UMkhanyakude isihlahla esikhula sibe amamitha ayishumi kuya kwayishumi nahlanu . Siwumuthi wogazi . Umuntu uma ephalaze ngaso uyathandeka . Kuphalazwa ngexolo nangezingxabu zawo . UMkhanyakude uyazimilela nje endle kodwa uma umuntu efuna ukuwutshala ekhaya uyakwazi ukuwutshala ngoba uyatshaleka . Uyefana nje noLozilina ngoba nawo uyatshaleka . UMkhanyakude ungena nxazombili emithini ebomvu kanye nemhlophe. Uma umuntu ezophalaza uyaye aqale ngemithi ebomvu efana noVumakubangoma obomvu , iNgwavuma , iNtolwane,uMaphipha neminye. Bese mhlawumbe ngemuva kwesonto elilodwa alandele ngemithi emhlophe efana noVumakubangoma omhlophe , uMadlozaza ,iNhlanhlemhlophe, uMqhume neminye. UMkhwanyakude-ke ungeminye yemithi engena kuzo zombili izinduku , ezibomvu kanye nezimhlophe. Awufakwa kakhulu kodwa uMkhanyakude kuthiwa chatha nje kancane . Wawufaka kakhulu uyokubangela amashwa ,uzondwe abantu ngaphandle kwesizathu . Ngaphandle kokuphalazisa uMkhanyakude ubuye ungene embizeni yokuchatha, emithini yokugquma kanye nakweyokugeza. Abanye bayawuhlafuna nje uma bezoyofuna amatoho kuthi lokho abakuhlafunile bakuphimise bebheke endaweni abazoyofuna kuyona umsebenzi. Basuke benenkolelo yokuthi umlungu uyobabona beqhamuka kude ,