Umlando ngeNkosikazi uSitheya Hadebe,unina kaMphrofethi uShembe

Umlando ngeNkosikazi uSitheya Hadebe. (Unina kaMphrofothi uShembe)

Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo

Lo mlando ucashunwe encwadini kaBaba uMP Mpanza esihloko sithi “UShembe noBunazaretha”

Ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane abantu bakwaHadebe babebuswa yinkosi yabo uLangalibalele ka Mthimkhulu. Ngaleso sikhathi sibathola bakhe ngaphansi kwezintaba  zoNdi noKhahlamba,okuyindawo abasakhe kuyona  nanamuhla. UNdunankulu wenkosi uLangalibalele (phecelezi Prime Minister) kwakunguMalindi ka Mthimkhulu. Ngaleso sikhathi kwasekuqale ukwanda abashumayeli beVangeli ,iningi okwabe kungabamhlophe ,ababesuke emazweni aphesheya afana nakoNgilandi, Scotland kanye namanye. Baningi abantu abansundu abasebephundukile ,bamukela uNkulunkulu umdali wezulu nomhlaba njengenkosi yabo. Indodakazi kaNdunankulu uMalindi ,uSitheya Elizabeth Hadebe,naye wayengomunye wabo. Kuthiwa ekukhuleni kwayo yakhula ilungile ,ilondekile. Kuthiwa kontangayayo yayingekho intombazane eyayifana nayo. Kuthiwa le ntombazane yakhula ihlonipha kakhulu, ithandeka futhi kubazali bayo,bonke abantu bethokoza ngayo.  Ngaleso sikhathi kwelaMahlubi kwasekutheleke ingxenyana yesizwe saMantungwa akwaDonsa ,ayeluqhamukise ezintabeni zakwaCeza . Leyo ngxenyana yaMantungwa akwaDonsa yafika kuleya ndawo osekuyiNtabamhlophe namuhla iholwa nguMzazela ka Sokhabuzela, owazala uNhliziyo ,owazala uMayekisa . Ngenkathi kufika laba bantu bakwaDonsa yayingakabusi inkosi uLangalibalele.  Uma sesibuyela kuSitheya, kuthiwa wakhula ehlonipha kakhulu. Kahle-hle kuthiwa wayelusiwe ,eluswe uMvelingqangi . Kusukela uSitheya engena ebutshitshini kuthiwa njalo kwakuthi uma ehleli yedwa ehlane ,kufike izwi kuye lithi “Sitheya mntanami ungazoni ebusheni bakho ngoba uzozala isikhonzi sikaNkulunkulu ,esiyosindisa isizwe esinsundu sikaNkulunkulu” . Kuthiwa lelizwi lalimemeza emkhathini. Kodwa uSitheya yena wayeqondi ukuthi izwi lichaza ukuthini.Empeleni izwi lalichaza ukuthi uSitheya uzozala uShembe,ngoba wagcina egane uMayekisa kaNhliziyo, kwazalwa uShembe. Kuthiwa laqhubeka lilokhu lifike njalo lelizwi kuye ,lifike lisho umlayezo ofanayo. Nempela uSitheya wakwazi ukuhlonipha uNkulunkulu nabazali bakhe akazange aqome . Kwathi ngolunye usuku uSitheya eyotheza nezinye izintombi babona imbali enhle ehlathini lapho ababetheza khona. Le mbali yabe iyinhle ,ihlobile ngezinhlobonhlobo zemibala yonke esemhlabeni. Zonke izintombi zayibabaza lembali, yayingakaze ibe khona imbali enjalo kuwo wonke umhlaba. Kwathi lapho zisababaza izintombi kwasuka uSitheya wayikha imbali ,wayifaka emlonyeni kwaba ukungena kwawo umoya oyingcwele wehlela esinyeni sakhe. USitheya wagcina eqome uMayekisa , indodana ka Nhliziyo ka Mzazela . Yagcina iceliwe lentombi yakwaMthimkhulu, zakhokhwa izinkomo zelobolo zaphelela. Kwagcagciselwana kahle ngomthetho wesiZulu . Umgcagco wabo waba muhle kakhulu,wahlonipheka ,waba nesizotha esikhulu. USitheya wagcina ebhabhadiziwe ebandleni lakhe lamaWeseli, wethiwa igama elisha ,likaElizabeth. USitheya waba yinkosikazi yokuqala kuMayekisa . Nguyena owazala uMphrofethi uShembe. Kuthiwa kwakuthi uma uSitheya ethola isisu ubaleke umoya kuhlale ongesiye uShembe. Babedlula bonke abantwana emhlabeni abazalwa phambi kwakhe kwaze kwafika isikhathi sokuzalwa kwakhe. Kuthiwa kwathi sekuphele izinyanga eziyisithupha ekhulelwe uMaHadebe waqala ukuphupha abantu abembethe izingubo ezimhlophe befika kuye bethi ” Wena uzozala inkosi esizosindisa izizwe zonke” . Kuthiwa lelo phupho laqhubeka njalo lifika ,kangangokuthi yaze yababuhlungu inhliziyo yakhe ngalelo phupho, ngoba kwakuthi uma exoxa ngalo kubantu bakubo bamhleke usulu.  Waze wazalwa-ke uShembe unina limmele leliphupho lingadedile kuye izwi,kuthiwa labuya lamkhumbuza futhi esezobeletha lathi “Wena uzozala isikhonzi seNkosi”

Esezelwe uShembe uyise uMayekisa wamqamba igama elithi nguMudliwamafa-ezwe kodwa kwachuma elikaYisemkhulu uNhliziyo lokuthi uShembe eselihlangene nesibongo sakhe.  Kuthiwa uMaHadebe ngenkathi ebeletha wezwa isandla simbamba eqolo,washesha wabeletha masinyane engabinyabinyekanga ,akazange azizwe izihlungu zokubeletha. Kuthiwa ababelethisi bafika esebelithile.  Nempela uShembe wakhula waba isikhonzi sikaNkulunkulu, nguyena owasungula iBandla lamaNazeretha i-Shembe Baptism Church

Lomlando ucashunwe encwadini kaBaba uM.P. Mpanza esihloko sithi UShembe noBunazaretha

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo