Hlabisa

AbakwaHLABISA…

Abantu bakwaHlabisa bazalwa kwaNgcobo endlini okuthiwa ngeyaseMalangeni. Njengoba abantu bakwaNgcobo bengaMaNguni abizwa ngokuthi ngaMaLala, nabo abakwaHlabisa bangaMaLala. Lo muzi waseMalangeni ngomunye wemizi yakwaNgcobo ,owawungokaMaguya. Lo muzi wawakhe esithangameni phezu komdfula uThukela. Ngenxa yokuthi ilanga laliphumela kuwo lo muzi wabizwa ngokuthi kuseMalangeni. Inkosana yalo muzi kwakunguBhebhe(hhayi owakwaMhlongo). Kule ndlu yaseMalangeni kwakukhona endlini encane umnumzane owayebizwa ngokuthi nguNgono. Le ndoda yayinendodana yayo ebizwa ngokuthi nguNqina, okwathi sekushone uyise uNgono,yona kayezwana nenkosana uBhebhe. UNqina wasuka nabantu bakhe bashiya eSilambo ngasesiWeni samanqe. Bazula njalo baze bafika ezintabeni zaMabedlana ngaphesheya kweMfolozi eMhlophe. Bathi wafike wahlala ehlathini nabantu bakhe kanye nemfuyo. Ngokwesaba abantu bendawo ngoba bengakhonzile enkosini yendawo, abayosanga inyama ngengokwejwayelekile besaba usi, benza isidlwadlwa esikhundleni salokho. Isidlwadlwa yilapho kuththwa khona usu lwesilwane luphendulelwe bese kuqotshwa inyama ifakwe phakathi kanye negazi bese ibekwa phezu komlilo. Lolu su lulengiswa ngezinti ezintathu ukuze usu lolu lungashi kodwa lufuseke ukuze inyama ephakathi ivuthwe kahle. Abantu baze bababona. Base bebuza ukuthi bangobani. Ngokwesaba ukuthi babalekile ekhaya kabaphumanga nazwi, kodwa bavele babaphakela inyama nje. Laba ababezobuza lokhu kababange besaqhubeka nemibuzo, kodwa bamangazwa ukuthi hlobo luni lokupheka inyama lolu. UNqina wabamema ukuba babuye futhi azobahlabisa. Kuthiwa wabamema kwaze kwakaningi impela. Ngakho-ke base baziwa ngokuthi ngabakwaHlabisa.

UNqina kaNgono uzale uMdinwa(Mgabhi) yena uzale uNgotsha, yena owazala uMphoswa noMbopha(Wolizibi)kanye nendodakazi. USongiya owagana uSenzangakhona waba ngunina weNkosi uMpande. USithayi(uWolizibi) uzale uMbopha , wazalelwa  emzini kayise uNgotsha eKwaNgebeza. UMbopha yena uzale uBalasonto noSomfula(KwaGodloza). USomfula uzale uLokothwayo noMhonto. ULokothwayo uzale uSithozi kanyeMthekelezi, uMthekelezi uzale uKhelizinyawo, yena owazala uNqabisangoma.

UBalasonto yena wazala uMnyombo, yena wazala uSentu, yena ozale uMpisendlini.

……………………………………………….

Ukwelamana kwabakwaHlabisa!

UVumezitha wazala uNgcobo noMkhashane.

UNgcobo wazala uDingile.

UDingile wazala uNyuswa noZonga.

UZonga wazala uMaguya**

UMaguya wazala uBhebhe noNgono

UNgono wazala uNqina**

UNqina wazala uMdinwa owazala uNgotsha.

UNgotsha wazala uMphoswa , uSithayi(uWolizibi)** ,uSongiya (indodakazi)

uSithayi wazala uMbopha**, yena wazala uSomfula, , ,uBalasonto nabanye

USomfula wazala uLokothwayo, uMhonto,uNomandla, uCijimpi nabanye.

ULokothwayo yena wazala uSithozi noMthekezeli.

UMthekezeli wazala uKhelizinyawo owazala uNqabisangoma.

UBalasonto wazala uMnyongo nabanye

UMnyongo yena wazala uSentu owazala uMpisendlini.

…………………………………………

Izithakazelo zakwaHlabisa!

Ngotsha
Mdinwa, Songiya,
Somfula,
Wena owalala nomunwe endunu,
Wavuk’ ekuseni wawuncinda wakhomba ilanga
Mbopha kaSithayi
Bulawayo.
Sobakhethile
Somfula kaMbopha
Nyuswa.

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo