Umlando ngenkosi kaGasa uSoshangane ka Zikode ka Gasa Nxumalo

Umlando ngoSoshangane

Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo:

USoshangane ka Zikode wakwaNxumalo, wayengenye yezinsizwa ezazakhela igama ngesikhathi soMfecane-okuyizimpi ezadlanga kakhulu ngeminyaka yama-1800. Abantu  bakwaNxumalo bayikhohlo lakwaNdwandwe , endulo sibathola bakhe ngaseTshaneni, enyakatho  yomfula uMkhuze. Ngenkathi impi yenkosi uZwide ka Langa Ndwandwe yehlulwa yimpi yeLembe (iSilo uShaka)ngo1818 , nguSoshangane owabe engumdidiyeli wayo. Kwathi ngemuva kokwehlulwa kwenkosi uZwide ,uSoshangane walifulathela elakwaZulu ,wabheka enyakatho. Endleleni, wayehamba ehlasela ezinye izizwe,ngenhloso yokwandisa isizwe sakhe. Izizwe ayezinqoba wayethumba imfuyo yazo,nabantu.Izinsizwa ayezithumba wayezibuthela emabuthweni akhe, ngenhloso yokwandisa impi yakhe. Inhloso yakhe kwabe kuwuzakhela obakhe ubukhosi. Ngo-1825 ,uSoshangane wakha isigodlo sakhe endaweni yaseDalagubha(Delagoa Bay),eMabhudu, eMozambikwe  ,asiqamba ngoyisemkhulu uGasa , wathi kukwaGasa omkhulu. Nesizwe sakhe naso wasiqamba ngaye uyisemkhulu , wathi singesakwaGasa . Lowo muzi wagcina usubizwa ngokuthi kukwaGazankulu ngenxa yokubhimba kwaMaputukezi.Isizwe sikaSoshangane sathi ukwanda ngo-1826 kulandela ukwehlulwa kukaSikhunyana kaZwide ,ehlulwa yiLembe empini yaseZindololwaneni. Lokho kwalandelwa wukufuduka kwabalandeli bakaSikhunyana  abaningi  bayozibandakanya noSoshangane eDalagubha. UGasa wabuye wanda ngenkathi kufika uSomveli ka Dingiswayo Mthethwa, owatheleka kwaGasa nabalandeli bakhe emva ukubulawa kukaMondisa ka Dingiswayo Mthethwa ,ebulawa yimpi yeSilo uShaka. USomveli wazala uSitimela ,okwahamba kwahamba wagcina ephindele kwaZulu. Ngo-1828 iLembe laphaka impi ,eyaholwa yinduna uMdlaka ka Ncidi Ntshangase ukuyohlasela uSoshangane, leyo mpi yaxakwa wunakane endleleni eya eDalagubha, yagcina ijikile,yabuyela kwaZulu, kanti iyothi uma ifika kwaZulu ifice iLembe selikhotheme,ngoMandulo 1828. Impi yeLembe yajika ngasemfuleni  uBhalule (Oliphant River),lapho lungenela khona emfuleni iNgulukudela(Limpopo River). Unakane wuhlobo lwezibawu okuthiwa lwaluluma umuntu aphathwe yi-Nagana Disease, kuthiwa umuntu owayephathwa yileso sifo zazingapheli izinsuku ezintathu esaphila.Maningi amabutho kaZulu asala oBhalule , ebulawa wunakane, kulawo mabutho singabala noMntwana uNzibe ka Senzangakhona ,owayelamana neSilo uMpande , kanye noMntwana uNtikili. Bobathathu babezalwa undlunkulu uSongiya ka Ngotsha Hlabisa . UMntwana uNtikili wagana inkosi uMayanda Mkhwanazi, kwazalwa inkosi uSomkhele. Ngemuva kokubhutsha kwemizamo yeLembe yokuhlasela isizwe sakwaGasa, uSoshangane wakubona kukuhle ukuba athuthe isigodlo sakwaGasa omkhulu ,ayosakhela endaweni yaseChamaite , okuyindawo engekude kakhulu nokho naseDalagubha. E-Chamaite uSoshangane wahlasela wehlula abaHwebi baMaputukezi ababeholwa nguM.J da Costa, wabuye wahlasela  izizwe ezinsundu, esingabala kuzo esamaHlengwe , abaNdawu, amaSenga kanye nezinye. Ngo-1830  uSoshangane , uNxaba Msane noZwangendaba Jele benza umfelandawonye wokuhlasela izizwe,bedla imfuyo yazo, bethumba nabantu . UZwangendaba noNxaba nabo babesuke kwaZulu bebalekela ulaka lweSilo uShaka. Kulowo mfelandawonye bahlasela kakhulu  isizwe samaNyayi nesamaNyika ,okuyizizwe ezitholakala lapho sekuyizwe laseZimbabwe khona namuhla. Ngo-1831, lagqabuka igoda phakathi kwabo-kwaqubuka impi, uNxaba noZwangendaba bahlanganyela uSoshangane bamhlasela, wabehlula uSoshangane ,babaleka babheka enhla. Izwe lakwaGasa lagcina selinwebeke kakhulu impela ,lalisuka khona eDalagubha , linyuke njalo liyowela umfula uSabe ,lihambe njalo lize liyothatha yonke indawo eyaziwa namuhla ngokuthi kuseManyikaland ,eZimbabwe . Ngo-1858 yakhothama inkosi yakwaGasa uSoshangane, ngemuva kokukhothama kwayo kwaqubuka umbango phakathi kwamadodana ayo, oMzila noMawewe.  Lo mbango phakathi kukaMzila noMawewe wagcina ungenelwe ngamaPutukezi ,elekelela uMzila , wagcina ehluliwe uMawewe kulowo mbango , wabalekela eNgwenyameni uMswazi wesibili,kwaba wukulithatha kwawo amaPutukezi elakwaGasa..UMzila wabusa impela kepha wabusa ngaphansi kwawo amaPutukezi. Kwathi ngemuva kokukhothama kukaMzila ubukhosi bathathwa yinkosana yakhe uMdungazwe ,owayebuye aziwe ngelikaNgungunyana. UMdungazwe wakha isigodlo sakwaMandlakazi , asakhela endaweni eyaziwa namuhla ngokuthi kuseXai-Xai khona eMozambikwe. Yena-ke wazama nokho ukulithatha izwe kumaPutukezi, kwaliwa izimpi , kodwa kwahlanga zemuka nomoya. AmaPutukezi agcina embophile uMdungazwe nendodana yakhe uBuyisonto(uGodide), abadingisela kwelamaPutukezi (Portugal) , nokuyilapho uMdungazwe akhothamela khona. UBuyisonto yena wagcina ebuyile ekudingisweni, kepha wafica ubukhosi sebuthathwe ngumfowabo uThulamahashe ka Mdungazwe, owayebekwe nguMpisane wakhona kwaNxumalo. UThulamahashe wagcina akhe omunye uMandlakazi endaweni yaseBushbuckridge,osekhona namanje. UThulamahashe kwaqanjwa ngaye idolobhana elincane ,elibuqamama nedolobha laseBushbuckridge

Imithombo yolwazi

-The Zulu Aftermath(Incwadi eyalotshwa ngu-J Omer Cooper

-Ziphuma eguleni(Incwadi eyalotshwa nguSenzo Maswidi Mbatha)

#Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo