Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Umlando ngeNkosi uSigananda Shezi

Awu sukanini madoda nanso-ke iNkosi yaMachube akwaShezi iNkosi u-Sigananda kaZwekufa . Kulesi sithombe inkosi yaMachube yabe isineminyaka elinganiselwa ekhulwini(yebo 100) . Leli qhawe layibamba kwathula umoya emahlathini aseNkandla empini kaKhandapondo ebuye yaziwe ngokuthi yimpi kaBhambatha . Futhi leyompi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi kaMakhanda . Kuleyo mpi uZulu wavukela amaNgisi umbhejazane ngemuva kwesimemezelo sikaNgqongqoshe wezezimali wamaNgisi(Minister of finance) u-Charles Smythe esasithi uZulu kwakudingeka akhokhe futhi enye futhi intela ngaphezu kwezimbili ezabe vele sezikhona . Za... qhubeka ufunde »

UMkhanyakude 

  UMkhanyakude isihlahla esikhula sibe amamitha ayishumi kuya kwayishumi nahlanu . Siwumuthi wogazi . Umuntu uma ephalaze ngaso uyathandeka . Kuphalazwa ngexolo nangezingxabu zawo . UMkhanyakude uyazimilela nje endle kodwa uma umuntu efuna ukuwutshala ekhaya uyakwazi  ukuwutshala ngoba uyatshaleka . Uyefana nje noLozilina ngoba nawo uyatshaleka . UMkhanyakude ungena nxazombili emithini ebomvu kanye nemhlophe. Uma umuntu ezophalaza uyaye aqale ngemithi ebomvu efana noVumakubangoma obomvu , iNgwavuma , iNtolwane,uMaphipha neminye. Bese mhlawumbe ngemuva kwesonto elilodwa alandele ngemithi emhlophe efana noVumakubangoma omhlophe , uMadlozaza ,iNhlanhlemhlophe, uMqhume neminye. UMkhwanyakude-ke ungeminye yemithi engena kuzo zombili izinduku , ezibomvu kanye nezimhlophe.  Awufakwa kakhulu kodwa uMkhanyakude kuthiwa chatha nje kancane . Wawufaka kakhulu uyokubangela amashwa ,uzondwe abantu ngaphandle kwesizathu .     Ngaphandle kokuphalazisa uMkhanyakude ubuye ungene embizeni yokuchatha, emithini yokugquma kanye nakweyokugeza. Abanye bayawuhlafuna nje uma bezoyofuna amatoho kuthi lokho abakuhlafunile bakuphimise bebheke endaweni abazoyofuna kuyona umsebenzi. Basuke benenkolelo yokuthi umlungu uyobabona beqhamuka kude ,

UMphafa /UMlahlankosi 

                    UMphafa yisihlahla esibaluleke kakhulu kubantu abansundu . Isizathu esenza sibaluleke wukuthi loluhlobo lwesihlahla kulandwa ngalo umuntu ongasekho. UMphafa ubuye waziwe ngeloMlahlankosi . UMphafa ungezinye zezihlahla ezinobulili , kukhona uMphafa/uMlahlasankosi wesilisa kanye nowesifazane . Owesifazana uthela izithelo kanti futhi ukhula uthi thuthu kowesilisa .Owesilisa awukhuli kakhulu futhi awuzitheli izithelo . Yomibili iMiphafa inameva ahlaba kabuhlungu.  Uma kulandwa umuntu ongasekho kuyaye kugawulwe/kukhiwe  ihlamvu noma igatshana loMphafa kuyiwe nalo lapho kushonele khona lowo muntu kufikwe kukhulunywe nomphefumulo walowo useshonile , ubikelwe ukuthi usuzolandwa . Phela kushona umuntu kepha umphefumulo kawushoni .  Umuntu ongasekho ulandwa ngabesilisa ngoba kukholelwa ekutheni abesilisa yibona abasondelene kakhulu nedlozi . Uma sekuhanjwa sekuphikelelwe ekhaya kuyaxoxwa nomuntu ongasekho, abikelwe uma sebedlula endaweni ayeyikhonzile , noma lapho kuhlala khona umngane wakhe othile, noma lapho kuhlala khona isihlobo, kungaba uMalume , uBabekazi , uMama omncane njalo njalo . Empeleni endulo uMphafa wawusebenza

AMankankane 

Amankankane uhlobo lwezinyoni oluhlola okubi. Inhliziyo yenkankane izinyanga ziyayithaka emuthini wentando(igobondela) . Ziyixuba neminye imithi bese kuphuma umuthi wentando ohamba phambili ngoba ngokuvamile amankankane ahamba ngamabili , iqhude nesikhukhukazi . Kanti nalo eliphelele liyangena emithini yeziko lezinkomo .. Inkankane libuye laziwe ngokuthi yi”ngangane” Abafana bazifunda ekwaluseni zonke iziny‎oni abahlalisana nazo. Bafunda amagama azo, bafunde nezikhathi ezifika ngazo, kanye nezikhathi ezihamba ngazo uma kuyilezo ezibuye zimuke.Izinsizwa uma ziphume inqina yokuyozingela zikholelwa ekutheni kuyishwa elikhulu ukuhlangana namankankane uma umuntu eyozingela.  Amankankane izinyoni ezithe chithi saka nezinkalo zonke zakwaZulu. Iyezwakala imilozi yemishungu yamankankane ntambama uma ilanga selibantu bahle. Umbala wamankankane unkankane ,kodwa uma uqala ukuwabona amankankane , kuba ngathi umbala wawo unsundu nokukhatheleyo..Lihle inkankane, okubi ngalo alihloli inhlanhla.‎ Uma lidabula phambi kwakho usohambweni usuke uzoba namashwa. Liyavela igama lenkankane ezibongweni zeNgonyama uShaka uma kuthiwa ‘OHlangene nodwendwe lwamankankane mhla eyodla aMampondo iziphukuphuku’ Nani boFaku Nani noGambushe Kwathi lapho aMampondo ethola umkhosi ukuthi ingene ekaZulu,

error: Akuvumelekile lokho !!