USotobe ka Manyelela wakwaGazu(Sibiya)
Esithombeni nguKay Sibiya,uMlingisi.Nina abakaNomakhwelo iNgonyama uhlanya olusemehlweni amadoda!Ake sibheke umlando weqhawe lakwaSibiya uSotobe ka Mpangalala.Nawo sizowukha phezulu kuhle komuntu ekha amasi ngoba mude kakhulu.Abantu bakwaSibiya nabo bawuzalo lwenkosi uMalandela ka Luzumana njengabo abakwaZulu nabakwaQwabe.USotobe wayebuthelwe kwiNtontela ebuthwa yinkosi uSenzangakhona ka Jama.Kulelo butho kwakukhona noNdlela Ntuli,Nongila Mabaso ,Hlathi Ntshangase kanye nabanye.USotobe walwa ngobuqhawe empini yaseMaMpondweni kanye nasempini kaZulu nenkosi uZwide yabakwaNdwandwe.Kuthiwa uSotobe wayenesithunzi,ehlonipheka,emkhulu ngokomzimba kwazise naye bathi wayedla imbuzi eyedwa ehlise ngezinkamba njengoManyosi Mbatha.WayeyiMbongi ebongela amakhosi akwaZulu,Ezinye izimbongi kwakungoMxhamama Sibisi,Mshongweni,Klwana Buthelezi,Magolwana Jiyane kanye nabanye.USotobe wayenekhono elalingandele bani-ikhono lokubala izinkomo.Kuthiwa wayevele awubuke umlambi weSilo uShaka ebese esho isibalo sawo.ISilo uShaka sasimukhonze kakhulu umfoka Mpangalala.USotobe waqokwa yiSilo uShaka ukuba ahole ithimba elalithunywe yiSilo uShaka enkosini yamaNgisi uMjoji wesine(IV)ukuba liyokwakha ubuhlobo lithole nolwazi nangezikhali ezazisetshenziswa ngamaNgisi ngaleso sikhathi.Lokho kwenzeka kulandela ukufika kwedlanzana lamaNgisi kwaDukuza ngo1824 okwakukhona kuwo noFG Farewell(uFebana omdala),uJS King(uMkhingi) kanye nabanye.Lawo maNgisi iSilo uShaka sawasikela indawo yokwakha lapho sekuseThekwini khona namuhla.OSotobe nethimba lakhe bagcina bengafika enkosini uMjoji wesine ngoba uMkhingi wadlala ngabo bagcina bejike ePort Elizabeth(eGqeberha).Kuthiwa bahlala izinyanga ezintathu eGqeberha uMkhingi elokhu edlala ngabo ethi balinde uMkhumbi owawuzoya nabo eNgilandi.Bagcina bephindelile kwaZulu kanti bazofica iSilo uShaka sesisocongwe ngabafowabo.USotobe wayebongwa ngokuthi “unguGxubhuza ngeshoba eMkhunjini woLwandle,unguNdaba zingaphesheya koLwandle,uNdaba zikuMjoji kubeLungu,uNdaba kaMkhingi benoFebana,oze nolembu oluluhlaza ngaseNgilandi”.Kuthiwa ngenkathi uSotobe ebuya eGqeberha waqhamuka ephethe isilwane esasingaziwa kwaZulu okuyiKati,esithole khona eKapa kubeLungu.USotobe wathi uma ebuya eGqeberha wakha umuzi wakhe waseKuntwayizeni.Wawuqamba ngokuthi kuseKuntwayizeni ngoba wangena eMkhunjini entwayiza,angazi lapho kwakuyiwa khona.USotobe wakhothama sekubusa iSilo uDingane.Yena noNqoboka Sokhulu baba ngabanye babahlobo beLembe abangazange babulawe yiSilo uDingane.Inkosana kaSotobe kwakunguNobiya owasala enkundleni mhla uMntwana uZibhebhu ehlasela oNdini ngoNtulikazi 1883.UNobiya wazala uMuntuwaphansi.
