IPHAHLA:
Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’amagaw’abebesi! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! INkomo eyakhal’eMthonjaneni izizwe zonke zayizw’ukulila! 🙌🏾
Enhla nasezansi ngiyayibingela iNgabade.
IPhahla isihlahla cishe esisaziyo sonke ,ikakhululazi labo abakhulela ezindaweni zasemakhya. Isihlahla okwenziwa ngaso iMishiza neZagila. Siqinile , asephuki kalula. Endulo bekwenziwa ngaso uthi/izinti zemikhonto . Elinye igama laso lesiZulu kuthiwa wuMphahla. Lesi sihlahla sibizwa ngegama elifanayo nangesiSwati,kuthiwa iPhahla,noma uMphahla. NgesiPedi kuthiwa uMotshantshane noma uMphahla. NgesiVenda kuthiwa uMufhata. NgesiNgisi kuthiwa iForest Silver -oak ,noma iSalie. NgesiBhunu iPhahla libizwa ngeBosvaalbas. ISihlahla esibaluleke kakhulu kubantu abansundu lesi, ikakhulukazi iNgabade. Uswazana lwalesi sihlahla sePhahla olumbaxa mbili noma ntathu kwenziwa ngalo uthi lokuphehla iGobongo . Ingakho nje ngihlezi ngicela abeSilo ukuba uma bephehla iNduku yabo yokuphalaza bangayiphehli nganoma yini,kepha basebenzise uthi lwePhahla. Kusukela endulo vele iGobongo laliphehlwa ngothi lwePhahla. Luyadayiswa uthi lwePhahla laphana ngaseFaradeyi, ngezansi ngasezindlini ezincane, ludayiswa uMama uMaNtuli ,uNdlela kaSompisi. IPhahla kubuye kwenziwe ngalo izinduku, iZagila, iMishiza , iZinti zemikhonto nokunye. Liqine kabi iPhahla alephuki kalula . Lifana noMqalothi. KwaMdlalose banoKhokho wabo ohashwa ngalo iPhahla ,kuthiwe ‘uwuNyanda wePhahla, engicabanga ukuthi kususelwa ebuqhaweni bakhe ngoba iPhahla kwakwenziwa ngalo izinti zemikhonto, futhi lalibuye libe yiziqu ezazigaxwa entanyeni yalabo ababehlabane kakhulu ezimpini .Endulo indukwana yePhahla esuke ibikiwe eMsamo ,beyiphathwa uMnumzane noma uSokhaya, ubeyiphatha eMsamo uma ethetha idlozi . Ubeyiphatha nanxa eya ezindaweni ezibalulekile, ahlobe ngayo. Uma yena esedlulile emhlabeni le nduku beyidlulela ngakwiNkosana, isale iphathwa yiyona. Okunye obekwenziwa ngePhahla iziqu kulabo abasuke behlabane ezimpini. Bebegaxa izinswazi zePhahla ezintayeni zabo, kube yiziqu eziyobonisa ubuqhawe babo koMkhulu,eNgonyameni esuke ibusa ngaleso sikhathi.
*IPhahla liwuBulawu obukhulu beDlozi . Lixhumanisa umuntu neDlozi . Izingxabu zePhahla ziyangena eGobongweni elimhlophe loMndiki noMndawe. IPhahla kwembulwa ngalo umuntu ozalwe embethe. Yilona eliba wumuthi omkhulu eNdukwini emhlophe aphalaza ngayo kwesikaBhadakazi. Kule Nduku kusuke kuthakwe noVumakubangoma omhlophe , uQhume ,uMadlozana kanye neminye imithi. Amakhasi ePhahla ayabiliswa ,abe yiSiphungo eselapha izinso, izilo kanye nakho konke okungakhathaza isisu ,ngaphakathi. IPhahla liyangena kwezokudonsa inhlanhla. Liyaphalaza , liyageza. Liqhathwa nayo imithi emhlophe . Usewashaye elanyakana uNondlini.
#Khumu!
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV 📺” , uthole olunye ulwazi ngamakhambi.
Nina bakaNkomo zabantu zinenkelenkele zikhungela izingobe eMashobeni🙌🏾