EzabaFuyi(Imithi yemfuyo)

Ezabafuyi. (Imithi yemfuyo)
Uma unguMfuyi thatha izimpande zeNtolwane, ezikaBhoqo nezikaVimbukhalo uzibilise ngento ewu 20litha okwesikhathi esingangeHora, bese uyakwephula eziko, bese ulinda kuphole, bese uphuzisa nje yonke imfuyo yakho. Ngingabala izimbuzi, izinkomo, amankonyane, amahhashi, kanye nayo yonke nje imfuyo. Le mbiza yenza imfuyo iqine, futhi inothe ,yande ibe ningi.
Ungabuye uthathe noNdwendweni ,nawo uwubilise okwesikhathi esingangeHora ngento ewu 10litha, bese uphuzisa izimbuzi ezezinsikazi, esezikhule zafika esigabeni sokuzala. Uma usukwenzile lokho thatha uNdwendweni onezigaxa ezixhumene uwumbele esangweni lesibaya sesimbuzi zakho. Zithi nxa zingena noma ziphuma ziweqe. Ungakhohlwa ukubuya kimi uzobonga ngemuva kwesikhathi esingango nyaka.
Yini uNdwendweni?
UNdwendweni wumuthi obukeka njengesimo sikaAnyanisi . Unesigaxa esifana naso esikaAnyanisi. Kuyenzeka-ke ukuthi lezi zigaxa zixhumane zize zibe zinhlanu , ngaleso sizathu-ke abantu bakholelwa ekutheni uma bewuphuzisa izimbuzi zabo , ziyozala amaphahla. Bakholelwa ekutheni futhi uma bewumbela entubeni yesibaya sezimbuzi , ziyozala amaphahla. UNdwendweni ubuye uphalazele ukuxosha izizwe.
Yini iNtolwane.
INtolwane wumuthi onezimpande ezinsundu ngokubomvu. Umuthi abantu abawusebenzisa ukukhucula inyongo, umandla kakhulu lo muthi , awushiyi nencane inyongo. Ungena kwezibomvu. Uma uphalaza ngawo ungawuqhatha noMaphipha, iNgwavuma noVuma obomvu . Ubuye ube muhle nasezinganeni, uyachatha, usize izingane ezihlushwa yizisu, ubuye ugeqe kwabadala. Muhle kakhulu nasemfuyweni,uqeda yonke inyongo emfuyweni, uyenze inone. Impuphu yawo ebomvu ifakwa ephalishini lezingane elingafakiwe ushukela, ukuze iyolwa nenyongo phakathi eziswini zezingane.
Yini uBhoqo?
UBhoqo uwumuthi ocima izinhlungu egazini, ubuye ugeqe iqolo.  Uyaphekwa uphuzwe, uchathe , uthobe izindawo ezibuhlungu. Endulo bekuthi nxa kubhoke inkemane abantu bathathe izimpande zawo bagaye ngazo umcaba. Wumuthi omuhle kakhulu emfuyweni lona, uyaphekwa ,uphuziswe lonke uhlobo lwemfuyo ekhaya , nezinja imbala.
Yini uVimbukhalo?
Impande kaVimbukhalo eyisidikili ,iyaphekwa ibe yisichongco esiphuzelwa ukunqamula isihudo segazi, ibuye ichathe futhi. Iphalazele ukuxosha imimoya emibi. Le mpande ibuye iqothwe ibe yimpuphu ekhothiswa imfuyo enje zimbuzi, izinkomo, izimvu amahhashi ukuba iqine ,ikhuluphale/inone. Bese imfuyo iphululwa ngayo le mpuphu kaVimbukhalo ,kusukela ekhanda kuya emsileni, ukuvimbela izinhlobo zonke zezithunzi.
Nansi eminye imithi ewusizo emfuyweni👇🏿
UMviyo
UMviyo isihlahla esikhiqiza izithelo ezimnandi , ezibizwa ngokuthi ‘amaviyo” UMviyo ubuye ungene nasemagobongweni eDlozi. Uyangena futhi nasemithini ethakwa amasoka uma ephalazela ukwakha ugazi nenhlanhla. Kusebenza izimpande . Zibuye zibe wumuthi omkhulu wemfuyo. Ziyasebenza zizodwa vo, ungazithaka neminye imithi uma uthanda. Zikhuluphalisa imfuyo ,inone idabuke. Izalane yande , zandisa nobisi ezinkomazini ezincelisayo.
Amaqanda ka Xamu
UXamu isilwane esihlala emfuleni esithi asifane neMbulu. Amaqanda aso mahle kakhulu ekudonseni . Angena ezibungeni zeBhizinisi . Angena nasemfuyweni ikakhulukazi izinkomo . Zanda kakhulu izinkomo ezisetshenze ngamaqanda kaXamu, zidla ndawonye zingehlukani.
Amafutha eNhlwathi
INhlwathi inyoka enkulu eginga ezinye izilwane ngisho nenkomo imbala, nabantu imbala. Isilwane isidlalisela amabala ,ilokhu iwashintsha shintsha ngendlela ekhangayo . Isilokhu sizolokhu simile sibuka yona idlalisa amabala kanti ngalowo mzuzu yona iyasondela impela kusona. Iyogcina isibambile-ke ,yasithandela ngomzimba wayo ,isibophe isephule amathambo ukuze phela isiginge kahle . Amafutha eNhlwathi kulashwa ngawo izilonda ezingapholi ,ezidalwe ubukhunkuli. Abuye abe mahle kakhulu emfuyweni ikakhulukazi izinkomo . Baye bawahlanganise nesikhumba sikaGalipiki , bathake neminye imithi ,bese beshuqisela ngawo izinkomo. Babuye bazigcobe nangawo . Zizalana ngendlela exakile izimo ezisetshenzwe ngamafutha eNhlwathi nesikhumba sikaGalipiki. UGalipiki igundane lokuthengwa ,liyadayiswa kwizindawo ezindayisa izilwane zokufuya phecelezi ama-Pets. Libuye libizwe ngeGwinsi.
ILoyi/IJoye
Cha iLoyi alingeni ezikweni lemfuyo ,kodwa lihle kakhulu ekwelapheni amanxeba emfuyweni ,nakubantu . Kukhanyelwa umhluzi wamaqabunga eLoyi. ILoyi isihlahlana esimila ngasesibayeni ,noma lapho kwake kwaba nesibaya khona.
IMbewu yamathunduluka
IMbewu yamathunduluka iye iqoqwe ,yonyiswe . Bese igaywa . Uma isigayiwe kuthatha leyo mpushana iganziwe odengezini ize ibe insizi emnyama . Leyo nsizi inanyekwa amanxebeni esilwane . Incela ubomvu noma igazi . Isilonda sivele some nkwe. Iyasebenza nakubantu.
UMnungumabele
Umuthi umuhle kakhulu emfuyweni. Uyangena ezikweni lemfuyo . Uyazandisa ,uxosha nemimoya emibi emfuyweni ,uzivekela nasekusengweni zilwane. Abanye baze bawumbele maphakathi nesibaya sezinkomo ,kube isigxobo,kube yiPali. Basuke bevikela imfuyo yabo kwimimoya emibi. Izingxabo zandisa ubisi enkomeni eyiSigqala.
UMgogiwenhlanya
Lomuthi kuphalazwa ngawo ukudedisa amaphupho amabi. Muhle kakhulu emfuyweni . Uyangena nawo ezikweni le mfuyo. Umgoqo wawo unqunyiswa entubeni yesibaya lapho kuphuma khona izinkomo kwenzelwe ukuba zivikele kubakhunkuli, zinothe zibulale inyoka . Zingasengwa futhi izilwane . Azehlukani emadlelweni.
Miningi imithi yemfuyo eminye yayo iba imihlabelo njengoMathanjana, uMdlonzo kanye neminye
#Khumu!
Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV 📺

Le zinkomo zinkone. 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo