Umlando ngenkosi uMzilikazi ka Mashobana Khumalo, inkosi yaBathwakazi

Umlando ngenkosi uMzilikazi Khumalo,inkosi yaBathwakazi

Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo.

UMzilikazi ka Mashobana Khumalo ungenye yezinsizwa ezazakhela igama ngesikhathi seziMpi ezaziwa ngoMfecane , lezo zimpi zadlanga kakhulu ngeminyaka yama 1800s. Unina kwakunguNompethu indodakazi yamaNdwandwe inkosi uZwide ka Langa . UNompethu wayelwanywa nguThandile owendela eNgwenyameni uSobhuza , wazala iNgwenyama uMswazi wesibili. Kusuke kushiwo yena uThandile uma kuthiwa kubantu baseSwazini ‘Nina bakaLaZwidze’. UThandile yena welanywa nguFikile , naye owendela eNgwenyameni uSobhuza, yena-ke wazala uMntwana uNdwandwe owabulawa yiNgwenyama uMbandzeni ka Mswazi wesibili ka Sobhuza. Ngesikhathi sokubusa kwenkosi uSenzangakhona kwaZulu uyise ka Mzilikazi inkosi uMashobana yayibusa ingxenye yabantu bakwaKhumalo eyazinze eSikhwebezi kuze kuyoshaya eMkhuze . Imizi yenkosi uMashobana ekhumbulekayo kwakuseNdinaneni , eNsingweni naseNyandeni . Imbongi uMagolwana ka Mkhathini Jiyane  iyalithinta igama lomuzi waseNsingweni ezibongweni zeSilo uDingane uma ithi ‘bantu ninemihlolo ngaseNsingweni , gijimani ngazo zonke izindlela,niyobikela abakwaMashobana , nifike nithi lukhulu luyeza luyanyelela’. UMzilikazi wakhulela kwaNdwandwe ngaphansi kweso likayisemkhulu . Impilo yakhe yonke yobunsizwa wayichitha khona kwaNdwandwe , wafunda nokuba yibutho kanye nobuqhawe kwizihlabani zakwaNdwandwe. Kwathi ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka inkosi uZwide yabulala amakhosi akwaKhumalo oMashobana noDonda , yawashumpula  amakhanda yayohlobisa ngawo ilawu likanina uNtombazi. Inkosi uZwide ibulala amakhosi akwaKhumalo nje uMzilikazi ukhona laphaya kwaNdwandwe , uyabuka. Kwathi lapho inkosi uZwide isiwabulele amakhosi akwaKhumalo yabe isithi uMzilikazi akahambe ayophatha abantu bakwaKhumalo. Ngempela wasuka uMzilikazi kwaNdwandwe waphindela kwaKhumalo , ekufikeni kwakhe kwaKhumalo akasazange esabaphatha abantu bakwaKhumalo njengokuyalelwa kwakhe nguyisemkhulu, kepha wedlulela kwaZulu wayozinikela eSilweni uShaka . KwaZulu uMzilikazi waba ngelinye lamaqhawe amakhulu eSilo uShaka , wabamba elikhulu iqhaza ekwehlulweni kwenkosi uZwide ihlulwa yiSilo uShaka kwazise wayeyazi kahle inkosi uZwide ngoba wayekhulele kwaNdwandwe. Iqhaza likaMzilikazi ekwehlulweni kwenkosi uZwide lamtholisa izibongo ezithi ‘UyiNdlodlel’edlodle ngandlondlo kaMzazela eyazihlaba zema ngomgobo kwaGqokli’ . Indlodlela wuhlobo lomkhonto olubuye lwaziwe ngokuthi ‘umdlulu’. UMzazela wayeyinyanga enkulu eyayiphila ngesikhathi sokubusa kwenkosi uSenzangakhona,wayeyindodana kaSokhabuzela Khumalo  , nguyena owazala abesibongo sakwaShembe.Ngenxa yobuqhawe bakhe uMzilikazi  iSilo uShaka sagcina simkhumphule waba ngenye yezinduna ezinkulu ezazithunywa yiLembe ukuba ziyohlasela izizwe ezikude . Ngokomthetho wakwaZulu kwakuthi uma iqhawe kade lithunywe yiSilo ukuba liyodla izinkomo esizweni esithile, lezo zinkomo elalisuke lizidlile lalizethula zonke eSilweni esisuke sibusa , bese kuba yiSilo esiklomelisa iqhawe laso ngesibalo esithile sezinkomo. Ngowe 1821 iLembe lathuma uMzilikazi ukuba ayohlasela abeSuthu ababebuswa yinkosi uHanesi eNtabazwe {Harrismith}. Ngempela waphuma uMzilikazi ehola impi yeLembe waphikelela khona eNtabazwe wafike wabahlasela abeSuthu wadla umhlambi wezinkomo.Kulowo mhlambi kwakukhona uNyonikayiphumuli okuwuhlobo lwenkomo olwabe luyigugu kakhulu emakhosini asendulo . UNyonikayiphumuli yinkomo emhlophe qwaba engenalo nelilodwa ibala , amakhosi asendulo ayekholelwa ekutheni lolo hlobo lwezinkomo luhlobisa ikoMkhulu. Esewudlile umhlambi wezinkomo zabeSuthu wawuqhuba wabheka nawo kwaZulu wayowethula eSilweni uShaka . Ekuwethuleni kwakhe wagodla wonke uNyonikayiphumuli. Kwase kusuka omunye wabafowabo bakaMzilikazi ogama lakhe kwakunguNzeni wayobikela iLembe ngezinkomo ezazigodlwe nguMzilikazi. Lathukuthela kakhulu iLembe lathumela izithunywa zalo kuMzilikazi ukuba ziyomtshela ukuthi abuyise izinkomo , noma abhekane nempi. ILembe laphathisa izithunywa zalo umlenze wenkomo lathi lowo mlenze aziyonika uMzilikazi . Isenzo seLembe sokunika uMzilikazi umlenze wenkomo sasiyinhlamba kokaMashobana ngoba kwaZulu umuntu wesilisa akayidli inyama yomlenze, idliwa ngomama.  Ngakho-ke iLembe lalibiza uMzilikazi ngomama ngokumthumela umlenze wenkomo. UMzilikazi wawenqaba lowo mlenze owawuphethwe yizithunywa zeLembe wazibuza ukuthi ‘ ngumlenze wankomo lowo? Ukhona umlenze wezinkomo zakithi eNgome.’ Kuyileso sizathu abakwaKhumalo bethakazelwa ngokuthi ‘nina enenqaba ukudla umlenze wakwaBulawayo, nathi ngumlenze wankomoni lowo ? ukhona umlenze wezinkomo zakithi eNgome’. Naye uMzilikazi wahlaba eyakhe inkomo maqede wasikela izithunywa zeLembe umlenze wathi aziyonika iLembe .  ILembe lagcina liphake impi eyahlasela uMzilikazi kwaliwa iziwombe ezimbili . Esiwombeni sokuqala uMzilikazi wakwazi ukuyihlehlisa impi yeLembe , kepha esiwombeni sesibili yegoba uphondo ekaMzilikazi kwasala enkundleni  izinsizwa zakhe eziningi. Ngemuva kokwehlulwa kwakhe uMzilikazi walifulathela elakwaZulu wabheka enyakatho . Ngowe 1825 wakha umuzi wakhe waseKuphumuleni ngaphezu komfula uBhalule {Oliphant River} lapho sekuseEmerlo khona namuhla. Akahlalanga isikhathi eside kuleya ndawo ngoba ngowe 1826 wabuye wafuduka wayowakha ngaseMosega , buqamama nalapho sekwakhiwa idolobha laseZeerust . Kuleya ndawo wakha imizi yakhe yaseGabeni , eMkhwahla , eMncwazini kanye neminye .Wahlasela izizwe iningi lazo okwakungezabeTswana, ayezinqoba wayezifaka ngaphansi kombuso wakhe. Izwe lakhe lagcina selilikhulu kakhulu impela , lisuka khona eMosega lihambe njalo lize liyofika lapho sekuyiGauteng khona namuhla . Lapho sekuyiGauteng khona namuhla uMzilikazi wakha imizi yakhe yaseNdinaneni {evusa okayise} , eMhlahlandlela , kwaPhelandaba , eNkungwini kanye neminye. Ngowe 1836 impi kaMzilikazi yahlasela amabhunu ayeholwa uHendrick Potigitier yathumba izingane zawo ezintathu kanye nemfuyo yawo. Amabhunu afunga agomela athi kwakudingeka uMzilikazi abuyise  zingane zawo , kungenjalo ayezoshumpula ikhanda lakhe. Unyaka ka 1836 waba unyaka onzima kakhulu esizweni sikaMzilikazi ngoba ngawo lowo nyaka wahlaselwa yimpi yeSilo uDingane eyayiholwa nguNdlela Ntuli yashisa umuzi waseNdinaneni*** Liyavela igama lomuzi waseNdinaneni ezibongweni zeSilo uDingane uma kuthiwa ‘uyadela mfazi waseNsuze, wena oyakubona uManyelela , mhla eyobulala izitsha zaseNdinaneni’. Ngawo futhi unyaka ka 1836 uMzilikazi walwa namaKorana kaJan Bloem ayemhlanganyele namaHiligwa ka Bareng Bareng , kuleyo mpi uMzilikazi wawehlula amaKorana namaHiligwa ,kwathi umholi wamaKorana uJan Bloem wasala enkundleni . AmaKorana isizwe samaKhaladi esiyingxenye yamaHiligwa {Griqua}. Kwathi ngowe 1837 ngoLwezi amabhunu aqoqa zonke izitha zikaMzilikazi ,aphaka impi ayohlasela aGabeni ,empini eyaziwa ngesilungu ngokuthi yiBattle of Kapeni . Ezitheni zikaMzilikazi ezaqoqwa ngamabhunu kwakukhona amaHiligwa, amaKorana , abaTau benkosi uMoletsane , abaKgatla benkosi uPilane , abaPo benkosi uMogale kanye nabanye. Impi yaseGabeni yadala olukhulu umunyu esizweni senkosi uMzilikazi , kwashiswa umuzi waseGabeni , owaseMkhwahla nowaseMncwazini , kwafa nabantu abaningi kakhulu . Izindaba zokushiswa kwemizi yenkosi uMzilikazi zahamba zaze zayofinyelela kumngane wakhe uRobert Moffart owayemshumayeli weVangeli , ezinze eKurumana . Nguyena uMoffart owatshela inkosi uMzilikazi ngezwe laBanyayi , osekuyiZimbabwe khona namuhla . Ngawo unyaka ka 1837 inkosi uMzilikazi yawela nesizwe sayo yawela iNgulukudela {Limpopo River} , yabheka khona lapho sekuseZimbabwe khona namuhla yafika yakha ngaseNingizimu . Yavusa imizi yayo yaseMhlahlandlela, eMncwazini , eNdinaneni, kanye neminye . Inkosi uMzilikazi yakhothama ngowe 1868 , ngemuva kokukhothama kwabusa indodana yayo uLobhengula. Imizi yenkosi uLobhengula kwakukwaBulawayo , eQweqweni , eMganwini kanye neminye.Umuzi wakwaBulawayo namuhla usuyidolobha laphaya ezweni laseZimbabwe . Isizwe senkosi uMzilikazi saziwa ngokuthi yisizwe saBathwakazi , sitholaka eNingizimu yezwe laseZimbabwe . Inkosi uLobhengula yabusa kusukela ngo1870 ,kwaze kwaba wu-1893 ,lapho yehlulwa khona amaNgisi kaCecil John Rhodes ,empini yaseGadade. Phakathi kuka1868 kuya ku1868 isihlalo sobukhosi sasibanjwe nguMncumbatha ka Kholo Khumalo . Sisazobuye sichaze ngenkosi uLonhengula maduze.

#Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo