Nina abakaMakhalima akhande njengezulu lona limakhalima limandindizela! USomnandi ka Ndaba woza ngoza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Nina abeSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi , ngethemba isaphila yonke iNgabade. Cha, sisaphila thina eMantungweni. Lo muthi eniwubonayo nina beSilo kuthiwa uMthombo igama , hhayi uMthombothi. UMthombothi wopha ubisi oluyingozi emehlweni.*Ngibonge kakhulu kuMfoka Gigaba okunguyena oshuthe lesi sithombe . Ngicela nimlandele kuFacebook , igama lekhasi lakhe u Mntambo Gigiba , niyokleza nidele kokaNondlini*. Nina beSilo le Nduku uMthombo isebenza ezindaweni ezahlukahlukene , ezinhle , kanye nezimbi.
Yenzani le Nduku?
Nina beSilo abantu abansundu basebenzisa le Nduku ngezindlela ezahlukahlukene. Abanye bayelapha ngayo , abanye bayaganga ngayo. Le Nduku nina beSilo abantu abayizigangi bavala ngayo oMkabo , baye nathathe insila yoMkabo bayithake neminye imithi bese beya ehlathini lapho kukhona lo muthi uMthombo , uma befika lapho bawugqobhoze lo muthi ngento ecijile bese befaka lowo muthi onensila yalowo wesifazane. Kuzohamba kuhambe ivaleke imbobo emthini, uma isivaleke ngci-kuba ukuvaleka kowesifazane , ngeke aphinde alale nenye futhi indoda ngaphandle kwaleyo esuke imsebenzile. Le Nduku ibuye ingene kwezokubamba imali ukuba ingasheshi iphele. Kanti ngaphandle kokuganga nokubamba , le Nduku ibuye ibe yinhle kakhulu kwezokuhlanza igazi , impande yayo iyabiliswa ibe yiMbiza yezinduna kanye nawo wonke nje umzimba omubi. Impande yayo ibuye ichathe futhi ichathele wona umzimba omubi, igeze igazi yenze isikhumba sibukeke kahle sibe bushelelezi. Amakhasi ale Nduku ayisithobo sezenyelo , ukudumba , amanxeba , izilonda esilwaneni kanye nakubantu . Kahle -hle lo muthi ungumuthi omuhle wamanxeba . IMbiza yempande yalo muthi ibuye ibe yinhle kubantu basifazane ababoshiwe, asebekhulelwe kwaze kwedlula isikhathi sokubeletha. Le Mbiza iyawaqaqa wonke amafindo , akhululeke uMame. Impande yale Nduku iyangena kwezoMhlume,iziMbiza eziphuzwayo kanye nezichathayo. Impande yale Nduku yinhle ezinkingeni zoMama , izinkinga zezinto ezikhula ngaphakathi esiswini sikaMame ezikhukhumalisa isisu kube sengathi ukhulelwe kanti lutho .Imapnde yale Nduku yinhle nasekwelapheni ama-Piles. Le Nduku nina beSilo iyakwazi nokuzigiyela iyodwa ingaqhathiwe.
Khumu!
Niphile nina abakaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda! UKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni!#Inkosi uMalandela leyo! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sethu sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi