Umlando ngoMhabahaba ka Zama Mkhwanazi

UJenene wamaPhoyisa , uNhlanhla Mkhwanazi::

“UMafukula owafukula kwakhwabitha iNkosi! UGwagwa liyagwagwa umbane wezulu! Wena owaciba ngomkhonto kwaphepha iNkosi yabeNtungwa “

Lezi izihasho zikaMhabahaba indodana kaZama kaBebesi wakwaMkhwanazi, namuhla waziwa kakhulu ngelikaMhabahaba ka Nkwali . UMhabahaba wayengelinye lamaqhawe kaMzilikazi Khumalo futhi wayebuye abe yisihlobo eMantungweni ngoba enye yezintombi zakhona kwaMkhwanazi yagana inkosi uMashobana kwazalwa uNzeni ,uNoziwawa nabanye . Ngakho-ke singasho sithi uMhabahaba wayengumzawakhe wenkosi uMzilikazi .Empeleni uMhabahaba wayengeyona indodana kaNkwali kepha wayeyindodana kaZama kaBebesi.UNkwaliyenkosi kushiwo uVelane Mkhwanazi owabe eyinduna yakwaMthethwa .UMzilikazi wayengenye yezinduna zeSilo uShaka , ebuye abe yinkosi yaBeNtungwa ababezinze ngaseMkhuze . UMzilikazi walwa ngobuqhawe obukhulu kwaGqokli lapho uZulu anqoba khona inkosi uZwide . UMzilikazi wayengesinye sezethenjwa zeNkosi uShaka.Kodwa kwahamba kwahamba kwagqabuka igoda phakathi kwakhe nenkosi uShaka kubangwa izinkomo ezazithunjwe yinduna uMzilikazi kubeSuthu baseHarrismith abebeyingxenye yabaSuthu abangabaTlokwa bakaMantantisi unina kaSigonyela wodumo lwamasongo kaSigonyela.
Esikhundleni sikuthi uMzilikazi azethule zonke izinkomo enkosi uShaka yena wagodla ezinye ezaziwuhlobo lukaNyonikayiphumuli . UNyonikayiphumuli wuhlobo lwenkomo emhlophe qwaba engenalo ngisho nelilodwa ibala. Lolo hlobo lwenkomo lwalukhonzwe kakhulu  ebuNguni luthathwa njengohlobo lwekhethelo .  Leso senzo senkosi uMzilikazi sagcina sifinyelele ezindlebeni zeLembe elathukuthela lathelwa ngamanzi . Lase lithumela izithunywa ukuba ziyotshela uMzilikazi ukuba akalethe izinkomo ayezigodlile . Kuthiwa lezo zithunywa inkosi uMzilikazi yaziphendula ngenkulu indelelo nokwaholela ekutheni iLembe liphake impi . Impi yokuqala yalwelwa entatshaneni iNtumbane lapho sekukwaNgenetsheni khona . Yadla umhlanganiso ekaMzilikazi yabuyela emuva impi yeLembe yayobika enkosini uShaka ukuba yehluliwe ihlulwa yimpi yaseMantungweni. Inkosi uShaka yase iphaka impi yesibili yaphikela khona eMantungweni . Zanqikilana ngasemfuleni iSikhwebezi . Kulokho impi yeLembe yayithi ayimudle imfele uMzilikazi kodwa kwasiza wona amaqhawe afana noMhabahaba kaZama alwa ngobuqhawe obukhulu . Phela ayecelwe ngezintelezi ezimandla kakhulu zenyanga uGulukudwane Zondo owabe eyinyanga yempi kaMzilikazi . Kuthiwa uMhabahaba walwa eshishisa kangangokuthi umuntu wayengaze afunge ukuthi wayenganyetheli phansi . Waze waitholela izihasho ezithi “unguGwagwa liyagwagwa umbane wezulu ,wena owaciba ngomkhonto kwaphepha inkosi yaBeNtungwa ‘ .

Ngemuva kwaleyompi uMzilikazi wakubona kuluhle ukuba alifuthele elakwaZulu abheke enyakatho. Waqhubeka uMhabahaba into kaNkwali ngokukhombisa ubuqhawe kuzo zonke izimpi ezaliwa uMzilikazi ngenkathi esendleleni ephikelele enyakatho . Kusukela ngowe 1826 kuze kube ngowe 1837 uMzilikazi wayezinze endaweni eyagcina yaziwa ngokuthi iyiNtilasifali (Trasvaal) .Kuleyo ndawo waze wasuka ngowe 1837 esuswa ngamabhunu kaHendrick Potigitier ayelokhu emhlasele njalo efuna izingane zawo ezintathu ezazithunjwe yimpi kaMzilikazi empini yaseVegkop . Ngaleyo nkathi singasho sithi uMzilikazi wayesezakhele igama ,eseyiNgonyama ekhothanyelwa ngezinye izizwe . Isizwe sakhe wasiqamba ngokuthi singabaThwakazi .Nasiya isizwe endaweni yakwaBulawayo eNingizimu yezwe laseZimbabwe . Amabhunu aqala umkhankaso wawo wokulwa neSilo uMzilikazi owabe ungowokubuyisa izinduku ngoba ayenqotshiwe eVegkop .Lowo mkhankaso awubiza ngokuthi Ziliktzkop. Ayeqonde ukuthi iKhanda likaMzilikazi ngesiZulu.


Ibutho likaMhabahaba lalibizwa ngokuthi yiNtunta nokwathi ngemuva kokushona kwakhe laholwa indodana yakhe uDliso .UDliso wasala empini yaseGadade ngowe 1893 ngenkathi isizwe saBathwakazi sehlulwa ngamaNgisi kaCecil John Rhodes .Ngaleso sikhathi kwasekubusa inkosi  uLobhengula kaMzilikazi .
UMhabahaba waba ngenye yezinduna ezabekwa icala lokubeka uMntwana uNkulumana esihlalweni sobukhosi iSilo uMzilikazi sisawadla anhlamvana . Lokho kwakwenzeke ngenkathi iSilo sedukile okweminyaka emibili singaziwa lapho sasikhona. UNdunankulu uGundanekumitha ngofakwa ingcindezi ngabaThwakazi wagcina ebeke uMntwana uNkulumana . Kanti isazobuye itholakale inkosi .Yathukuthela yathelwa ngamanzi lapho ifica uMntwana uNkulumana esethe qwa esihlalweni yona isaphila . Yabe isikhipha umyalelo owawuthi kubulawe zonke izinduna ezazithinteka ekubekweni kukaNkulumana. Ngempela zabulawa izinduna entabeni eyagcina ibizwe ngokuthi yiNtabayezinduna noma Ntabazinduna.Kodwa uMhabahaba yena kuthiwa waphulukundlela wabaleka wabheka empumalanga lapho afika ankanisa endaweni yaseBhelingwe nokuyilapho uzalo lwakhe lutholakala khona namuhla.

Liyavela igama likaMhabahaba ezibongweni zeSilo uMzilikazi uma kuthiwa

‘Ubuvamba benzizwe nguMhabahaba kaNkwali kuBakhwanazi. Wasikaza iWundlu ngophaphe lwendlondlo  . Indlondlo isabhula amaphiko’

Ubuvumba igama elisho ubudedengu. Iwundlu kushiwo uMntwana uNkululumana. INdlondlo kushiwo iSilo uMzilikazi .Ukubhula amaphiko kushiwo ukuphila

Abanye amaqhawe abaKhwanazi esizweni seSilo uMzilikazi ngoSobukazi ,Magobela ,Manqundela izinduna zomuzi owawunizwa ngokuthi kuseNkanini. Elinye iqhawe labaKhwanazi kwakunguSomhlolo ka Mathema induna yebutho leNqama . USomhlolo wayeyisilomo senkosi  uMzilikazi, waba ngomonye  wezinsizwa ezazeduke nenkosi  uMzilikazi ezagcina zitholakele ngasemfuleni uGwayi buqamama neMpophoma iVictoria Falls   . Uzalo lukaSomhlolo manje lusebenzisa uMathema njengesibongo . Kukhona isikole kwaBulawayo samabanga aphezulu iSobukazi High School esaqanjwa ngoSobukazi Mkhwanazi iqhawe laBakhwanazi

Izibongo zikaMhabahaba Mkhwanazi

UMafukula owafukula
Kwakhwabitha iNkosi(kwathanda)

Mhabahaba waseNtunteni,!
Gagisa,
Mpande yamadoda,
Nkwaliyenkosi,
Lukhokho lomhlanganiso!
Hlambi lezintaka.
Phakamo lezintaka,
Lomafa yindlala yomkhonto
Izithutha zifa yindlala yokudla.
Lo nguMzama kaBebese.
USikhumb’ukuthathe koMantewane
Obekuthunjwa koMantewane
Bekungadliwa ndoda
Yena wakudla ngezintelezi
Wakudla ngezichelo,
UGwagwa liyagwagw’eMagwagweni!!
Owahloba kwethuk’abezindlwana,
Abambona ngezandla ukushushuma,
Kwangathi ifuthisile
Yen’engalisanga,
Bathi ifuth’uthulisile
Kant’ulidlile,
Umqhubi weqambi lezinkomo
Eziyodliwa ngamadoda komkhulu,
Kant’amadodajeyana azokhonz’eWaza,
Usiba lwempangela
Olungathwalwa ngabafokazana
Luthwalwa ngabasesikhosini,
Owathi mhla elamulel’okaMashobane kwaZulu,
Kwangath’undizemoyeni
Yen’ehamba phansi emhabathini womhlaba.
AbakaShaka babelelesile,
Babethath’izicuyo ngokudl’okaMashobane,
Bathath’izicuyo yena wazihlutha,
Umabuya la kungabuyi madoda
Ebuya ngejozi nangezihlangu,
Gwagwa liyagwagw’umbane wezulu
Wen’owaciba ngomkhonto eSikhwebezini
Kwapheph’inkosi yaBeNtungwa.
Mhabahaba waseNtunteni!!
Ibinda nkosi!!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo