Incazelo ngoMhlapho weHhashi

UMhlapho weHhashi:

Nina abakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama , uTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane!! USimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZulwini!#ISilo uMpande leso , iSilo sakithi kwaNodwengu….Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo , ngethemba basaphila.

UMhlapho weHhashi:

Nina beSilo esithombeni uMhlapho weHhashi . Uma kukhulunywa ngoMhlapho wesilwane kusuke kukhulunywa ngoMzanyana wesilwane. Ake ngiphose itshe elingatheni eSivivaneni mayelana noMhlapho weHhashi . **UMhlapho weHhashi uyinto ebaluleke kakhulu eSizweni esinsundu ikakhulukazi kubeLaphi beNdabuko ngoba bayawusebenzisa kwezaMakhathatha. ***Muhle kakhulu uMhlapho weHhashi eZibungeni zeBhizinisi , uyadonsa hhayi kancane. Muhle futhi nakwezenhlanhla, nakhona uyayidonsa inhlanhla. UMhlahlo weHhashi ungakumangaza ngokukudonsela inhlanhla  ugeze ngawo uwodwa vo,noma uwuthake kwezokugquma.  NamaSoka nawo ayawuthaka eziNdukwini zawo zoBusoka. UMhlapho weHhashi muhle nakwiZihlambezo kowesiMame okhulelwe . Wenza kube lula kakhulu ukubeletha.UMhlapho weHhashi uyangena naseGobongweni leSambulo. ***Uma uphupha uMhlapho weHhashi noma uphupha iHhashi lizala kusuke kusho ingcebo enkulu ezayo , kusho ukuthi uzoceba kakhulu . Ukuphupha iHhashi noma ukuphupha iMvu emhlophe kusho impumelelo ezayo. Lezo izilwane ezingavamisile ukuvele zivele nje emaphusheni abantu. Akukho lula ukuba umuntu  aziphuphe.

Khumu!!


Niphile nina beSilo.Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo