Incazelo ngoNtonganazibomvana (uNdonganazimvana \Drimia elata)

UNTONGANAZIBOMVANA:

Nina abakaMashikezela ashiye impi yakhe .Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngeMikhemezelo! #ISilo uDingane leso, iSilo sakithi eMgungundlovu . Enhla nasezansi ngethemba baphila abeZulu eliphezulu. Sisaphila thina kwaSokhumalo. Nina beMbube enamandla le Nduku eniyibonayo kuthiwa uNtonganazibomvana igama layo, noma Ndonganazibomvana . NgokoLimi loSosayensi le Nduku ibizwa nge Drimia elata. ..Kuye kusetshenizswe yonke into kule Nduku, isigaxa kanye namakhasi .Isigaxa sale Nduku siyaluma nina beSilo uma sithinta isikhumba, sifana nesikaMababaza kwazise nayo le Nduku iseMndenini weZiklenama .

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo le Nduku ingenye yezintelezi ezihamba phambili kwezokugeza isichitho , noma wuluphi uhlobo lwesichitho. Kwezokukhipha isichitho kuye kusetshenziswe sona isigaxa esilumayo… Isigaxa sale Nduku  kwezokugeza nokugqumela ukukhipha zonke izinhlobo zezichitho, ngisho nesezintwala zeNgulube . Siye sigiye  neziNduku ezifana noMvuthuza, uMavumbuka kanye nezinye . **Nina beSilo sigaxa sale  Nduku siyangena kwezokukhipha isilwane.  Siyangena futhi nakwezokugeza amabhadi kanye nazo zonke izinto zabakhunkuli. Siyangena nakwezokwakha uBulomo , ukuthandeka… Nina beSilo isigaxa sale Nduku siyangena entelezini echela ikhaya , ukuvimbela nokuxosha yonke imisebenzi yabathakathi…. Kanti le Nduku iyatshalwa nasekhaya. Kuye kube kuhle ukuba uyikhulumise uma uzoyitshala , uyitshele ukuba mayikwenzeleni . Isithombo sonke sale Nduku siye sibiliswe kwenziwe iSiphungo esiphungelwa ukuxegisa amadliso . Le Nduku ithi ayisebenzise okoMbola wentaba , noma  okweMboziso . Amakhasi ale Nduku aye agxotshwe bese ethelwa amanzana afudumele , bese kuconsiselwa lawo manzi endlebeni ebuhlungu..

Khumu!


Niphile nina beZulu eliphezulu. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”……

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo