Izithakazelo zakwaMzila
Mzila
Mawewe
Nyambane
Zilinkomo
Khuzwayo
Wena kaMpongo
Wena kaDadasi
Wena kaLinqe
Wena kaGwijo
Wena kaVavo’khulu
Osinge uNtimbili lwavungama!
Nina bakwaSihole macala kobebe
Khamba olukhulu lwaseNtanjeni
Nina bakaNothobela
Wowoza kaMboco
Nina enagqiza ngeShongololo
Abanye begqiza ngobuhlalu
Msila wesilo ugoqolo
Awuqedwa Mzila.
Khumu!
