Incazelo ngeShaqa

IShaqa

Nina abakaKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha, thina sisaphila eMantungweni kungumhla weshumi kuMandulo (Septemba) onyakeni ka 2023 .

IShaqa

Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa iShaqa igama lalo . Le Nduku icishe ifane noGobho ngisho nezimpande zayo , umahluko wukuthi amacembe ayo mancane kunawo Gobho. Kanti futhi zombili leziNduku zenza umsebenzi ocishe ufane futhi zihlezi zigiya ndawonye. Zithinta kakhulu abesiMame . Zombili zinhle ekuhlanzeni iSibeletho , zinhle futhi nasekudambiseni inhlungu yeFindo(isikhathi sikaMame). Zombili ziyathakwa eMbizeni yeSilumo kanye neyoMhluma. Njengalo uGobho , nayo le Nduku iyakwazi ukugiya iyodwa lapho igeza iSibeletho noma idambisa inhlungu yeFindo. Kuye kubiliswe impande yayo yenziwe iSiphungo sokuhlanza iSibeletho noma sokudambisa inhlungu yeFindo koweSifazane. IShaqa liyangena eziMbizeni zenzalo zabo bobubili ubulili.Liyangena futhi naseziMbizeni zoMvusankunzi. IShaqa liyangena emithini ephalazela ukususa iSidina. Liyashaqa uma ulifaka emlonyeni njengoMganu. Amacembe eShaqa ayadliwa njengeMfino , kuthiwa ehlisa amandla ezifo ezingaMahlalakhona. Ayabiliswa futhi , kwenziwe iSiphungo sokwehlisa amandla ezifo ezifanayo.

Khumu!


Niphile nina beNgodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba.Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo