Incazelo ngeQola  (Common fiscal )

IQola (Common fiscal)

Nina abeSela lintongande lawoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni!! Vezi kofa abantu kosala izibongo izona ezosala zibadabula , izona ezosala zibalilela amanxiweni! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!! …..Enhla nasezansi ngiyababingelela abeMbube enamandla , ngethemba basaphila .**Nina beSilo le nyoni iniyibonayo kuthiwa yiQola igama layo . AmaQola ayizinhlobo eziningi , kukhona enye inhlobo enombala oBubende ezinhlangothini .

Lenyoni idume ngokwengasabi kwayo izinyoni ezinkulu kunayo ezifana noKlebe ,amaWabayi kanye  nezinye. Le nyoni uma ithe yabona inyoni enkulu engangoKlebe iphethe itshelwe noma inyama nje iyayihubha ilwe nayo ize iyephuce leyonto esuke iyiphethe . IQola linamandla nina beSilo futhi linesibindi kangangokuthi liyakwazi nokubulala izilwanyana ezifana neziNtulo amaQhimilili kanye nezinye . AmaQhwagi wona aliwaboni nokuwabona. IQola lithanda ukudla okonyisiwe.Uma libulale isilwanyana esithile esifana neQhwagi liye lisichome othini noma emeveni ukuze leso silwane some kahle.Uma sesomile kuba ima lisidla -ke. ***Le nyoni iQola lihle kakhulu ekuvikeni uma lidutshulwa ngeSihlilingi, lifana neSiphikeleli.Ngisho noma licushiwe kuba yinhlanhla enkulu ukubanjwa kwalo.*Kunenkolelo ethi uma iQola ulithola libhekise isifuba salo ngakuwena kusuke kubika inhlanhla.

Lenzani iQola?


Ukungadubuleki kweQola ngeSihlilingi kulenza lingene kwezokugomela iSibhamu kanye nakwezoPhunyuka , imithi edliwa yinsizwa ezihlezi zivika iNgaloyomthetho. IQola lihle nakwezamacala .Lihle kakhulu nakwezokudonsa , kwiZibunge zeBhizinisi….. IQola liyangena naseNdukwini yokushintsha umbala wezinkomo zakho uma unguMfuyi..

Khumu !

Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazu kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo