Umlando ngoMagaye noMande ,amadodana ka Vico Cele

Umlando ngamadodana kaVico oMande noMagaye Cele

-Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Abantu bakwaCele baphuma kubantu bakwaMthethwa , uCele ozala abantu bakwaCele wayengowakhona kwaMthethwa . Ngesikhathi sokubusa kwenkosi uDingiswayo ka Jobe kwaMthethwa , abantu bakwaCele babebuswa yinkosi uDubandlela ka Mkhokheli . Inkosi uDubandlela yayinomuzi lapho sekuseGroutville namuhla .Inkosi uDubandlela Cele yaphila isikhathi eside kangangokuthi kwagcina kushone amadodana ayo oMdinsilwa noVico yona isawadla anhlamvana . Amadodana kaVico oMagaye noMande bagcina bebanga ubukhosi uyisemkhulu uDubandlela esaphila . Ekubangeni kwabazukulu benkosi uDubandlela kwaphumelela uMagaye . Ngenxa yokuthi uMagaye wayengeke abuse uyisemkhulu esaphila , wagcina eshiyile emzini kayisemkhulu wayokwakha ngasemthonjeni womfula uMhlali. Kwathi uMande yena wawela uMvoti wayokwakha lapho sekukwaDukuza khona namuhla . Bathi besazihlalele ngokunethezeka kwaqhamuka izithunywa zeSilo uShaka , zaqala ngakuMande ,zafike zathi zithunywe yiSilo uShaka sithi impi yaso ilambile , ifuna ukudla ukuze ithole amandla okulwa. UMande wakhomba inja ezacile wathi izithunywa zeLembe azithathe yona ziyokudla . Zedlulela phambili izithunywa zeLembe zaqonda kuMagaye , zafike zasho umlayezo owafanayo . UMagaye yena waziphatha kahle kakhulu izithunywa zeLembe , wazihlabisa , wazondla izithunywa zeSilo sikaZulu . ISilo uShaka sizwa ngendelelo kaMande sathukuthela sathelwa ngamanzi . Kodwa uMande washeshe wabaleka nabo bonke abantu bakhe bashiya imfuyo yabo esitheni bayocasha ehlathini ngasolwandle . ISilo uShaka sathi makangalandelwa uMande ehlathini , makayekwe khona kodwa ancishwe ukudla . UMagaye yena wahlala ngokunethezeka okukhulu ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka . Yabhoka indlala ehlathini kuMande nabantu bakhe kangangokuthi waze wacela umfowabo uMagaye ukuthi makayomcelela uxolo eSilweni uShaka . Ngempela wakwenza lokhu uMagaye , waya eSilweni uShaka wayocelela umfowabo uxolo. Ngempela iSilo uShaka samvumela uMande ukuba abuyele emzini wakhe . Kwathi lapho esahlezi ngokukhulu ukunethezeka zaqhamuka futhi izithunywa zeLembe , kulokhu zafike zathi kuMande sithi iSilo uShaka asizohlaba leya nja ezacile owasikhomba yona . Wavele wafunda kwezakhe uMande ukuthi kwakungasashiwo nja , kepha kwakusekushiwo yena uqobo . Waphulukundlela wabaleka waphindela khona ehlathini. ISilo uShaka sagcina sakhe umuzi waso wakwaDukuza emanxiweni kaMande . Kwathi selikhotheme iLembe iSilo uDingane saqala umkhankaso waso wokubulala bonke abantu ababengabahlobo beLembe . NoMagaye naye wabulawa. UMande yena wathi lapho ezwa ngokukhothama kweLembe waphuma ekubhaceni, kanti uzofike abulawe nguNqetho ka Khondlo wakwaQwabe naye owayebalekela ulaka lweSilo uDingane . Ngemuva kwezigameko zokubulawa koMande noMagaye abantu bakwaCele bahlakazeka kakhulu. Uzalo lukaMande lwabalekela kubantu bakwaLuthuli seluholwa yindodana encane kaMande uXabhashe , lwakha ngaseSiphingo , ngezansi komfula uMlaza . Uzalo lukaMagaye lona lwagcina selubuswa yindodana kaMagaye encane ogama layo kwakunguMkhonto . UMkhonto wakha umuzi wakhe wakwaNjanduna lapho sekwakhiwa khona idolobha laseVerulam . UMkhonto wayebekwe yiSilo uDingane esihlalweni sobukhosi bakwaCele ngemuva kokwenqaba kwendodana kaMagaye endala ukungena emabuthweni eSilo uDingane. Igama lendodana endala kaMagaye kwakunguMgidigidi.

###Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo