Osesithombeni nguTsietsi Mashinini owabe enguMholi weZitshudeni . Wabulawa uMbuso wobandlululo ngowe 1990 zingama 5 kuNtulikazi
Izithakazelo zakwaMashinini
Libembe
Ntozimandla
Makhakhamelane
Wena owakhakhamela imvula nelanga
Wahamba ludunduluzi ngaphandle kwengubo
Wahlekwa izingwe nezingwenyama
Wena owaxosha uNtasane udadewenu Wathi akanamhlehlo
Kanti umhlehlo ulibhabhakazi
Wena ovala ngamakhand’ amadoda emnyango
Wena omathanga abomvu kuhle
kwentombi ibuy’ esokeni
Sthuthamagade
Guliwe
Nhliziyo eziyishumi
Buhlalu kabuhlangani
Buhlangana kudadewabo uNtasane
Mzondo osuka ezindleleni
Ngoba iinhliziyo zabantu ziyanenka
(Isichuse sika Tsietsi Mashinini.)
Ukhokho wabantu bakwaMashinini,Guliwe kanye nabakwaMsibi nguKuhlase wakwaKhumalo . Ngakho-ke abantu bakwaMashinini , abakwaGuliwe kanye nabakwaMsibi bayizihlobo zegazi nabakwaKhumalo .
Ngicela imvelaphi yakwaMashinini nokuthi sidabuka kuphi.Sinabo na ubukhosi, Kuliqiniso na ukuthi uMashinini kwakuyindodana yakwaKhumalo .Wase ulala nodadewabo waxoshwa kwaKhumalo ngoba enze ukukhohlakala ekhaya.