Incazelo ngoMhlakuva

 

 

 

 

 

 

Nanku uMhlakuva obuye ubizwe ngoMhlafutho kwezinye izindawo . Lo muthi izithelo zawo ziyakhanywa kwenziwe ngazo amafutha ikakhulukazi akaOyila okuthiwa ayakwazi ngisho nokuhambisa imoto . Omunye umsebenzi walesi sihlahla wukuthi amacembe awo ayasiza emuntwimi ophethwe izinso noma ngithi ohlushwa izinso . Ayaye axutshwe nezimpande zoMthunduluka bese ayabiliswa ,ngemuva kwalokho bese kuphuziswa noma kuphuza lowo ohlushwa izinso .UMthunduluka owodwa vo uwumuthi wokuhlanza igazi ,kanti ungena kakhulu ezimbizeni zokwelapha izifo ezithathelwana ngokwenza ucansi ezifana noDilophu nokunye, kodwa hhayi ingculaza .
Zimbili izinhlobo zoMhlakuva ,kukhona oluhlaza (osesithombeni) kanye nobomvu . Yomibili le mithi yenza imisebenzi efanayo . Omunye umsebenzi woMhlakuva nokuwumsebenzi engibona umkhulu wowokuxosha omoya ababi ekhaya . Uma kukhona omoya ababi ekhaya oSokhaya uyaye athathe amacembe noma izithelo zoMhlakuva esezomile , azixube neSiqunga esomile kanye neMphepho bese efaka leyo mithi odengezini bese eshunqisela ngakho ebambe udengezi ngezandla ajikeleze nomuzi awukake .Lokho ukwenza ekhuluma amazwi axosha omoya ababi njengathi ” hamba moya omubi” . Leyo mithi iyasiza futhi uma kukhona umuntu othunyelwe ngomantindane ekhaya ,noma ngesilwane . Ithuntu yoMhlakuva ,eyeSiqunga kanye neyeMpepho iyakwazi ukumsiza umuntu oshaywe umantindane ngisho noma kungathiwa lowo muntu usekhihliza amagwebu angakanani -uyaphila qingqo .
Amafutha ezithelo zoMhlakuva izangoma zikholelwa ekutheni azindonsela abantu ezigodlweni zazo.Ziyaye ziwakhamele ezigubhini zawo bese lezo zigubhu ziziphanyeka endlini noma endumbeni lapho zisebenzela khona . Izigubhu ngisho lezi ezenziwe ngoselwa hhayi lezi ezishaywa uma kugidwa . Uma lawo mafutha ekhanyelwa ezigubhini kudingeka ukuthi lowo osuke ewakhamela kube umuntu esamdala ongaselwezi nhlobo ucansi .
UKhokho bethu babewukhonze kakhulu uMhlakuva kangangokuthi babeze bawutshale nasemagcekeni omuzi . Ingakho lapho okwake kwaba nomuzi khona noma ngithi emanxiweni kubonakala ngawo lo muthi uMhlakuva . ISiqunga sisodwa naso siyakwazi ukuxosha omoya ababi . Uma kugula ingane esewusana kuyaye kuhlafunwe sona iSiqunga bese lokho okuhlafuniwe kuphinyiselwe esiphongweni sosana kuthiwe “phuma moya omubi” .Uma kuwumoya omubi osuke ohlasele ingane leyo ngane uma iskhwifilwe ngeSiqunga iphila qingqo! Kanti futhi kudala kwakuthi uma uBaba wasekhaya eqe uthango kanti lapho ezinganeni zakhe kukhona usana wayethi uma esebuya lapho asuke ebuya khona aqhamuke esesiphethe iSiqunga.Uzothi uma efika ekhaya asihlafune bese esiphimisela osaneni lwakhe. Lokho wayesuke ekwenza ngoba evikela usana lwakhe ekuguleni luguliswa imimoya emibi yakweminye imizi . Sekuyophuma kuMama wasekhaya-ke ukuthi uyathanda yini ukwazi ukuthi uBaba wasekhaya njengoba ubekade eqe uthango nje ubekade ebheke ngaphi? ISiqunga sibuye sibizwe ngoTshanibezwe kanti sibuye singene kakhulu ezindukwini zokuphalaza njengenduka elwayo .

 

Ake ngime lapho nina beNkonyane encane kaNdaba edid’ imibala!
Usewashaye elekanyana uNondlini ! Isiwashaye elekanyana iNsengwakazi ! Isiwashaye elekanyana amathunga !

 

# BeNguni nibahle nonke !

 

 

 

 

 

(Lona uMhlakuva obomvu , oluhlazana yiloya ongenhla)

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo