Ngokwezigaba zabaNguni abantu bakwaDlamuka bangabaNguni abangabaNtungwa Nguni .Lokho akubahlobanisi nabakwaKhumalo noma abakwaMabaso . AbaNguni bahlukaniswe izigatshana , kukhona abaNtungwa Nguni , abaNguni baseMbo, aMalala Nguni kanye nezinye izigaba. AbakwaDlamuka bona-ke bawela esigabeni sabaNtungwa Nguni. Laba bantu bakwaDlamuka kusengabantu bakwaQwabe noma ngithi abakwaGumede. UDlamuka okwaqanjwa ngaye isibongo wayengenye yamadodana kaKhuzwayo kaSimamane wakhona kwaQwabe . UQwabe lona wayeyiNkosana yeNkosi uMalandela ka Luzumana . INkosi uMalandela yayakhe ngaphezu komfula iNgwegweni engenela eMhlathuze .Umfula iNgwegweni usuka eThaleni. Umuzi weNkosi uMalandela omkhulu wawubizwa ngokuthi kukwaNkomonye nokuyilapho kwakhulela khona oQwabe noZulu. Omunye umuzi weNkosi uMalandela kwakusoDwini. Amanxiwa akwaNkomonye angasentshonalanga yaseMpandleni , lapho sekwakhiwa khona idolobha laseNkandla. UQwabe wayengumnewabo kaZulu . Bobabili babezalwa uNdlunkulu weNkosi uMalandela uNozinja wakwaZungu .NguQwabe owabe eyiNkosana yeNkosi uMalandela futhi nguyena okwakufanele alandele uYise esihlalweni sobukhosi. UNdlunkulu uNozinja kuthiwa wayenekhono lwekwenza imisenzi yezandla, eluka amacansi nokunye. Kuthiwa wagcina esedlondlobale kakhulu esenezinkomo ezibulala inyoka ayezithola ngalo ikhono lakhe . Kuthiwa izinkomo zakhe kwakunguChibidolo uqobo , phakathi kwazo kwakukhona noNyonikayiphumuli nokuwuhlobo lwenkomo emhlophe qwaba engenalo nelilodwa ibala. Lolo hlobo lwenkomo lwaluyigugu kwaZulu futhi luseyigugu nanamuhla. Kuthiwa kwathi ngemuva kukukhothama kweNkosi uMalandela uNdlunkulu uNozinja wathatha wonke uChibidolo wawunika indodana encane okunguZulu. Leso senzo sikaNdlunkulu uNozinja samnenga kakhulu uQwabe waduba ikhaya washiya umuzi wakubo kwaNkomonye wayokwakha ngasentabeni iMandawe empumalanga yedolobha laseShowe , waziqalela obakhe ubukhosi. Uzalo lukaZulu lwagcina lwaziwa ngokuthi lungolwakwaZulu . OlukaQwabe lona lungo lwakwaGumede noma Qwabe . UGumede lona wayenguKhokho woZulu noQwabe. Kubantu bakwaZulu kwaphuma ezinye futhi izibongo ezifana nesakwaBiyela , Ntshangase, Mbatha , Dladla nezinye. KwabakwaQwabe kwaphuma abakwaKhuzwayo , Myaka, Sabela, Chili, Gcabashe kanye nabanye.
Dlamuka
#Kulobe uKholo Khumalo INxazonke
Cela ukubuza ukuthi sibiya ungena kanjani kaDlamuka cz ngyazibuza ngyaziphendula
OSibiya bazalwa uGumede kaNdaba kaMalandela kaLuzumane kaMnguni kaQwabe ukuganiselana sakuqala emandulo kodwa singaba ndawonye sifunga uGumede eMsamo kwaSibiya.
Ngiyabonga ngokwazi imvelaphi yami ngyanjabula ukuthi ngihlobene nabantu bakwaSibiya
Ngicela kenisichazele ngemvelaphi yakwaVilakazi siyabonga.