Incazelo ngoMabelejongosi  (Eulophia speciosa)

UMabelejongosi

Incazelo ngoMabelejongosi  (Eulophia speciosa)

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdelebe.IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi.Ngethemba zisaphila zonke iziNgabade enhla nasezansi.

UMabelejongosi

Esithombeni nina beSilo uMabelejongosi.Kule nduku kuye kusetshenziswe isigaxa sayo.Ingena ezindaweni eziningana le nduku.Ingenye yezinduku ezihamba phambili kwezokuthandeka.Yinhle kakhulu ekwakheni uGazi,ithandwa ngamaSoka.Iyangena kwezokuphalaza,iyagquma ibuye igeze futhi.Insizwa esebenzisa le nduku iyashelwa nokushelwa.Yinhle nakwezokuvula iNhlanhla le nduku.Yinhle kakhulu nasezimbizeni zoMame abangakwazi ukwemukela imbewu.Iyazama nokubhula ihawu iyodwa vo.Iba namandla uma usuyiqhathe noNsukumbili,iBhuma kanye nezinye izinduku zenzalo yoMame.Ivula imithambo evalekile le nduku ivule nemizwa evalekile yenze uMame aqale alangezelele ucansi.Yinhle nakwezoMhluma le nduku.Yinhle nakwezokanqamula iFindo noma ukulindambisa inhlungu yalo.ISiphungo sale nduku sigeza iSibeletho sivuselele nemizwa senze uMame akhiphe konke okungcolile ngokushobinga.Le nduku kuye kuthotshwe ngayo umzimba obuhlungu.Yinhle le nduku kwezokufesa ngoba idala oluhle uGazi.Yinhle nakwezokukhushulwa.Muhle lomuthi ekuqedeni izinduna.

Khumu! 

Niphile nina beSilo,thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu @kholokhumalotv.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo