Uhla lwamabutho eziNgonyama zakwaZulu

UMdwebo weQhawe likaZulu

 

Uhla lwamabutho eziNgonyama zakwaZulu:

Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo.

Nina beMbube nantu uhla lwamabutho abuthwa iziNgonyama ,zakwaZulu. Kukhona amagama amabutho ayelokhu ephindaphindeka . Isibonelo uDlambedlu. Lelo yibutho elabuthwa yiSilo uDingane ngo 1828, kanti neSilo uMpande sabuye sabutha olunye futhi uDlambedlu ngo1843, olwalubuye lubizwe ngoMdlenevu ,noma iziNgwegwe. Kanti naMaWombe nawo kuzoqhapheleka ukuthi ayelokhu ephindaphindeka.

1. *Amabutho enkosi uSenzangakhona ka Jama *

(Yakhothama ngo 1816)

*AmaWombe/uMbelebele*

-AmaWombe , ayebuye aziwe ngoMbebelele . Igama laleli butho livela kaningana ezibongweni zeSilo uShaka. Kuleli butho kwakukhona aBaNtwana oMaphitha, uDomba , uTokotoko bakaMaphitha . Iningi lamadodana aleli butho labuthelwa ebuthweni le Ndaba ka Wombe ,libuthwa yiSilo uMpande ngo 1841 .

* Amanye amabutho enkosi uSenzangakhona kwakuyiZimpohlo, iNtontela kanye noMgamule. INtontela yayibuye ibizwe ngoJubingqwanga, yayibandakanya oNdlela ka Sompisi Ntuli , Nongila Mabaso, Hlathi ka Ntopho Ntshangase kanye nabanye.

*Amabutho eSilo sakwaDukuza  iSilo uShaka ka Semzangakhona*

(ISilo uShaka sabusa kusukela ngo 1816 kuya ku 1828). Ibutho lokuqala esalibutha wuFasimba ,okwakukhona kulo uMdlaka wakwaLanga .

Nanka amabutho aso

-UFasimba

-UGibabanye

-UFojisa

-IMfolozi

-INdabankulu

-UNomdayana

-AMaphela

-AMakhwenkwe

-IZizimazana

-UMgumanqa( wawubuye waziwe ngoKhangela

-ISiphezi

-UNteke

-UMbonambi

-UDlangezwa

-IZinyosi

*Amabutho eSilo saseMgungundlovu iSilo  uDingane ka Senzangakhona)

ISilo uDingane sabusa kusuka ngo1828 kuya ku 1840

Nanka amabutho aso

-UDlambedlu (lwabuthwa ngo1828)

-IZibawu

-UHlomendlini omnyama nomhlophe

-IMvokwe

-UMkhulutshane / ISigulutshane/ uNdaba kade ngizobona/ iNdlavini

(UMkhulutshane wabuthwa ngo1833, kwakukhona kuwo inkosi uSigananda , uZikhali Hlongwane, inkosi uMnyamana Buthelezi, uNdunankulu uMasiphula Ntshangase kanye nabanye, izinsizwa uMkhulutshane zazizalwe ngo1813)

-IMihhaye (yayizalwe ngo1816, yabutha ngo1836)

-IHlaba (izinsizwa zeHlaba zazizalwa ngo1817, zabuthwa ngo1837)

-UKhothikhothi (lwabuthwa ngo1838, izinsizwa zalo zazizalwe ngo1818)

*Amabutho eSilo sakwaNodwengu iSilo uMpande ka Senzangakhona *

ISilo uMpande sabusa kusukela ngo1840 kwaze kwaba wu1872

Amabutho aso.

-INdaba ka Wombe (yabuthwa ngo1841, izinsizwa zayo zazizalwe ngo1821 kuya ku 1823 , yayibuye yaziwe ngeZishoza, noma AMawombe)

-UDlambedlu / uMdlenevu /IziNgwegwe( leli butho labuthwa ngo 1843,izinsizwa zalo zazizalwe ngo 1823)

-INgulube ( yabuthwa ngo1844, izinsizwa zayo zazizalwe ngo1824)

-UMkhuze

-UMzwangwenya

-UMsikaba /uMzinyathi /uNongamlana

-ISangqu (labuthwa ngo1852, izinsizwa zalo zazizalwe ngo 1832)

-UThulwana /AMamboza (Leli butho lalande aBaNtwana beSilo uMpande ,kubandakanya neSilo uCetshwayo, labuthwa ngo1854 , iningi lezinsizwa zalo zazizalwe ngo1834)

-ISibabule (labuthwa ngo1855 izinsizwa zalo zazizalwe ngo 1835)

-INkonkoni (yabuthwa ngo1956, izinsizwa zayo zazizalwe ngo 1836)

-INdlondlo( iNdlondlo yabuthwa ngo 1857, izinsizwa zayo zazizalwe ngo 1937)

-UDloko (uDloko lwabuthwa ngo1858, izinsizwa zalo zazizalwe ngo 1838, lwaluqaphe iSigodlo sakwaGqikazi, kuyileso sizathu lwalubuye lwaziwe ngoGqikazi. Udloko ngelinye igama elisho inyoka yendlondlo , inyoka enolaka ,ethi nxa ithe yathukuthela ivuka ime qingqo ,ijahe abantu)

-UDududu (labuthwa ngo 1859 , izinsizwa zalo zazizalwe ngo1839)

-IQwa ( labuthwa ngo 1860, izinsizwa zalo zazizalwe ngo 1840)

-UMxhapho /uMpunga /uHlwayi(uMxhapho wabuthwa ngo 1861 , izinsizwa zawo zazizalwe ngo 1841. Leli butho lalibandakanya uMntwana uZibhebhu)

-Ngo1862 iSilo uMpande sabutha amabutho ukuba ayoqapha  isigodlo sase Mlambongwenya okwabe kuwumuzi kaNdlunkulu uSongiya ka Ngotsha Hlabisa ,  kwabo ka Mntwana uMpande. UNdlunkulu okaNgotsha wayengomunye wamakhosikazi enkosi uSenzangakhona. Amabutho abuthwa  yiSilo uMpande ukuba ayoqapha uMlambongwenya iSipikili, uMlambongwenya ne Nsukamngeni. Lawo amabutho ayezalwe ngo1842.

– INdwali (yabuthwa ngo 1863 , izinsizwa zayo zazizalwe ngo 1843)

-IShadu/aMaShadu( leli butho labuthwa ngo 1864 , izinsizwa zalo zazizalwe ngo 1844)

-UNokhenke ( wabuthwa ngo 1865 , izinsizwa zawo zazizalwe ngo 1845)

-UMbonambi onduku zibomv’igazi( wabuthwa ngo 1866, izinsizwa zawo zazizalwe ngo 1846. Leli butho lalibandakanya uMankulumana ka Somaphunga Ndwandwe owagcina esenguNdunankulu weSilo uDinuzulu. Induna yaleli butho kwakunguNtuzwa ka Sekethwayo Mdlalose. Kuhambe kwahamba lagcina seliholwa nguMankulumana. Lahlabana kàkhulu eSandlwana leli butho, liholwa nguye uMankulumana.

-INdluyengwe ( yabuthwa ngo 1866, izinsizwa zayo zazizalwe ngo 1846)

-UMhlanga (wabuthwa ngo 1867 , izinsizwa zawo zazizalwe ngo 1847)

-Ngo 1868 iSilo uMpande sabutha amaKhwenta/iKhwenta , iMvemnyama (eyagcina isikhushulelwe kuMlambongwenya), uKhandampevu/uMcijo, uNqakatshe kanye noMthulasazwe. Esewonke lamabutho ayebizwa ngokuthi ayiNdluyengwe encane.

ISilo uMpande sakhothama ngo1872, salandelwa yindodana yaso iSilo uCetshwayo ka Mpande

*Amabutho eSilo sasoNdini uCetshwayo ka Mpande*

ISilo uCetshwayo ka Mpande yisona esalandela iSilo uMpande ka Senzangakhona eSihlalweni soBukhosi. Sabusa kusuka ngo 1872 kuya ku 1884 .

Amabutho aso

-INgobamakhosi (Induna yalo kwakunguSigcwelegcwele ka Mhlekehleke Ngema, leli butho lahlabana kakhulu eSandlwana  , kwakukhona kulo uMehlokazulu ka Sihayo Ngobese. Leli butho lalibuye laziwe ngokuthi liwuNobongowezulu.

-UVe /uLandandlovu( uMntwana uDabulamanzi (Marksman) wahola leli butho eSandlwana)

-UFalaza /uMsizi/iNzekema (labuthwa ngo1877)

-UFalaza 2 (wabuthwa ngo 1878)

ISilo uCetshwayo ka Mpande sakhothama ngo 1884 , salandelwa yindodana yaso iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo.

*Amabutho eSilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu*

ISilo uDinuzulu ka Cetshwayo salandela iSilo uCetshwayo ka Mpande eSihlalweni soBukhosi

Amabutho aso

– IMbokod’ebomvu/INhlansi

-UFelaphakathi/INgubo ka Khundlase /INdaba ka Ndondondo (labuthwa ngo 1888, izinsizwa zalo zazizalwe ngo 1866 kuya ku 1868.

– Dukw’ukusutha /IHawulengwenya ( labuthwa ngo1902 , izinsizwa zalo zazizalwe ngo 1869 kuya ku 1879 .

-UMavalana / uCijimpi /INtabenganaliba( labuthwa ngo 1906 , izinsizwa zalo zazizalwe ngo 1878 kuya ku 1886

-UVukayibambe (wabuthwa ngo 1912, izinsizwa zawo zazizalwe ngo 1887 kuya ku 93 .

ISilo uDinuzulu sakhothama ngo 1913. Salandela yindodana yaso iSilo uSolomona Phumuzuzulu Maphumzana ka Dinuzulu.

*Amabutho eSilo sakwaDlamahlahla iSilo  uSolomon ka Dinuzulu*

ISilo uSolomon sabusa kusukela ngo 1913 kuya ku 1833. Yisona esakha iTshe lesikhumbuzo seLembe kwaDukuza .

Amabutho aso

-INqaba yokucasha /INqaba yeMbube ( labuthwa ngo 1918, izinsizwa zalo zazizalwe ngo 1894 kuya ku 1899.

-UPhondolwendlovu (labuthwa ngo 1825 , izinsizwa zalo zazizalwe ngo 1906

-INtabayezulu

Ngemuva kokukhothama kweSilo uSolomon kwabusa iSilo sakwaKhethomthandayo iSilo uBhekuzulu ka Solomon

Amabutho eSilo sakwaKhethomthandayo iSilo uBhekuzulu ka Solomon

-UKhiphimpunzi

-UManukelana

-UMkhuphulangwenya

UBhusha ka Nayifi wabusa uZulu kusukela ngo 1948 kwaze u 1968

#Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo