Incazelo ngoMtholo\uMthole \uMafunazayithole\Motholo\Hook-thorn\Senegalia caffra
Nina bakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela !UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olusemehlweni amadoda! uDlondlwane luya luhlezi luya ludlondlobele!
Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila bonke abeSilo,sisaphila thina eMantungweni. Lo muthi eniwubona esithombeni esingezansi kuthiwa uMtholo ngesiZulu, ubuye ubizwe ngoMthole , noma ngoMafunazayithole. Lona wumuthi omkhulu wamaSoka neZangoma .
UMtholo :
UMtholo umuthi okhula ube mude impela uze wedlule nendlu. Ungeminye yemithi ukungafanele itshalwe ekhaya, uma ukhona uMtholo eduze nekhaya kudingeka ugawulwe impela kukhishwe nezimpande ngoba awufuneki , udonsa umphezulu. Umphezulu uwuthanda kakhulu uMtholo. Uhlezi ugadlile. Kusuke kushiwo wona lo muthi ezihashweni zeSilo uCetshwayo uma kuthiwa “UZulu ladum’obala lapho kungeMunga kungeMtholo “. UMunga noma iSinga nawo ungesinye sezihlahla ezithandwa wuMphezulu. Lezo zihasho zeSilo uCetshwayo zichaza ubungozi baso iSilo sasoNdini, zichaza ukuthi iSilo sasivele sihlasele nje kungonakele,kungalindelekile okweZulu eligadla lapho kungeMunga kungeMtholo.
Amanye amagama oMtholo:
UMtholo ngesiTswana kuthiwa uMorutlhare. NgesiTsonga kuthiwa uMbvhinya -xihloka. NgesiPedi ubizwa ngokuthi uMotholo. NgesiBhunu kuthiwa iGewone haakdoring, noma Katdoring. Kanti ngesiLungu kuthiwa iHook-thorn, noma iCat-thorn , noma Senegalia caffra okuwulimi loSosayensi.
Kwezokwelapha:
UMtholo wuBulawu ubuhle beDlozi , ungena eGobongweni elimhlophe le Dlozi. UMtholo wenza umuntu athandwe yiDlozi , uwumuthi okugazi nenhlanhla kahle-ke. Kuphalaza ixolo nengxabu. OThwasa neZangoma bawuthwele ngeQoma uMtholo. Ubuye ugqume , uphinde ugeze futhi , ugezele khona ukuthandeka kanye nenhlanhla. Nezinsizwa ezeshelayo nazo ziwukhonzile uMtholo , ziwuteketisa ngokuthi uMafunazayithole. Ziyawuthaka eNdukwini yazo emhlophe exube imithi efana neNhlanhlemhlophe , uVelabahleke, uFoshela , uMusa , uVumakubangoma omhlophe , uQhume \uMfazothethayo kanye neminye . Insizwa ephalaze ngoMtholo akwenzeki ibuye ilambatha,akwenzeki iphume iNqina kaMabuyaze. Nazo izinsizwa ezingamaSoka zibuye zigeze ziphinde zigqume nangawo. Izimpande zoMtholo zibuye zibe wumuthi omuhle wokukhipha isilwane ezinyweni elibuhlungu.Amakhasi oMtholo aye aphekwe nobisi achathe ingane ekhathazwa yiNyoni. Ake ngime lapho nina bakaMashikizela ashiye impi yakhe , iHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu.
#Khumu!
Bayoze bethi Bhuti
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunhye ulwazi ngekhambi