Uhla lwezibongo ezaqambeka ngamagama abantu

Uhla lwezibongo ezaqambeka ngamagama abantu(ucwaningo olusaqhubeka)

Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo:
MTHETHWA
UMthethwa kwakuyindodana ka Nyambose kaKhubazi . UMthethwa wayebuye abizwe ngoMbekane .Yena wazala uNdunakazi owayebuye aziwe ngelikaNdlovu kepha ongeyena oKhokho wabakwaNdlovu . UNdunakazi wazala uMadango owazala uXaba owazala uKhayi owazala uJobe owazala uDingiswayo nokungenye yezinsizwa ezaqala umkhankaso wokuhlanganisa izizwe . Kulowo mkhankaso kwagcina kuphemelele insizwa yakwaZulu iSilo sakwaDukuza iSilo uShaka kaSenzangakhona.
CELE
UCele wabe engenye yamadoda ka Madango wakhona kwaMthethwa .Yena wazala uLugogo owazala uNdosi owazala uMaganga owazala uNqumela owazala uLanga owazala uMkhokheli owazala uDibandela owaphila isikhathi eside waze wadonswa ngesikhumba kangangokuthi amadoda akhe oVico nabanye agcina eshona kwawona amshiya uyise esawadla anhlamvana. Akugcinanga lapho kwagcina kuqubuke umbango phakathi kwamadodana kaVico oMagaye noMande benanga ubukhosi uYisemkhulu esewadla anhlamvana.
HADEBE
UHadebe nguyena esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibobongo sakwaHadebe sengathi wayexhumene noDlamini . Yena wazala uHlubi owazala uMhunu owazala uNdlovu(hhayi owesibongo) owazala uMhlanga owazala uMusi (hhayi owaseMpumalanga kwaNdzundza) . Amanye amadoda kaMhlanga ngoMbongwa noXaba. UMhlanga yinkosi ngemuva kokuba khhlatshwe inkomo yahlinzwa yeqedwa yaze yakhishwa nezitho . Kwabe sekuthiwa lawa madodana kaMhlanga awakhethe inyamamnkma izitho zenyama ayeyizifuna. UXaba owakhetha umlenze , uMbongwa wakhetha izimbambo , uMusi yena wakhetha insonyama. Isinqumo sikaMusi sokukhetha insonyama samenza wabuthatha ubukhosi ngoba izikhulu zaseMahlutshini isinqumo sakhe zasihumusha ngokuthi’ wayeyokuna inkosi ezokwephana,ibe nobubele kubantu bayo ingabi ugombela kwesakhe’. Kwagcina kuxatshene oMbongwa noXaba bagcina bekhumukile esizweni sakwaHadebe bayoziqalela obabo ubukhosi .
MABASO
UMabaso wayeyindodana kaMntungwa kaMbulazi . Nguyena ozala abantu bakwaMabaso . Esendeni lakhe kwabuye kwaphuma izibongo ezifana nesakwaKhulu esaqambeka ngoKhulu kaBayeni kaDenjane Mabaso ,esakwaHlanguza esaqambeka ngoHlanguza kaVezi Mabaso , esakwaNyathi esaqambeka ngoNyathi kaMthiyane Mabaso nezinye. Laba bantu bakwaMabaso bayindlunkulu yaBeNtungwa ngoba uMabaso wayeyinkosana kaMntungwa kaMbulazi okwaqanjwa ngaye isizwe saBeNtungwa .
KHUMALO
UKhumalo wayeyindodana encane kaMntungwa . Lena indlu encane yaBeNtungwa . Enkulu eyakwaMabaso njengoba besesishilo. UKhumalo wazala uMkhatshwa owazala uZikode nabanye . Kulesi sibongo sakwaKhumalo kwabuye kwaphuma ezinye izibongo ezifana nesakwaNkosi Ndlangamandla,Gudazi ,Nyandeni, Nyawose nezinye. AbakwaNkosi Ndlangamandla bangabesende likaSiwela kaGasa Khumalo umfowabo woDonda noMagugu. AbakwaNyandeni bangabesende likaNgonyama kaMashobana. Ezinye izibongo ezaphuma kwesakwaKhumalo esakwaNgubeni ,Nkomo, Mdleleni, Moselekatse, Mashinini, Ntshona ,Phukwana,Tshangana , Sijemlana, Ndlungwane, nezinye
MPUNGOSE

Isibongo sakwaMpunguse savela ngoMpungose indodana kaPhahla wakwaZungu. AbakwaMpungose ,Ncwane,Makhoba,Zungu ,Manzini nabanye bayizihlobo zegazi . Bonke bavela kuNcwane kaMhlehko kaSengwayo kaNyamakayishi.
UMpungose wazala uMlaba owazala uSkhongwase owazala uKhuba owazala uTetemane noNdlovu
ZIKHALI
UZikhali wayeyinkosana yenkosi uMatiwane waseMangwaneni . UZikhali ibutho lakhe kwakunguMkhulutshane. Kwathi ngemuva kwempi yaseNcome wabalekela eSwazini lapho afike aganwa khona indodakazi yeNgwenyama uSobhuza uNomlalazi eyamzalela amaodadana akhe oNcwadi noNyanda . Kwathi esanethezekile eSwazini uZakhali walunywa indlebe (wadonswa ngendlebe) yisithandwa sakhe uNomlalazi ukuthi uSobhuza wayehlela ukumubulala. Akabange esapholisa maseko uZikhali washaya wakhukhula nabalandeli bakhe baphindela kwaZulu. Amanye amadodana kaZikhali ngoNgazana ,Mfundisi nabanye

QWABE
UQwabe wayeyinkosana kaMalandela esigodlweni sakwaNkomonye. Wayelamana noZulu naye okwaqambeka ngaye isibongo sakwaZulu. UQwabe wayeyinkosana kaMalandela.Unina kwakunguNozinja wakwaNcwane okuthiwa wayeyisicebi esasifuye uchibidolo wezinkomo obulala inyoka. Kulezi zinkomo kwakukhona nohlobo olwabe luyigugu kakhulu esizweni sabaNguni. Lolo uhlobo lukaNyonikayiphumuli nokuyinkomo emhlophe qwaba engenalo nelilodwa ibala. Njengenkosana kaMalandela uQwabe nguyena okwakufanele athathe ubukhosi ngemuva kokukhothama kukaYise . Kodwa wagcina edubile ikhaya ngoba ephatheke kabi isenzo sikaNina sokunika umnawakhe uZulu zonke izinkomo yena wangamnika neyobika. Waphuma-ke uQwabe nabalandeli bakhe wayeziqalela obakhe ubukhosi oNgoye nokuyilapho idlinza lakhe likhona. Esendeni lakhe kwabuye kwaphuma nezinye izibongo ezifana nesakwaKhuzwayo, Khwela, Makhanya, Maphanga, nezinye.
KHUZWAYO
UKhuzwayo wayeyindodana kaSidinane kaMahlobo kaQwabe . Nguyena owazala abakwaKhuzwayo . Kwathi ngenkathi inkosi uKhuzwayo ikhotheme kwathathwa isidumbu sayo sashiswa entabeni iNqoklweni ngasemfuleni iNkwayinye lapho uhlangana khona nomfula uMhlathuze kwazise abakwaQwabe ayakhe khona. Ukushiswa kwesidumbu aMaQwabe ayekubone kwabakwaGwala ababesuke nakho enhla nezwe koSudana lapho abaNguni babezinze khona ngaphambilini.
GCABASHE
Isibongo sakwaGcabashe saqambeka ngoGcabashe indodana kaQwabe . Amanye amadodana kaQwabe kwakungoMahlobo,Mayezi ,Sishi ,Njapha nabanye .
KHANYILE
EsakwaKhanyile saqambeka ngoKhanyile indodana yenkosi uMalandela kwaNkomonye. UKhanyile wayeyiwele noMchunu owazala abakwaMchunu . Esendeni likaKhanyile kwabuye kwaphuma ezinye izibongo ezifana nesakwaLanga ,Madondo nezinye.
Amanye amadodana kaMalandela kwakungoQwabe,Zulu, Ngema,Zingelwayo,Zethembe (oZingelwayo noZethembe bazala abakwaSibiya nabakwaGazu)
UZingelwayo kaMalandela wazala uMdladla owazala uNdaba owazala uMadondo noManyelela . UManyelela nguyena owazala uMthaniya unina weNkosi uSenzangakhona kaJama. UZethembe wazala uGazu owazala uMdladla ll owazala uMqeku. UGazu ungukhokho kaSotobe kaMpangalala.
SABELA
USabela empeleni kwabe kungelinye lamagama kaNomo . Leli gama wayelithiwa inkosi yabaThethwa inkosi u-Dingiswayo ngoba yabe inguMalume wakhe uNomo kaKhondlo umfowabo wenkosi uPhakathwayo. Kwathi ngenkathi uNomo elwa nomfowabo uPhakathwayo inkosi uDingiswayo yadedela amabutho ayo ukuba ayokwelekelela umshana wayo uNomo kodwa kwanhlanga zemuka nomoya ngoba yagcina idle umhlanganiso ekaPhakathwayo . USabela(uNomo) wazala uYayisa(uLalisa) owazala uGquma.
DLAMUKA
UDlamuka kwabe kungenye yamadodana kaKhuzwayo. Amanye amadodana kaKhuzwayo kwakungo Donda , Poyi,Mngwabeni,Dweba,Ndingi nabanye .

ZULU
EsakwaZulu saqambeka ngoZulu kaMalandela njengoba besengichazile. Esibongweni sakwaZulu kwabuye kwaphuma futhi nezinye izibongo eziningi esingabala kuzo esakwaBiyela,Ntshangase,Mbatha,Mdlalose, nezinye
GUMEDE
UGumede owakwaqanjwa ngaye isibongo sakwaGumede ungukhokho wabakwaQwabe ,Sibiya,Zulu nabanye. Kodwa uma kuthakazelwa ugqanyiswa kakhulu ngabakwaSibiya. AbakwaQwabe bona kukhona ingxenye yabo eyamenza isibongo ,esasebenzisa yena njengesibongo uGumede. AbakwaQwabe ezithakazelweni bagqamisa kakhulu uMnguni okwabe kuyindodana kaGumede. Kodwa abakwaSibiya bona abamfaki uMnguni ezithakazelweni zabo.
NTOMBELA
UNtombela wabe enguyise omncane woZulu noQwabe . Wabe eyindodana kaLuzumana . Nguyena owasala ebheke amadodana omnewabo uMalandela ngemuva kokukhothama kwakhe. Yena-ke wazala uMpangazitha owazala uMahlobo owazala uNhlambela noDlukula . UNhlambela wazala u Manjanja uMbonambi owazala uNomandindi owazala uThayiza . UDlukula wazala uSobadli owazala uNzobo owazala uMgamule. UNzobo wayeyisekela likaNdunankulu kaZulu ngesikhathi seSilo uVezi . Wayebuye abizwe ngoDambuza . KwaNtombela kwabuye kwaphuma abakwaNtazi nabakwaFakazi .
SHANGE
AbakwaShange bangabesende likaShange owayengeye yamadodana enkosi yaseMbo inkosinuSibiside . Yena wazala u Dumakude owazala oMdima , Sondlovu, noNongama. UMdima wazala uNojobo noNqaga. UNojobo wazala oLushozi,Phangandawo ,Nondumo,Gajana noMgubela.
USondlovu kaDumakude wazala uBheka owazala oNgubeni ,Mahlinza,noMleti .
SHEZI
Isizwe sakwaShezi sibuye saziwe ngokuthi siyisizwe saMachube kususelwa egameni likaMachube okunguyena owazala uShezi okwaqanjwa ngaye isibongo. UMachube wayenamadodana amane uMajozi, uMmomiya,uNala noShezi . UShezi wazala uDubuluzana ‘Inyathi emnyama yaseSibhudeni uNomagaga onsibande’ ! . UDubulazana wazala uShukulase owazala uMavovo oyephila ngesikhathi esifanayo noMavovo waseMbo. UMavovo wazala uDlaba owazala uMvakela noMsholoza owazala uZwekufa owazala iqhawe elikhulu uSigananda
UMajozi wazala abakwaMajozi, noNala wazala abakwaNala .

SITHOLE

Isibongo sakwaSithole saqambeka ngoSithole ngowazala uMazizikazi owazala uMthembu owazala uGabela owazala uNgqikazi uMnyanda owazala uNzece owazala uMaphitha owazala uJobe owabe eyiwele noMmpongo . Enye yamadodana enkosi uJobe kwakunguMbulungeni igama layo. UMthembu kaMazizikazi akahlobene nabaThembu bakwaMcelase . Yena wayakhe ngasemfuleni iGubazi ingakho wayebuye aziwe kakhulu ngelikaMthembu waseGubazi . Inkosi uJobe yazala uMondise owazala uMatshana. Akulona iqiniso ukuthi inkosi uJobe yayizalwa uMaTshana ngoba uMatshana mnncane kabi enkosini uJobe ,wayephila ngesikhathi seNgonyama uCetshwayo. Inkosi uJobe yaphila ngesikhathi seziNgonyama oShaka noDingane. Inkosi uJobe yayinekhono lokushuka izikhumba yenze ngazo iziphuku nemvunulo enhle kabi . Yayisilomo seSilo uShaka

MOLEFE

AbakwaMolefe ngokwendabuko bangabeSuthu bohlobo lwabaTlokwa . Lesi sibongo saqambeka ngoMolefe ka Mokhalaka owazala uMolatodi owazala uLepotswe. Kwenye indlu uMolefe wazala uSebidi owazala uMakoro owazala Motonosi uNkherepe noLeteane ..
UMotonosi wazala uMontwedi owazala uMokotjo owazala oSekonyela noMotha. USekonyela ilona owudumo lwamasongo kaSigonyela . Wayezalwa iqhawekazi uMantantisi owabusa isikhathi eside njengebamba elalibambele uSikonyela owayesemncane ngemuva kokukhothama kwenkosi uMokotjo. USekonyela wazala uLeboto noLeneka . ULeboto wazala Ledingwana. UMotha wazala uHlubi owabamba elikhulu iqhaza elekelela amaNgisi empini yaseSandlwana . UHlubi wazala uLeneka nabanye

SHABALALA
AbakaShabalala bazalwa uMshengu oyaphuma olibeni lwaDlamani eSwazini . Amadodana kaMshengu kwakungo Mavuso ,Nhlabathi Mhlanga nabanye. Zonke lezi nsizwa emagameni azo kwagcina sekuvele izibongo . UMavuso wazala uMagudulela owazala abakwaMagudulela. Amanye amadodana ka Mavuso kwakungo Ludonga ,Nyawo nabanye . ULodonga wazala uShabalala okwavela ngaye isibongo sakwaShabalala. Inkosana kaShabalala kwakungu Noyaba owazala uManovunga ,Chagwe ,uMshukangubo nabanye. Nabuya ubukhosi bakwaShabalala eMnambithi emdaweni yaseMatiwane.
DLAMINI
Isibongo sakwaDlamini saqambeka ngoDlamini kaCebisa ka Ngwane kaNkosi kaKhabako ka Nkomo kaLanga . Lesi sibongo sidala kakhulu . Siphuma kwesakwaKunene. Akulona iqiniso ukuthi esakwaKunene yisona esiphuma kwaDlamini . Lokho kufazelwa wukuthi kusukela emandulo wonke amakhosi akwaDlamini noma abantu phaqa bakwaDlamini uma bekhulekelwa kuyaye kuthiwe ‘ Nina beKunene ‘ . UKunene okusuke kukhulunywa ngaye nguyena impela ozala abakwaKunene. Yena wazala uMtimande owazala uMadlabane. Ngesizathu sobukhulu besibongo oDlamini abaningi bayahluka ngezithakazelo kodwa empeleni bangabantu ababodwa . Kukhona oDlamini Mzizi,Nkosi Dlamini (nokunguyena obusa eSwazini), kukhona oLatha nabanye . Esingakuphawula wukuthi bonke oDlamini bahlobene futhi akumele baganane nhlobo .
KUNENE
EsakwaKunene njengoba besesichazile siphuma kuKunene owazala uMtimande okunguyena ogqama kakhulu ezithakazelweni. Kulesi sibongo sakwaKunene noma ngithi abantu baseKunene kwabuye kwaphuma ezinye futhi izibongo esingabala kuzo esakwaShongwe, Madonsela ,Mgoza nezinye . UKunene wayezalwa uGebase kaSidwabasiluthuli ka Kuwawa kaNgwekati
MAPHALALA
Isibongo sakwaMaphalala saqambeka ngoMaphalala enye yamadodana kaMbiwa ka Malindi Khoza . Ngakho-ke abakwaKhoza nabakwaMaphalala bayizihlobo zegazi futhi abaganani. Ukhokho wabo bonke abakwaKhoza (nabakwaMaphalala) nguMangena owazala uGumede owazala uMkhathini owazala uMalindi owazala uMbiwa owazala uMaqwebelende. Ngesikhathi seLembe abantu bakwaKhoza sibathola bakhe ngaseSiphezi beholwa nguye uMbiwa .
NGCOBO
Isibongo sakwaNgcobo saqambeka ngoNgcobo indodana kaVumezitha . Amanye amadodana kaVumezitha kwakungoShangase noNgidi . UShangase wazala abakwaShangase,kwathi uNgidi yena wazala abakwaNgidi . UNgcobo wazala uDingile owazala uNyuswa owazala uYemese nabanye. UYemeza washona engazele. Ubukhosi basebuwela kuyise omncane uZonca kaDingile owazala uMbhele owazala uMapholoba ,uVukuza , uMawela uSihayo,uMaguya nabanye. UMapholoba uyena ogqama kakhulu ezithakazelweni zabakwaNgcobo.
SHANGASE(Hhayi uNtshangase)
EsakwaShangase saqambeka ngoShangase indodana kaVumezitha. UShangase wayengumnawakhe kaNgcobo . UShangase wazala uThomani owazala uMajola owazala uShuku owaza uMvula owazala uNdaleka owazala uGusha owazala uMshiyane. Esingakuphawula ngabantu bakwaNgcobo wukuthi ozalweni lwabo kwaphuma amaqhawe amaningi esingabala kuwo oMapholoba uqobo,kanye nezidundiswa oJohn Langalibalele Dube umsunguli weNhlangano uKhongolose , noMandlakayise kaMaqhawe kaDabeka kaDube kaSilwane kaNjila kaNgongotha isifundiswa esasembethe inqwaba yamajazi amanye awo sasiwathole eMelika . UMandlakayise noJohn Langalibalele babephuma endlini yaMaqadi. UDube wakwaNgcobo akahlobene noDube wakwaMbuyazi
KwabakwaNgcobo kwabuye kwaphuma abakwaHlabisa .
ZUNGU
AbakwaZungu bavela ngoZungu indodana kaNcwane ka Mhlehlo ka kaSengengwayo kaNyamakayishi kaGwabini . UZungu owabe eyiwele noMakhoba naye okwavela kuye abakwaMakhoba. Ngakho-ke abakwaMakhoba nabakwaZungu bayizihlobo futhi abaganiselani kuze kube namuhla . Ngesikhathi seLembe owayebusa abakwaZungu nguManzini kaMkhonto kaTshana kaZungu . UTshana wazala iNdlovukazi uNgqumbazi okuyiyona eyazala iSilo uCetshwayo kaMpande . Inkosi uManzini yazala uNdengezi eyazala uMagqubu .
MAKHOBA
Njengoba besengichazile abakwaMakhoba bazalwa uMakhoba owayeyiwele noZungu bengamadodana ka Ncwane . UMakhoba wazala uJoko owazala uMgebisi owazala uNdabayakhe.
MASEKO
Abantu bakwaMaseko bangabaNtungwa abawuhlobo lwabaNguni baseButhonga . Lesi sibongo saqambeka ngoMaseko indodana kaKhubonye kaNdinane kaNdlovu . Kukhona omunye umbono othi uMaseko wayeyindodana ka Donda owayebuye aziwe ngoMswati . Kodwa lowo mbono awulona iqiniso ngokwezingwevu zakwaMaseko. UMaseko wazala uMdandulukana owazala uSidwabasiluthuli owazala uuMafu owazala abakwaMafu . UMafu wakwaZwane akazange abe yisibongo . UKhubonye kwenye indlu wazala abakwaNgomane abatholakala eMpumalanga. UNgomane kaMqomboli wakwaMdletshe wagcina ngokuba yisithakazelo akazange abe yisibongo. Ngakho-ke abakwaNgomane eMpumalanga akukho okubaxhumanisa nabakwaMaseko
NYATHI
AbakwaNyathi bazalwa kwaMabaso ,baphuma kuNyathi kaMthiyane . Ngakho-ke laba bantu bakwaNyathi bangaMantungwa futhi akumele baganane nabakwaMabaso kanye nabakwaKhumalo ngoba bazihlobo ezinkulu.
TEMBE
Abantu bakwaTembe bangabaNguni bohlobo lwabaNguni baseButhonga . Imvelaphi yabo isenhla nezwe njengabo bonke abaNguni. UTembe ngaphambi kokuba afudukele kwaZulu simthola ekhe kwelasebuNdawu eMozambikwe. UTembe lona waye ngenye yamadodana kaNdawu okwaqanjwa ngaye isizwe samaNdawu nokuyisizwe esesitholakala manje eMushungwe eMuzambikwe; Save khona futhi eMozambikwe kanye naseChimpinga eZimbabwe. UTembe waqanjwa ngomfula uMtemve ongumunye wemifula emikhuku eMozambikwe. Yena-ke uTembe wazala uSisuke owazala uLudahumba
MABHENA
Lesi sibongo sakwaMabhena saqambeka ngoMabhena indodana ka Mbuyane ka Ncaga . Laba bantu bakwaMabhena bangamaNdebele aseMpumalnga ngokobuzwe. Bayinzalo kaNdebele owabe engenye yamadodana ka Mnguni kaNtu . UNdebele nguyena okwaqanjwa ngaye isizwe samaNdebele. Yena-ke uNdebele wazala uMkhalangana owazala uMntungwa ongeyena owaseMantungweni. UMntungwa yena wazala uJonono owazala uNanasi owazala uMafana owazala uMhlanga owazala uMmusi owazala uManala owazala uNsele owazala uMagutshana owazala uNcagu owazala uMbuyane owazala uMabhena . UMabhena yena wazala uMdikane owazala uPhofu . Amanye amadoda enkosi uMmusi kwakungoNdzundza ukhokho wabakwaNzuza abazinze kwaZulu, uMthombeni owayebuye aziwe ngoGegana nokwaqambeka ngaye isibongo sakwaKekana,uSibasa ,uMhwaduba,uMphafuli nabanye
MBHELE
Isibongo sakwaMbhele saqambeka ngoMbhele indodana kaDlamini wesibili . UMbhele wayelamana noNgwane wesibili , noZingili owazala isizwe samaZingili. UNgwane wesibili uzala uNkosi wesibili. UMbhele wazala bonke abaseMabheleni oNtuli ,Khuboni ,Shabangu nabanye. UMbhele wazala uZondi owazala uLanga owazala uMafu owazala uGudlindlu ,uKhuboni, uDubandlela,nabanye .
KHUBONI
AbakwaKhuboni baphuma kuKhuboni indodana kaLanga kaZondi kaMbhele . Laba bantu bakwaKhuboni bangaMabhele,bakanye nabakwaNtuli ,Gwebu,Shabangu,nabanye. UKhuboni wayemdala kakhulu koNdlela kaSompisi . UKhuboni wazala uMamba owazala uDibandlela wesibili owazala uDlomo owazala uQunta
NCUBE
UNcube noMncube kusengumuntu oyedwa noma ngithi kuseyisibongo esisodwa . Lesi sibongo sakwaNcube siphuma kuye uNcube uqobo lwakhe. Le nsizwa yayizalwa kubeSuthu ,iphuma kwabakwaMahlase ,oSibisi . Yayikade yakhe ngaseNtabazwe(Harismith) emandulo kodwa kwahamba kwahamba uzalo lwayo lwagcina lufudukile eNtabazwe lwaphikelela kwaZulu,olunye lwagcina seluseSwazini,lwafika khona lwazibiza ngoNkambule nokuyigama lomunye wabazukulu bakaNcube/Mncube. UNcube wazala uMzilankatha nokunguyena ogqama kakhulu ezithakazelweni zaMaNcube . UMzilinkatha wazala uMlotshwa uMthombeni owazala uSiyobi owazala uMadlozi noKhambule.
KHAMBULE/NKAMBULE
AbakwaKhambule noma Nkambule baphuma kuKhambule owayengumnawakhe kaMadlozi ,ababengamadodana ka kaSiyobi kaMthombeni kaMlotshwa kaMzilankafha kaMncube . NguMadlozi owathuthela kwaZuluesuka eNtabazwe. Kwathi ngemuva kofuduko lukaMadlozo nabalandeli bakhe uKhambule naye wabe esecela kuyise ukuba amabele ifa okungelakhe ngoba naye wayeselangazelela ukufuduka alingise umfowabo . Nempela uyise wamabela ,wahamba uKhambule nabalandeli bakhe babheka kwaXhosa. Imbala ayizange ibe yinhle kwaXhosa baphoqeka ukuba bafuduke bayokhonze eNgwenhameni yabeSwazi uNgungunye uyise weNgwenyama uSobhuza. Wafika khona uKhambule waba uNkambule
NZUZA
Laba bantu bakwaNzuza kusengabantu bakwaNdzudza abatholakala esifundazweni saseMpumalanga . Laba bantu bangabesende likaNdebele owabe eyindodana encane kaMnguni kaNtu. UNdebele nguyena okwaqanjwa ngaye isizwe saMaNdebele aseMpumalanga . UNdebele wazala uMkhalangana owazala uMntungwa owazala uJonono owazala uMafana owazala uMhlanga owazala uMmusi owazala uManala,uNdzundza, uMthombeni nabanye . UNdzudza nguyena owazala abakwaNdzudza abatholakala esifundazweni saseMpumalanga kanye nabakwaNzuza . Enye yamadodana kaNdzudza yazala uMthila owazala oMgidi Nongogo nabanye . UMgidi wazala uNondumo ,uSodumo nabanye . NguSodumo esimthola esezinze kwaZulu ngoba enye yamadodakazi akhe uMnkabi yagana inkosi uSenzangakhona . Izinaizwa ezaba nonhlonze olukhulu kulesi sibongo ngoNozishada kaMaqhoboza iqhawe leSilo uDingane, kanye nezinyanga ezinkulu oMqalane kaNondumo noMbeleko kaNdlovu nokuyibona abathunywa yiLembe ukuba bayogxumeka izikhonkwane kwaNdwandwe nokuyizona ezaqeda amandla inkosi yabakwaNdwandwe inkosi uZwide kaLanga ngenkathi ilwa neLembe . Esibongweni sakwaNzuza kwabuye kwaphuma nabakwaSokhela . Kanti sihlobene nezibongo ezifana nesakwaSikhosana,Manala, Mabhena,Kekana nezinye.

ZONDO
Isibongo sakwaZondo saqambeka ngoZondo waseBathiyaneni . UZondo wayezalwa uSokotshane waseBathiyaneni. Umlando wakwaZondo noma ngithi owaseBathiyaneni mude kakhulu usuka kuMthiyane owabe esendolene kakhul noMntungwa owazala uMabaso noKhumalo. Akucaci kahle noma babehkobene yini oMntungwa noMthiyane. UMthiyane wazala uNoxoko owazala uSikhangane ,uSokotshane nabanye. USikhangane wabe eyindlalifa kaNoxoko,uyena -ke ozala abakwaSokhulu .
USokotshane yena wazala uZondo nabanye. UZondo yena wazala uHlanguhlangu, uGulukudwane, uMabhedu , uBulawayo, uNjomisa ,Ngabala, uDunga,uSiyendane, uMqokoyi nabanye. UGulukudwane kwakuwukhokhovh lwenyanga olwabe luyisilomo esikhulu seSilo uMzilikazi . NguGulumudwane owayelapha impi yeSilo uMzilikazi Khumalo,elapha nezikhali zayo. ISilo uMzilikazi sinqoba impi yokuqala yeLembe nje impi yaso yayichelwe ngezintelezi zikaGulukudwane. UGulukudwane wacgina ehambe naso iSilo sikaMthwakazi waphikelela lapho sekuseZimbabwe khona. Ngakho-ke iningi loZondo abaseZimbabwe lingabesende likaGulukudwane. Umuzi kaZondo kwakuseBaleni,wayewakhele eNgome nokuyilapho uGulukudwane wahlangana khona neSilo uMzilikazi.

BUTHELEZI
Isibongo sakwaButhelezi sakheka ngaye uButhelezi . Yena wazala uShenge ogqama kakhulu ezithakazelweni zaMaShenge. UShenge wazala uMageba ongeyena owakwaZulu . UMageba wazala inkosana yakhe uQwangubana ,noNyathi ekhohlo. UQwangubana wazala uPhungashe ,uMevana , uCole nabanye . UPhungashe nguyena owayebusa abakwaButhelezi ngesikhathi senkosi uSenzangakhona. Kodwa kwathi ngemuva kokwehlulwa yiLembe ubukhosi bakwaButhelezi basuka endlunkulu yaMaShenge baya endlini yaseKhohlo nokuyindlu kaNyathi ;kwabusa uNgqengelele ka Mvulana ka Mlambo ka Nyathi . Inkosana kaNyathi kwakunguNduvana . Inkosi uPhungashe kwathi ngemuva kokwehlulwa kwayo yiLembe yaphikelela eMaNdwandweni yayobhaca khona ,kodwa ngeshwa yafike yabulawa yinkosi uZwide ,ikhanda layo nalo kwahkotshiswa ngalo ilawu likaNtombazi . Amanye amakhanda agcina ehlobise ilawu likaNtombazi elimenkosi uMlotha Mtshali ,inkosi uMashobana Khumalo ,inkosi uDonda Khumalo namanye. Enye yamadodakazi enkosi uPhungashe yagana inkosi uSenzangakhona kwazalwa uMntwana uBhakuza owafa ebulawa yiLembe empini eyabe iphakathi kwabakwaMthethwa naMaShenge. ILembe lalivive kweyakwaMthethwa

BHENGU
Isibongo sakwaBhengu sisuka kuBhengu indodana Dlabuzana kaLusibalukhulu kaSongololo wakwaDlamini. Laba bantu bakwaBhengu babefike kwaZulu beluqhamukise lapho sekuSwazini khona namuhla . Kulesi sibongo kwabuye kwaphjma ezinye futhi izibongo ezifana nesakwaLamula nesakwaJali.
UBhengu wazala Ngwabini owazala uLamula owazala uNkungu owazala uNgwane . UNgwane wazala uMepho owazala uNkungu noJali . UNkungu wafa ebulawa yimpi yaSilo uDingane . Ngemuva kokubulawa kukaNkungu isizwe sakwaBhengu sahlakazeka ,uJali wagcina ethathe enye ingxenye yaso waphikelela nayo eMampondweni.
JALI
EsakwaJali saqambeka ngoJali owayengenye yamadodana kaMepho nokwathi ngemuva kokuhlaselwa kwesizwe sakwaBhengu sihlaselwa yinkosi uDingane yena wabhekisa amabombo eMampondweni. UJali wayezele kakhulu enamadodana amaningi nesingabala kuwo uBheje, uGwadlela, uSikhewu, uMyeki,uZongo, uNomachude, nabanye. Sizobuye sixoxe ngabo abakwaJali una sesibhala ngomlando wesibongo sabo
MASHABANE
Laba bantu bakwaMashabane bangabaNguni baseButhonga. Bakanye nabakwaGumede kaManukuza . Iningi labo sibathola koManguzi ,Jozini nakoMhlabuyalingana. Ukhokho walaba bantu bakwaMashabane nguMthonga owazala uNkalana . Lesi sibongo sakwaMashabane sixhumene kakhulu nesakwaGumede kaManukuza naso esitholakala khona eButhonga . UMthonga wazala uNkalana owazala uSidlondlo owazala Mashabane okwaqanjwa ngaye isibongo. UMashabane wazala uManukuza owazala uGumede owazala uJobe ,uNongcola,uMantinti ,uMakhasa nabanye . Abantu bakwa Mashabana bayatholakala nakwaSoshangane koGiyane nakoTzaneen.
MGWABA
Isibongo sakwaMgwaba siphuma kwesakwaMbhense . Saqambeka ngoMgwaba indodana ka Mpiko . UMpiko yena wayeyindodana kaMbhense okunguyena okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaMbhense. UMbhense yena asinaso isiqiniseko sokuthi wayezalwa nguban
MNGOMEZULU
Abantu bakwaMngomezulu indabuko yabo isebuPedi lena lapho sekuyisifundazwe saseLimpompo khona . Umuntu esiqala ukuzwa ngaye nguye uMngomezulu . UMngomezulu ekufikeni kwakhe evela ebuPedi wafika wakha ngakwaNtshingila ,eNgwavuma . UMngomezulu wazala uMdluli owazala uMafu owazala uMalinga owazala Dlakadla. UDlakadla yena wazala uZondizwe . UMdluli kwavela ngaye isibongo sakwaMdluli .

MDLULI

Abantu bakwaMdluli baphuma kuMdluli kaMbgomezulu njengoba besengishilo ngenhla. Lesi sizwe sakwaMdluli sasibuswa inkosibuNgangezwe ka Nomsimekwana Mdluli ,ngaleso sikhathi sasakhe ngaseMvoti sesisukile eNgwavuma,kepha kukhona ingxenye yabakwaMdluli eyasala eNgwavuma. Manje lesi sizwe sinendlu eziningana esingabala kuzo eyakwaLukhele ,eyakwaThandile kanye neyakwaSikhangisa .

YENGWA
Abantu bakwaYengwa bangabakwaQwabe . Baphuma kuNomo umfowabo wenkosi uPhakathwayo kaKhondlo. Esinye isizwe eaiphuma esindeni likaNomo esakwaSabela. UNomo wazala uYayisa ,uGwamanda nabanye. NguGwabanda ozala uYengwa okwawanjwa ngaye isibongo sakwaYengwa.
ZWANE
Isibongo sakwaZwane saqambeka ngoZwane kaMbambo kaMbengo. Laba bantu bangabaNgunu baseMbo . Imvelaphi yabo iseSwazini . Babuye baziwe ngokuthi bangaMangwe kususelwa egameni likakhokho wabo uMungwe. UZwane wazala uMungwe owazala uPhikela owazala uNsele . Lesi sibongo sakwaZwane sixhumene nesakwaHudla ,Cebekhulu,Ndiweni nezinye.
Amanye amadodana enkosi uZwane kwkangoNdiweni noMdolomba . UNsele wazala uZikode owazala uNsele wesibili owazala uMafu owazala uMangethe yena wazala uNtshosho.
LUTHULI
LESI sibongo sakwaLuthululi saqambeka ngoLuthuli ka Mavela ka Zakwe wakwaNgcolosi . ULuthuli wazala uMandlanduna owazala uNkomo noDole
MTIRARA
Lesi sibongo sakwaMtirara sitholakala kwaXhosa . Siphuma kuNdilo waBathembu owabe engumfowabo omncane kaMvelase . UNdilo washiya izwe lakubo eQhudeni kudala kakhulu ingakabusi inkosi uNgoza yaseMlamlankunzi . Ngesikhathi seLembe kwaMtirata kwakubusa inkosi uNgubengcuka eyabe ingumzukulu kaNdilo . Inkosi uNgubengcuka yazala inkosana yayo uMathanzima.
CHILI
Abantu bakwaChili bangabakwaQwabe , baphuma kuChili wakhona kwaQwabe. UChili wayebuye aziwe ngelila Silima . Yena wazala uFamanda owazala uThongo owazala uMacala owazala uZokufa

MBEJE
UMbeje wabe eyundodana endala yenkosinuNdaba kaSontshikazi . Inkosi uNdaba yayibuye ibe uyise woShandu noDladla . UDladla wazala abakwaDladla .  UMbeje ize wayengomdala kodwa bamgeja ubukhosi ngesizathu sokuthi wayengeyena owasendlunkulu,futhi uyise wayemzale engakabi yinkosi . UMbeje wazala uBhabha owayebuye abizwe ngoMagwaza . Lo Magwaza akahlobene noMagwaza othakazela ngoNjinji. Naluya uzalo lukaMagwaza wakwaMbatha( oselusebenzisa isibongo sakwaMbeje) eQhudeni, eNdwendwe nakoMsinga.

DLADLA
UDladla naye wayengomunye wamadodana enkosi uNdaba kaSontshikazi yaseMambatheni. Amanye amadodana enkosi uNdaba kwakungoMbeje noShandu. UDladla wazala uMpembe,uMgabadeli , uMhlophe, uGadlela, noDwani.  UMhlophe wazala uNonjiko noKolotshana.  UMgabadeli waba ngomunye wezinyanga ezabhula iphutha ngenkathi iLembe livivinya izibyanga esigodlweni salo sakwaBulawayo . Ingakho abakwaDladla bethakazelwa ngokuthi “oMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo ‘
ZUMA
Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaZuma ngunye uZuma uqobo . Le nsizwa uZuma kuthiwa yayiqhamuke eBasuthwini.  Nabuya ubukhosi eMpendle. Indlu encane nansiya laphaya eNkandla, yona ke indlu kaMsholozi.
UZuma wazala Dzana owazala uMaphumephethe owazala uLuzitho owazala uNdlovu yena owazala uShisa owazala uMatomela owazala uSguda ,uMsholozi, uLugaju uMhlomunye nabanye .
NZAMA

Isibongo sakwaNzama noma Zama savela ngoNzama wakwaNgcobo . Lokho kusho ukuthi abakwaNzama bahlobene nabakwaNgcobo,Shangase,Ngidi nabanye. Kubantu bakwaNzama kwabuye kwaphuma abantu bakwaChamane. Kanti nabo abakwaNzama babuye babizwe ngokuthi bangabakwaWoyisane.
UNzama wazala uManjanja owazala uKhumalo ongeyena owakwaMntungwa. UKhumalo wazala uMvakela owazala uMashiza . Iqhawe lakwaNzama nguGcugcwa kaNcameni.

MHLONGO
AbakwaMhlongo babuye baziwe ngokuthi bangabaseLangeni . Baphuma endlunkulu yaseSwazini nokuyiyona ebusa khona eSwazini. Lendlu ingeyakwaDlamini, ibuye yaziwe ngokuthi ingeyaMaLangeni . Inzalabantu yabakwaMhlongo nguLugoloza Dlamini. Yena wazala uSoyengwase owazala uDlomo owazala uMhlongo okwaqanjwa nvaye isibongo. UMhlongo owayebuye aziwe ngelikaBhebhe wazala uMviyokazi neNdlovukazi uNandi unina weSilo uShaka. UMviyokazi wazala uMgabhi owazala uSongweni noMakhedama
MTOLO

Isibongo sakwaMtolo saqambeka ngoMtolo kaKhuze kaDlamini wesibili kaSibalukhulu. Imvelaphi yabakwaMtolo ikwabakwaDlamini eSwazini. UMtolo wayeyiwele noMzizi ongukhokho wabakwaMiya . Nabuya ubukhosi bakwaMiya eBergville ngaphansi kwenkosi uNjabulo Miya. UMtolo wazala uNgonyama ,Madubela noNgwadla.
NTANZI
Isibongo sakwaNtanzi siphuma kwesakwaNtombela. UNtombela wayengenye yamadodana kaLuzumana . Wayengumnawakhe kaMalandela kaLuzumana uyise woQwabe noZulu. UNtanzi wayengenye yamadodana kaNtombela.Amanye amadodana kaNtombela kwakungoMahlobo,Mpangazitha,Mdlani nabanye. KwabakwaNtanzi kwabuye kwaphuma abantu bakwaFakazi .

MJOLI

Laba bantu bakwaMjoli bangamaBhaca akwaMadikane. Baxhumene kakhulh nabakwaZulu . UZulu wazala oPhunga noMageba . Kwenye indlu wazala uDidi (uLufulwenja) owazala uWushe noZelemu.UWushe wazala uBekwa owazala uMjoli okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaMjoli. UMjoli wazala uPhathwa owazala uMbhedu noNondaba . Endlunkulu uDidi wazala uWabane owazala uVebi owazala uKhalimeshe owazala inkosi uMadikane .Yona yazala inkosi uNcaphayi . Nasiya isizwe eMzimkhulu naseXobho olumantente.

NZIMAKWE
AbakwaNzimakwe abanuye babiziwe ngokuthi bayisizwe saMaphehlukwayo bazalwa nguNzimakwe kaNdaba. Laba bantu baphuma kwabakwaMachi .UMachi nguyena ongukhokho wabo bonke abakwaMachi nabakwaNzimakwe. UMachi wayeluqhamukise eLesotho  .Endlini yasekhohlo nokuyindlu yakwaNzimakwe uMachi wazala uThango owazala uMbokodo owazala uNdaba owazala uNzimakwe,uDlezi noNgcukana
XIMBA
Abantu bakwaXimba baphuma kuMlaba kaNyawo wakhona kwaNyawo . UMlaba kaNyawo nguyena owazala uXimba okwawanjwa ngaye isibongo sakwaXimba. UXimba yena wazala uMlaba wesibili owazala uDikani owazala .UDikani yena wazala uNcwadi owazala uGogela ;uPhaphama,uMabhoyi ,uNodlela nabanye . Umuntu esimbona egqama kakhulu emlandweni wabakwaNyawo nguMqumbane kaMabhoyi owayesebenzela emaNgisi ethwala iposi lawo esuka eMgundundlovu elisa eSandlwana. Wangeyona incelèbane kepha wayeyisisebenzi sawo amaNgisi. Yena -ke wazala uSigungu nabanye .

NGWENYA
Isibongo sakwaNgwenya saqambeka ngoNgwenya indodana kaMtimande kaKunene kaGebase kaSidwabasiluthuli . AbakwaNgwenya bangaMantimande bakanye nabakwaShongwe;Kunene ,Madonsela; nabanye. ONgwenya baseZimbabwe iningi labo abawona aMantimande , bangabeSuthu abangaBakwena nokuyilapho kususelwa khona isibongo sabo ngoba ikwena yigama elisho ingwenya ngesiZulu.
MADONSELA
Nabo abakwaMadonsela basengaMantimande. UMadonsela naye wayengeye yamadodana kaMtimande kaKunene . AbakwaKunene ,abakwaShongwe , abakwaMadonsela abakwaMgoza bayinto eyodwa futhi akumele baganane
MNYANDU
Isibongo sakwaMnyandu saqambeka ngoMnyandu owayengeye yamadodana enkosi uKhondlo kaMncinci Qwabe .Amanye amadodana enkosi uKhondlo kwakungoPhakathwayo ,Nomo,Nqetho, Godolozi, Godide ,Vukulwana nabanye. Iqhawe lakwaMnyandu nguNongalaza kaNondela owaba yiqhawe likaZulu kusukela ngesikgathi seNgonyama uDingana .Ngesikhathi sempi yaBantwana eNdondakusuka uNongalaza wayelwa ngakuMntwana uMbuyazwe nokwathi ngemuva kokwehlulwa kwakhe uNongalaza wabaleka kwaZulu wayokwakha eMlaza lapho sekwakhiwe khona iNxanxatheka yezitolo ebizwa ngokuthi kukwaMnyàndu Shoping Centre ngakwaN sectiom.

MVELASE

Lena yindlu encane yaseBathenjini nokuyindlu kaMvelase kaNyandeni waseBathenjini . Indlu enkulu ilena eyaziwa ngokuthi ngeyakwaMthemvu ngesibongo ize kukhona kuyo nabendlu encane abakhetha ukusebenzisa uMthembu njengesibongi. Iqhawe lakwaMvelase yinkosi uNgoza kaMkhubukeli eyayakhe umuzi wayo waseMlamlankunzi eMnambithi. Yasuka ngemuva kokuhlaselwa yiLembe yabe isibheka koKapa

MTHEMBU
Ukhokho wabo bonke aBathembu nguMthembu owazala uMangqiyima owazala uGeze owazala uLushozi owazala uNdaba owazala uMnisi noMlenze. UMnisi wazala oNdina noJama ababusa ngesikhathi senkosi uDingiswayo yaBathethwa . Lendlu yakwaMthembu ithokala eNseleni kuze kuyoshaya koNongoma eVuna.
Inkosi uJama kaMnisi yake yahlaselwa yinkosi uDingiswayo . Yanqotshwa kuleyo mpi yase iba ngaphansi kombuso waBathethwa. Kusuke kushiwo yona ezibongweni zenkosi uDingiswayo uma kuthiwa “Izulu laduma eNhlangwini kuBathembu aBathembu bakhweza baya ngoJama kaMnisi
SIWELA
Isibongo sakwaSiwela saqambeka ngoSiwelabkaPhuthini kaMashoba wakwaMazibuko. USiwela kuthiwa waxoshwa ekhaya exabane noyise inkosi uPhuthini ngoba yayisiphile isikhathi eside ibusa kanti naye wayesefuna ukubusa . Wabalekela esizweni sakwaHadebe ngaphansi kwenkosibuLangalibalele eyayingumzala wakhe,izalwa nguNtambose Mazibuko. Kodwa nakhona wafika wadala izinxushunxushu waxoshwa. Inkosi uPhuthini yaphila isikhathi eaide kangangokuthi uMphikeleli okwakunguyena owayezoyilandela ebukhosini wagcina eguga naye. Owalandela inkosi uPhuthini nguManzezulu kaMphikeleli . USiwela kwamcanula kakhulu ukuphula kukayise isikhathi eside. OSiwela baseZimbabwe akubona abakwaMazibuko, bangabaseMantungweni bazalwa nguSiwela kaGasa Khumalo .
KHONJWAYO
AbakwaKhonjwayo bangaMampondo . Isibongo sabo sawambeka ngoKhonjwayo kaBhala kaGangatha ka Ciya . UKhonjwayo yena wazala uKhiwa owazala uNzondela

NDAMASE
AbakwaNdamase nabo bangaMampondo . Lesi sibongo sakwaNdamase saqambeka ngoNdamase kaFaku . Inkosi uFaku yayiphila ngesikhathi seSilo sakwaDukuza iSilo uShaka . Kusuke kushiwo yona inkosi uFaku ezibongweni zeSilo uShaka uma kuthiwa ‘Inyathi ejame ngomkhonto phezu koMzimvubu! AmaMpondo ayesaba nokuyehlela , Nani boFaku nani boGambushe ningamhlabi “
#Iyaqhubeka
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo