Umlando ngoNdunankulu uMasiphula kaMamba Ntshangase

Umlando ngoMasiphula ka Mamba Ntshangase

Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

UMasiphula ka Mamba wakwaNtshangase wayeyiqhawe leziNgonyama oDingane noMpande. Wabuthwa yiSilo uDingane simbuthela ebuthweni loMkhulutshane okuyibutho okwakukhona kulo inkosi uSigananda ka Zokufa Shezi nenkosi uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane uMasiphula wagcina eseyinceku yaso, esehlala esigodlweni seSilo uDingane saseMgungundlovu, ngaseMakhosini. Ngokomlando, kuthiwa nguyena owatshala iSilo uDingane esizweni sakwaNyawo , eNgwavuma. Kwathi ngesikhathi kuqubuka impi yaseMaqonqo okuyimpi eyabe iphakathi kweSilo uDingane noMntwana uMpande uMasiphula welekelela iSilo uDingane. AMaqonqo yizintatshana ezimbili ezengamele umfula uPhongolo. Impi yaseMaqonqo yalwa ngoMasingana(January) wango- 1840 , imbangela yempi kwaba wukungaboni ngaso linye phakathi kweSilo uDingane noMntwana uMpande ngenkathi uZulu elwa namaBhunu eNcome mhlaka 16 Zibandlela 1838. Sehlulwa iSilo uDingane eMaqonqo, sagcina siphikelele eNgwavuma lapho esafike sakhothamela khona , satshalwa nguMasiphula owayekanye naso ngenkathi kusukwa eMaqonqo.  UMntwana uMpande nguyena owalandela iSilo uDingane esihlalweni sobukhosi bakwaZulu. Ngenkathi kugcotshwa uMntwana uMpande, uMasiphula wayengekho emkhosini wokumgcoba, wayesase Ngwavuma. Wathatha isikhathi ukuthi afike kwaNodwengu esigodlweni seSilo uMpande, kwathi lapho iSilo uMpande simbuza ukuthi ubekade ebanjwe yini waphendula ngokuthi ” ubelinde ukuthi kwehle ihlahla edlinzeni leSilo uDingane” .Kuthiwa iSilo uMpande sagculiseka kakhulu ngempendulo kaMasiphula , sathi naso uyositshala uma sesikhotheme. Ekungeneni kweSilo uMpande esihlalweni sobukhosi bakwaZulu uNdunankulu wokuqala weSilo uMpande kwaba nguMbilini ka Cungeya Mthethwa ,owabe engesinye sezikhulu zezwe. Kwathi uma uMbilini eshona ngemuva kokuphuza utshwala okwasolakala ukuthi babufakwe ushevu, kwasekubekwa uMasiphula njengoNdunankulu omusha ,isekela lakhe kwaba uMnyamana ka Ngqengelele. UNdunankulu uMasiphula nguyena owayehola izimpi zeSilo uMpande , nguyena owahola impi eyahlasela amaSwazi ngaphansi kweNgwenyama uMswazi wesibili ngo-1852 lapho uMntwana uCetshwayo alwa khona ngobuqhawe obukhulu. Impi yamaSwazi yayiholwa nguMgayi wakwaFakude naye owabe enguNdunankulu weNgwenyama uMswazi wesibili. UNdunankulu uMasiphula wayebuye abe yimbongi, wayekwazi ukuhasha amakhosi asendulo. Wayeba ngenye yezimbongi ezazihasha amakhosi asendulo nxa kuyocelwa imvula ngaseMakhosini, noma nxa kugujwa umkhosi woKweshwama kwaNodwengu. Imbongi enkulu kaZulu ngaleso sikhathi kwakunguMagolwana ka Mkhathini Jiyane. Kwathi ngenkathi kuzolwa impi yaseNdondakusuka ,uNdunankulu uMasiphula wamangaza iSilo uMpande ngokugqisha noMntwana uCetshwayo. ISilo uMpande sasicabanga ukuthi uNdunankulu uMasiphula wayezochema noMntwana uMbuyazwe . Impi yaseNdondakusuka yalwa ngo1856 mhlaka 2 Zibandlela(December),yabe iphakathi kwaBantwana beSilo uMpande oCetshwayo noMbuyazwe . Abalandeli boMntwana uCetshwayo babezibiza ngokuthi bawuSuthu, aboMntwana uMbuyazwe babezibiza ngeZigqoza . WuSuthu loMntwana uCetshwayo olwadla umhlanganiso. Ingakabheduki impi yaseNdondakusuka iSilo uMpande sajuba uNtobolongwana ka Mshwayibana Shezi ukuba agqugquzele izinsizwa eNkandla ukuba zeseke iZigqoza . Kwathi uNontobolongwana engakakwezi lokhu wathola umbiko owawuvela kuNdunankulu uMasiphula owawuthi angalokothi agqugquzele izinsizwa ukuba zeseke iZigqoza , wathi kuhle azigqugquzele ukuba zeseke uSuthu, wathi uma zingakwenzi lokhu impi yoSuthu yayizodudulela oThukela bonke ababephambene nayo. ISilo uMpande sagcina sikhotheme ngo 1872 , satshalwa eMakhosini nguyena uNdunankulu uMasiphula. Naye uNdunankulu uMasiphala wagcina ekhotheme ngoNcwaba ka 1873,naye njengoMbilini wakhothama ngemuva kokuphuza utshwala okwasolakala ukuthi babufakwe ushevu.

Imithombo yolwazi

-Izizwe zamakhosi akwaZulu uMqulu 3 (Incwadi eyalotshwa nguSolwazi J Maphalala)

Ngena kule nqolobane ubheke umlando ngesibongo zaboHlanga www.indabukoyakho.com

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo