UMthunduluka

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

UMthunduluka ongezinye zezihlahla eziwusizo kubantu abansundu , izithelo zawo ziyadliwa futhi zimnandi zinambitheka njengoshukela . Zibizwa ngokuthi amathunduluka. Abafana abelusayo bazithanda kakhulu.  Okunye engingakuphawula ngoMthundulula wukuthi uyelapha , futhi lapho ekwelapheni uMthunduluka wenza umsebenzi ohlukahlukene kuya ngokuthi umuntu uvelaphi . Okunye futhi engingakuphawula ngoMthunduluka wukuthi isihlahla soMthunduluka siyathandwa yiminyovu . Ikakhulukazi owesifazane yiwona othandwa kakhulu yiminyovu . Ngakho-ke kubalulekile kubafana ebelusayo ukuba babheke isidleke seminyovu ngaphambi kokuba bazitike ngamathunduluka . UMthunduluka ongezinye zezihlahla ezinobulili, kukhona owesifazana nokuyiwona othela izithelo , bese kuba owesilisa ongatheli zithelo . Owesilisa uvamise ukuthi ube mfushane kowesifazane . Lesi sihlahla sibuye sibe nameva ahlaba kabuhlungu. Amathunduluka awumbala oluhlaza (green) uma engakavuthwa , kanti aba bomvu uma esevuthiwe esekulungele ukudliwa . Amnandi ehla esiphundu kangangokuthi abanye baze baginge nezimbevu zawo . Kodwa lokho kubuye kube yinkinga uma umuntu sekufanele aye ngaphandle, ayozikhulula .

Izingxabu zoMthunduluka zelapha izinso , zixutshwa nezingxabu zoMhlakuva bese ziyabiliswa , bese kuphuza lowo osuke ephethwe yizinso.  Angithathe leli thuba ngigquqguzele noma ngexwayise  abaphethwe yizinso ukuba baphuze amanzi amaningi . Futhi bengachithi isikhathi eside esingangehora behleli nje benganyakazi . Kubakulekile kithina sonke ukunakekela imizimba yethu  . Izinso zihlasela kakhulu umuntu ochitha isikhathi eside ehleli , kungaba sehhovisi , noma emotweni ikakhulukazi amaloli ahamba ibanga elide kakhulu. Ngakho-ke uma uwumuntu owenza leyo nhlobo yomsebenzi kubalulekile ukuhlaba ikhefu njalo mhlawumbe ngemuva kwehora, usukume nje uzelule uhamba-hambe , uphuze namanzi .
Ngaphandle kokwelapha izinso uMthunduluka ubuye uxoshe namabhadi kanye nesidina emuntwini. Ngamanye amazwi uMthunduluka ubuye ube wumuthi wokwakha ugazi .  Ekwakheni ugazi uMthunduluka kuyagqunywa ngawo ,kubuye kuphalazwe ngawo futhi . Ekugqumeni ungawufaka nemithi enjengoMsuzwane noMnukelambila noCisha/Cimamlilo kanjalo. Ekuphalazeni ungawufaka nomvuthuza ,uMaphipha , iSibhaha(kancane ngoba siyababa) ,uVumakubangoma, uBhubhubhu (kancane) bese uthi kancane nje noMviyo. UMviyo , iSibhaha, uSehlulamanye bangezinye zezinduku ezingena kuwo wonke amabutho , eqinisweni bayizinduku ezilwayo  . UMthunduluka awusiboni hlobo isidina emuntwini, awuwaboni namabhadi . Uwaqeda kube sengathi lowo muntu akaze abe nawo . Omunye umsebenzi woMthunduluka ukuhlanza igazi . Kubilswa izingxabu zawo bese uyaphuzwa. Ushintsha isikhumba somuntu sibe bushelelezi sichwebezele . UMthunduluka ubuye uqede nesichitho sezinduna emantombazaneni . Uxutshwa nezingxabu zeNhloboshiyane elimile endleleni bese uthi nje kancane uMsuzwane bese leyo ntombazane esuke ishaywe ngesichitho sezinduna igqume . Ziphela kube sengathi ayikaze ibe nazo , zishe qhu!
Ake ngime lapho nina bakaSomndandi kaNdaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu.
Igama loMthunduluka liyavela ezibongweni zamakhosi oCetshwayo kanye nakwezeSilo esibusayo njengamanje.
ISilo uCetshwayo sasibongwa ngokuthi”SinguMthunduluka ovuthwe eNdulinde iZigqoza zawulabalabela”
(IZigqoza kushiwo abalandeli boMntwana uMbuyazwe)
ISilo esibusayo sibongwa ngokuthi singu”Mthunduluka ovuthwe ngeNala , NgowakoThayiza Mdlokombane”
#Khumu!!
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo