Mashinini

 

Osesithombeni nguTsietsi Mashinini owabe enguMholi weZitshudeni . Wabulawa uMbuso wobandlululo ngowe 1990 zingama 5 kuNtulikazi

 

 

Izithakazelo zakwaMashinini

 

 

Libembe

Ntozimandla

Makhakhamelane

Wena owakhakhamela imvula nelanga

Wahamba ludunduluzi ngaphandle kwengubo

Wahlekwa izingwe nezingwenyama

Wena owaxosha uNtasane udadewenu Wathi akanamhlehlo

Kanti umhlehlo ulibhabhakazi

Wena ovala ngamakhand’ amadoda emnyango

Wena omathanga abomvu kuhle

kwentombi ibuy’ esokeni

Sthuthamagade

Guliwe

Nhliziyo eziyishumi

Buhlalu kabuhlangani

Buhlangana kudadewabo uNtasane

Mzondo osuka ezindleleni

Ngoba iinhliziyo zabantu ziyanenka

 

 

 

 

(Isichuse sika Tsietsi Mashinini.)

 

Ukhokho wabantu bakwaMashinini,Guliwe kanye nabakwaMsibi nguKuhlase wakwaKhumalo . Ngakho-ke abantu bakwaMashinini   , abakwaGuliwe kanye nabakwaMsibi bayizihlobo zegazi nabakwaKhumalo .

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo