Umlando ngoMtotobi ka Nkumba Mabaso

UMlingisi uMduduzi Mabaso

U-Mtotobi ka Nkumba Mabaso wabe engenye yeziNduna zeSilo u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo. WayeyiNduna yomuzi waseMncwazini , iButho elaliqaphe lowo muzi lalibizwa ngokuthi uMncwazi. Abantu bakwaMabaso bayiNdlunkulu yaMaNtungwa , u-Mabaso okwaqambeka ngaye isibongo wayenguMnewabo kaKhumalo ka Mntungwa eyiNkosana ka Mntungwa . U-Mtotobi ka Nkumba uphuma kule ngxenye yakwaMabaso eyaziwa manje ngokuthi ingeyakwaChauke, ibuye yaziwe kakhulu ngokuthi ingeyakwaMlilo. KwabakwaChauke kubuye kuphume nabakwaNziyane/Nziane.Isibongo sakwaMlilo sisuselwa emilingweni yabo yokungashiswa umlilo. Le ngxenye yabantu bakwaMabaso kahle-hle yayidume kakhulu ngemithi(ubunyanga) nangokuba abakhandi bemikhonto namakhuba. Kuthiwa u-Mtotobi wayewukhokhovu lwenyanga olwaluthi uma seluthandile luvele lukhumule ingxabulela yalo luhambe phezu kwekloba lomlilo, abantu bayothi besamangazwe yilokho into ka Mntungwa ivele iphenye ibheshu layo izihlalele kuleli kloba bese ikhipha ishungu kanye nentshengula yalo izibhemele ugwayi walo. Intshengula yilolu khezwana oluncane olude okwakukhiwa ngalo ugwayi wamakhala eshungwini. Abelungu kwakuthiwa bangaBadli beNtshengula nje kungoba bona owabo ugwayi babewubhema ngamapipi nezinqawe ezazihlezi zisemilonyeni yabo ngaso sonke isikhathi.
UYise ka Mtotobi u-Nkumba ka Dengezane wayeyiNyanga eNkulu yakwaGasa ngaphansi kweSilo u-Soshangane ka Zikode Nxumalo, kuyileso sizathu abantu bakwaMabaso baseZimbabwe bezithakazela ngokuthi “BangamaThonga amahle avusa abafileyo, abakoGasa bayivuma le ndawo” . U-Mtotobi neSilo sikaMthwakazi u-Mzilikazi bahlangana lapho sekuseJozini khona namuhla, ngaleso sikhathi iSilo u-Mzilikazi sasimatasa sihlasela izizwana ezincane ngenhloso yokwandisa impi yaso eyayisencane kakhulu ngaleso sikhathi. Impi yokuqala eyaliwa ngu-Mtotobi ngaphansi kwaBaThwakazi ibizwa ngokuthi ‘Impi yaseMgidleni” . Le mpi yabe iphakathi kweSilo u-Mzilikazi nezizwe esingabala kuzo esakwaNyawo , Tembe, kanye nesakwaZwane nesakwaMazibuko ezasuka eBaqulusini zaphikela eNgwavuma zayokwelekela esakwaNyawo. EMgidleni kwabe kungeminye yemizi yeNkosi u-Mvubu Nyawo uYise weNkosi u-Sambane. Ngesikhathi isizwe sesinkanise eMosega eNorth u-Mtotobi wabekwa ukuba iNduna yaseMncwazini eMokgola buqamama nje nalapho sekuyiDolobha laseZeerust. Kwakuwunyaka ka 1826 ngenkathi kwakhiwa uMncwazi, eminye imizi eyakha eMosega uMkhwahla ngaphansi kweNduna u-Mkhaliphi Khumalo kanye neGaba likaMaqhekeni Sithole. U-Mtotobi waba yiNgxenye yempi eyaholwa ngu-Mkhaliphi Khumalo eyahlasela amaBhunu kaPoti eVegkop eFreestate athumba imfuyo kanye nezingane zamabhunu ezintathu. Kwakuwunyaka ka 1836 kwenzeka lokho. AmaBhunu athukutheka awotha ubomvu ngokuthunjwa kwezingane zawo , afunga agomela athi azifuna zibuyile kungenjalo ayezobamba iSilo sikaMthwakazi asishumpule ikhanda. Kwathi ngowe 1837 kuLwezi isizwe sikaMthwakazi sahlaselwa ngamaBhunu kaPoti (Hendrick Potgieter) kwashiswa imizi yakithi uMkhwahla, uMncwazi , kwagcina kushiswe nalo iGaba empini yaseGabeni (The Battle of Kapeni) . Ngu-Mtotobi Mabaso nezinye iziNduna abaphulukundlela neNkosi u-Mzilikazi bayoyithukusa ehlathi elaliseduzane , kukeyompi amaBhunu ayethe afuna ikhanda leNkosi u-Mzilikazi kangangokuthi ngisho noMkhankaso wawo ayebize ngokuthi “iZilkatskop” nokusho ukuthi ikhanda likaMzilikazi. Kwathi ngemuva kwempi yaseGabeni isizwe sikaMthwakazi sagcina siwele iNgulukudela (Limpopo River) sagcina sakhe lapho sekuseNingizumu yezwe laseZimbabwe khona namuhla. Kuleya ndawo uMuzi waseMncwazini wamisa endaweni eyaziwa namuhla ngokuthi kuseSundown , ngaseFigtree eMangwe . Kwathi ngowe 1845 amaBhunu ka Poti abuye ayilandela futhi iNkosi u-Mzilikazi awela uMfula iNgulukudela ayohlasela khona ngaseMangwe ,kodwa kulokhu aphuma inqina kaMabuyaze ngoba ehlulwa abuya elambatha. Leyo mpi yaziwa ngokuthi yiMpi yaseMangwe Pass . Kuleyo mpi kwahlabana kakhulu iButho uZwandendaba iNduna yalo okwabe kungu-Mbiko Masuku, kanti nazo izinsizwa zoMncwazi zazizingazibekile phansi. Kwathi ngemuva kowe 1893 izwe selidliwe ngamaNgisi uMuzi waseMncwazini wasuswa ngaseMangwe Pass wayokwakhiwa eDonkwe-Donkwe ngaseKhezi nokuyilapho abantu bakwaMabaso besatholakala khona namuhla.

#Khumu!

Izithakazelo zakwaMabaso eZimbabwe


-Mabasa

-Hlathikhulu

-INjikamkhonto iwulandele

-AmaThonga amahle avusa abafileyo

-AbakoGasa bayivuma le ndaba!

-Mtotobi ka Nkumba

-Abathwala umlilo ngenkumba

-Sivumase sa Matsena

-Ntimeni

-Bhakwane

-Matshisa

#Ulibinda

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo