Dlamuka

Ngokwezigaba zabaNguni abantu bakwaDlamuka bangabaNguni abangabaNtungwa Nguni .Lokho akubahlobanisi nabakwaKhumalo noma abakwaMabaso . AbaNguni bahlukaniswe izigatshana , kukhona abaNtungwa Nguni , abaNguni baseMbo, aMalala Nguni kanye nezinye izigaba. AbakwaDlamuka bona-ke bawela esigabeni sabaNtungwa Nguni. Laba bantu bakwaDlamuka kusengabantu bakwaQwabe noma ngithi abakwaGumede. UDlamuka okwaqanjwa ngaye isibongo wayengenye yamadodana kaKhuzwayo kaSimamane wakhona kwaQwabe . UQwabe lona wayeyiNkosana yeNkosi uMalandela ka Luzumana .  INkosi uMalandela yayakhe ngaphezu komfula iNgwegweni engenela eMhlathuze .Umfula iNgwegweni usuka eThaleni. Umuzi weNkosi uMalandela omkhulu wawubizwa ngokuthi kukwaNkomonye nokuyilapho kwakhulela khona oQwabe noZulu. Omunye umuzi weNkosi uMalandela kwakusoDwini. Amanxiwa akwaNkomonye angasentshonalanga yaseMpandleni , lapho sekwakhiwa khona idolobha laseNkandla.  UQwabe wayengumnewabo kaZulu . Bobabili babezalwa uNdlunkulu weNkosi uMalandela uNozinja wakwaZungu .NguQwabe owabe eyiNkosana yeNkosi uMalandela futhi nguyena okwakufanele alandele uYise esihlalweni sobukhosi.  UNdlunkulu uNozinja kuthiwa wayenekhono lwekwenza imisenzi yezandla, eluka amacansi nokunye. Kuthiwa wagcina esedlondlobale kakhulu esenezinkomo ezibulala inyoka ayezithola ngalo ikhono lakhe . Kuthiwa izinkomo zakhe kwakunguChibidolo uqobo , phakathi kwazo kwakukhona noNyonikayiphumuli nokuwuhlobo lwenkomo emhlophe qwaba engenalo nelilodwa ibala. Lolo hlobo lwenkomo lwaluyigugu kwaZulu futhi luseyigugu nanamuhla.  Kuthiwa kwathi ngemuva kukukhothama kweNkosi uMalandela uNdlunkulu uNozinja wathatha wonke uChibidolo wawunika indodana encane okunguZulu. Leso senzo sikaNdlunkulu uNozinja samnenga kakhulu uQwabe waduba ikhaya washiya umuzi wakubo kwaNkomonye wayokwakha ngasentabeni iMandawe empumalanga yedolobha laseShowe , waziqalela obakhe ubukhosi.  Uzalo lukaZulu lwagcina lwaziwa ngokuthi lungolwakwaZulu . OlukaQwabe lona lungo lwakwaGumede noma Qwabe . UGumede lona wayenguKhokho woZulu noQwabe. Kubantu bakwaZulu kwaphuma ezinye futhi izibongo ezifana nesakwaBiyela , Ntshangase, Mbatha , Dladla nezinye. KwabakwaQwabe kwaphuma abakwaKhuzwayo , Myaka, Sabela, Chili, Gcabashe kanye nabanye.

UDlamuka okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaDlamuka wayengenye yamadodana eNkosi uKhuzwayo . Amanye amadodana eNkosi uKhuzwayo kwakungo  Donda, uPoyi , Ndingi, uDweba , uMngwabeni kanye nabanye . INkosi uKhuzwayo yayizalwa iNkosi uSimamane ka Sidinane ka Qwabe .
Ake sibalamanise oDlamuka
INkosi uQwabe kaMalandela yazala  uSidinane , uMayezi , uGcabashe, Njapha nabanye. USidinane yena wazala uSimamane . USimamane wazala uKhuzwayo .UKhuzwayo yena uzele uDweba, uDlamuka, Ndingi kanye nabanye.
UDlamuka wazala uZwana   , uMayindi kanye nabanye.
UMayindi wazala uMwangaya , uNungu, kanye nabanye.
UZwana wazala uMboyi owazala uGoduka, Buyeyakude, Baniza, Nguluzane , Mbokazi (hhayi owesibongo)
UGoduka wala uMabane , Maseleni, Vulendlini, Fokazi, Mpohlo, Nkotheni, Fokothi, Nomashende kanye nabanye
UMbokazi ka Mboyi yena uzele uMbiko , Nohaba , Mayephu, Somungane, Kati, Mfoboza, Jangeni, Ndodendala, Nhlangani, Makawule, Mdomba, Nkamelwana, kanye nabanye . UHebe wabamba iqhaza elikhulu empini yaMakhanda ngowe 1906 .
Inkosi eyagqama kakhulu kulesi sizwe saMaQwabe yiNkosi uPhakathwayo kaKhondlo kaMncinci  eyayibusa abantu bakwaQwabe ngenkathi iSilo uShaka sihlanganisa izizwe ngeminyaka yama 1820s.
Izibongo ezihlobene zesakwaDlamuka
Qwabe
Gcabashe
Sishi
Myaka
Sabela
Gumede
Sibiya
Mnyandu
Kanye nezinye
IZITHAKAZELO ZAKWA- DLAMUKA

Dlamuka

Goduka ka Mboyi
Khondlo ka Mncinci
Malandela
Ngokulandela izinkomo zamadoda
Maphashana
Zibili
Ngonyama
Jujunga
Mnguni ka Yeyeye
Gumede
Khuzwayo
Smamane seNgwe neNgonyama
Nina baseMthandeni
Nina bakaSidlabehlezi bakaPhakathwayo
Nina bakaKhondlo
Mbhongela
Vundlela
Sidinane

 

#Kulobe uKholo Khumalo INxazonke

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo