Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Dlamuka

Dlamuka Goduka ka Mboyi Khondlo ka Mncinci Malandela Ngokulandela izinkomo zamadoda Maphashana Zibili Ngonyama Jujunga Mnguni ka Yeyeye Gumede Khuzwayo Smamane seNgwe neNgonyama Nina baseMthandeni Nina bakaSidlabehlezi bakaPhakathwayo Nina bakaKhondlo Mbhongela Vundlela Sidinane

Mabona

Mabona Mqwambe Khauta H’olomoni Phephetha Solkwentje INtombi ezimnyama zi mabele maade Nkomo zikaMgholwane zikaHele Khauta zakwaMabona

Caluza

Caluza Mncwabe Gxabashe Malandela Mnguni Nosoka Mbozisa Ndlela Zabane Phakathwayo Yeyeye Nina eningawudli umbilini Ngoba udliwa abahlangakazi Nina enawela uThukela neMpofana

Ntshalintshali

Ntshalintshali Somnomo Mzwazwa Mkhulwane Ludonga kaMavuso Bheshela Mthongolo Thwayisa Wena owathwayisa umuntu ngojojo emhlane Wena kaHhiya koBanani Nina bakaNyembe kanikeli Kunikela uMtshongolo Mazalankosi Nina enazala uZwide ka Langa Nyongande ongangomunga Phathwayo Nyawo zinde Ezimfushane zimacuth... qhubeka ufunde »

Biyela

Kuloba uKholo Khumalo iNxazonke Isibongo sakwaBiyela siphuma kwesakwaZulu. Laba bantu bakwaBiyela basondelene kakhulu nabantu bakwaNtshangase .Empeleni kusengabantu ababodwa . UKhokho wabantu bakwaBiyela nguXhoko owayeyindodana yeSilo uNdaba kaMageba kaZulu . UXhoko wayeyindodana endala yeSilo uNdab... qhubeka ufunde »

Umlando ngonkosi uMehlokazulu Ngobese iNgobamakhosi.

Umlando ngeNkosi uMehlokazulu kaSihayo Ngobese iNgobamakhosi -Kuloba uKholo Khumalo INxazonke* UMehlokazulu Ngobese wayeyiqhawe likaZulu ngesikhathi seziNgonyama oCetshwayo kaMpande noDinuzulu kaCetshwayo .  UMehlokazulu wayeliFelankosi uqobo . Ibutho lakhe kwakuyiNgobamakhosi .INgobamakhosi yabuth... qhubeka ufunde »

Chonco

Kuloba uKholo Khumalo INxazonke Abantu bakwaChonco bawuzalo lweNkosi uSibiside kaSidweba yaseMbo. INkosi uSibiside ibuye ibe nguKhokho wabakwaMkhize ,Shange,Ngubane, Ngezane,Mdima, amaMpondo oNyawuza ,Faku ,aMaXesibe nezinye nje izibongo zaseMampondweni. Abantu bakwaChonco baphuma kuNomafu kaSibisid... qhubeka ufunde »

Amakhambi akwaNtu 

Amakhambi akwaNtu :- Amakhambi imithi esiza kakhulu ekwelapheni imbo nasekukhipheni inyongo .Le mithi akudingeki ukuthi nize nitshelwe inyanga ,noma ubani osekhulile ekhaya kufanele azi ukuthi uyokwenzenjani lapho ephethwe umkhuhlane ,noma equtshukelwe inyongo .Inkinga ekhona ukuthi iningi lethu asisawasebenzisi lawa makhambi akwaNtu ngoba umuntu usuke esaba ukuthi abantu bazothi uyathakatha . Ake siwabale amakhambi awusizo :- ISIPHONDO Isiphondo umuthi okuchatha abantwana oxutshwa nobisi .Ungumuthi omkhulu wenyoni .Izingxabo zesiphondo ziyagxotshwa kwenziwe umuthi wokuphalaza kususwe isidina . UKALIMUZI :- Ukalimuzi ikhambi elimila emaxhaphozini ,izimpande ziyagxotshwa kwenziwe umuthi wokwelapha umkhuhlane .Ukalimuzi umuthi wokuchatha izingane ezinomkhuhlane .Nabadala bangawuhlafuna lapho behlaselwe ugonqogonqo INKUPHULANE :- Lo muthi awuyishiyi inyongo .Kugxotshwa amakhazi awo kuhlanzwe ngawo kukhishwe inyongo .Noma bethi unesizinda senyongo inkuphulane iyasibhidliza ,kugxotshwa amakhasi ayo axovwe ngamanzi afudubele bese ilingela ukuphalaza ikhiphe izindenda nenyongo esigcwele esibindini ,wenza umzimba ube lula . ISIHLAKOTHI :- Amaqabunga esihlakothi agxotshwa athelwe amanzi afudumele kuchathwe ngawo izingane nxa zihlushwa izinhlungu zokonakala kwesisu.

Phungula

Phungula Mdlovu Mbang’mude Mbandlwa Kgakga okundletshana incane Ingaba nkulu ifuze ekhaya konina Nomasikisiki Inyoni esindwa isisila sayo Nyoni eyaqamba amanga Yathi amabele avuthiwe kanti ibone imisingizane Qhweza Hashana ehlangeni Nkomo edla yodwa Uma idla nezinye ziyaphangalala Phungula

Mabotja

Re ba Mabotja, Tlou ya Moletji, Ba kubu etshwile bodibeng kubjana tsa tlala naga, Phukubje ya Ilamolapong, LaMatlala lea Phala, Phukubje tshela moedi ke pjana, Rwerhang Mabotja bogoshi boa mo swanela, Re Bakone ba Ntshi di Kgolo, Re ana Hlanhkagane.

error: Akuvumelekile lokho !!