Ntombela

Izithakazelo nomlando wakwaNtombela
Abantu bakwaNtombela baxhumene kakhulu nabakwaZulu kanye nabakwaQwabe. Ukhokho wabo nguNtombela kaLuzumana owabe engumfowabo omncane wenkosi uMalandela ,uMalandela uyise woQwabe noZulu. NguNtombela owasala ebheke amadodana enkosi uMalandela ngemuba kokukhothama kwayo .  Elinye igama likaNtombela kwakunguMahlobo nokuyilona eligqama kakhulu ezithakazelweni zabakwaNtombela . Inkosi uMalandela siyitholala yakhe egqumeni iMandwe ngaseShowe ,kanti naye umnawayo uNtombela wayekanye nayo. Sizokhumbula ukuthi kwathi ngesikhathi sokwabiwa kwefa lenkosi uMalandela kwasuka ingaxabano eyagcina iholele ekudubeni ikhaya kukaQwabe kaMalandela nowabe eyindodana endala . UZulu wasala ebheke ebantu bakayise uMalandela owayesekhotheme. NabakwaNtombela nabo basala noZulu . Kwahambakwahamba uZulu nabantu bakhe bagcina bakhe ngaseBabanango nakoMakhosini,nabakwaNtombela nabo babelokhu beyingxenye yabo abakwaZulu. Babekhonzene impela abakwaZulu nabakwaNtombela futhi bengaganiselani, namanje kusenjalo kwezinye izindawo zakwaZulu. UQwabe yena wahamba wagcina akhe ezintabeni zasoNgoye.
UNtombela kaLuzumana wazala amadoda amaningi esingabala kuwo uMpangazitha, uMahlobo , uNtanzi ,uMdlani nabanye. UMdlani nguyena owabe eyinkosana, yena -ke wazala uDlomo owazala uDlukula.
UDlukula wakhelela esigodlweni okwabe kungeseNkosi uNdaba kaMageba eyazala inkosi uJama eyazala inkosi uSenzangakhona. Igama leleso sigodlo kwakukwaZindela. Elinye igama laso kwakukwaMahambehlala.
Maningi amaqhawe kwaNtombela kodwa elagqama ukuwedlula wonke nguNzobo indodana kaSobadli owayesebuthweni leZimpohlo. Le nsizwa yayibuye yaziwe ngelikaDambuza . Yalwa ngokuzikhandla ezimpini zakwaZulu ngaphansi kweziNgonyama oShaka noDingane . Wayekhona uNzobo kaSobadli kweyakwaGqokli kuliwa namaNdwandwe ,wayekhona futhi  kweyaseNcome kuliwa namaBhunu .  UNzobo wayeyisekela likaNdlela kaSompisi Ntuli owabe enguNdunankulu kaZulu ngesikhathi seSilo uDingane,phecelezi Prime Minister. UNzobo yena wayenguVice Prime Minister.
Amanye amaqhawe agqama kakhulu kwaNtombela oLukwazi kaZwana naye owagqama kakhulu ngesikhathi seNgonyama uDingane ,elinye iqhawe kwaba uZiningo kaZwana naye owalwa kwaGqokli ,eNcome nakwezinye izimpi zakwaZulu. UNzobo wafa ebulawa ngamaBhunu ngemuva kokubulawa kwebhunu uPiti elabulawa yiSilo uDingane. Kwathi ngemuva kwempi yaseNcome nokuyimpi eyayiphakathi kukaZulu naMabhunu iSilo uDingana sathuma uNzobo noSikhombazana eMabhunwini ukuba bayokwethula izindaba zokukhumelana umlotha . Ngeshwa amabhunu afike ababulala bobabili,futhi ababulala kabuhlungu ngokubahudula beboshelwe ngaphansi kwenqola yezinkabi baze bashona.  OZiningo noLukwazi bahlabana kakhulu kweyakwaGqoki nakweyaseMahlathuze ngenkathi uZulu elwa namaNdwandwe
UDlukula wazala uZwana inkosana yakhe,uThayiza noSobadli . UZwana yena wazala uLwakhazi inkosana, uMliba, uZiningo , uGidinga , nabanye. USobadli yena wazala iqhawe uNzobo owayebuye aziwe ngelika Dambuza. UNzobo yena wazala uMgamule owabuthelwa ebuthweni uThulwane /aMaMboza nokuyibutho elabuthwa yiSilo uMpande. NeNgonyama uCetshwayo nayo yayikulelo butho . Lokho kuchaza ukuthi uMgamule wayentangaye neNgonyama uCetshwayo . UMgamule walwa ngobuqhawe ubukhulu eSandlwana lapho uZulu azidlela khona amahlanga emaNgisini. UMgamule noNdunankulu uMankulumana kaSomaphunga Ndwandwe yibona abaqokwa ukuba baqaphe umuzi wasoSuthu ngenkathi iSilo uDinuzulu sisekudingisweni.
ULukwazi yena wazala uMabamba owazala uMsenteli . UThayiza yena wazala uNomandinda owazala uMbonambi owazala uManjanja owazala uNhlambela . UManjanja kaNhlambela wabekwa iSilo uDingane ukuba abe yiso laso eMakhabeleni . Wayeyinkosi enkulu yakwaNtombela eMakhabeleni.  UGayede kaMagedama Dlomo wayebika kuye uManjanja ,bese uManjanja abike eNgonyameni uDingane.
Unothe kakhulu umlando wakwaNtombela singawuxoxa kushone ilanga,kuphume elinye

Izithakazelo zakwaNtombela:

Mahlobo!
Mpangazitha!
Ninenipheka ngembizende
Isibongesibi
Esingabizwa ngabalandakazi
Sidindi somtshiki!
Ninenishayimpukane ngesibhakela
Niyinqamulamathumbu
Nina bakwaMalandela
NinenizaluZulu
Nina bakwaLuswazi
Dlukula!
Nzuza!
Sishosho sikaPhunga noMageba.

#Kulobe INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo