Incazelo ngoMzaneno(iKhubalo laMaphanta, iKhubalo le Nhlanhla)

Incazelo ngoMzaneno(iKhubalo laMaphanta, iKhubalo le Nhlanhla)

Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma, iNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela!Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade,ngethemba isaphila.Sisaphila thina eMhlahlandlela.Lo muthi eniwubona ngezansi kuthiwa uMzaneno.Ngixolise nina beSilo angikwazanga ukuthola isithombe sesihlahla esigcwele.Kodwa sona siyisihlahla esikhula nje silingane,asikhuli kakhulu.Negama le siLungu nalo angilitholanga,ngithe uma ngizama ukulicinga Online ngathola ukuthi ngaphansi kwegama uMzaneno kufakwe isithombe seNgobamakhosi ngavele ngabona ukuthi, cha kubhimbekile.Lapha esithombeni izingxabu eziqothiwe zoMzaneno engangizithenge  kuGogo uMaNtuli ngonyaka odlule,eFaradeyi.Kulo muthi uMzaneno kusebenza zona vele izingxabu.

Yini umsebenzi woMzaneno

UMzaneno uwumuthi omkhulu wenhlanhla,angiboni ukuthi ukhona umuthi ongakhava lana kwezenhlanhla.Kodwa udinga ukuba usetshenziswe kahle , udinga ukuthakwa kahle,uwuqhathe kahle nje nemithi efanele.UMzaneno ubuye wakhe nogazi, uthandeka kakhulu umuntu ophalaza ngoMzaneno. Njengoba nizwa negama lithi “uMzaneno”,okusho ukuthi uMzaneno uyabiza, uyadonsa , uthi woza nganeno. Uyakwazi ukusebenza uwodwa,nokho udinga ukunikwa amanye amandla ngokuwuqhatha nezinye izinduku zenhlanhla.Lo muthi uMzaneno uthandwa kakhulu ngabafowethu no dadewethu abagembulayo,abangamaPhanta.Bawuthwele ngeQoma , abayivali imilomo ngawo okusho khona ukuthi ubenzela kahle.Baye bawuququde uma bezoyogembula,kwazise uwumuthi omuhle kabi waMabutho athunywayo,kanti futhi uyangena naseZikhafulweni,kanye nakwiZiphephetho.Lo muthi udonsa inhlanhla uyilethe kuwe njengoba negama lisho.UMzaneno ungena kakhulu nakwiZigqabo zenhlanhla, nakwiZibunge zamaBhizinisi.Udonsa abantu ubalethe eBhizinisini lakho,ubenze bathakase.Kodwa kudingeka ube wumuntu  okwaziyo ukuthaka imithi ngoba uma uwuthake kabi wawuqhatha nemithi engafanele uyogcina udonse nobekungafanele ukudonse , ukulethe eBhizinisini.Kanti awuthakwa lo muthi,ngoba wawuthaka kakhulu  usuke usudonsa nalo lonke uvucu lwasemhlabeni ululethe eShinini lakho.AmaPhisi nawo awukhonzile lo muthi,awuququda nempande yeSibhaha uma ephuma ekhaya eyozingela,ukuze  zonke izinyamazana zize ngakuwo, zidonseke.UMzaneno ubuye ungene nasemithini yamaSoka,yokuphalaza.Uphalaza ngamaSoka uma ezoyoshela ukuze udonse izintombi,kwazise uMzaneno ubuye ube wumuthi wokuthandeka.Uqhathwa nemithi emhlophe efana noNhlanhlemhlophe,uVumakubangoma omhlophe,uMusa,uFoshela, uQhume,uBhubhubhu kanye neminye.Kanti nomuntu nje phaqa ongelona iSoka uyakwazi ukuphalaza ngoMzaneno uma efuna ukwakha inhlanhla nogazi.

Ake ngime lapho nina bakaSihlangu simagqabha sinamanxeba,uZiyayinhlohlonga inkomo ethandwa zibawu.INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu.Inkonyane encane ka Ndaba edid’imibala!UQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo!

Ngena kuYou Tube uthole olunye ulwazi ngamakhambi, igama leShaneli lithi “Kholo KhumaloTV”

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo