Incazelo ngesilwane uMpheme.

UMpheme..

Nina abakaNgalo zimqingo ziyakwazi ukuphatha iSibhamu zinjengezabeSuthu bakoFebane! UMudli weNgunyazana eyedwa kwaNolele ! INgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi!

Nina beSilo nawo-ke uMpheme . NgesiLungu uMpheme ubizwa ngokuthi iCape Fox, noma iBat Eared Fox. UMpheme uwela emndeni wamaKhanka. Lesi silwane sihlakaniphe kabi,amaPhisi asihasha ngokuthi ‘yiQili elazikhotha emhlane’ ngenxa yobuqili nokuhlakanipha kwaso. Lesi silwane uma sijahwa yizinja sizidlalisela umsila, siwudlalise kamnandi kangangokuthi izinja zilibala wukubuka ukudlala komsila kanti ngalawo mzuzu uMpheme wona usuke uhamba impela , ucela empunzini , ungamile. Izinja ziyoze ziphaphame uMpheme ususithele , noma usuzithukuse emgodini weSambane. Kuyileso sizathu -ke lesi silwane singena emithini yoPhunyuka, imithi yezinsizwa ezihlezi zifunwa phansi phezulu yingalo yoMthetho. UMpheme uyangena nasemithini yezitha. Abanye baze bafake nomsila woMpheme ngaseSibukweni seMoto , ulenge khona. Lesi silwane siwela emndenini woJakalasi {aMakhanka\iziMpungushe}.  Umuntu osetshenzwe ngoMpheme kungasuka amaPhoyisa aphume inqina yokuyomzingela , mhlawumbe kube yisimo sokuthi amaPhoyisa asezwile ukuthi ‘ungaphi’. Ayothi esendleleni alitshaziswe isimo thizeni , ayothi uma efika lapho bekunkanise khona lowo muntu kuthiwe ‘nisindwe zinyawo, ubekade elapha khona manje, ima esuka manje manje’

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngaMakhathakhatha.
Niphile nina bakaMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose!


UMpheme

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo