Nina abakaSingquma khuluma bakuzw’umoya abasezitheni nabasemakhaya! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! #ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu kungumhla wamashumi amabili nesithupha kuNcwaba(26 Agasti) . Cha, thina sisaphila eMantungweni . Nina beSilo le Nduku eniyibonayo ibizwa ngeNyongwana. Lena iNduku enhle yokukhipha inyongo . Iyikhipha yonke inyongo . Impande yayo iyangena kwezokuphalazela ukukhipha inyongo. Kanti futhi impande yayo ibuye ibiliswe kweziwe iMbiza yokukhipha nokuhlakaza inyongo .Le Nduku yinhle kabi naseMfiveni. Nina beSilo le Nduku ibizwa ngeDicoma anomala ngolimi loSosayensi. NgesiNgisi kuthiwa yi Fever bush, noma Stomach bush. Ka se Sotho bare ke Hloenya,kapa ,Mohlasetse. Le Nduku ngesiBhunu ibizwa nge Maagbitterwortel.
Yenzani le Nduku?
Nina beSilo le Nduku le Nduku ingumuthi wenyongo , njengoba besingishilo. Ngaphandle kokwelapaha inyongo le Nduku ibuye ingene ezindaweni ezahlukahlukene. INyongwana ibuye ibe yintelezi engena ezindaweni ezahlukene. Impande yale Nduku yinhle ekwelapheni isisu esijuqayo , yinhle nasenhlungwini yezinyo, kuye kuxujwe ngeSiphungo sempande ebilisiwe. Impande yale Nduku iye ihlanganiswe namakhasi ayo bese ibiliselwa ukuba yiMbiza edambisa amandla eHhayi hhayi kanye noShukela. Impande yale Nduku yinhle kwiMfiva , iye ibiliswe kweziwe iSiphungo esiyophungwa sisashiswa siphungwe umuntu oxakwe yiMfiva .Lesi Siphungo sihle kakhulu esifubeni esibuhlungu. Impande yale Nduku iyangena nakwezeZifo zocansi, oDilobhu. Impande yeNyongwana iyangena nakwezamadliso. Kanti futhi yinhle kabi nasekubulaleni iDliso elingakangeni, kuye kugaywe impande, bese impuphu yayo iphathwa abantu uma beya eMicimbini. Leyo mpuphu ivuvuzelwa ekudleni abasuke bezokudla , ukuze ibulale bonke ubuthi, ifana neMboziso. Le mpuphu yinhle nasemanxebeni kanye nakwizilonda. Nina beSilo le Nduku ibuye ibe yintelezi. Le Nduku iyangena ezintelezini zamacala, iyangena ezintelezini zokuvika abomthetho. Iye ithakwe noNtuma, uMadodaziwula kanye neminye imithi. Le Nduku yinhle nasekuphuphiseni imithi yabathakathi. Uma uzoba nomcimbi gxoba impande yale Nduku uyenze intelezi oyochela ngayo umuzi wakho kusasele usuku ukuba uMcimbi uqale. Uphinde wenze into efanayo uma uMcimbi usuchithekile, isebenza njengeMboziso.
Niphile nina bajkaMbomboshe omnyama owagabadela inkundla yakwaBulawayo! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV “ uthole olunye ulwazi.