Umlando ngoMntwana uBhokwe kaZibhebhu Zulu

UMntwna uBhokwe ka Zibhebhu 

Nansi isithombe soMntwana u-Bhokwe kaZibhebhu kaMaphitha Zulu . Nguyena owalandela inkosi u-Zibhebhu esihlalweni sobukhosi . Empeleni indlalifa yoMntwana u-Zibhebhu kwakunguMntwana u-Msenteli owayezalwa yiNkosikazi u-Cikose Biyela okaMvundlana owamuzalela udadewabo u-Nomvula ongazange athole abantwana.Imind
eni yavumelana ngokuthi u-Cikose owabe engudadewabo omncane kaNomvula ayogana u-Mntwana u-Zibhebhu ukuze amzalele indlalifa. Lelo kwakuyisiko lasebuNguni. Emgcagcweni kaCikose u-Cikose wagcagca ephethe umkhonto kaMntwana u-Zibhebhu wobukhosi nokwakusho khona ukuthi uzozala indlalifa. U-Cikose wakhulelwa wazala u-Msenteli . Wabuye wazala nentombazane u-Nomangxenge owashona eqala ukuthomba . Ngakho-ke nguMntwana u-Msenteli okwakumele alandele uyise esihlalweni sobukhosi kodwa amaNgisi amchitha abe eseqoka u-Mntwana u-Bhokwe ongazange abonwe nanguYise kwazise wayenezinyanga eziyi 18 ngenkathi iKhomishane yamaNgisi eyayiholwa nguCharles Saunders imuqoka ukuba abe yindlalifa yakwaMandlakazi. Inhloso yamaNgisi kwabe kuwukuqhubeka nokudala izinxushunxushu , ngoba ayazi kahle ukuthi uMntwana u-Msenteli wayesondelene neNdlunkulu yakwaZulu ngoba ilobolo loNina ingxenye yalo enkulu yayikhishwe yiSilo uMpande . Ngakho-ke vele ayengeke aze amamukele njenkosi yakwaMandlakazi .
UMntwana u-Bhokwe wayezalwa yinkosikazi u-Geja kaMatshana Sithole owayeyinkosikazi yama 75 kaMntwana u-Zibhebhu . Amanye amakhosikazi kaMntwana u-Zibhebhu kwakungo oka Mathanda okaNdengezi oka Maganda oka Mfinyeli oka Mdlume oka Sukaphansi nabanye .
Ukuzalwa kukaMntwana u-Bhokwe kuxhumane kakhulu neNkosikazi u-Hlehle kaMatshana owayethunjwe yimpi yakwaMandlakazi kanye nezinye izintombi zesigodlo mhla u-Mntwana u-Zibhebhu ehlasela oNdini mhla zingama 21 Ntulikazi 1883 . Ekuzithumbeni kwayo impi yaphikelela nazo eBhanganomo emzini kaMntwana u-Zibhebhu. U-Hlehle wafika eBhanganomo wafike waganiswa waba yinkosikazi yama 47 kaMntwana u-Zibhebhu . Wabusiswa ngezingane zamantombazane ezine,kungekho eyomfana. AbaseGubazi baletha udadewabo u-Ngakanani ukuba azogana uMntwana u-Zibhebhu amuzalele ingane yomfana ngoba phela endulo kwakuba ihlazo ukugana inkosi bese ungatholi ingane yomfana noma ungatholi ngane nhlobo. Ngeshwa u-Ngakanani akazange athole neyokubika ingane. Isizwe saseGubazi saphinda saletha u-Geja owaba yinkosikazi yama 75 nokunguyena owazala uMntwana u-Bhokwe ngonyaka we 1904 kuMfumfu Ngakho-ke uMntwana u-Zibhebhu akazange ambone nokumbona uMntwana u-Bhokwe ngoba yena wakhothama ngoNcwaba 1904 .
Ake ngime lapho nina beMbube eshoba liyisilikithi

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo