Incazelo ngeNdabulavalo eyiGxolo

UNDABULAVALO OYIGXOLO::

Nina abakaNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya , uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! USimayedwa njengeLanga lona limi lodwa emaZulwini! #ISilo uMpande leso , iSilo sakithi kwaNodwengu. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo, ngethemba basaphila. Sisaphila thina kwaSokhumalo . Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uNdabalavalo oyigxolo igama layo. Njengoba ngangishilo ngaphambilini nina beSilo, babili oNdabulavalo engibaziyo. Yiwona lona osesithombeni , kanye noNdabulavalo oyitshe ebesixoxa ngawo ngeSonto eledlule. Kule Nduku kuye kusebenze lona igxolo.

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo ezindaweni eziningi le Nduku iye iqhathwe nawo uNdabulavalo oyitshe , obuye waziwe ngeSithende seZulu. Nina beSilo le Nduku ingena kakhulu kwezokwethusa , kwezezitha. Le Nduku iyasethusa isitha sishaywe uvalo singaphinde sidlalele kuwe . Nabathakathi nabo bayithaka eziNdukwini zabo zobuthakathi , ikakhulukazi uma befuna ukwethusa umuntu abaleke athuthe ashiye umuzi wakhe. **Le Nduku nina beSilo iyathakwa noNdabulavalo oyitshe kanye neminye imithi efana noSiphahluka eSikhafulweni sokukhafula isithandwa siphahluke sikhulume  uma sineShende .. Le Nduku nina beSilo iyathakwa kuMabutho athunywa ukuyolanda iziKweletu. Le Nduku iyathakwa kwezokuqina. Nina beSilo le Nduku iyathakwa nakwezokuqina. Iyathakwa futhi nakwezokubethela izulu , kuleyo ndawo iye igiye kakhulu noNdabulavalo oyitshe, iNsingizi kanye nezinye iziNduku. Le Nduku yinhle nakwezokunqoba icala eNkantolo


Khumu !!

Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV””

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo