UZikhali wayeyinkosana yenkosi uMatiwane waseMangwaneni . UZikhali ibutho lakhe kwakunguMkhulutshane. Kwathi ngemuva kwempi yaseNcome wabalekela eSwazini lapho afike aganwa khona indodakazi yeNgwenyama uSobhuza uNomlalazi eyamzalela amaodadana akhe oNcwadi noNyanda . Kwathi esanethezekile eSwazini uZakhali walunywa indlebe (wadonswa ngendlebe) yisithandwa sakhe uNomlalazi ukuthi uSobhuza wayehlela ukumubulala. Akabange esapholisa maseko uZikhali washaya wakhukhula nabalandeli bakhe baphindela kwaZulu. Amanye amadodana kaZikhali ngoNgazana ,Mfundisi nabanye
UQwabe wayeyinkosana kaMalandela esigodlweni sakwaNkomonye. Wayelamana noZulu naye okwaqambeka ngaye isibongo sakwaZulu. UQwabe wayeyinkosana kaMalandela.Unina kwakunguNozinja wakwaNcwane okuthiwa wayeyisicebi esasifuye uchibidolo wezinkomo obulala inyoka. Kulezi zinkomo kwakukhona nohlobo olwabe luyigugu kakhulu esizweni sabaNguni. Lolo uhlobo lukaNyonikayiphumuli nokuyinkomo emhlophe qwaba engenalo nelilodwa ibala. Njengenkosana kaMalandela uQwabe nguyena okwakufanele athathe ubukhosi ngemuva kokukhothama kukaYise . Kodwa wagcina edubile ikhaya ngoba ephatheke kabi isenzo sikaNina sokunika umnawakhe uZulu zonke izinkomo yena wangamnika neyobika. Waphuma-ke uQwabe nabalandeli bakhe wayeziqalela obakhe ubukhosi oNgoye nokuyilapho idlinza lakhe likhona. Esendeni lakhe kwabuye kwaphuma nezinye izibongo ezifana nesakwaKhuzwayo, Khwela, Makhanya, Maphanga, nezinye.
UKhuzwayo wayeyindodana kaSidinane kaMahlobo kaQwabe . Nguyena owazala abakwaKhuzwayo . Kwathi ngenkathi inkosi uKhuzwayo ikhotheme kwathathwa isidumbu sayo sashiswa entabeni iNqoklweni ngasemfuleni iNkwayinye lapho uhlangana khona nomfula uMhlathuze kwazise abakwaQwabe ayakhe khona. Ukushiswa kwesidumbu aMaQwabe ayekubone kwabakwaGwala ababesuke nakho enhla nezwe koSudana lapho abaNguni babezinze khona ngaphambilini.
Isibongo sakwaGcabashe saqambeka ngoGcabashe indodana kaQwabe . Amanye amadodana kaQwabe kwakungoMahlobo,Mayezi ,Sishi ,Njapha nabanye .
EsakwaKhanyile saqambeka ngoKhanyile indodana yenkosi uMalandela kwaNkomonye. UKhanyile wayeyiwele noMchunu owazala abakwaMchunu . Esendeni likaKhanyile kwabuye kwaphuma ezinye izibongo ezifana nesakwaLanga ,Madondo nezinye.
Amanye amadodana kaMalandela kwakungoQwabe,Zulu, Ngema,Zingelwayo,Zethembe (oZingelwayo noZethembe bazala abakwaSibiya nabakwaGazu)
UZingelwayo kaMalandela wazala uMdladla owazala uNdaba owazala uMadondo noManyelela . UManyelela nguyena owazala uMthaniya unina weNkosi uSenzangakhona kaJama. UZethembe wazala uGazu owazala uMdladla ll owazala uMqeku. UGazu ungukhokho kaSotobe kaMpangalala.
USabela empeleni kwabe kungelinye lamagama kaNomo . Leli gama wayelithiwa inkosi yabaThethwa inkosi u-Dingiswayo ngoba yabe inguMalume wakhe uNomo kaKhondlo umfowabo wenkosi uPhakathwayo. Kwathi ngenkathi uNomo elwa nomfowabo uPhakathwayo inkosi uDingiswayo yadedela amabutho ayo ukuba ayokwelekelela umshana wayo uNomo kodwa kwanhlanga zemuka nomoya ngoba yagcina idle umhlanganiso ekaPhakathwayo . USabela(uNomo) wazala uYayisa(uLalisa) owazala uGquma.
UDlamuka kwabe kungenye yamadodana kaKhuzwayo. Amanye amadodana kaKhuzwayo kwakungo Donda , Poyi,Mngwabeni,Dweba,Ndingi nabanye .
EsakwaZulu saqambeka ngoZulu kaMalandela njengoba besengichazile. Esibongweni sakwaZulu kwabuye kwaphuma futhi nezinye izibongo eziningi esingabala kuzo esakwaBiyela,Ntshangase,Mbatha,Mdlalose, nezinye
UGumede owakwaqanjwa ngaye isibongo sakwaGumede ungukhokho wabakwaQwabe ,Sibiya,Zulu nabanye. Kodwa uma kuthakazelwa ugqanyiswa kakhulu ngabakwaSibiya. AbakwaQwabe bona kukhona ingxenye yabo eyamenza isibongo ,esasebenzisa yena njengesibongo uGumede. AbakwaQwabe ezithakazelweni bagqamisa kakhulu uMnguni okwabe kuyindodana kaGumede. Kodwa abakwaSibiya bona abamfaki uMnguni ezithakazelweni zabo.
UNtombela wabe enguyise omncane woZulu noQwabe . Wabe eyindodana kaLuzumana . Nguyena owasala ebheke amadodana omnewabo uMalandela ngemuva kokukhothama kwakhe. Yena-ke wazala uMpangazitha owazala uMahlobo owazala uNhlambela noDlukula . UNhlambela wazala u Manjanja uMbonambi owazala uNomandindi owazala uThayiza . UDlukula wazala uSobadli owazala uNzobo owazala uMgamule. UNzobo wayeyisekela likaNdunankulu kaZulu ngesikhathi seSilo uVezi . Wayebuye abizwe ngoDambuza . KwaNtombela kwabuye kwaphuma abakwaNtazi nabakwaFakazi .
AbakwaShange bangabesende likaShange owayengeye yamadodana enkosi yaseMbo inkosinuSibiside . Yena wazala u Dumakude owazala oMdima , Sondlovu, noNongama. UMdima wazala uNojobo noNqaga. UNojobo wazala oLushozi,Phangandawo ,Nondumo,Gajana noMgubela.
USondlovu kaDumakude wazala uBheka owazala oNgubeni ,Mahlinza,noMleti .
Isizwe sakwaShezi sibuye saziwe ngokuthi siyisizwe saMachube kususelwa egameni likaMachube okunguyena owazala uShezi okwaqanjwa ngaye isibongo. UMachube wayenamadodana amane uMajozi, uMmomiya,uNala noShezi . UShezi wazala uDubuluzana ‘Inyathi emnyama yaseSibhudeni uNomagaga onsibande’ ! . UDubulazana wazala uShukulase owazala uMavovo oyephila ngesikhathi esifanayo noMavovo waseMbo. UMavovo wazala uDlaba owazala uMvakela noMsholoza owazala uZwekufa owazala iqhawe elikhulu uSigananda
UMajozi wazala abakwaMajozi, noNala wazala abakwaNala .
SITHOLE
Isibongo sakwaSithole saqambeka ngoSithole ngowazala uMazizikazi owazala uMthembu owazala uGabela owazala uNgqikazi uMnyanda owazala uNzece owazala uMaphitha owazala uJobe owabe eyiwele noMmpongo . Enye yamadodana enkosi uJobe kwakunguMbulungeni igama layo. UMthembu kaMazizikazi akahlobene nabaThembu bakwaMcelase . Yena wayakhe ngasemfuleni iGubazi ingakho wayebuye aziwe kakhulu ngelikaMthembu waseGubazi . Inkosi uJobe yazala uMondise owazala uMatshana. Akulona iqiniso ukuthi inkosi uJobe yayizalwa uMaTshana ngoba uMatshana mnncane kabi enkosini uJobe ,wayephila ngesikhathi seNgonyama uCetshwayo. Inkosi uJobe yaphila ngesikhathi seziNgonyama oShaka noDingane. Inkosi uJobe yayinekhono lokushuka izikhumba yenze ngazo iziphuku nemvunulo enhle kabi . Yayisilomo seSilo uShaka
MOLEFE
AbakwaMolefe ngokwendabuko bangabeSuthu bohlobo lwabaTlokwa . Lesi sibongo saqambeka ngoMolefe ka Mokhalaka owazala uMolatodi owazala uLepotswe. Kwenye indlu uMolefe wazala uSebidi owazala uMakoro owazala Motonosi uNkherepe noLeteane ..
UMotonosi wazala uMontwedi owazala uMokotjo owazala oSekonyela noMotha. USekonyela ilona owudumo lwamasongo kaSigonyela . Wayezalwa iqhawekazi uMantantisi owabusa isikhathi eside njengebamba elalibambele uSikonyela owayesemncane ngemuva kokukhothama kwenkosi uMokotjo. USekonyela wazala uLeboto noLeneka . ULeboto wazala Ledingwana. UMotha wazala uHlubi owabamba elikhulu iqhaza elekelela amaNgisi empini yaseSandlwana . UHlubi wazala uLeneka nabanye
SHABALALA
AbakaShabalala bazalwa uMshengu oyaphuma olibeni lwaDlamani eSwazini . Amadodana kaMshengu kwakungo Mavuso ,Nhlabathi Mhlanga nabanye. Zonke lezi nsizwa emagameni azo kwagcina sekuvele izibongo . UMavuso wazala uMagudulela owazala abakwaMagudulela. Amanye amadodana ka Mavuso kwakungo Ludonga ,Nyawo nabanye . ULodonga wazala uShabalala okwavela ngaye isibongo sakwaShabalala. Inkosana kaShabalala kwakungu Noyaba owazala uManovunga ,Chagwe ,uMshukangubo nabanye. Nabuya ubukhosi bakwaShabalala eMnambithi emdaweni yaseMatiwane.
DLAMINI
Isibongo sakwaDlamini saqambeka ngoDlamini kaCebisa ka Ngwane kaNkosi kaKhabako ka Nkomo kaLanga . Lesi sibongo sidala kakhulu . Siphuma kwesakwaKunene. Akulona iqiniso ukuthi esakwaKunene yisona esiphuma kwaDlamini . Lokho kufazelwa wukuthi kusukela emandulo wonke amakhosi akwaDlamini noma abantu phaqa bakwaDlamini uma bekhulekelwa kuyaye kuthiwe ‘ Nina beKunene ‘ . UKunene okusuke kukhulunywa ngaye nguyena impela ozala abakwaKunene. Yena wazala uMtimande owazala uMadlabane. Ngesizathu sobukhulu besibongo oDlamini abaningi bayahluka ngezithakazelo kodwa empeleni bangabantu ababodwa . Kukhona oDlamini Mzizi,Nkosi Dlamini (nokunguyena obusa eSwazini), kukhona oLatha nabanye . Esingakuphawula wukuthi bonke oDlamini bahlobene futhi akumele baganane nhlobo .
KUNENE
EsakwaKunene njengoba besesichazile siphuma kuKunene owazala uMtimande okunguyena ogqama kakhulu ezithakazelweni. Kulesi sibongo sakwaKunene noma ngithi abantu baseKunene kwabuye kwaphuma ezinye futhi izibongo esingabala kuzo esakwaShongwe, Madonsela ,Mgoza nezinye . UKunene wayezalwa uGebase kaSidwabasiluthuli ka Kuwawa kaNgwekati
MAPHALALA
Isibongo sakwaMaphalala saqambeka ngoMaphalala enye yamadodana kaMbiwa ka Malindi Khoza . Ngakho-ke abakwaKhoza nabakwaMaphalala bayizihlobo zegazi futhi abaganani. Ukhokho wabo bonke abakwaKhoza (nabakwaMaphalala) nguMangena owazala uGumede owazala uMkhathini owazala uMalindi owazala uMbiwa owazala uMaqwebelende. Ngesikhathi seLembe abantu bakwaKhoza sibathola bakhe ngaseSiphezi beholwa nguye uMbiwa .
NGCOBO
Isibongo sakwaNgcobo saqambeka ngoNgcobo indodana kaVumezitha . Amanye amadodana kaVumezitha kwakungoShangase noNgidi . UShangase wazala abakwaShangase,kwathi uNgidi yena wazala abakwaNgidi . UNgcobo wazala uDingile owazala uNyuswa owazala uYemese nabanye. UYemeza washona engazele. Ubukhosi basebuwela kuyise omncane uZonca kaDingile owazala uMbhele owazala uMapholoba ,uVukuza , uMawela uSihayo,uMaguya nabanye. UMapholoba uyena ogqama kakhulu ezithakazelweni zabakwaNgcobo.
SHANGASE(Hhayi uNtshangase)
EsakwaShangase saqambeka ngoShangase indodana kaVumezitha. UShangase wayengumnawakhe kaNgcobo . UShangase wazala uThomani owazala uMajola owazala uShuku owaza uMvula owazala uNdaleka owazala uGusha owazala uMshiyane. Esingakuphawula ngabantu bakwaNgcobo wukuthi ozalweni lwabo kwaphuma amaqhawe amaningi esingabala kuwo oMapholoba uqobo,kanye nezidundiswa oJohn Langalibalele Dube umsunguli weNhlangano uKhongolose , noMandlakayise kaMaqhawe kaDabeka kaDube kaSilwane kaNjila kaNgongotha isifundiswa esasembethe inqwaba yamajazi amanye awo sasiwathole eMelika . UMandlakayise noJohn Langalibalele babephuma endlini yaMaqadi. UDube wakwaNgcobo akahlobene noDube wakwaMbuyazi
KwabakwaNgcobo kwabuye kwaphuma abakwaHlabisa .
ZUNGU
AbakwaZungu bavela ngoZungu indodana kaNcwane ka Mhlehlo ka kaSengengwayo kaNyamakayishi kaGwabini . UZungu owabe eyiwele noMakhoba naye okwavela kuye abakwaMakhoba. Ngakho-ke abakwaMakhoba nabakwaZungu bayizihlobo futhi abaganiselani kuze kube namuhla . Ngesikhathi seLembe owayebusa abakwaZungu nguManzini kaMkhonto kaTshana kaZungu . UTshana wazala iNdlovukazi uNgqumbazi okuyiyona eyazala iSilo uCetshwayo kaMpande . Inkosi uManzini yazala uNdengezi eyazala uMagqubu .
MAKHOBA
Njengoba besengichazile abakwaMakhoba bazalwa uMakhoba owayeyiwele noZungu bengamadodana ka Ncwane . UMakhoba wazala uJoko owazala uMgebisi owazala uNdabayakhe.
MASEKO
Abantu bakwaMaseko bangabaNtungwa abawuhlobo lwabaNguni baseButhonga . Lesi sibongo saqambeka ngoMaseko indodana kaKhubonye kaNdinane kaNdlovu . Kukhona omunye umbono othi uMaseko wayeyindodana ka Donda owayebuye aziwe ngoMswati . Kodwa lowo mbono awulona iqiniso ngokwezingwevu zakwaMaseko. UMaseko wazala uMdandulukana owazala uSidwabasiluthuli owazala uuMafu owazala abakwaMafu . UMafu wakwaZwane akazange abe yisibongo . UKhubonye kwenye indlu wazala abakwaNgomane abatholakala eMpumalanga. UNgomane kaMqomboli wakwaMdletshe wagcina ngokuba yisithakazelo akazange abe yisibongo. Ngakho-ke abakwaNgomane eMpumalanga akukho okubaxhumanisa nabakwaMaseko
NYATHI
AbakwaNyathi bazalwa kwaMabaso ,baphuma kuNyathi kaMthiyane . Ngakho-ke laba bantu bakwaNyathi bangaMantungwa futhi akumele baganane nabakwaMabaso kanye nabakwaKhumalo ngoba bazihlobo ezinkulu.
TEMBE
Abantu bakwaTembe bangabaNguni bohlobo lwabaNguni baseButhonga . Imvelaphi yabo isenhla nezwe njengabo bonke abaNguni. UTembe ngaphambi kokuba afudukele kwaZulu simthola ekhe kwelasebuNdawu eMozambikwe. UTembe lona waye ngenye yamadodana kaNdawu okwaqanjwa ngaye isizwe samaNdawu nokuyisizwe esesitholakala manje eMushungwe eMuzambikwe; Save khona futhi eMozambikwe kanye naseChimpinga eZimbabwe. UTembe waqanjwa ngomfula uMtemve ongumunye wemifula emikhuku eMozambikwe. Yena-ke uTembe wazala uSisuke owazala uLudahumba
MABHENA
Lesi sibongo sakwaMabhena saqambeka ngoMabhena indodana ka Mbuyane ka Ncaga . Laba bantu bakwaMabhena bangamaNdebele aseMpumalnga ngokobuzwe. Bayinzalo kaNdebele owabe engenye yamadodana ka Mnguni kaNtu . UNdebele nguyena okwaqanjwa ngaye isizwe samaNdebele. Yena-ke uNdebele wazala uMkhalangana owazala uMntungwa ongeyena owaseMantungweni. UMntungwa yena wazala uJonono owazala uNanasi owazala uMafana owazala uMhlanga owazala uMmusi owazala uManala owazala uNsele owazala uMagutshana owazala uNcagu owazala uMbuyane owazala uMabhena . UMabhena yena wazala uMdikane owazala uPhofu . Amanye amadoda enkosi uMmusi kwakungoNdzundza ukhokho wabakwaNzuza abazinze kwaZulu, uMthombeni owayebuye aziwe ngoGegana nokwaqambeka ngaye isibongo sakwaKekana,uSibasa ,uMhwaduba,uMphafuli nabanye
MBHELE
Isibongo sakwaMbhele saqambeka ngoMbhele indodana kaDlamini wesibili . UMbhele wayelamana noNgwane wesibili , noZingili owazala isizwe samaZingili. UNgwane wesibili uzala uNkosi wesibili. UMbhele wazala bonke abaseMabheleni oNtuli ,Khuboni ,Shabangu nabanye. UMbhele wazala uZondi owazala uLanga owazala uMafu owazala uGudlindlu ,uKhuboni, uDubandlela,nabanye .
KHUBONI
AbakwaKhuboni baphuma kuKhuboni indodana kaLanga kaZondi kaMbhele . Laba bantu bakwaKhuboni bangaMabhele,bakanye nabakwaNtuli ,Gwebu,Shabangu,nabanye. UKhuboni wayemdala kakhulu koNdlela kaSompisi . UKhuboni wazala uMamba owazala uDibandlela wesibili owazala uDlomo owazala uQunta
NCUBE
UNcube noMncube kusengumuntu oyedwa noma ngithi kuseyisibongo esisodwa . Lesi sibongo sakwaNcube siphuma kuye uNcube uqobo lwakhe. Le nsizwa yayizalwa kubeSuthu ,iphuma kwabakwaMahlase ,oSibisi . Yayikade yakhe ngaseNtabazwe(Harismith) emandulo kodwa kwahamba kwahamba uzalo lwayo lwagcina lufudukile eNtabazwe lwaphikelela kwaZulu,olunye lwagcina seluseSwazini,lwafika khona lwazibiza ngoNkambule nokuyigama lomunye wabazukulu bakaNcube/Mncube. UNcube wazala uMzilankatha nokunguyena ogqama kakhulu ezithakazelweni zaMaNcube . UMzilinkatha wazala uMlotshwa uMthombeni owazala uSiyobi owazala uMadlozi noKhambule.
KHAMBULE/NKAMBULE
AbakwaKhambule noma Nkambule baphuma kuKhambule owayengumnawakhe kaMadlozi ,ababengamadodana ka kaSiyobi kaMthombeni kaMlotshwa kaMzilankafha kaMncube . NguMadlozi owathuthela kwaZuluesuka eNtabazwe. Kwathi ngemuva kofuduko lukaMadlozo nabalandeli bakhe uKhambule naye wabe esecela kuyise ukuba amabele ifa okungelakhe ngoba naye wayeselangazelela ukufuduka alingise umfowabo . Nempela uyise wamabela ,wahamba uKhambule nabalandeli bakhe babheka kwaXhosa. Imbala ayizange ibe yinhle kwaXhosa baphoqeka ukuba bafuduke bayokhonze eNgwenhameni yabeSwazi uNgungunye uyise weNgwenyama uSobhuza. Wafika khona uKhambule waba uNkambule
NZUZA
Laba bantu bakwaNzuza kusengabantu bakwaNdzudza abatholakala esifundazweni saseMpumalanga . Laba bantu bangabesende likaNdebele owabe eyindodana encane kaMnguni kaNtu. UNdebele nguyena okwaqanjwa ngaye isizwe saMaNdebele aseMpumalanga . UNdebele wazala uMkhalangana owazala uMntungwa owazala uJonono owazala uMafana owazala uMhlanga owazala uMmusi owazala uManala,uNdzundza, uMthombeni nabanye . UNdzudza nguyena owazala abakwaNdzudza abatholakala esifundazweni saseMpumalanga kanye nabakwaNzuza . Enye yamadodana kaNdzudza yazala uMthila owazala oMgidi Nongogo nabanye . UMgidi wazala uNondumo ,uSodumo nabanye . NguSodumo esimthola esezinze kwaZulu ngoba enye yamadodakazi akhe uMnkabi yagana inkosi uSenzangakhona . Izinaizwa ezaba nonhlonze olukhulu kulesi sibongo ngoNozishada kaMaqhoboza iqhawe leSilo uDingane, kanye nezinyanga ezinkulu oMqalane kaNondumo noMbeleko kaNdlovu nokuyibona abathunywa yiLembe ukuba bayogxumeka izikhonkwane kwaNdwandwe nokuyizona ezaqeda amandla inkosi yabakwaNdwandwe inkosi uZwide kaLanga ngenkathi ilwa neLembe . Esibongweni sakwaNzuza kwabuye kwaphuma nabakwaSokhela . Kanti sihlobene nezibongo ezifana nesakwaSikhosana,Manala, Mabhena,Kekana nezinye.
ZONDO
Isibongo sakwaZondo saqambeka ngoZondo waseBathiyaneni . UZondo wayezalwa uSokotshane waseBathiyaneni. Umlando wakwaZondo noma ngithi owaseBathiyaneni mude kakhulu usuka kuMthiyane owabe esendolene kakhul noMntungwa owazala uMabaso noKhumalo. Akucaci kahle noma babehkobene yini oMntungwa noMthiyane. UMthiyane wazala uNoxoko owazala uSikhangane ,uSokotshane nabanye. USikhangane wabe eyindlalifa kaNoxoko,uyena -ke ozala abakwaSokhulu .
USokotshane yena wazala uZondo nabanye. UZondo yena wazala uHlanguhlangu, uGulukudwane, uMabhedu , uBulawayo, uNjomisa ,Ngabala, uDunga,uSiyendane, uMqokoyi nabanye. UGulukudwane kwakuwukhokhovh lwenyanga olwabe luyisilomo esikhulu seSilo uMzilikazi . NguGulumudwane owayelapha impi yeSilo uMzilikazi Khumalo,elapha nezikhali zayo. ISilo uMzilikazi sinqoba impi yokuqala yeLembe nje impi yaso yayichelwe ngezintelezi zikaGulukudwane. UGulukudwane wacgina ehambe naso iSilo sikaMthwakazi waphikelela lapho sekuseZimbabwe khona. Ngakho-ke iningi loZondo abaseZimbabwe lingabesende likaGulukudwane. Umuzi kaZondo kwakuseBaleni,wayewakhele eNgome nokuyilapho uGulukudwane wahlangana khona neSilo uMzilikazi.
BUTHELEZI
Isibongo sakwaButhelezi sakheka ngaye uButhelezi . Yena wazala uShenge ogqama kakhulu ezithakazelweni zaMaShenge. UShenge wazala uMageba ongeyena owakwaZulu . UMageba wazala inkosana yakhe uQwangubana ,noNyathi ekhohlo. UQwangubana wazala uPhungashe ,uMevana , uCole nabanye . UPhungashe nguyena owayebusa abakwaButhelezi ngesikhathi senkosi uSenzangakhona. Kodwa kwathi ngemuva kokwehlulwa yiLembe ubukhosi bakwaButhelezi basuka endlunkulu yaMaShenge baya endlini yaseKhohlo nokuyindlu kaNyathi ;kwabusa uNgqengelele ka Mvulana ka Mlambo ka Nyathi . Inkosana kaNyathi kwakunguNduvana . Inkosi uPhungashe kwathi ngemuva kokwehlulwa kwayo yiLembe yaphikelela eMaNdwandweni yayobhaca khona ,kodwa ngeshwa yafike yabulawa yinkosi uZwide ,ikhanda layo nalo kwahkotshiswa ngalo ilawu likaNtombazi . Amanye amakhanda agcina ehlobise ilawu likaNtombazi elimenkosi uMlotha Mtshali ,inkosi uMashobana Khumalo ,inkosi uDonda Khumalo namanye. Enye yamadodakazi enkosi uPhungashe yagana inkosi uSenzangakhona kwazalwa uMntwana uBhakuza owafa ebulawa yiLembe empini eyabe iphakathi kwabakwaMthethwa naMaShenge. ILembe lalivive kweyakwaMthethwa
BHENGU
Isibongo sakwaBhengu sisuka kuBhengu indodana Dlabuzana kaLusibalukhulu kaSongololo wakwaDlamini. Laba bantu bakwaBhengu babefike kwaZulu beluqhamukise lapho sekuSwazini khona namuhla . Kulesi sibongo kwabuye kwaphjma ezinye futhi izibongo ezifana nesakwaLamula nesakwaJali.
UBhengu wazala Ngwabini owazala uLamula owazala uNkungu owazala uNgwane . UNgwane wazala uMepho owazala uNkungu noJali . UNkungu wafa ebulawa yimpi yaSilo uDingane . Ngemuva kokubulawa kukaNkungu isizwe sakwaBhengu sahlakazeka ,uJali wagcina ethathe enye ingxenye yaso waphikelela nayo eMampondweni.
JALI
EsakwaJali saqambeka ngoJali owayengenye yamadodana kaMepho nokwathi ngemuva kokuhlaselwa kwesizwe sakwaBhengu sihlaselwa yinkosi uDingane yena wabhekisa amabombo eMampondweni. UJali wayezele kakhulu enamadodana amaningi nesingabala kuwo uBheje, uGwadlela, uSikhewu, uMyeki,uZongo, uNomachude, nabanye. Sizobuye sixoxe ngabo abakwaJali una sesibhala ngomlando wesibongo sabo
MASHABANE
Laba bantu bakwaMashabane bangabaNguni baseButhonga. Bakanye nabakwaGumede kaManukuza . Iningi labo sibathola koManguzi ,Jozini nakoMhlabuyalingana. Ukhokho walaba bantu bakwaMashabane nguMthonga owazala uNkalana . Lesi sibongo sakwaMashabane sixhumene kakhulu nesakwaGumede kaManukuza naso esitholakala khona eButhonga . UMthonga wazala uNkalana owazala uSidlondlo owazala Mashabane okwaqanjwa ngaye isibongo. UMashabane wazala uManukuza owazala uGumede owazala uJobe ,uNongcola,uMantinti ,uMakhasa nabanye . Abantu bakwa Mashabana bayatholakala nakwaSoshangane koGiyane nakoTzaneen.
MGWABA
Isibongo sakwaMgwaba siphuma kwesakwaMbhense . Saqambeka ngoMgwaba indodana ka Mpiko . UMpiko yena wayeyindodana kaMbhense okunguyena okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaMbhense. UMbhense yena asinaso isiqiniseko sokuthi wayezalwa nguban
MNGOMEZULU
Abantu bakwaMngomezulu indabuko yabo isebuPedi lena lapho sekuyisifundazwe saseLimpompo khona . Umuntu esiqala ukuzwa ngaye nguye uMngomezulu . UMngomezulu ekufikeni kwakhe evela ebuPedi wafika wakha ngakwaNtshingila ,eNgwavuma . UMngomezulu wazala uMdluli owazala uMafu owazala uMalinga owazala Dlakadla. UDlakadla yena wazala uZondizwe . UMdluli kwavela ngaye isibongo sakwaMdluli .
MDLULI
Abantu bakwaMdluli baphuma kuMdluli kaMbgomezulu njengoba besengishilo ngenhla. Lesi sizwe sakwaMdluli sasibuswa inkosibuNgangezwe ka Nomsimekwana Mdluli ,ngaleso sikhathi sasakhe ngaseMvoti sesisukile eNgwavuma,kepha kukhona ingxenye yabakwaMdluli eyasala eNgwavuma. Manje lesi sizwe sinendlu eziningana esingabala kuzo eyakwaLukhele ,eyakwaThandile kanye neyakwaSikhangisa .
YENGWA
Abantu bakwaYengwa bangabakwaQwabe . Baphuma kuNomo umfowabo wenkosi uPhakathwayo kaKhondlo. Esinye isizwe eaiphuma esindeni likaNomo esakwaSabela. UNomo wazala uYayisa ,uGwamanda nabanye. NguGwabanda ozala uYengwa okwawanjwa ngaye isibongo sakwaYengwa.
ZWANE
Isibongo sakwaZwane saqambeka ngoZwane kaMbambo kaMbengo. Laba bantu bangabaNgunu baseMbo . Imvelaphi yabo iseSwazini . Babuye baziwe ngokuthi bangaMangwe kususelwa egameni likakhokho wabo uMungwe. UZwane wazala uMungwe owazala uPhikela owazala uNsele . Lesi sibongo sakwaZwane sixhumene nesakwaHudla ,Cebekhulu,Ndiweni nezinye.
Amanye amadodana enkosi uZwane kwkangoNdiweni noMdolomba . UNsele wazala uZikode owazala uNsele wesibili owazala uMafu owazala uMangethe yena wazala uNtshosho.
LUTHULI
LESI sibongo sakwaLuthululi saqambeka ngoLuthuli ka Mavela ka Zakwe wakwaNgcolosi . ULuthuli wazala uMandlanduna owazala uNkomo noDole
MTIRARA
Lesi sibongo sakwaMtirara sitholakala kwaXhosa . Siphuma kuNdilo waBathembu owabe engumfowabo omncane kaMvelase . UNdilo washiya izwe lakubo eQhudeni kudala kakhulu ingakabusi inkosi uNgoza yaseMlamlankunzi . Ngesikhathi seLembe kwaMtirata kwakubusa inkosi uNgubengcuka eyabe ingumzukulu kaNdilo . Inkosi uNgubengcuka yazala inkosana yayo uMathanzima.
CHILI
Abantu bakwaChili bangabakwaQwabe , baphuma kuChili wakhona kwaQwabe. UChili wayebuye aziwe ngelila Silima . Yena wazala uFamanda owazala uThongo owazala uMacala owazala uZokufa
MBEJE
UMbeje wabe eyundodana endala yenkosinuNdaba kaSontshikazi . Inkosi uNdaba yayibuye ibe uyise woShandu noDladla . UDladla wazala abakwaDladla . UMbeje ize wayengomdala kodwa bamgeja ubukhosi ngesizathu sokuthi wayengeyena owasendlunkulu,futhi uyise wayemzale engakabi yinkosi . UMbeje wazala uBhabha owayebuye abizwe ngoMagwaza . Lo Magwaza akahlobene noMagwaza othakazela ngoNjinji. Naluya uzalo lukaMagwaza wakwaMbatha( oselusebenzisa isibongo sakwaMbeje) eQhudeni, eNdwendwe nakoMsinga.
DLADLA
UDladla naye wayengomunye wamadodana enkosi uNdaba kaSontshikazi yaseMambatheni. Amanye amadodana enkosi uNdaba kwakungoMbeje noShandu. UDladla wazala uMpembe,uMgabadeli , uMhlophe, uGadlela, noDwani. UMhlophe wazala uNonjiko noKolotshana. UMgabadeli waba ngomunye wezinyanga ezabhula iphutha ngenkathi iLembe livivinya izibyanga esigodlweni salo sakwaBulawayo . Ingakho abakwaDladla bethakazelwa ngokuthi “oMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo ‘
ZUMA
Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaZuma ngunye uZuma uqobo . Le nsizwa uZuma kuthiwa yayiqhamuke eBasuthwini. Nabuya ubukhosi eMpendle. Indlu encane nansiya laphaya eNkandla, yona ke indlu kaMsholozi.
UZuma wazala Dzana owazala uMaphumephethe owazala uLuzitho owazala uNdlovu yena owazala uShisa owazala uMatomela owazala uSguda ,uMsholozi, uLugaju uMhlomunye nabanye .
NZAMA
Isibongo sakwaNzama noma Zama savela ngoNzama wakwaNgcobo . Lokho kusho ukuthi abakwaNzama bahlobene nabakwaNgcobo,Shangase,Ngidi nabanye. Kubantu bakwaNzama kwabuye kwaphuma abantu bakwaChamane. Kanti nabo abakwaNzama babuye babizwe ngokuthi bangabakwaWoyisane.
UNzama wazala uManjanja owazala uKhumalo ongeyena owakwaMntungwa. UKhumalo wazala uMvakela owazala uMashiza . Iqhawe lakwaNzama nguGcugcwa kaNcameni.
MHLONGO
AbakwaMhlongo babuye baziwe ngokuthi bangabaseLangeni . Baphuma endlunkulu yaseSwazini nokuyiyona ebusa khona eSwazini. Lendlu ingeyakwaDlamini, ibuye yaziwe ngokuthi ingeyaMaLangeni . Inzalabantu yabakwaMhlongo nguLugoloza Dlamini. Yena wazala uSoyengwase owazala uDlomo owazala uMhlongo okwaqanjwa nvaye isibongo. UMhlongo owayebuye aziwe ngelikaBhebhe wazala uMviyokazi neNdlovukazi uNandi unina weSilo uShaka. UMviyokazi wazala uMgabhi owazala uSongweni noMakhedama
MTOLO
Isibongo sakwaMtolo saqambeka ngoMtolo kaKhuze kaDlamini wesibili kaSibalukhulu. Imvelaphi yabakwaMtolo ikwabakwaDlamini eSwazini. UMtolo wayeyiwele noMzizi ongukhokho wabakwaMiya . Nabuya ubukhosi bakwaMiya eBergville ngaphansi kwenkosi uNjabulo Miya. UMtolo wazala uNgonyama ,Madubela noNgwadla.
NTANZI
Isibongo sakwaNtanzi siphuma kwesakwaNtombela. UNtombela wayengenye yamadodana kaLuzumana . Wayengumnawakhe kaMalandela kaLuzumana uyise woQwabe noZulu. UNtanzi wayengenye yamadodana kaNtombela.Amanye amadodana kaNtombela kwakungoMahlobo,Mpangazitha,Mdlani nabanye. KwabakwaNtanzi kwabuye kwaphuma abantu bakwaFakazi .
MJOLI
Laba bantu bakwaMjoli bangamaBhaca akwaMadikane. Baxhumene kakhulh nabakwaZulu . UZulu wazala oPhunga noMageba . Kwenye indlu wazala uDidi (uLufulwenja) owazala uWushe noZelemu.UWushe wazala uBekwa owazala uMjoli okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaMjoli. UMjoli wazala uPhathwa owazala uMbhedu noNondaba . Endlunkulu uDidi wazala uWabane owazala uVebi owazala uKhalimeshe owazala inkosi uMadikane .Yona yazala inkosi uNcaphayi . Nasiya isizwe eMzimkhulu naseXobho olumantente.
NZIMAKWE
AbakwaNzimakwe abanuye babiziwe ngokuthi bayisizwe saMaphehlukwayo bazalwa nguNzimakwe kaNdaba. Laba bantu baphuma kwabakwaMachi .UMachi nguyena ongukhokho wabo bonke abakwaMachi nabakwaNzimakwe. UMachi wayeluqhamukise eLesotho .Endlini yasekhohlo nokuyindlu yakwaNzimakwe uMachi wazala uThango owazala uMbokodo owazala uNdaba owazala uNzimakwe,uDlezi noNgcukana
XIMBA
Abantu bakwaXimba baphuma kuMlaba kaNyawo wakhona kwaNyawo . UMlaba kaNyawo nguyena owazala uXimba okwawanjwa ngaye isibongo sakwaXimba. UXimba yena wazala uMlaba wesibili owazala uDikani owazala .UDikani yena wazala uNcwadi owazala uGogela ;uPhaphama,uMabhoyi ,uNodlela nabanye . Umuntu esimbona egqama kakhulu emlandweni wabakwaNyawo nguMqumbane kaMabhoyi owayesebenzela emaNgisi ethwala iposi lawo esuka eMgundundlovu elisa eSandlwana. Wangeyona incelèbane kepha wayeyisisebenzi sawo amaNgisi. Yena -ke wazala uSigungu nabanye .
NGWENYA
Isibongo sakwaNgwenya saqambeka ngoNgwenya indodana kaMtimande kaKunene kaGebase kaSidwabasiluthuli . AbakwaNgwenya bangaMantimande bakanye nabakwaShongwe;Kunene ,Madonsela; nabanye. ONgwenya baseZimbabwe iningi labo abawona aMantimande , bangabeSuthu abangaBakwena nokuyilapho kususelwa khona isibongo sabo ngoba ikwena yigama elisho ingwenya ngesiZulu.
MADONSELA
Nabo abakwaMadonsela basengaMantimande. UMadonsela naye wayengeye yamadodana kaMtimande kaKunene . AbakwaKunene ,abakwaShongwe , abakwaMadonsela abakwaMgoza bayinto eyodwa futhi akumele baganane
Isibongo sakwaMnyandu saqambeka ngoMnyandu owayengeye yamadodana enkosi uKhondlo kaMncinci Qwabe .Amanye amadodana enkosi uKhondlo kwakungoPhakathwayo ,Nomo,Nqetho, Godolozi, Godide ,Vukulwana nabanye. Iqhawe lakwaMnyandu nguNongalaza kaNondela owaba yiqhawe likaZulu kusukela ngesikgathi seNgonyama uDingana .Ngesikhathi sempi yaBantwana eNdondakusuka uNongalaza wayelwa ngakuMntwana uMbuyazwe nokwathi ngemuva kokwehlulwa kwakhe uNongalaza wabaleka kwaZulu wayokwakha eMlaza lapho sekwakhiwe khona iNxanxatheka yezitolo ebizwa ngokuthi kukwaMnyàndu Shoping Centre ngakwaN sectiom.
Lena yindlu encane yaseBathenjini nokuyindlu kaMvelase kaNyandeni waseBathenjini . Indlu enkulu ilena eyaziwa ngokuthi ngeyakwaMthemvu ngesibongo ize kukhona kuyo nabendlu encane abakhetha ukusebenzisa uMthembu njengesibongi. Iqhawe lakwaMvelase yinkosi uNgoza kaMkhubukeli eyayakhe umuzi wayo waseMlamlankunzi eMnambithi. Yasuka ngemuva kokuhlaselwa yiLembe yabe isibheka koKapa
Ukhokho wabo bonke aBathembu nguMthembu owazala uMangqiyima owazala uGeze owazala uLushozi owazala uNdaba owazala uMnisi noMlenze. UMnisi wazala oNdina noJama ababusa ngesikhathi senkosi uDingiswayo yaBathethwa . Lendlu yakwaMthembu ithokala eNseleni kuze kuyoshaya koNongoma eVuna.
Inkosi uJama kaMnisi yake yahlaselwa yinkosi uDingiswayo . Yanqotshwa kuleyo mpi yase iba ngaphansi kombuso waBathethwa. Kusuke kushiwo yona ezibongweni zenkosi uDingiswayo uma kuthiwa “Izulu laduma eNhlangwini kuBathembu aBathembu bakhweza baya ngoJama kaMnisi
Siyabonga kakhulu mbulase ngicela ungibukele isibongo sales Makhombothi
Kulungile qhawe lakithi sizokwenza konke okusemandleni
Kunjani ngicela ungibhekela Mzotho
Siyabonga. Ngicela ungibhekele esakwaNxasana
Syabonga cela ukwazi esakithi ungxongo ohlobene no kunene mtimande Thumbela
Siyabonga kakhulu ngycela ungbhekele esakwaMbambo ukut sidabuka kanjn
Siyabonga kakhuulu , Ngisacela ungibhekele esakwa Qoza
Bengsacela ungibhekela esaka Mgobhozi nokuthi uMgobhozi uhlobeni yini noGumede.
Siyabonga mfowethu ngomsebenzi ongaka. Ngicela ungibhekele esakwaMabika9ķ
Siyabonga bandla, ngicela umlandu ngabantu kumbe ngesibongo sakaNkala
Kulungile
Ngicela ungiphe umlando ngesibongo sakwa Ndawonde
Mhlonishwa nethimba lakho, ngicela ukwazi kakhudlwana ngoGcabashe.. injula mlando yakhe…ukuzalana kwabo…nesithakazelo sakhona
Sawubona ngicela ungiphenyelau Magubane
siyabonga ngomlando wezibongo..Mina ngisacela umlando wakwa Ngonyama
Siyabonga ngicela umlando ngesibongo sakwa Msweli
Siyabonga ngicela uXulu ikakhulu lo othinta uMsiyane
Mbulase siyabonga Mina bengicela ungibukele umlando ngesakwa Mpontshane
OwayeyiNsila yeNkosi uShaka uJeqe wakwa Buthelezi, ngeskhathi kukhotheme inkosi kwakulindeleke ukuthi endlalele inkosi. Umfowabo wamyalela ukuthi aphume ngembotshana kwinxuluma nebala akachithanga sikhathi wacela empunzini wayobhaca enyakatho wazishintsha isibongo. Savela kanjalo ke isibongo.
Siyabonga kakhulu mfowethu ume nje. uVilakazi usibhekele naye siyacela.
Siyabonga kakhulu ngisacela ukwazi ngesibongo sakwaMAKHWASA oSHABANGU imvelaphi yaso
Ngiyabonga
Mbulazi,make sibonge e MaNtungweni,ngiyafisa kengithole NGO Gwala njengoba ubalula ukusuka kwabo eSudan kuze kufike LA uMyeka noMacala behlukana eMkhambathini noKhilane ebuyela kwaZulu Scala wabheka eNkwezela,uMyeka wagcina ezinze phansi kwentaba yase Nanda LA okuseyikoMkhulu nehlala Nkosi yaMaphephethe
Mphephethe siyabonga kakhulu qhawe lakithi
Mntungwa ukubakhona kwakho kusivule umqondo ngemvelaphi yethu. Ngithe ‘ akwande’
Sigonyela , wena weSilo
Ngibonge ithuba , esibongweni wakwa Gumede
Kuvela uMyeki uZitha uNjojo uMphandama kuqhubeke njalonjalo . BB aqhamuka kanjani eMlandweni ngicela ungifunise
Siyabonga mfwethu, ngicela ungibhekela esakwaNinela
Ngicela ukuqondisa,uMacala owabheka eNkwezela
Qhawe lakithi
Syathokoza ngomlando, cela uke usilandise ngesibongo sakwaMjadu
Syabonga
Cele ungitholele umlando wakwaShoba ngingabonga
Mbulase ngiyabonga kakhulu , ngolwazi osicobela Lona. Nginombuzo la mhlawumpe ungangisiza nginesifiso esikhulu Uma ungake ucwaninge ngabantu bakwa Sishange
Ngicela ungitholele umlando wakwa Mbhele ngezindlu zabo
Ake ulande ngesibongo sakwa Nhleko, uNhleko Mgilija noNhleko Mlotha
Sibonge Mtungwa ngokusicobelela eshungwini lakho. Cha sintongele kwezwakala Mbulazi.
Bengisacela umlando nfesibongo sakwa Sishwili
Abavela kubeSuthu baka Moshueshue hhayi abangaphansi kwba Hlokua.
Ngiyothokoza kakhulu wena weNgonyama.
Kubonga mina Ndlela ka Sompisi, ngizokwenza konke okusemandleni Qhawe
Ngicela umlando ngesibongo uPhiri
Ngicela umlando ngesibongo sakwa Chamane..
Good evening
Ngicela umlando wes’bongo saka Nkwanyana
Ngiyabonga
Ngicela ningiphe imvelaphi yaka Magcaba ,oThembela
Siyabonga kakhulu umsebenzi omuhle kangaka
Singakuthokozela ukuba ubesebhukwini khona sokwazi ukulithenga sifundele abaNtwana bethu.
More information about Majola Clan
Majola clan
Umbuzo enginawo yilona . Kathi yindaba iNdlovu zilezithakazelo ezehlukeneyo ?
Ngicela ukwazi ngendabuko yesibongo sakwa Sibisi
Ngicela ungibukele isibongo SakwaShwala
Mbulazi; ngicela ukuqondisa ngomlando wakwa Sithole. UMbulungeni (uMbhadu) wayeyindodana endala kaMaphitha (Ntshiba) ezalwa endlunkulu. UJobe noMpongo babengamawele bezalwa ekhohlo. Kwasuka ingxabano phakathi kuka Mbulungeni ,uJobe newele lakhe uMpongo. UMbulungeni waqoma ukushiya kubo eQhudeni wayokwakha ubukhosi eHlimbithwa eShane, nansiya indlu yakhona kubusa uZakhele..enye indlu yaMbulungeni nansiya eRichmond eNdaleni ngaphansi kwenkosi uPhathisizwe.
Wena waseGubazi
Ngicela umlando ngesibongo sakwa Ndebele nesakwa Mpulo
Impela bafo injalo nje…!
Ngiyabingelela ngsacela ungifunele umlando ngesibongo sakwaMdlalose ukuthi sidlelana nasiphi futhi siphuma kusiphi isibongo nanokuzalwana kwaso ngokwezindlu.
Ngibingengele ngicela ungitholele umlando wakwaMakhunga
Ngicela ningibhalele Umlando ngo MIYA NODLANGISA NDIYACELA
Ngiyabingelela. Ngisacela umlando ngesibongo sakwa ntshalintshali
Ngiyabingelela
ngisacela umlando wesibongo sakwaMbili
Ngiyabonga
Unjani bafo? Nami ngiyakhala ngomlando wesibongo sakithi.
Siyabonga ngolwazi osipha Lona…ngicela ukwazi ngomlando wakwa Maphumulo
Ngiyabonga nami ngalemilandu osinike yona sikwazi ukuzazi nzulu sisisizwe esintsundu nkalwana zonke. Ngicela umlandu wendlu yakwaMasango, oNdzitha ,ooNyandeni, ooNyand’emnyama kaThsanana
Uliqhawe Mashobane
Ndabezitha
Siyabonga ulwazi ngemvelaphi yethu ngicela ekela oDludla
Sbonga wena usikhanyiselayo ngemvelaphi yethu ngicela yakwa khoza
Ngicela ungifunele umlando wakwaMalinga,ngokulamana kwawo nangokuhlobana kwaMalinga noNdlovu ngyabonga.
MBULASE SIYABONGA NGOMLANDO WETHU THINA MAZULU BENGICELA ULANDO NGESIBONGO SAKWA MDUNGE NETHAKAZO
Nginawo oqoshiwe Chiliza ngithe ngikunike ngoWhatsapp 084 098 4016
Siyabonga Mntungwa. Bengicela ukuthi usibhalele umlando ngesibongo sakwa Mdabe ngemvelaphi yaso
Ngicela esakwa Mvubu
Ngicela Umlando wakwa Thusini baqamukaphi
Ngiyabingalela
Ngicela umlando wesibongo sakwa
Myeni
Wona weQhawe. Nami nginguZondi nje ngicela ungithungele esakithi. Mtaka Baba.
Siyabonga kakhulu ngezincazelo osipha zona:bengicela ukwazi kabanzi ngokhwakheka kwesibongo sakwaSokhela kanye namagalelo about emlandweni wakwaZulu
Ngicela ukwazi ngemvelaphi yesbongo sakwaNxasana nokuthi bayinhloboni yabantu
Ngibingelele zihlobo…. umbuzo uqondiswe kuwe Donda weziziba… oDube bakwaMthwakazi abazithakazela ngokuthi bango Mthembu ozithembayo ngabe labo bangabaThembu na….ngikuthathele kwimbongi yakoMthwakaz egama lingu Albert Dube idube kakhulu khona….ngibonge wena owath umuntu edla wamyenga ngendaba sokhumalo mntwana
Bengicela nami ukusizakala ngomlando wakwa Magangane
Siyabonga kakhulu bengicela ukukwaz ngesibingo sakoMlilo
Mashobane
Ngicela ungibhekele isibongo sakwaMntambo, Mlondo, Nhlangothi kuthiwa lezibongo zihlobene
Kulungile Qhawe ngizosibheka
Qhawengicela umlando ngesakwa Xaba Zikhali noHadebe ngoku hlobana kwalezibongo
Kulungile Qhawe ngicela uthi ukusibekezelela kancane
Mfowethu, oKhumalo eZimbambwe noKhumalo eSouth Africa kuyahlangana yini
Ngibingelele Qhawe.
Ngicela ungilekelele ngomlando or isibongo sakwa-Ncwana. Manje angiqondi noma uzalwa uNomo KaKhondlo or uphuma kuKhondlo uqobo.
Iqhawe elaqgama kakhulu kulesibongo uNkomfiya KaNogandaya Ncwana/e (uZulu KaNogandaya).
Ngyabonga Mtungwa.
ngicela umlando wabantu bakwaMbili
Mashobane, wena weqhawe!
Wayibeka kahle indaba yakithi kwaMdluli nakwaMngomezulu. Ukulungisa kancane nje uMngomezulu akuyena owafika ephuma kubeSuthu baseNhla (abaPedi). Owafikayo kwabe kungu Mothopeng efikela eSwatini kanye neqoqo labantu bakhe. Umthombo wotshwala ngesiSuthu kuthiwa “Mothopo”, kanti undaweni wakhona kuthiwa “Mothopeng” noma “eMthombeni”. Yingakhoke ngapha kubeNguni wagcina esebizwa ngoMthombeni okwabe kuchaza lona igama lakhe elithi Mothopeng, kanti uma sebemusho babethi nguMthombeni uMsuthu Wasenhla.
UMthombeni-Mothopeng lowo kuthiwa yena nabakubo babefunde kakhulu umuthi bekwazi ukuwukhulumisa uxoxe indaba. UMthombeni yena wayedlulele ngasemthini wokudlalisa izulu, kanti uma ezohlasela izitha wayekwazi ukususa inkungu ilanga libalele ayehlise imboze izitha zithithize zingabe zisabona lutho impi yakhe izigwazele ibhece. Ngenxa yokudlalisa izulu kanjalo wagcina sebemhasha ngokuthi nguMngoma Wezulu nokwagcina sekunguMngomezulu. Indodana yakhe yona yazibiza ngoMngomezulu yabashiya abakubo kwaMthombeni-Mothopeng yedlulela phambili yaziqalela isizwe esisha sakwaMngomezulu. UMngomezulu lowo owadlulalyo wazala inkosana yakhe wayiqamba igama wathi nguMdluli. Emuva kwesikhathi abanye nabo bathatha igama layo inkosana uMdluli bedlulela phambili bayoqala esinye isibongo nesizwe sakwaMdluli. Namuhla sekunezindlu eziningi zakwaMdluli ezabuye zavela ngenxa yokuthi ukhondolo lokudlulela phambili lwaqhubeka njalo ngisho naseyizukulwaneni ezilandelayo. Abanye oMdluli bakithi abasakwazi ukuthi babedabuke kwaMngomezulu ngenxa yokuthi nabo sebenowabo umlando omude okhandeke eyizukulwaneni eziningi ezazihamba zehlukana zedlulela phambili njalo. Ngeke sikwazi ukuzibala zonke izindlu zakhona kodwa okukhulu nje wukuthi isibongo sakwaMdluli saqanjwa ngoMdluli kaMngomezulu kaMthombeni-Mothopeng (uMsuthu Wasenhla). Saqala kanjalo nesithakazelo esithi “Mthombeni” nokuthi “Msuthu” esizweni sakwaMngomezulu. OMdluli abagqamile woMdluli bakaSikwayo ebukhosini bakwa Nibela eHluhluwe, oMdluli bakaSikwayo ebukhosini bakwaNyavu eMaritzburg, oMdluli Bhekiswayo eSwatini, oMdluli Sikhandzisa eSwatini, kanye nemixhantela eminingi yalezizindlu. Ikhaya elikhulu labo bonke kusebukhosini bakwa Mngomezulu eNkungwini eNgwavuma.
UMsuthu Wasenhla uMthombeni wazala uMngomezulu, yena wazala uMdluli, yena wazala uMafu, yena wazala uMalinga, yena wazala uDlakadla, yena wazala uZondiwe. UZondiwe akaphiwanga inzalo kodwa kwaze kwelekela umfowabo uMsunduka kaDlakadla owasondela ngakundlunkulu uKaMafuleka kwazaleka inkosana uLubelo kaZondiwe. ULubelo yena wazala Mbikiza, yena wazala uZombizwe, yena wazala uKhathwayo. Inkosi uLubelo kaZondiwe nguyena owehla eSwatini wakha umuzi waseNkungwini eNgwavuma ngenxa yokuthi babezwana nenkosi iLembe kwaZulu ngobuqhawe bezempi kanye nomuthi wokulumba impi ngenkungu yezulu.
Mina-ke ukhokho wami akaphumanga nabanye oMdluli kwaMngomezulu, kodwa wakhapha ithimba lomfowabo inkosi uMbikiza kaLubelo bezohlangana nesikhulu samaNgisi uSomtsewu Malimotho (Sir Melmoth Osborn) ngenxa yombango owawusuqubuke ebukhosini bakithi eNkungwini. Ngenxa yokuthi uMalimotho akakwazanga ukubasiza inkosi uMbikiza yagcina isibuyela emuva idangele kodwa ukhokho wami nabanye bona badikibala bagcina sebekhonzela amanxiwa khona lapha eMthonjaneni (eMelmoth). Abaphindanga babuyela ekhaya eNgwavuma, kanti kwagcina ngokuthi umkhulu ashintshe isibongo esithi Mngomezulu epasini lakhe wazibiza ngoMdluli yena yedwa kwabakwabo esekhulile. Umkhulu uze aguqule isibongo sethu nje kanti negama lakhe kwabe kungu Nququ. Ukhokho yena kwakungu Mabhijana kaLubelo webutho likaBhewula kanti wayezalwa nenkosi uMbikiza kaLubelo kaZondiwe kaDlakadla. Ukhokho uMabhijana wazala umkhulu uNguqu webutho likaVukayibambe, yena wazala ubaba uMbilaziyathutha webutho leNtabayezulu.
Umfowabo kaMthombeni-Mothopeng yena kuthiwa wafika eSwatini wavele wagagula iNgwenyama ngegama layo ngenxa yokungazi (wayeMsuthu wokufika). Kusukela lapho wabizwa ngokuthi nguMagagula. Naye waphuma kwaMthombeni waqala isibongo nesizwe esisha sakwaMagagula kanti namanje bathakazela ngaye uMthombeni. khona kuleyondlu kwabuye kwavela abakwa Duma, Dumisa kanye nabakwa Ntenga okungoMthombeni bonke. Nokhoke abusekho ubuhlobo phakathi kwabo nabakithi kwaMngomezulu, kanti abaningi nhlangothi zombili abawazi nokuwazi lomlando wabo osukela emuva kwaMthombeni. Bakhona futhi nabanye oMthombeni okungebona oMsuthu kodwa okwaba wukufana kwamagama nje kubantu okungeyibo nhlobo abandawonye.
Qhawe lakithi usebenzile
Ngiyabonga kuzwangemvelaphi yabakwaMagagula
Asibonge kakhulu ngalolulwazi esilutholayo, nakubeke ukuqonda ngomlando kuhamba kugejana lapha elaphayana. Kodwa Siyabonga.
Zingane Suthu wasenhla impela thina be Thombeni.
Esingakakutholi ukuthi lezizinsizwa ezimbili uMthombeni no Magagula; babezalwa ngubani Mvelase Lysuthu?
Onolwazi eyavele ngalezize lamani ezasuka Lysuthu, zalibangisa eSwatini.
uBuhle betshitshi ka Mbambo amatshitshi, ka Hove (Makhalempongo), ka Ntshakele kantshakela imfezi emathamabi, ka Ukhonze, ka Malmlela inkosi yase Swatini endala.
Ngicela ungibhekele isibongo sakwa Nqubuka
Siyabonga mfwethu, ngicela ungibhekela esakwaNinela
siyonga ,ngicela ukubuza umlandu ngesibongo sakwaMgadi
Savings kakhulu kulelikhasi sesfunde okukhulungiphinde ngicela ngingfunisa owakithi kwamhlungu ngyabonga
Siyabonga ngicela esakwa Mathenjwa
Hawu wamuhle umsebenzi owenzayo. Ngicela ungichazele ngesibongo uHlophe.
Mtungwa ngacinga kangaka esakithi asiveli kanti uTHANGO ungubani uvelaphi awuyilamule.
Sisazofakwa Qhawe lakithi,unganinwa
Ngyabonga kakulu ngokusilethela imilando yezbongo. Ngcela ukuthi ungitholele imvelaphi no umlando wesibongo saka HLUNGWANE.
Siyabonga mfwethu bengisacela umlando ngo Nobela
Siyabonga bengicela ungivezele mvelaphi yakwaHlanguza
Mashobane ngyabonga qhawe lam ngencazelo yakoXimba lapho ngiwumshana khona, besengithokoza Ngavele ngabona lapho kuuthi khona wazala nabanye. Ngabr ngiyina yin qhawe mebgacela ukt ungiqhubekele uveze nalabo abanye. Bengingathanda ungitholele kwesakithi koBaba sakwa Nkonyeni. A ngethembe qhawe lam angikuthwesi okngaphezul kwamandla. Angbonge
Syabonga ukucaciseleka ngemilando bengicela esakwaDludla
Kulungile mft niyamulekelile kwa Dludla ☺️
Sibingelele bengifisa ukwazi nzulu ngesibongo sakwaMzimela
Mntungwa into enhle iyabongwa, muhle lomlando owenza abantu bazi imvelaphi yabo. Uma uthola ithuba ngiyocela ungelekelele ngomlando kaKheswa uNozulu liyasa liyasibekela. Kuningi okubuye kushayisane la ngoba lesibongo sikhona kakhula lapha eKZN kanti nase Eastern Cape siningi futhi
Nozulu omkhulu
Isandla sendlula ikhanda
Ngiphakama no kubonga ukuthi nnisivule amehlo ngezmvelaphi zethu Mina bengicela ukwazi ngezmvelaphi yakwaMzobe
Ngicela umlando ngesibongo saka Makhaye
Ngicela isibongo sakwa Malinga
Ngicela ukuzwa ngesibongo u Maphumulo, ngyabonga.
Ngicela ukubuza ngesakaGcumisa ukuthi sona ngabe savela kanjan kanye nomlando waso .
Siyabonga kakhulu Nathi bakwa Mpanza besicela usibhekele nathi Imvelaphi yethu
Cel ungbhalele ngesibongo sakwaNgcemu
Sibonge ngomsebenzi omuhle kangaka.Nathi sicela ukwazi ngemvelaphi yako Mkhwanazi
Cela ungibhekela esakwaLanga ukuzalana kwaso kusuka kuKhanyile
Syabonga mfowethu cha ngicela kewungibhekele isbongo sakwa Ndlela ,oNzimase oJiza kaMtshali
Ngyothokoza
Ngicela ukwazi ngabakwaMavundla
Siyabonga kakhulu ,bengicela ngomlando waka Kubheka nendabuko yabo
Ndicela ukwazi ngomlando wakwa Nqukhwe oMdinda oMgabaza
Mina ngicela ungitholele esakwaMthombeni
Ngiyabingelela ngicela kwazi kabanzi ngabakwa keswa angbonge
Ngicela esakwa Njilo mzwelanga fayisa
Sawubona ngicela ungiphenyelau Magubane
Dibanto omkhulu. Sikhona isibongo sakwenu kuyo le nqokobane , ake uzame ukusicinga ngoSearch Button
sawubona ngicela umlando wesibongo so Mndila, Nyeziwe Qangaza. ngiyabonga
Mina ngicela ukwazi ngomlandu ka Siwendu, esithi ngo Mngongo, oo Dzelisa
Ngicela ukubhekela imvelaphi yesibongo sakwa Msezane esithakazelwa ngokuthi Msezane Mashoba,Vezi wangemihla Ntumbese kaPhothela
Ndicela ukucaciselwa ngemvelaphi yesbongo sakwaMlima, Novange camagu
Siyabonga Mashobane, Muhle Umsebenzi
Shenge elihle