwaba lenkosi uMatshana liseQhudeni eduze nomgwaqo odlula phambi noma eduze nomuzi wenkosi ebusayo phansi kwentatshana iNdlovini ;




Imizi yenkosi u-Matshana :

1.ENhlakanhlakeni

2.KwaNdluyokuhlupheka

3.OYengweni

4.KwaMabiza

5.ESgedleni

6.KwaChuphukumuka

7.KwaGodlabathakathi

8.KwaKhishwekhaya

9KwaPhumekhathele

10.KwaSongeluyise-yilapha okukhona iNdlunkulu yobukhosi kanti futhi iNdlunkulu yakhona uMntwana waseNdlunkulu yakwaZulu ,uMntwana uKluluza kaZiwedu kaMpande kaSenzangakhona kaJama kaNdaba

Amadodana enkosi u-Matshana

-Salanjalo
-Mzungezi [ibutho uDakwa]
-Bangizwe [ibutho iNyonebomvu]
-Gwija
-Hlakanyane
-Hhayi
-Bhomane
-Phundla
-Mbutshulu
-Mhlazane [ibutho uFelaphakathi]
-Dabulingwe[ibutho uVukayibambe]
-Sikete
-Mboni
-Mankanya
-Sgila
-SgqibeSkoshi
-Madlimali
-Hubede
-Kudla[ibutho uFalaza]
-Mnoyi
-Calakalipheli
-Manzekhofi
-MgolozeliPhineas
……………………………………………………………………………………………………………………………………….

Bukhona obunye ubukhosi bakwaSithole laphaya eDundee.. Nabo lobukhosi busukela eQhudeni.. Obusayo manje nguBhekukwenza kaBafo kaAbedinego kaZiga nezigazakhe kaNkanyezi kaSotekini kaMnyembe kaMmpongo..

Obunye ubukhosi bakwaSithole bulaphaya eMkhuzane, eNdaleni ngaseRichmond..

Nabo lonukhosi beyeme kobaseQhudeni .. Obusayo manje uPhathizwe kaDingiswayo kaMadoda kaSidala ka Sibindi kaMyezane kaNtongana kaMbulungeni kaMaphitha..

Kukhona abantu bakwaSithole abasoLundi, bakaChakijana kaGezindaka. Abanye abakaBhoza noMthiyane(hhayi isibongo) batholaka eVryheid, sisawuzama umlando wabo.

……………………………………………………………………………………………………

Kukhona nobaseHlumayo, ObaseHlumayo nabo buxhume kobaseQhudeni. Obusayo manje uLwazi kaNsikayezwe kaOwen(Sigidi saBathembu) kaBhande kaSibankwa kaMgabho kaSiwula kaJobeMaphitha

………………………………………………………………



IZITHAKAZELO ZAKWASITHOLE JIKELELE::

Jobe!Mondise!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Ungaze ube nomgandeni
Matshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshis’abalondolozi
Maphitha!Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi kaGabela
Zitsha zimnyama
Zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana
Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqoloOwadl’omuny’umqolo
Nina bakaDidiz’umkhaba
Mkhomb’owadl’eminy’imikhombe
Lwandl’oluhamb’ezintabeni
Nina baseQhudeni
Jozana olubomvan’elindakandakana
Qomond’olumantinyane
Olubuk’umuntu lumethembise
Sengathi luzomakhel’umuzi
Kanti phinde!
Nina bethole intshwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakwaMkhawuzi
Owakhawuz’amadod’akhawuleka
Nkomankoman’ekhawuz’abalondolozi
Nina bakwaNyawo zimthende zimthendelezi
Ngweny’edlel’ohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezinda kaSuka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
Ngokuhamb’uy’eSwazini
Luhuluhulu!
Nyokeni!
Nina baseLenge!
Nin’enabulal’abathakathi njengoShaka
Nadlula nawel’uThukela
Nina bakwaMgcwayiza oyinsimbi
Ongahlulwa yint’engakhulumi.

>>>>

Lezi izithakazelo ezakwaSithole ngokusho kwabakwaSithole eQhudeni::

Sithole! Maphitha!
Jobe!Mthembu waseGubazi !
Wena kaNgqikazi kaMnyanda kaGabela
Ozitsha zimnyama zingamankankaza !
Bayosala bedla beyidonsisana
Inyama kaMaqoqo benoJokozela abangaseyikufa
Ababhek’umuntu bamebe engathi bayamesaba
Kanti kukhulu bazomenza khona.
Wena kamshwila nsimbi ayisonge
Ayibek’ekhanda yikhon’amagwal’ezombalekela
Wen’owathetha ngenkom’abanye bethetha ngezinyembezi
Wena kaGwabab’elimnyama elahud’amasi kwaNomaqaqaKwahubuluz’ingane zabafokazana.
Wena wamakhos’akwaJobe aminw’ivundile
Alime amabel’avumbuka adl’izangcobe aphuz’utshwala
Kwafika’abafokazana bakhala bathi
Makhos’akwaJobe siphen’imilimela
Sidle sisuthe njenganiKant’imikhono yab’izongenwa ubuvila
Balim’insangu.

>>>>>>

Ukuhlangana kukaJobe kaMaphitha wakwaSithole nenkosi uShaka:::

Ngobuqhawe bakhe uShaka wazinqoba izizwe, wazifaka ngaphansi kwakhe, ezinye zabaleka zajokola zayokwakha kude. Lonke izwe walithatha ngokuthi ngelakhe yize ayengakazihlaseli zonke izizwe njengesakwa Sithole esasibuswa sona nguJobe indodana kaMaphitha.Wezwa kuthiwa kukhona amazimu akwaNtuli (Mbhele) eLenge ayedla abantu.Wathukuthela wahamba nebutho lakhe elinamandla ukuyogwaza lawo mazimu ayedla abantu bakhe ngoba wayesethi konke nje okukhona ezweni ngokwakhe,njengoba wayethi uma ebona amanqe ezula phezulu athi zilambile izinyoni zakhe.Wahamba indlela ende eya eLenge nebutho lakhe engazihlinzekile ngomphako wendlela ethembe ukuthi ziningi izinyamazane bayozibulala badle ngendlela kanti akabuzanga elangeni azibaleki zithi galo yephuka. Wafika nebutho lakhe eQhudeni esekhathele eselambile futhi. Wabona itshe elihle eliphezulu eliphakeme wahlala kulo waphumula. Wasala nedlanzana wathi ibutho aliqhubeke yena usaphumula kanti akazi ukuthi uphumula nje uhlezi phezu kwetshe likaJobe.

Inkosi uShaka wahlabeka umxhwele yiziphuku (izikhumba) zokulala ezazishukiwe zifudumala kanti kwaZulu kwakulalwa ngezinkohlonkohlo nje. Wathathwa ngamabheshu asikwe ngobunono ashukiwe kanti kwaZulu kwakubhincwa izinkothotho nje ezingashukiwe. Inkosi uShaka wathathwa yizinkamba ezibunjwe kahle zadiywa, zagudlwa ngobunono nobuciko kanti kwaZulu babephuzela ezingqengeleleni nje. Inkosi yaphinda yathwathwa amacansi ayelukwe kahle ngencema ngobukhulu ubunono lobu kanti kwaZulu babehlala ezihlandleni nje.Wathathwa futhi izidwaba ezinhle ezishukiwe zanemisendo zizinde ngokuhlonipheka kanti kwaZulu zazifika ngenhla kwamadolo zimahhahlahhahla zingathungiwe kahle ziyizigqebhezana.Amakhosikazi ayegcaya abhambe nezisu ngezibhamba nangezifociya kanti lekwaZulu babelengisa izisu kubukeke kabi uma inkosikazi ikhulelwe. Wathathwa nayizicholo emakhanda abesifazane kukhona umehluko phakathi kwekhanda lendoda nelowesifazane.Wathathwa futhi yimvunulo yamadoda ayehlobe ngamahawu amahle agatsheliwe,namawisa nemikhonto eyakhiwe kahle yalolongwa. Wabona namageja okulima izampothwe nemihebhe (imimese) yokuhlinza). Wabona amatshe okugaya aqandulwe kahle, nezithebe zokugayela, nezimbenge zokumboza izinkambazotshwala nokuphatha umcaba wamasi. Wabona nezimpopho (izampotshi) zokufakaizinkezo. Waphinda wabona izingqoko zokuphatha nokuqobela inyama kanyenezigqiki zokuhlala abamnumzane nezicamelo zokucamelisa ikhanda wathumela abakwaZulu bazofunda bonke lobu buciko kubantu bakaJobe.

ILembe lagcina lithume yena uJobe ukuba ayohlasela amazimu akwaNtuli . Nempela wawahlasela uJobe wawanqoba..ILembe laze lamklomelisa ngalo lelozwe eliwudedangendlale lapha kuneNkosi uMajozi noMabaso yilo elakwaSithole njengoba namadlinza[ elikaJobe noMondise ]ekwaMajozi nje abalinikwa abelungu lidliwa kuSithole.

Empeleni maningi aMakhosi anikwa izwe likaJobe benikwa abelumbi ,ngingabala uShabalala, uMchunu, uMbhense, uZwane iningi lawo aseMnabithi nawo ayakwazi lokho

>>>AbakwaSithole naBathembu::

IZibongo zakwaSithole ezithi ”Mthembu waseGubazi” zisuselwa emfuleni iGubazi– zakheka ngoba uMthembu wakwaSithole wayakhe phezu komfula iGubazi. Lona umfula onamanzi acwebile odabula izwe lakwaSithole uze ungenele emfuleni u-Mzinyathi..**AbakwaSithole abahlobene nabantu baseBathenjini. UMthembu wakwaSithole uzalwa uMazizikazi kaSithole[inzalabantu], UMthembu yena wazala uGabela owazala uNgqikazi owazala uMnyandu[hhayi owesibongo] owazala uNzece owazala uMaphitha . UMaphitha yena wazala amawele oJobe noMmpongo..

**Kunokuxakeka kubantu abaningi ukuthi uSithole nesithakazelo esithi Mthiyane kuhlanganaphi kuhlukanephi. Kuliqiniso ukuthi isithakazelo esithi Mthiyane kungaba esakwaDlodlo noma esakwaZondo. UMthiyane wakwaSithole akahlangani nalezi zibongo ezimbili. UMthiyane wakwaSithole uvele ngokuba omunye wamaqhawe akwaSithole wayekwazi ukulwa bamthophe. Ekulweni kwakhe kwakuthi noma izinsizwa zimhlanganyela zimshaya akwazi ukulivikela ikhanda lakhe bangalishayi . Ngaleyo ndlela wayekwazi ukuthiya alivikele ikhanda lakhe.

Kuhambe kwaze kwafika lapho bemakhela izibongo nesigiyo esithi ‘thiyane’ thiyane’ Izinsizwa zagcina zimbiza ngoMthiyane ngoba ethiya avikele ikhanda lakhe. Kusukela lapho-ke isizukulwane sikaMthiyane Sithole base bethakazela ngokuthi Sithole Mthiyane.Abaningi abawkaSthole ababonga bathi Sithole Mthiyane ngokulandela ukhokho wabo imvamisa yalantu bakwaSithole bagxile endaweni yaseDundee, Utrecht naseVryheid kuze kushaye e-Ngotshe .Ngakho isizukulwane sakwaSithole asihlangene nabakwaDlodlo kumbe abakwaZondo. Bayaganana bathathane uma bethandana ngaphandle kukubulawa kwegula .





UChakijana kaGezindaka iqhawe lakwaSithole :

UChakijana Sukabekhuluma kaGezindaka kaNomaqonqotho kaJobe kaMaphitha udabuka e-Qhudeni .Leli qhawe lakwaSithole labamba elikhulu iqhaza empini yenkosi uBhambatha ngonyaka ka1906.UChakijana kaGezindaka wayeyindoda eqinile , enemava , ehlakaniphile futhi enguphunyuka bemphethe.
Ubuqhawe bakhe bokuqala sibubona ebambe iqhaza empini yamaNgisi namaBhunu lapho wayeyinhloli khona yezinhlangothi zombili . Wayenobuchule ekugibeleni ihhashi futhi ekwazi nokusebenzisa isibhamu. Wayeke wasebenza e-Goli.
Ubuqhawe bakhe buye badlondlobala ngenkathi eseka inkosi uBhambatha kaMancinza wakwaZondi elwa namaNgisi empini yamakhanda . Wabamba elikhulu iqhaza kuleyo mpi. Inkosi uBhambatha yamthanda kakhulu ngenxa yekhono lokulwa ngomkhonto nangesibhamu futhi engusomaqhinga ezintweni. UChakijana wenza isu lokweba izibhamu neziphuzo zesilungu ehhotela okwakuhlala kulo amaNgisi . Isilungu lesi wayesiveteza okaSithole esikhipha ngamakhala ngoba phela wayenenqwaba yabangane abamhlophe , kanti nezikole zaseziqalile ukuba khona kwelikaMthaniya . Wayekwazi futhi uChakijana ukufundisa impi kaBhambatha ukuhlasela ngokulalela unyendle.UChakijana wayelokhu eyixhase njalo inkosi uBhambatha kuzo izimpi ezazisabalele nalo lonke izwe elaseNatali ngabo 1906 .Lempi yemali yamakhanda yayinesihluku esibi kumuntu omnyama .
Amabhunu namaNgisi ngokuhlukana amzonda njalo uChakijana wakwaSithole . Wake wazama ukuyocasha eMozambikwe wajika endleleni ngenxa yezifo ezazisabalele kuleyondawo . Wagcina esezinze eNhlazatshe lapho waphinda lokho adume ngakho ukuphunyuka bemphethe. Wayenede ezwe nje ukuthi naba abelungu bayamfuna , abonakale egqokisa okumuntu wesifazane athwale isicholo abhince nesidwaba abelethe ingane emhlane . Badibane naye bakhulume naye abelungu kodwa bangamboni. banele basithele alahle phansi ingane ebisemhlane abadubule abelungu bese ebaleka ayocasha emigedeni entabeni iNhlazatshe, kodwa wagcina ebanjiwe uChakijana kaGezindaka ngoba phela alikho elazikhotha emhlane, icala lakhe lathethwa laphelela eNewcastle lapho agwetshwa khona.

Izibongo zikaChakijana kaGezindaka :


UThwalis’abantu icala
Unongen’endlini emnyamani
Umqhathi wempi azilwele
Umandla angangawabadal’abantu
Abaphethwe amakhosi amadala
Imbedl’ebhedl’imizi yamadoda yabola
Ngoba ibhedl’uSishili ezalwa nguMqandi

Umabizw’asabele njengengane
Usigilamkhuba esivumayo
Zonke izigilamkhuba ziyiphik’imikhuba yazo
Umgwaz’ogwabhelayo
Ogwaz’ethetha njengenina
Ohlehla nyova njengomthakathi

Intshelelezan’eshelelez’amasosha
KwaBhobo entabeni ,
Imvungavumvung’edin’amajaji
Umgqum’undawonye kanye noNongqayi

Udondolozela ngezinq’odakeni
Usehla ngekhanda laph’oMangathi behla khona ngezinyawo
Umgwaz’ophindelelay’owethuk’izanya
Onjengevaka ,ovungamayo njengophiyana
Uqili phambana nothi ,
Unxeba alibonwa ngabalandakazi

Umkhumbi gudluka nomoya moya
UChakijana ohlal’ezunguzungwini zamadoda
Usiqophe singameva kaMahlamb’ahlale
Maye ! Maye! Ngiyakufa
Umhamba bempheth’amaqana njengesibhuda
Unokhonjwa ngeminweyinwe nemide nemifishane
Umvungamvung’evunguzelwa uMpumela kaNdlela
Nanamuhla uyayivungaza ..

Ibinda !

#Source Bongani Phoyisa Sithole::

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo