Incazelo ngeGalukuni (Turkey)

 

Nina aboGasane kade lubagasela lugasele uPhungashe wakwaButhelezi lwagasel’uSondaba woMthanda ehlez’eBandla lwagasel’uMacingwane eNgonyameni! UMgengi phez’izitha kuseHlobo , utshani bude buzokugabanisa!Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha , thina sisaphila kwaSokhumalo .

IGalukuni\Turkey:

Nina bakaMgengi le nyoni eniyibona esithombeni kuthiwa yiGalukuni ngesiZulu, ngesiLungu ibizwa ngeTurkey . Uhlobo lwenyoni olufuywayo ekhaya, uhlobo lwenyoni ulungakwazi ukundiza , lufana neNkukhu, iNtshe njalo njalo. Lolu wuhlobo lwenyoni olujule kakhulu . Inyama yalo iyadliwa , imnandi , iyadayiswa ezitolo ezinkulu khona lapha eNingizimuAfrika. Lolu hlobo lwenyoni lufuywa kakhulu lena eMelika, bayaludla kakhulu lena kwazise izinkukhu ziyasilela ngalena , azizwani nemvelo yangalena , bazilanda lana eAfrika.


Lenzani iGalukuni?

IGalukini lijule kakhulu , kodwa abantu abaningi abanalo ulwazi ngokujula kwale nyoni. Lena inyoni ekwaziyo ukuzwa umuntu othakathayo uma ezongena ekhaya lapho kufuywe khona lezi nyoni. Ivele imuzwe engakangeni nasesangweni.  Ngikhuluma ngendaba yasemini , uma kwenzikile kwavasha umuntu owumthakathi kulelo khaya. Lezi nyoni zivele zikhale zishone kuye -zibange umsindo , zimhlanganyele zihlale amagqozo. Sekungasisa khona ukucela empunzini uma enawo amandla okucela empunzini. Lezi izinyoni ezizonda umthakathi ngendlela exakile. Njengoba lezi nyoni zizonda umthakathi , kuyileso sizathu-ke zingena eNdukwini yokuchupha abathakathi , kanye nakwezokubethela umuzi, zicuphe igceke. Amafutha eGalakuni bawasebenzisa ukwakha aBalozi beMbombayi, asetshenziswa izigangi.Ziwagcabela eziphangeni zomuntu, lapha emahlombe zakhe ngawo  aBalozi bokuzakhela . Zisuke ziwathake neminye imithi . Umuntu ushaywa izinhlanga namuhla ,kusasa avuke esebhula , eseyiSangoma esikhulu futhi esishaya emhloleni. Engazange alubhade ePhehlweni. Kufuneka ukuba lezo zinhlanga azishaywe wumuntu owaphehlelwa amaGobongo. Uma eshaywe kahle , lithi nje lishona ilanga seziqalile ukubonakala izimpawu zobuNgoma, lishona esezamula , esebhodla into engapheli. Amafutha eGalukuni abuye angene ezinsizini zamaLumbo. Ayangena futhi nakwezokudonsa , nakwezokubethela iZulu. Ake ngime lapho nina bakaMenzi akabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngaMakhathakhatha.

Niphile nina abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!

IGalukuni\Turkey

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo