Incazelo ngoMdolofiya ( Prickly pear cactus)

 

Nina abeSela lintongande lawo Baleka elithabathe umshiza lawetshatha , liyawugalela ngawo eMankenganeni . IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo sakithi oSuthu. Lo muthi osesithombeni kuthiwa uMdolofiya , uthela izithelo ezimnandi ezibizwa ngokuthi ‘iziDolofiya’, noma ‘amaDolofiya’ . Lesi sithelo sibizwa nge”sidolofiya” uma  sisinye,sithandwa kakhulu iziMamba.  AmaDolofiya adliwa kanzima ngoba anamevana ahlabayo, kanti kudingeka ukuba uwahlube amakhasi uma uzowadla. UMdolofiya akuwona uMhlonhlo nina beSilo, uMhlonhlo ubizwa Euphorbia ingens ngesiLungu. UMdolofiya noMhlonhlo kuwela emndenini wezihlahla owodwa, ubizwa ngama-Ingens plants okuyizihlahla ezikwazi ukubekezelela iSomiso ,kuthiwa nasoGwadule ayamila ama-Ingens plants. Siyavela isidolofiya ezibongweni zeSilo sikaMthwakazi uMzilikazi ka Mashobana uma kuthiwa “Isidolofiya simnandi sehla esiphundu uzitike wazitika uLoziba waze wakhamuluka”. Lezo zihasho zichaza ukwephamana enkosini yaBeNtungwa naBaThwakazi. ULoziba wabe engomunye woNdlunkulu benkosi uMzilikazi , kuthiwa wabe eyintandokazi . UMdolofiya ubizwa ngePrickly fear cactus ngesiLungu. NgesiSuthu kuthiwa iTorofeiye . NgesiPedi kuthiwa iPsere ya Swikiri ya go hlaba, Kanti lena kwaXhosa uMdolofiya ubizwa ngeTolofiya. Kuthiwa yiDorofiya ngesiNdebele. NgesiVenda kuthiwa uMudora. Ngesibhunu uMdolofiya ubizwa ngeGrootdoringturksy. NgesiTsonga ubizwa Pyere pale novheni. Isithelo soMdolofiya kuthiwa siqukethe izakhamzimba iPectin kanye neFiber.  Kuthiwa  lezo zakhamzimba zehlisa iblood glucose .

Wenzani uMdolofiya?

Kuthiwa uMdolofiya muhle kakhulu ezibayeni zezinkomo, bathi wandisa izinkomo , ingakho abantu bevamise ukuwutshala eduze kwezibaya zabo . Bathi ubuye uvikele izinkomo emimoyeni emibi. Izimpande zoMdlolofiya ziwuMhlabelo omuhle kakhulu osebenza kubantu nasezilwaneni .Ziyangena ezimbizeni zeZephuko, noma ezeZenyelo. Ziyasebenza futhi zizodwa, ziyabilisa bese ziba isiphungo esiphuzwa umuntu owephukile noma owenyele. Zibuye zonyiswe bese ziyagaywa zibe yimpuphu eyonanyekwa amanxebeni abantu noma awezilwane. Nasezilondeni ezibhibhayo. Impuphu yezimpande zoMdolofiya ibuye igcatshelwe eduze nalapho kwephuke khona ithambo lomuntu noma elesilwane . Amakhasi oMdolofiya bathi ayangena ezimbizeni zenzalo kanye nezoMvusankuzi. Bengingakaze ngiwasebenzise nokho.


Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande

Niphile nina bakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebiongwa ziNjenje zaseMqekwini.

 

UMdolofiya

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo