Izithakazelo zakwaMbeje

Izithakazelo zakwaMbeje

Izithakazelo zakwaMbeje

 

Mbeje,Ndabezitha,
Shandu kaNdaba,
Sontshikazi wemilingo,
Gumbi lamagwala,
UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala,
Nasothini lomkhonto uyenela,
Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla,
Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni,
Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo!
Ndaba,Wena waseNhlazatshe.
Nkentenkente,
Olwakhela izintaba zase Nhlazatshe,
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile,
Bathi ingabe lolu nkentenkente lwenzani,
Ndaba koMkhulu,Ndabezitha!

Awuqedwa Ndabezitha! 

Abantu bakwaMbeje kusengabantu baseMbatheni. Ngokusho kukaSomlando u Maswidi KaKhakhayi Mbatha uthi uMbeje lona okwaqanjwa ngaye isibongo wayenguMnewabo woShandu noDladla ,bobathathu bengamadodana enkosi uNdaba. Kuthiwa uMbeje owabe emdala kodwa waphunyulwa uBukhosana bawela kuShandu ngesizathu sokuthi uMbeje wabe eyiSokangqangi.ISokangqangi indodana ezalwe uyise engakakhehli uNgiyane.Kuthiwa leyo ndodana ngokomthetho wesiNguni ayikwazi ukuba yiNkosana.

Khumu!

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo