Incazelo ngeNsindabathakathi (INsinda)

INSINDABATHAKATHI:

Nina abakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini! USingqila nganhloko kuzonde intambo nyakawumbe kuyozonda isibili!! ## Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu , ngethemba basaphila abeSilo . Cha , sisaphila thina kwaSokhumalo . ***Nina beSilo le Nduku ibizwa ngeNsindabathakathi igama layo . Uhlobo lwetshe olunesisindo esikhulu esingejwayelekile. Yiyona Nsindabathakathi engiyaziyo lena nina beSilo , ngoba yiyona engiye ngiyesebenzise .Angiyazi enye. Le Nduku iye igaywe ngaphambi kokuba isetshenziswe, kanti abanye baye bayisebenzise injalo ingagquliwe ,ikakhulukazi kwezokugquma nakwezokuthoba.

Yenzani iNsinda ?

Nina beSilo le Nduku iyiNduku ephikisana nezinto zabakhunkuli. Le Nduku iyathakwa kwezokubethela ikhaya, kuleyo ndawo iye ibasinde kakhulu abakhunkuli. Le Nduku iyangena naseNtelezi yokuchela ikhaya, nakhona kuleyo ndawo iye ibasinde kakhulu abathakathi. Le Nduku iyangena kwezokuvala isilwane ukuze singaphinde sibuye uma ususikhuphile. Le Nduku iyangena kwezokuqina, ngikhuluma ngaMabhandeni. AMabhande okulwa, iBhande lokuzivikela , iBhande le zitha kanye neBhande lesiBhamu. INsinda yinhle kakhulu nakwezeSithunzi, iye igiye noMathunzentaba , uMhlonishwa kanye nezinye iziNduku….***Nina beSilo le Nduku yinhle ekuthobeni izinyawo ezikhathazwa uMeqo. Yinhle kakhulu nakwezoHlangothi phecelezi Stroke


Khumu!!

Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo