Incazelo ngoMathunga (Eucomus autumnalis)

 

 

UMathunga

Incazelo ngoMathunga  (Eucomus autumnalis)

Nina abeSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu , uZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wamashumi amathathu nanye kuNhlaba, siyigoqa namuhla inyanga ka Meyi , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.Cha,thina sisaphila kwaSokhumalo.

UMathunga

Nina beMbube eshoba liyisikithi lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMathunga igama lawo lesiNguni.UMathunga ubizwa ngePineaple flower ngesiNgisi . Ngicela abeSilo bengawuphambanisi noZeneke ngoba lena kwaXhosa uZeneke babuiye bawubize ngoMathunga.Lona wumuthi owenza eminingi imisebenzi le, ngiyazi iningi lethu siwazela emanxebeni,ngoba ubuye ube nguMhlabelo.UMathunga ucishe ufane  neNguduza, unesigaxa esinsundu.Lo muthi uwela emndeni yeZiklenama esingabala kuzo oNdwendwe, iNguduza,aMabelejongosi,uMababaza kanye nezinye.UMathunga wenza imisebenzi eminingi njengoba besingishilo.Kule Nduku kusebenza kakhulu iSigaxa.IMpuphu eyinsizi yeSigaxa sikaMathunga iye igcatshelwe eduze nalapho kwephuke khona ithambo lesilwane noma elomuntu, iyananyekwa nasenxebeni lesilwane noma elomuntu.ISigaxa sikaMathunga sibuye siphekwe sibe yiSiphungo esiphuzwa umuntu olimalele ngaphakathi, noma siphuziswe isilwane esilimele ikakhulukazi esilimalele ngaphakathi. Lesi Siphungu sikaMathunga sihle kakhulu nakumuntu oxakwe umzimba omubi,izinduna,amathumba njalo njalo.UMathunga uyangena nasembizeni egeqa iqolo, kwechathayo kanye nakwephuzwayo. Uvusa imizwa kuhlanganiswa neyocansi,kubo bobubili ubulili.Izinsizwa ziyawuthaka nakwezeMvusankunzi.Ziwuqhatha noMdubu, uBangalala,uQonsi,uDlutshana njalo njalo.UMathunga uyangena nakwezezifo zocansi, oDilobhu. Uthakwa nezimpande zoMthunduluka kanye nezinye iziNduku.UMathunga muhle nasekwelapheni isisu esibuhlungu.  Kanti ubuye ube yiNtelezi lo Mathunga.Uyangena kwezokuchela ikhaya uxoshe imimoya emibi.Uyangena nakwezokucupha,uyangena nakwezokuchela iziNduku zoungcweka. Ungena kweziningi iziNtelezi. AbeSimame bayawuthaka nakwiSibambelelo sabo sasezansi.UMathunga uyangena nakwezenzalo.Ake ngime lapho nina bakaMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela!UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifisa imizi emaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela!Thola ollwazi oluthe xaxa kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo